Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Badala—Qeqeshani Abanye Bakwazi Ukuthwala Umthwalo

Badala—Qeqeshani Abanye Bakwazi Ukuthwala Umthwalo

Badala—Qeqeshani Abanye Bakwazi Ukuthwala Umthwalo

EMABANDLENI oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kunesidingo esiphuthumayo samadoda angakhonza njengababonisi. Zintathu izizathu eziyinhloko zalokhu.

Okokuqala, uJehova ugcwalisa isithembiso sakhe sokwenza “ophansi abe yisizwe esinamandla.” (Isaya 60:22) Ngomusa wakhe ongafanelwe, kuye kwabhapathizwa abafundi abasha abacishe babe yisigidi baba ngoFakazi BakaJehova kule minyaka emithathu edlule. Kudingeka amadoda afanelekayo ukuze kusizwe laba abasha bathuthukele ekuvuthweni kobuKristu.—Heberu 6:1.

Okwesibili, abanye asebenamashumi eminyaka bekhonza njengabadala ngenxa yokukhula noma yezinkinga zempilo baye baphoqeleka ukuba banciphise imithwalo yemfanelo abanayo ebandleni.

Okwesithathu, abadala abaningi abangamaKristu ashisekayo manje bakhonza njengamalungu amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela, amaKomiti Okwakha Ezifunda noma amaKomiti AmaHholo Omhlangano. Kwezinye izimo kuye kwadingeka balinganisele ngokudela okungenani eminye yemithwalo yabo yemfanelo emabandleni abakuwo.

Kungabhekanwa kanjani nalesi sidingo esikhulu samadoda engeziwe afanelekayo? Isihluthulelo siwukuqeqesha. IBhayibheli likhuthaza ababonisi abangamaKristu ukuba baqeqeshe “abantu abakholekayo, nabo abayokufanelekela ngokwanele ukufundisa abanye.” (2 Thimothewu 2:2) Isenzo esihunyushwe ngelithi “qeqesha” sisho “ukwenza umuntu alungele, afaneleke, abe nekhono.” Ake sibone ukuthi abadala bangawaqeqesha kanjani amanye amadoda afanelekayo.

Landelani Isibonelo SikaJehova

UJesu Kristu ‘wayewulungele, ewufanelekela futhi enekhono’ ngempela emsebenzini wakhe—futhi lokho akumangalisi! Wayeqeqeshwe nguJehova uNkulunkulu ngokwakhe. Yiziphi izici ezenza lesi simiso sokuqeqesha saphumelela kangaka? UJesu wakhuluma ngezintathu, njengoba zibhalwe kuJohane 5:20: “Ngoba uYise [1] usondelene ngokomzwelo neNdodana futhi [2] uyibonisa zonke izinto azenzayo yena ngokwakhe, futhi uzoyibonisa [3] imisebenzi emikhulu kunalena.” Ukuzihlola ngazinye lezi zici kuyonikeza ukuqonda kule ndaba yokuqeqesha.

Phawula ukuthi uJesu waqala ngokuthi: “UYise usondelene ngokomzwelo neNdodana.” Kusukela ekuqaleni kwendalo, uJehova neNdodana yakhe babenomuzwa wokusondelana phakathi kwabo. IzAga 8:30 (NW) ziyasikhanyisela ngalobo buhlobo: “Khona-ke [mina, Jesu] ngangiseceleni kwakhe [uJehova uNkulunkulu] ngiyisisebenzi esiyingcweti, futhi wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” UJesu wayengakungabazi ukuthi uJehova ‘wayemthanda ngokukhethekile.’ Futhi uJesu akazange ayifihle intokozo ayenayo lapho esebenza noYise. Yeka ukuthi kuhle kanjani lapho kukhona ubuhlobo obufudumele nokuzwana phakathi kwabadala abangamaKristu nalabo ababaqeqeshayo!

Isici sesibili uJesu akhuluma ngaso yileso sokuthi uBaba “uyibonisa zonke izinto azenzayo yena ngokwakhe.” La mazwi afakazela lokho okushiwo encwadini yezAga 8:30 (NW), ukuthi uJesu ‘wayeseceleni’ kukaJehova lapho kudalwa indawo yonke. (Genesise 1:26) Abadala bangalandela leso sibonelo esihle kakhulu ngokusebenzelana eduze nezinceku ezikhonzayo, bezibonisa indlela yokufeza imisebenzi yazo kahle. Nokho, izinceku ezikhonzayo ezisanda kutuswa akuzona kuphela ezidinga ukuqeqeshwa okuqhubekayo. Kuthiwani ngalabo bazalwane osekuyiminyaka besebenzela ukuba ababonisi kodwa abangakaze batuswe? (1 Thimothewu 3:1) Abadala kufanele banikeze amadoda anjalo iseluleko esiqondile ukuze azi ukuthi kufanele asebenzele kuphi.

Ngokwesibonelo, inceku ekhonzayo ingase ibe nokwethenjelwa, igcine isikhathi futhi iyenze ngobuqotho imisebenzi yayo. Ingase futhi ibe umfundisi omuhle. Kungase kube ukuthi yenza kahle kakhulu ezicini eziningi ebandleni. Nokho, ingase ingaqapheli ukuthi ivame ukuba nokhahlo lapho isebenzelana namaKristu ekanye nawo. Kudingeka abadala babonise ‘ubumnene bokuhlakanipha.’ (Jakobe 3:13) Ngeke kwaba umusa yini ngomdala ukukhuluma naleyo nceku ekhonzayo, ayicacisele inkinga yayo kahle, anikeze izibonelo eziqondile futhi enze ukusikisela okusebenzayo kokuthi ingathuthukisa kanjani? Uma umdala ngokucophelela ‘eyolisa iseluleko sakhe ngosawoti,’ cishe akushoyo kuyokwamukelwa kahle. (Kolose 4:6) Yiqiniso, inceku ekhonzayo iyokwenza umsebenzi womdala ujabulise ngokulungela ukulalela futhi yamukele noma isiphi iseluleko esitholayo.—IHubo 141:5.

Kwamanye amabandla, abadala banikeza izinceku ezikhonzayo ukuqeqesha okusebenzayo nokuqhubekayo. Ngokwesibonelo, bahamba nezinceku ezikhonzayo ezifanelekayo lapho bevakashela abagulayo noma abagugile. Ngale ndlela, izinceku ezikhonzayo zizuza ulwazi ngomsebenzi wokwalusa. Yiqiniso, kuningi inceku ekhonzayo engakwenza ukuze ithuthukise ingokomoya layo.—Bheka ibhokisi ngezansi elinesihloko esithi “Lokho Izinceku Ezikhonzayo Ezingakwenza.”

Isici sesithathu esenza ukuqeqeshwa kukaJesu kwaphumelela ukuthi uJehova wamqeqesha ecabanga ngentuthuko eyayizoba khona esikhathini esizayo. UJesu wathi uBaba wayeyobonisa iNdodana “imisebenzi emikhulu kunalena.” Okuhlangenwe nakho uJesu akuthola lapho esemhlabeni kwamsiza ukuba athuthukise izimfanelo ayeyozidinga ukuze afeze izabelo zesikhathi esizayo. (Heberu 4:15; 5:8, 9) Ngokwesibonelo, yeka ukuthi mkhulu kanjani umsebenzi uJesu azowuthola maduzane—lowo wokuvusa abafileyo nokwahlulela izinkulungwane zezigidi zabantu ezifile manje!—Johane 5:21, 22.

Lapho beqeqesha izinceku ezikhonzayo, abadala namuhla kufanele bacabangele izidingo zesikhathi esizayo. Nakuba kungase kubonakale sengathi banele abadala nezinceku ezikhonzayo zokunakekela izidingo zamanje, ingabe kuyoba njalo yini lapho kumiswa ibandla elisha? Noma lapho kumiswa amabandla amaningana? Phakathi neminyaka emithathu edlule, kube namabandla amasha angaphezu kuka-6 000 emhlabeni wonke. Yeka ukuthi baningi kangakanani abadala nezinceku ezikhonzayo abadingekayo ukuze banakekele lawo mabandla amasha!

Badala, ingabe nilandela isibonelo sikaJehova ngokuhlakulela ubuhlobo bomuntu siqu obufudumele namadoda eniwaqeqeshayo? Ingabe niyawabonisa ukuthi kufanele awufeze kanjani umsebenzi wawo? Uyazicabangela yini izidingo zesikhathi esizayo? Ukulandela isibonelo sikaJehova lapho eqeqesha uJesu kuyoletha izibusiso ezicebile kwabaningi.

Ningakwesabi Ukunika Abanye Imithwalo Yemfanelo

Kungase kungabi lula ngabadala abanekhono asebejwayele ukwenza izabelo eziningi ngesikhathi esisodwa ukunika abanye igunya. Kungenzeka bake bazama ngaphambili ukukwenza lokho kodwa kwaba nemiphumela engagculisi. Ngakho-ke bangase babe nesimo sengqondo sokuthi, ‘Uma ufuna umsebenzi wenziwe kahle, wenze wena ngokwakho.’ Kodwa ingabe lesi simo sengqondo siyavumelana nentando kaJehova njengoba ivezwe emiBhalweni, yokuthi amadoda angenakho okuhlangenwe nakho okuningi kufanele athole ukuqeqeshwa kulabo asebenokuhlangenwe nakho okuthé xaxa?—2 Thimothewu 2:2.

Umphostoli uPawulu wadumazeka lapho omunye walabo ayehamba nabo uJohane Marku eshiya isabelo sakhe ePhamfiliya ebuyela ekhaya. (IzEnzo 15:38, 39) Nokho, uPawulu akazange avumele leso sithiyo ukuba simdikibalise ekuqeqesheni abanye. Wakhetha omunye umzalwane osemusha uThimothewu, futhi wamqeqeshela umsebenzi wezithunywa zevangeli. * (IzEnzo 16:1-3) Lezi zithunywa zevangeli zabhekana noshushiso olunzima eBereya kwaze kwabonakala kuyingozi ukuhlala kukaPawulu lapho. Ngakho washiya lelo bandla elisha ezandleni zikaSila, umzalwane okhulile futhi ovuthiwe nasezandleni zikaThimothewu. (IzEnzo 17:13-15) Akungabazeki ukuthi uThimothewu wafunda lukhulu kuSila. Kamuva, lapho uThimothewu esekulungele ukuthwala omunye umthwalo wemfanelo, uPawulu wamthumela eThesalonika ukuba ayokhuthaza ibandla lalapho.—1 Thesalonika 3:1-3.

UPawulu noThimothewu abazange baphathane njengabantu abahlanganiswe ngumsebenzi, ngendlela engenabungane noma engenabuntu. Kwakunobuhlobo obufudumele phakathi kwabo. Lapho ebhalela ibandla laseKorinte, uPawulu wabhekisela kuThimothewu ayehlela ukumthumela lapho ‘njengomntanakhe othandekayo nokholekileyo eNkosini.’ Wanezela: “[UThimothewu] uzonikhumbuza ngezindlela zami mayelana noKristu Jesu.” (1 Korinte 4:17) UThimothewu wasabela kulokho kuqeqeshwa akuthola kuPawulu, wakufanelekela ukufeza izabelo zakhe. Abazalwane abaningi abasebasha baye bakufanelekela ukuba yizinceku ezikhonzayo, ukuba abadala ngisho nokuba ababonisi abajikelezayo abanekhono ngenxa yokuzuza ekuqeqeshweni abakuthola emadodeni amadala akhathalelayo ayenesithakazelo sangempela kubo, njengoba nje kwenza uPawulu endabeni kaThimothewu.

Badala, Qeqeshani Abanye!

Akungabazeki ukuthi isiprofetho esiku-Isaya 60:22 siyagcwaliseka namuhla. UJehova wenza “ophansi abe yisizwe esinamandla.” Ukuze leso sizwe sihlale ‘sinamandla,’ kufanele sihlelwe kahle. Badala, kungani ningacabangeli izindlela ezengeziwe okungaqeqeshwa ngazo amadoda azinikezele nakufanelekelayo ukuthola lokho kuqeqeshwa? Qinisekani ukuthi zonke izinceku ezikhonzayo ziyazi lapho kufanele zithuthukise khona ukuze zithuthuke. Nani bazalwane ababhapathiziwe, kusebenziseni kahle ukunakwa enikutholayo. Wasebenziseni amathuba okuthuthukisa ikhono lenu, ulwazi nokuhlangenwe nakho. Ngempela uJehova uyosibusisa leso simiso sothando sokusiza.—Isaya 61:5.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 18 Kamuva, uPawulu waphinda wasebenza noJohane Marku.—Kolose 4:10.

[Ibhokisi ekhasini 30]

Lokho Izinceku Ezikhonzayo Ezingakwenza

Nakuba abadala kufanele baqeqeshe izinceku ezikhonzayo, kuningi izinceku ezikhonzayo ezingakwenza ukuze zithuthukise ingokomoya lazo.

—Izinceku ezikhonzayo kufanele zikhuthale futhi zibe nokwethenjelwa lapho zinakekela izabelo zazo. Kufanele futhi zibe nemikhuba emihle yokutadisha. Ngezinga elikhulu, ukuthuthuka kuncike ekutadisheni nasekusebenziseni izinto ezifundiwe.

—Lapho inceku ekhonzayo ilungiselela ukunikeza inkulumo emhlanganweni wobuKristu, akufanele inqikaze ukucela ukusikisela kokubeka leyo nkulumo kumdala ofanelekayo.

—Inceku ekhonzayo ingase futhi icele umdala ukuba abhekisise ukuthi iyibeka kanjani inkulumo yeBhayibheli futhi ayinikeze iseluleko ukuze ithuthuke.

Izinceku ezikhonzayo kufanele zifune iseluleko, sabadala, zisamukele futhi zisisebenzise. Ngale ndlela, intuthuko yazo ‘iyobonakala kubo bonke abantu.’—1 Thimothewu 4:15.