Ingabe Umphakathi Ongahlukene Ngezigaba Ungaba Khona Ngempela?
Ingabe Umphakathi Ongahlukene Ngezigaba Ungaba Khona Ngempela?
UJOHN ADAMS, owaba ngumongameli wesibili wase-United States, wayengomunye wabasayina iSimemezelo Sokuzibusa esiyingqopha-mlando, esasinala mazwi amahle: “Sikholelwa ukuthi la maqiniso aziveza wona, okuthi bonke abantu badalwa belingana.” Noma kunjalo, kubonakala sengathi uJohn Adams wayengabaza ukuthi bonke abantu bayalingana ngempela, ngoba wabhala: “Ukungalingani ngeNgqondo nangoMzimba kwagxiliswa nguNkulunkulu uMninimandla onke eKwakhekeni KoBuntu Babantu kangangokuthi akukho buciko noma inqubo-mgomo eyoke ikuhlelembe kulingane.” Ngokuhlukile, isazi-mlando saseBrithani uH. G. Wells sakwazi ukucabanga ngomphakathi olinganayo osekelwe ezintweni ezintathu: inkolo efanayo kodwa emsulwa nehlanzekile yomhlaba wonke, imfundo efanayo kuwo wonke umuntu nokungabikho nhlobo kwamabutho empi.
Kuze kube manje, awukabi khona emlandweni umphakathi olinganayo owawucatshangwa nguWells. Abantu basekude nokulingana, futhi ukuhlukana ngokwezigaba kuseyisici esivelele emphakathini. Zikhona yini izinzuzo eziye zalethwa yizigaba ezinjalo emphakathini uwonke? Lutho. Ukuhlukana ngezigaba zokuphila kudala uqhekeko kubantu, kubangele umona, inzondo, ubuhlungu benhliziyo nokuchitheka kwegazi eliningi. Umqondo wokuthi abamhlophe baphakeme owake waba khona e-Afrika, e-Australia naseNyakatho Melika waletha usizi kwabangemhlophe—kuhlanganise nokuqothulwa ngokuphelele kwaboMdabu eVan Diemen’s Land (manje eyiTasmania). EYurophu, ukubhekwa kwamaJuda njengasesigabeni esiphansi kwaba yisandulela sokuQothulwa kwawo njengesizwe. Ingcebo enkulu yemindeni yezigwili nokunganeliseki kwabasezigabeni eziphansi neziphakathi kwakuyimithelela eyaholela ekuVukeleni KwaseFrance ngekhulu le-18 nasekuVukeleni KwamaBolshevik eRussia ngekhulu lama-20.
Indoda ehlakaniphile yasendulo yabhala: ‘Umuntu ubusa omunye kube ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Amazwi ayo ayiqiniso kungakhathaliseki ukuthi kubusa umuntu noma isigaba. Lapho iqembu elithile labantu liziphakamisa ngaphezu kwelinye, nakanjani umphumela uba usizi nokuhlupheka.
Phambi KukaNkulunku Bonke Abantu Bayalingana
Ingabe ngokwemvelo kunamaqembu abantu aphakeme kunamanye? Akunjalo kuNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.” (IzEnzo 17:26) Ngaphezu kwalokho, uMdali ‘akakhethi ubuso bezikhulu, akanaki ocebileyo kunompofu. Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.’ (Jobe 34:19) Bonke abantu bahlobene, futhi phambi kukaNkulunkulu bonke bazalwa belingana.
Khumbula futhi ukuthi lapho umuntu efa, konke ukuzishaya ophakeme kunabanye kuyaphela. AbaseGibithe basendulo babengakukholelwa lokho. Lapho kufa uFaro, babebeka izinto eziyigugu ethuneni lakhe ukuze akwazi ukuzijabulela lapho eqhubeka esesikhundleni sakhe esiphakeme ekuphileni kwakamuva. Ingabe wayezijabulela? Phinde. Ingxenye enkulu yaleyo ngcebo yayigcina kubaphangi bamathuna, futhi izinto eziningi ezasinda kubaphangi zingabonakala eminyuziyamu namuhla.
Njengoba ayesuke esefile, lezo zinto ezibizayo zazingamsizi ngalutho uFaro. Ekufeni, akukho zigaba eziphakeme neziphansi, akukho kuceba nakuba mpofu. IBhayibheli lithi: “Abantu abahlakaniphile bayofa; abantu abayiziwula, abantu abanobulwane, bonke bayabhubha. Ngoba abantu banjengezinkomo ezikuphila kwazo akunakuqhubeka isikhathi eside, banjengezinkomo ezinesikhathi esifushane.” (IHubo 49:10, 12, The New English Bible) Kungakhathaliseki ukuthi singamakhosi noma siyizigqila, la mazwi aphefumulelwe asebenza kithi sonke: “Abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo . . . Akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.”—UmShumayeli 9:5, 10.
Sonke sizalwa silingana emehlweni kaNkulunkulu, futhi sonke sigcina silingana ekufeni. Yeka ukuthi kuyize kangakanani-ke ukuthuthukisa iqembu elithile labantu ngaphezu kwelinye phakathi nesikhathi sethu sokuphila esifushane!
Umphakathi Ongenazigaba—Uyoba Khona Kanjani?
Nokho, likhona yini ithemba lokuthi ngelinye ilanga kuyoba nomphakathi wabaphilayo lapho isigaba sokuphila siyobe singabalulekile? Yebo, likhona. Eminyakeni ecishe ibe ngu-2000 edlule lapho uJesu esemhlabeni, kwabekwa isisekelo somphakathi onjalo. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo wesihlengo waso sonke isintu esikholwayo ukuze “wonke umuntu obonisa ukholo [kuye] angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—Johane 3:16.
Ukuze abonise ukuthi akekho kubalandeli bakhe okufanele aziphakamise ngaphezu kwakholwa nabo, uJesu wathi: “Nina, maningabizwa Mathewu 23:8-12) Emehlweni kaNkulunkulu, bonke abafundi bakaJesu beqiniso bayalingana okholweni.
ngokuthi Rabi, ngoba munye ongumfundisi wenu, kanti nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye. Ngaphezu kwalokho, ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngoba munye onguYihlo, yiLowo osezulwini. Maningabizwa futhi ngokuthi ‘abaholi,’ ngoba munye onguMholi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu kakhulu phakathi kwenu kumelwe abe isikhonzi senu. Noma ubani oziphakamisayo uyothotshiswa.” (Ingabe amaKristu okuqala ayezibheka njengalinganayo? Lawo awuthola umqondo wokufundisa kukaJesu ayezibheka kanjalo. Ayezibheka njengalinganayo okholweni futhi lokhu ayekubonisa ngokubizana ngokuthi “mfowethu.” (Filemoni 1, 7, 20) Akukho muntu owakhuthazwa ukuba azibheke njengongcono kunabanye. Ngokwesibonelo, bheka indlela uPetru azichaza ngokuthobeka ngayo encwadini yakhe yesibili: “USimoni Petru, isigqila nomphostoli kaJesu Kristu, kulabo abathole ukholo, oluyilungelo elilinganayo nelethu.” (2 Petru 1:1) UPetru wayefundiswe nguJesu mathupha, futhi njengomphostoli wayenesikhundla esibalulekile somthwalo wemfanelo. Nokho, wazibheka njengesigqila futhi waqaphela ukuthi amanye amaKristu ayenokholo olwaluyilungelo elifanayo nelakhe.
Abanye bangase bathi iqiniso lokuthi ngezikhathi zangaphambi kobuKristu uNkulunkulu wenza ama-Israyeli aba yisizwe sakhe esikhethekile liyawuphikisa umqondo wokulingana. (Eksodusi 19:5, 6) Bangase bathi lesi yisibonelo sokuphakanyiswa kohlanga oluthile, kodwa akunjalo. Kuyiqiniso ukuthi njengenzalo ka-Abrahama, ama-Israyeli ayenobuhlobo obukhethekile noNkulunkulu futhi asetshenziswa njengomzila wezambulo zaphezulu. (Roma 3:1, 2) Kodwa injongo yalokhu kwakungekhona ukuwaphakamisa. Kunalokho, kwakuwukuba ‘izizwe zonke zibusiswe.’—Genesise 22:18; Galathiya 3:8.
Iningi lama-Israyeli alizange lilingise ukholo lukakhokho walo u-Abrahama. Awazange athembeke futhi amenqaba uJesu njengoMesiya. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wawalahla. (Mathewu 21:43) Nokho, abathobekile esintwini abalahlekelwanga yizibusiso ezazithenjisiwe. NgePhentekoste lika-33 C.E., kwazalwa ibandla lobuKristu. Le nhlangano yamaKristu ayegcotshwe ngomoya ongcwele yabizwa ngokuthi ‘u-Israyeli kaNkulunkulu,’ futhi yaba umzila okwakuyofika ngawo lezo zibusiso.—Galathiya 6:16.
Amanye amalungu alelo bandla ayedinga ukufundiswa kule ndaba yokulingana. Ngokwesibonelo, umfundi uJakobe weluleka labo ababehlonipha amaKristu acebile ngaphezu kwampofu. (Jakobe 2:1-4) Kwakungalungile lokho. Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi amaKristu angabeZizwe ayengephansi neze kunamaKristu angamaJuda, namaKristu angabesifazane ayengephansi kunabesilisa. Wabhala: “Eqinisweni, nina nonke ningamadodana kaNkulunkulu ngokholo lwenu kuKristu Jesu. Ngoba nina nonke enabhapathizelwa kuKristu nigqoké uKristu. Akekho umJuda noma umGreki, asikho isigqila noma okhululekile, akekho owesilisa noma owesifazane; ngoba nonke ningumuntu oyedwa ebunyeni noKristu Jesu.”—Galathiya 3:26-28.
Abantu Abangenazigaba Namuhla
OFakazi BakaJehova namuhla bazama ukuphila ngezimiso ezingokomBhalo. Bayaqaphela ukuthi izigaba zokuphila azisebenzi kuNkulunkulu. Ngakho, abanaso isigaba sabefundisi nabantu abavamile, futhi abahlukene ngokwebala lesikhumba 1 Johane 2:15-17) Kunalokho, bonke bamunye ekukhulekeleni uMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu.
noma ingcebo. Nakuba abanye babo kungenzeka bacebile, ‘abagabisi ngokokuziphilisa kwabo,’ ngoba bayaqaphela ukuthi izinto ezinjalo zimane nje ziyadlula. (Ngamunye kubo wamukela umthwalo wemfanelo wokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso komakhelwane bakhe. NjengoJesu, bahlonipha abantu abacindezelwe nabanganakiwe ngokubavakashela emakhaya abo, babacele ukubafundisa iZwi likaNkulunkulu. Labo abaphansi ekuphileni basebenza ndawonye nalabo abangase babhekwe ngabathile njengabesigaba esiphakeme. Yizimfanelo ezingokomoya ezibalulekile, hhayi isigaba sezenhlalo. Njengasekhulwini lokuqala, bonke bangabafowabo nodadewabo bomunye nomunye okholweni.
Ukulingana Kuyakuvumela Ukuhlukahluka
Yebo, ukulingana akusho ukufana nsé kwawo wonke umuntu. Kukhona abesilisa nabesifazane, abancane nabadala kule nhlangano yamaKristu ehlanganisa abantu bezizinda eziningi zezinhlanga, ulimi, ubuzwe nezomnotho. Ngabanye, banamakhono ahlukahlukene angokwengqondo nangokomzimba. Kodwa lokho kungafani akwenzi abanye baphakame noma babe phansi kunabanye. Kunalokho, kubangela ukuhlukahluka okujabulisayo. Lawo maKristu ayaqaphela ukuthi noma yiziphi iziphiwo anazo ziyizipho ezivela kuNkulunkulu futhi azisona isizathu sokuba azizwe ephakeme.
Ukuhlukana ngezigaba kuwumphumela wokuzama komuntu ukuzibusa kunokuba alandele isiqondiso sikaNkulunkulu. Ngokushesha, uMbuso kaNkulunkulu uzothatha ukubuswa kwansuku zonke kwalo mhlaba, futhi umphumela uyoba ukuphela kokuhlukana ngezigaba okwenziwe ngumuntu, kanye nazo zonke ezinye izinto eziye zabangela ukuhlupheka kuwo wonke umlando. Khona-ke, ‘abathobekileyo bayobe sebedla ifa lomhlaba,’ ngomqondo ophelele. (IHubo 37:11) Zonke izizathu zokuqhosha ngokuphakama komuntu ziyobe zingasekho. Izigaba zokuphila ngeke ziphinde zivunyelwe ukuba zihlukanise ubuzalwane babantu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
UMdali ‘akakhethi ubuso bezikhulu, akanaki ocebileyo kunompofu. Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.’—Jobe 34:19.
[Isithombe ekhasini 6]
OFakazi BakaJehova bahlonipha omakhelwane babo
[Izithombe ekhasini 7]
Phakathi kwamaKristu eqiniso yizimfanelo ezingokomoya ezibalulekile