Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izibusiso Zezindaba Ezinhle

Izibusiso Zezindaba Ezinhle

Izibusiso Zezindaba Ezinhle

“UJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, . . . ngiduduze bonke abalilayo.”—ISAYA 61:1, 2.

1, 2. (a) UJesu waveza ukuthi uyini, futhi kanjani? (b) Yiziphi izibusiso ezalethwa yizindaba ezinhle ezamenyezelwa nguJesu?

NGOLUNYE usuku ngeSabatha ngasekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wayesesinagogeni eNazaretha. Ukulandisa kuthi “wanikezwa umqulu womprofethi u-Isaya, futhi wavula umqulu wathola indawo lapho kwakulotshwe khona ukuthi: ‘Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobe ukuba ngimemezele izindaba ezinhle.’” UJesu wayifunda le ndima eyisiprofetho. Wabe esehlala phansi, wathi: “Namuhla lombhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.”—Luka 4:16-21.

2 Ngale ndlela, uJesu waziveza njengomshumayeli wevangeli okwakuprofethwe ngaye, ummemezeli wezindaba ezinhle nomphathi wenduduzo. (Mathewu 4:23) Futhi yeka ubuhle bezindaba uJesu ayezozimemezela! Watshela izilaleli zakhe: “Mina ngiwukukhanya kwezwe. Lowo ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya kokuphila.” (Johane 8:12) Wathi futhi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, futhi niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:31, 32) Yebo, uJesu ‘wayenamazwi okuphila okumi phakade.’ (Johane 6:68, 69) Ukukhanya, ukuphila, inkululeko—ngokuqinisekile lezi yizibusiso zokwaziswa!

3. Yiziphi izindaba ezinhle ezashunyayelwa ngabafundi bakaJesu?

3 Ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., abafundi baqhubeka nomsebenzi kaJesu wokushumayela ivangeli. Bashumayela “izindaba ezinhle zombuso” kuma-Israyeli nakubantu bezizwe. (Mathewu 24:14; IzEnzo 15:7; Roma 1:16) Labo abasabela bamazi uJehova uNkulunkulu. Bakhululeka ebugqilini obungokwenkolo baba yingxenye yesizwe esisha esingokomoya, ‘u-Israyeli kaNkulunkulu,’ omalungu awo anethemba lokubusa phakade ezulwini neNkosi yawo, uJesu Kristu. (Galathiya 5:1; 6:16; Efesu 3:5-7; Kolose 1:4, 5; IsAmbulo 22:5) Lezo kwakuyizibusiso ezicebile ngempela!

Ukushumayela Ivangeli Namuhla

4. Umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle ufezwa kanjani namuhla?

4 Namuhla, amaKristu agcotshiwe, esekelwa ‘yisixuku esikhulu’ esandayo ‘sezinye izimvu,’ ayaqhubeka efeza umsebenzi ongokwesiprofetho owawunikezwe uJesu ekuqaleni. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Ngenxa yalokho, izindaba ezinhle zishunyayelwa ngezinga ezingakaze zishunyayelwe ngalo ngaphambili. Emazweni nasemasimini angu-235, oFakazi BakaJehova baye baphuma ‘beyoshumayela izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; babophe abanhliziyo ezaphukileyo, bamemezele ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo, bamemezele umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, baduduze bonke abalilayo.’ (Isaya 61:1, 2) Ngakho, umsebenzi wamaKristu wokushumayela ivangeli uyaqhubeka uletha izibusiso kwabaningi nenduduzo yangempela kulabo “abakunoma iluphi uhlobo losizi.”—2 Korinte 1:3, 4.

5. Ngokuqondene nokushumayela izindaba ezinhle, oFakazi BakaJehova bahluke kanjani emasontweni eLobukholwa?

5 Kuyiqiniso ukuthi amasonto eLobukholwa agqugquzela izindlela ezihlukahlukene zokushunyayelwa kwevangeli. Amaningi athumela izithunywa zevangeli ukuba ziyoguqula abantu kwamanye amazwe. Ngokwesibonelo, i-Orthodox Christian Mission Center Magazine ibika umsebenzi wezithunywa zevangeli ezingama-Orthodox eMadagascar, e-Afrika eseningizimu, eTanzania naseZimbabwe. Nokho, eSontweni Lobu-Orthodox, njengakwamanye amasonto eLobukholwa, iningi lamalungu alihlanganyeli kulo msebenzi. Ngokuphambene, bonke oFakazi BakaJehova abazinikezele bazama ukuhlanganyela ekushumayeleni ivangeli. Bayaqaphela ukuthi ukumemezela izindaba ezinhle kuwubufakazi bobuqotho bokholo lwabo. UPawulu wathi: “Ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube insindiso.” Ukholo olungamshukumiseli umuntu esenzweni empeleni lufile.—Roma 10:10; Jakobe 2:17.

Izindaba Ezinhle Eziletha Izibusiso Zaphakade

6. Yiziphi izindaba ezinhle ezishunyayelwayo namuhla?

6 OFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle kunazo zonke ezikhona. Bavula amaBhayibheli abo babonise abalalelayo ukuthi uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze avulele isintu indlela yokusondela kuNkulunkulu, sithethelelwe izono futhi sibe nethemba lokuphila phakade. (Johane 3:16; 2 Korinte 5:18, 19) Bamemezela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usumisiwe ezulwini ngaphansi kweNkosi egcotshiwe, uJesu Kristu, nokuthi maduze nje uzosusa ububi emhlabeni, engamele ukubuyiselwa kwePharadesi. (IsAmbulo 11:15; 21:3, 4) Begcwalisa isiprofetho sika-Isaya, bazisa omakhelwane babo ukuthi manje ‘ngumnyaka womusa kaJehova’ njengoba isintu sisengasabela ezindabeni ezinhle. Baxwayisa nangokuthi maduze nje kuzofika ‘usuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu’ lapho uJehova ezobhubhisa khona abenzi bokubi abangaphenduki.—IHubo 37:9-11.

7. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ubunye boFakazi BakaJehova, futhi kungani bejabulela ubunye obunjalo?

7 Kuleli zwe elikhungethwe usizi nezinhlekelele, lezi ukuphela kwezindaba ezinhle ezinezinzuzo zaphakade. Labo abazamukelayo baba yingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke obunobunye bamaKristu angavumeli ukuhluka ngokobuzwe noma ngokwezomnotho kuwahlukanise. Aye ‘agqoka uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.’ (Kolose 3:14; Johane 15:12) Lokhu kwabonakala ngonyaka odlule ezweni elithile lase-Afrika. Ngolunye usuku ekuseni inhloko-dolobha yavuswa ukuqhuma kwezibhamu. Kwakukhona ababezama ukuketula umbuso. Lapho lokhu kujika kuba yindaba yobuzwe, umkhaya woFakazi wagxekwa ngokukhoselisa abanye oFakazi besizwe esihlukile. Lo mkhaya waphendula wathi: “Emzini wethu kukhona oFakazi BakaJehova kuphela.” Kubo, ukuhluka ngokobuzwe kwakungabalulekile; okwakubalulekile kwakuwuthando lobuKristu—ukunikeza induduzo kulabo abayidingayo. Isihlobo esingeyena uFakazi sathi: “Abantu bawo wonke amasonto babebadalula abanye abakhonza nabo. OFakazi BakaJehova kuphela abangazange.” Nezinye izenzakalo eziningi ezithi azifane nalesi ezabikwa kwamanye amazwe akhungethwe yizimpi zemibango zibonisa ukuthi oFakazi BakaJehova banalo ngempela ‘uthando ngayo yonke inhlangano yabafowabo.’—1 Petru 2:17.

Izindaba Ezinhle Zishintsha Abantu

8, 9. (a) Yiziphi izinguquko ezenziwa yilabo abamukela izindaba ezinhle? (b) Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa amandla ezindaba ezinhle?

8 Izindaba ezinhle zimayelana nalokho uPawulu akubiza ngokuthi ‘ukuphila kwamanje nalokho okuzayo.’ (1 Thimothewu 4:8) Azinikezi ithemba elimangalisayo neliqinisekile lesikhathi esizayo nje kuphela kodwa futhi zibangela nentuthuko ‘ekuphileni kwamanje.’ OFakazi BakaJehova ngabanye baqondiswa yiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuba bavumelanise ukuphila kwabo nentando kaNkulunkulu. (IHubo 119:101) Ubuntu babo ngokwabo benziwa bube busha njengoba behlakulela izimfanelo ezinjengokulunga nobuqotho.—Efesu 4:24.

9 Cabanga ngesibonelo sikaFranco. Wayenenkinga yolaka. Njalo lapho izinto zingahambi kahle, wayethukuthela abe nobudlova aphule nezinto. Umkakhe watadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi kancane kancane isibonelo sabo sobuKristu samsiza uFranco ukuba abone ukuthi kwakudingeka ashintshe. Watadisha iBhayibheli nabo wagcina esekwazi ukubonisa izithelo zomoya ongcwele eziwukuthula nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Wayengomunye wabangu-492 ababhapathizwa eBelgium ngonyaka wenkonzo ka-2001. Cabanga nango-Alejandro. Leyo nsizwa yaluthwa yizidakamizwa kangangokuthi yayisihlala emfucumfucwini kadoti, ivundulula noma yini eyitholayo ukuze iyoyidayisa iqhubeke ithola izidakamizwa. Lapho eseneminyaka engu-22 ubudala, u-Alejandro wamenywa oFakazi BakaJehova ukuba atadishe iBhayibheli, wavuma. Wayefunda iBhayibheli nsuku zonke eya nasemihlanganweni yobuKristu. Wakhuculula ukuphila kwakhe ngokushesha kangangokuthi kungakapheli nezinyanga eziyisithupha, wayesekwazi ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ivangeli—waba ngomunye wabangu-10 115 abenza kanjalo ngonyaka odlule ePanama.

Izindaba Ezinhle—Isibusiso Kwabathobekile

10. Obani abamukela izindaba ezinhle, futhi umbono wabo ushintsha kanjani?

10 U-Isaya waprofetha ukuthi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa kwabathotshisiweyo. Obani laba abathotshisiweyo? Yilabo incwadi yezEnzo ebachaza ngokuthi ‘bathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.’ (IzEnzo 13:48) Bangabantu abathobekile abakuzo zonke izigaba zomphakathi abavula izinhliziyo zabo bamukele isigijimi seqiniso. Abanjalo bathola ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kuletha izibusiso ezicebe kunanoma yini ethenjiswa yizwe. (1 Johane 2:15-17) Nokho, oFakazi BakaJehova bazifinyelela kanjani izinhliziyo zabantu emsebenzini wabo wokushumayela ivangeli?

11. NgokukaPawulu, kufanele zishunyayelwe kanjani izindaba ezinhle?

11 Ake ucabange ngesibonelo somphostoli uPawulu, owabhalela abaseKorinte: “Lapho ngifika kini bafowethu, angifikanga nokubukisa ngenkulumo noma ngokuhlakanipha ngimemezela imfihlo engcwele kaNkulunkulu kini. Ngoba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu ngaphandle kukaJesu Kristu, futhi naye ebethelwe.” (1 Korinte 2:1, 2) UPawulu akazamanga ukuhlaba izilaleli zakhe umxhwele ngemfundo yakhe. Akafundisanga lutho ngaphandle kwamaqiniso aqinisekiswe ngokwaphezulu, amaqiniso alotshwe eBhayibhelini namuhla. Phawula nesikhuthazo sikaPawulu kumshumayeli wevangeli owayekanye naye, uThimothewu: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma.” (2 Thimothewu 4:2) UThimothewu kwakufanele ashumayele “izwi,” umyalezo kaNkulunkulu. UPawulu wabhalela uThimothewu nokuthi: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzethule wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thimothewu 2:15.

12. OFakazi BakaJehova namuhla bawalalela kanjani amazwi kaPawulu balandele nesibonelo sakhe?

12 OFakazi BakaJehova balandela isibonelo sikaPawulu namazwi awasho kuThimothewu. Bayawaqaphela amandla eZwi likaNkulunkulu futhi balisebenzise kahle njengoba bezama ukubonisa omakhelwane babo amazwi afanelekayo ethemba nenduduzo. (IHubo 119:52; 2 Thimothewu 3:16, 17; Heberu 4:12) Yiqiniso, bayazisebenzisa impela izincwadi zeBhayibheli ukuze abathakazelayo bakwazi ukuthola ulwazi olwengeziwe lweBhayibheli ngezinga elivumelana nabo. Kodwa ngaso sonke isikhathi bafuna ukubonisa abantu amazwi omBhalo. Bayazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe liyozishukumisa izinhliziyo zabantu abathobekile. Futhi ukulisebenzisa ngale ndlela kuqinisa nolwabo ukholo.

‘Ukududuza Bonke Abalilayo’

13. Ngonyaka ka-2001, yiziphi izenzakalo ezabangela ukuba kube nesidingo sokunikeza induduzo kwabaningi abalilayo?

13 Unyaka ka-2001 waba nezinhlekelele zawo ezingezincane, futhi ngenxa yalokho, kwaba nabantu abaningi abadinga induduzo. Ngo-September odlule kwaba nesibonelo esivelele e-United States, lapho amaphekula ehlasela i-World Trade Center eNew York nePentagon ngaseWashington, D.C. Yeka ukuthi lokho kuhlasela kwalethusa kangakanani izwe lonke! Naphezu kwezenzakalo ezinjalo, oFakazi BakaJehova bazama ukufeza umsebenzi wabo ‘wokududuza bonke abalilayo.’ Okuhlangenwe nakho okumbalwa kuzobonisa indlela abakwenza ngayo lokhu.

14, 15. Ezenzakalweni ezimbili ezihlukene, oFakazi bákwazi kanjani ukusebenzisa imibhalo ngokuphumelelayo ukuze baduduze abalilayo?

14 UFakazi ongumshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele wakhuluma nentokazi ethile eceleni komgwaqo wayibuza ukuthi icabangani ngalokhu kuhlasela kwamaphekula okusanda kwenzeka. Le ntokazi yaqala ukukhala. Yathi yayiphatheke kabi futhi ifisa sengathi ingasiza ngandlela-thile. UFakazi wayitshela ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esikhulu kithi sonke, wafunda u-Isaya 61:1, 2. La mazwi aphefumulelwe ngokwaphezulu ezwakala enengqondo kule ntokazi, yathi wonke umuntu uyalila. Yamukela ipheshana yayisicela lo Fakazi ukuba aphinde ayivakashele emzini wayo.

15 OFakazi ababili ababesemsebenzini wokushumayela ivangeli bathola umlisa othile esebenza eshede lakhe. Bacela ukumbonisa amazwi aduduzayo avela emiBhalweni njengoba kwakusanda kwenzeka le nhlekelele yase-World Trade Center. Lapho evuma bafunda eyesi-2 Korinte 1:3-7, enamazwi athi ngokwengxenye: ‘Induduzo ivama ngoKristu.’ Lo mlisa wabonga ngokuthi omakhelwane bakhe abangoFakazi babenikeza abanye okuthile okududuzayo wayesethi: “Sengathi uNkulunkulu angawubusisa lo msebenzi omuhle eniwenzayo.”

16, 17. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubili okubonisa amandla eBhayibheli okusiza abantu abadabukile noma abaphatheke kabi ngenxa yezinhlekelele?

16 UFakazi owayephindela kubantu abathakazelayo wahlangana nendodana yowesifazane owayebonise isithakazelo ngaphambili wayesechaza lo Fakazi ukuthi wayekhathazekile ngokuthi banjani omakhelwane bakhe ngemva kwale nhlekelele. Kwayimangaza le ndoda ukuthi lo Fakazi wayethathe isikhathi sakhe ukuze avakashele abantu abone ukuthi banjani. Yathi yayisebenza eduze kwe-World Trade Center lapho kwenzeka lokhu kuhlasela futhi yakubona konke okwenzeka. Lapho ibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, uFakazi wafunda amavesi aseBhayibhelini, kuhlanganise neHubo 37:39, elithi: “Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.” Ngomusa le ndoda yabuza ukuthi lo Fakazi nomndeni wakhe bona banjani, yamcela ukuba abuye, yabonga ngokusuka enhliziyweni ngokubavakashela kwakhe.

17 Omunye wezinkulungwane zabantu abalilayo abaduduzwa ngoFakazi BakaJehova ezinsukwini zangemva kokuhlasela kwamaphekula kwakuyintokazi oFakazi abahlangana nayo lapho behambela omakhelwane babo. Yayiphatheke kabi kakhulu ngalokho okwakwenzekile, yalalela lapho befunda iHubo 72:12-14: “Iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.” Yeka ukuthi lawo mazwi ayesho lukhulu kangakanani! Le ntokazi yacela oFakazi ukuba baphinde bawafunde la mavesi yayisibacela ukuba bangene endlini ukuze baqhubeke nengxoxo. Ingxoxo yaphela sekuqalwe isifundo seBhayibheli.

18. UFakazi othile wabasiza kanjani omakhelwane bakhe lapho ecelwa ukuba abathandazele?

18 Omunye uFakazi usebenza esitolo sokudlela endaweni yabacebile lapho abantu babengabonisanga sithakazelo esitheni ngaphambili ezindabeni ezinhle zoMbuso. Ngemva kokuhlasela kwamaphekula, umphakathi wawubonakala ushaqekile. Kusihlwa ngoLwesihlanu olwalandela ukuhlasela, imeneja yaleso sitolo yacela wonke umuntu ukuba aphumele phandle kuphathwe amakhandlela, kube nomzuzwana wokuzindla buthule kukhunjulwa izisulu zenhlekelele. Ehlonipha imizwa yabo, uFakazi waphumela phandle wafika wama eceleni komgwaqo wathula. Imeneja yayazi ukuthi uyisikhonzi esinguFakazi KaJehova, ngakho ngemva kwalowo mzuzwana wokuthula, yamcela ukuba amelele wonke umuntu ngomthandazo. UFakazi wavuma. Emthandazweni wakhe, wathinta lokhu kulila kwabantu abaningi kodwa wathi labo abalilayo akudingeki babe lusizi njengokungathi akukho themba. Wakhuluma ngesikhathi lapho izenzakalo ezimbi njengalezi zingeke zisenzeka wathi futhi bonke babengasondela kuNkulunkulu wenduduzo ngokuthola ulwazi olunembile oluvela eBhayibhelini. Ngemva kokuthi “Amen,” imeneja—ilandelwa abantu abangaphezu kuka-60 ababengaphandle kwalesi sitolo—yeza kulo Fakazi, yambonga, yamanga, yasho nokuthi lo mthandazo uyidlula yonke eyake yayizwa.

Isibusiso Emphakathini

19. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi abathile bayaziqaphela izindinganiso eziphakeme zoFakazi BakaJehova?

19 Kulezi zinsuku ngokukhethekile, imiphakathi enoFakazi BakaJehova abakhuthele iyazuza ngokuba khona kwabo—njengoba kuye kwaphawula nabaningi. Abantu abathuthukisa ukuthula, ukwethembeka nezimiso ezihlanzekile zokuziphatha bangayeka kanjani nje ngempela ukuba yithonya elihle? Kwelinye izwe elisenkabeni ye-Asia, oFakazi bahlangana nesikhulu esesathatha umhlalaphansi sophiko oludlule lukahulumeni lwezokuphepha. Sathi sake sabelwa ukuphenya ngezinhlangano zenkolo ezihlukahlukene. Lapho sihlola oFakazi BakaJehova, kwasihlaba umxhwele ukwethembeka nokuziphatha kwabo okuhle. Siyabahlonipha ngokholo lwabo oluqinile nangokuthi izimfundiso zabo zisekelwe emiBhalweni. Le ndoda yavuma ukuba nesifundo seBhayibheli.

20. (a) Umsebenzi owabikwa oFakazi BakaJehova ngonyaka odlule ubonisani? (b) Yini ebonisa ukuthi usemkhulu umsebenzi, futhi silibheka kanjani ilungelo lethu lokushumayela ivangeli?

20 Kulokhu okuhlangenwe nakho okumbalwa okulandiswe kulesi sihloko, ezinkulungwaneni ezingalandiswa, kusobala ukuthi oFakazi BakaJehova babematasa kakhulu ngonyaka wenkonzo ka-2001. * Bákhuluma nezigidi zabantu, baduduza abaningi ababelila, futhi umsebenzi wabo wokushumayela ivangeli wabusiseka. Kwaba nabangu-263 431 ababonisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngokubhapathizwa. Emhlabeni wonke inani labashumayeli bevangeli landa ngamaphesenti angu-1,7. Futhi ukuba khona kwabangu-15 374 986 eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu saminyaka yonke kubonisa ukuthi umsebenzi usemkhulu. (1 Korinte 11:23-26) Kwangathi singaqhubeka sifuna abathobekileyo abasabelayo ezindabeni ezinhle. Futhi uma nje unyaka womusa kaJehova usaqhubeka, kwangathi singaqhubeka siduduza “abanhliziyo ezaphukileyo.” Yeka ilungelo elibusisekile esinalo! Ngokuqinisekile sonke senanela amazwi ka-Isaya: “Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami.” (Isaya 61:10) Kwangathi uNkulunkulu angaqhubeka esisebenzisa njengoba egcwalisa la mazwi esiprofetho: “INkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.”—Isaya 61:11.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 20 Ishadi elisemakhasini 19 kuya ku-22 linikeza umbiko womsebenzi woFakazi BakaJehova phakathi nonyaka wenkonzo ka-2001.

Uyakhumbula?

• Abathobekileyo babusiseka kanjani ngezindaba ezinhle ezazishunyayelwa nguJesu?

• Labo abasabela emsebenzini wokushumayela ivangeli wabafundi bakaJesu bekhulu lokuqala bathola ziphi izibusiso?

• Abasabelayo namuhla baye babusiseka kanjani ngezindaba ezinhle?

• Silibheka kanjani ilungelo lethu lokuba abashumayeli bevangeli?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ishadi ekhasini 19-22]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2001 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(Bheka umqulu)

[Izithombe ekhasini 15]

OFakazi BakaJehova bahlale bewukhumbula umthwalo wabo wokushumayela ivangeli

[Izithombe ekhasini 17]

Labo abazamukelayo izindaba ezinhle baba yingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke obunobunye