UHenry VIII NeBhayibheli
UHenry VIII NeBhayibheli
ENCWADINI yakhe ethi History of the English-Speaking Peoples (Umqulu 2), uWinston Churchill wabhala: “Emkhakheni wenkolo INkathi Yezinguquko yaletha ushintsho olukhulu kakhulu. IBhayibheli laba negunya elisha nelifinyelela kude. Isizukulwane esidala sasicabanga ukuthi imiBhalo eNgcwele yayiyingozi uma isezandleni zabantu abangafundile futhi kwakufanele ifundwe abapristi kuphela.”
Ukulandisa kuyaqhubeka: “AmaBhayibheli aphelele anyathelisiwe, ayehunyushelwe esiNgisini nguTyndal noCoverdale, ayeqale ukubonakala ekupheleni kwekwindla ka-1535, futhi manje kwakukhiqizwa izinguqulo eziningana. UHulumeni wanxusa abefundisi ukuba bakhuthaze ukufundwa kweBhayibheli.” Ngemva kwamakhulu eminyaka okungabi nalwazi lweBhayibheli, iNgilandi yayisizolazi, kodwa lokho kwakungenxa kahulumeni kaHenry VIII hhayi isonto. *
“Ubaphinda ngelinye futhi igalelo labo ababesabambelele kokudala, uHulumeni wayala ukuba kunyatheliswe eParis amaBhayibheli amaningi esiNgisi, ayemahle futhi emakhulu ukudlula noma iyiphi inguqulo yangaphambili, kwathi ngo-September 1538, wayala ukuba zonke izifunda zabefundisi ezweni kabanzi zithenge leli Bhayibheli elikhulu kakhulu lesiNgisi futhi zilibeke esontweni ngalinye, lapho abangaphansi kwalezo zifunda babengase balithole khona kalula futhi balifunde. Kwabekwa amakhophi ayisithupha esontweni laseSt Paul’s, eliseDolobheni laseLondon, futhi baningi ababethutheleka kuleli sonto usuku lonke ukuze bawafunde, futhi sitshelwa ukuthi babethutheleka ikakhulukazi uma babeyokwazi ukuthola noma imuphi umuntu onezwi elihle lokufunda abafundele ngokuzwakalayo.”
Kuyadabukisa ukuthi emazweni amaningi abaningi abalisebenzisi ilungelo labo lokufunda iBhayibheli njalo. Lokhu kuyimbangela enkulu yokukhathazeka njengoba nje kuyiBhayibheli kuphela ‘eliphefumulelwe uNkulunkulu futhi elinenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’—2 Thimothewu 3:16.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 3 INkosi uHenry VIII wabusa eNgilandi kusukela ngo-1509 kuya ku-1547.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Henry VIII: Painting in the Royal Gallery at Kensington, from the book The History of Protestantism (Vol. I)