Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Wonke AmaKristu Eqiniso Angabashumayeli Bevangeli

Wonke AmaKristu Eqiniso Angabashumayeli Bevangeli

Wonke AmaKristu Eqiniso Angabashumayeli Bevangeli

“Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.”—IHUBO 96:2.

1. Yiziphi izindaba ezinhle okudingeka abantu bazizwe, futhi oFakazi BakaJehova baye basibeka kanjani isibonelo ekusakazeni lezo zindaba?

KULELI ZWE elivelelwa yizinhlekelele nsuku zonke, kuyaduduza ngempela ukwazi ukuthi njengoba iBhayibheli lisho, impi, ubugebengu, indlala nokucindezelwa kuzophela maduze nje. (IHubo 46:9; 72:3, 7, 8, 12, 16) Yebo, akuzona yini izindaba ezinhle lezi okudingeka wonke umuntu azizwe? OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi yizo. Yonke indawo baziwa njengabantu abashumayela “izindaba ezinhle.” (Isaya 52:7) Yiqiniso, oFakazi abaningi baye bashushiswa ngenxa yokuzimisela kwabo ukumemezela izindaba ezinhle. Kodwa bafunela abantu okungcono kakhulu. Futhi yeka umlando wentshiseko nokukhuthazela oFakazi abaye bazakhela wona!

2. Yisiphi esinye sezizathu zentshiseko yoFakazi BakaJehova?

2 Intshiseko yoFakazi BakaJehova namuhla ifuze eyamaKristu ekhulu lokuqala. Mayelana nawo, iphephandaba lamaRoma Katolika, i-L’Osservatore Romano lasho liqinisile: “AmaKristu okuqala ayethi angabhapathizwa, abe nomuzwa wokuthi kuyisibopho kuwo ukusakaza iVangeli. Izigqila zazidluliselana iVangeli ngomlomo.” Kungani oFakazi BakaJehova beshiseka kangaka, njengalawo maKristu okuqala? Okokuqala, yingoba izindaba ezinhle abazimemezelayo zivela kuJehova uNkulunkulu uqobo. Yisiphi isizathu sentshiseko esingadlula lesi? Bashumayela nje balalela amazwi omhubi: “Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.”—IHubo 96:2.

3. (a) Yisiphi isizathu sesibili sentshiseko yoFakazi BakaJehova? (b) Yini ehilelekile ‘ensindisweni kaNkulunkulu’?

3 Amazwi omhubi asikhumbuza isizathu sesibili sentshiseko yoFakazi BakaJehova. Umyalezo wabo ngowensindiso. Abanye abantu basebenza emikhakheni yezokwelapha, ezenhlalo, ezomnotho noma kweminye ukuze bathuthukise ukuphila kwabantu, futhi imizamo enjalo iyatuseka. Kodwa noma yini umuntu angayenzela omunye umuntu ilinganiselwe kakhulu uma iqhathaniswa ‘nensindiso kaNkulunkulu.’ NgoJesu Kristu, uJehova uyosindisa abathobekileyo esonweni, ekuguleni nasekufeni. Labo abayozuza bayophila phakade! (Johane 3:16, 36; IsAmbulo 21:3, 4) Namuhla, insindiso iyingxenye ‘yezimangaliso’ amaKristu azilandisayo lapho esabela kula mazwi: “Landani inkazimulo [kaNkulunkulu] phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.”—IHubo 96:3, 4.

Isibonelo SeNkosi

4-6. (a) Yisiphi isizathu sesithathu sentshiseko yoFakazi BakaJehova? (b) UJesu wayibonisa kanjani intshiseko ngomsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle?

4 OFakazi BakaJehova bashiseka nangenxa yalesi sizathu sesithathu. Balandela isibonelo sikaJesu Kristu. (1 Petru 2:21) Leyo ndoda ephelele yasamukela ngenhliziyo yonke isabelo ‘sokushumayela izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo.’ (Isaya 61:1; Luka 4:17-21) Ngakho, yaba ngumshumayeli wevangeli, ummemezeli wezindaba ezinhle. Yalidabula lonke elaseGalile nelaseJudiya, ‘ishumayela izindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 4:23) Futhi ngenxa yokuthi yayazi ukuthi abaningi babeyozamukela lezo zindaba ezinhle, yathi kubafundi bayo: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—Mathewu 9:37, 38.

5 Ngokuvumelana nomthandazo wakhe, uJesu waqeqeshela abanye ukuba ngabashumayeli bevangeli. Ngokuhamba kwesikhathi, wathuma abaphostoli bakhe bebodwa, wathi kubo: “Njengoba nihamba, nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’” Ingabe kwakuyosiza kakhudlwana ukuba basungule izinhlelo zokunciphisa izinkinga zenhlalo zangaleso sikhathi? Noma ingabe kwakufanele bangene kwezombangazwe ukuze balwe nokukhohlakala okwakudlangile ngaleso sikhathi? Cha. Kunalokho, uJesu wabekela bonke abashumayeli bevangeli abangamaKristu indinganiso lapho etshela abalandeli bakhe: “Njengoba nihamba, nishumayele.”—Mathewu 10:5-7.

6 Kamuva, uJesu wathumela elinye futhi iqembu labafundi ukuba limemezele: “Umbuso kaNkulunkulu usondele.” Lapho bebuya bezobika ngempumelelo yohambo lwabo lokushumayela ivangeli, uJesu wajabula kakhulu. Wathandaza: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihle ngokucophelela lezizinto kwabahlakaniphileyo nabanengqondo, futhi uzambulele izingane.” (Luka 10:1, 8, 9, 21) Abafundi bakaJesu, ababekade bengabadobi abazikhandlayo, abalimi, njalonjalo, babenjengezingane uma beqhathaniswa nabaholi benkolo besizwe ababefunde bagogoda. Kodwa abafundi babeqeqeshelwe ukumemezela izindaba ezinhle kunazo zonke.

7. Ngemva kokwenyukela kukaJesu ezulwini, abalandeli bakhe baqale bazishumayela kobani izindaba ezinhle?

7 Ngemva kokwenyukela kukaJesu ezulwini, abalandeli bakhe baqhubeka besakaza izindaba ezinhle zensindiso. (IzEnzo 2:21, 38-40) Bashumayela kobani kuqala? Ingabe baya ezizweni ezazingamazi uNkulunkulu? Cha, baqala ku-Israyeli, isizwe esase sineminyaka engaphezu kuka-1 500 simazi uJehova. Ingabe babenalo ilungelo lokushumayela ezweni uJehova kakade ayekhulekelwa kulo? Yebo. UJesu wayethe kubo: “Nizoba ofakazi bami kokubili eJerusalema nakulo lonke iJudiya neSamariya nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) U-Israyeli kwakudingeka ezwe izindaba ezinhle njenganoma yisiphi esinye isizwe.

8. OFakazi BakaJehova namuhla babalingisa kanjani abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala?

8 Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova namuhla bashumayela kuwo wonke umhlaba. Babambisana nengelosi eyabonwa nguJohane “inezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Ngonyaka ka-2001, babeshumayela ngentshiseko emazweni nasemasimini angu-235, kuhlanganise nathile ngokuvamile abhekwa njengawobuKristu. Ingabe oFakazi BakaJehova bayona ngokushumayela ezindaweni kakade eLobukholwa eselinamasonto kuzo? Abathile bathi bayona futhi bangaze babheke lokho kushumayela ivangeli ‘njengokweba izimvu.’ Nokho, oFakazi BakaJehova bakhumbula imizwa uJesu ayenayo ngamaJuda athobekile osuku lwakhe. Nakuba ayesenabo abapristi, uJesu akazindelanga ukuwatshela izindaba ezinhle. ‘Wafikelwa isihawu ngawo, ngoba ayephundleke futhi ehlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Lapho oFakazi BakaJehova bethola abantu abathobekile abangazi lutho ngoJehova noMbuso wakhe, ingabe kufanele babagodlele izindaba ezinhle labo bantu ngoba nakhu inkolo ethile ithi bangaphansi kwayo? Silandela isibonelo sabaphostoli bakaJesu, sithi cha. Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe “ezizweni zonke” ngothi lwazo.—Marku 13:10.

Wonke AmaKristu Okuqala Ayeshumayela Ivangeli

9. Ekhulwini lokuqala, obani ebandleni lobuKristu abahlanganyela emsebenzini wokushumayela?

9 Obani ekhulwini lokuqala abahlanganyela emsebenzini wokushumayela? Amaqiniso abonisa ukuthi wonke amaKristu ayengabashumayeli bevangeli. Umlobi uW. S. Williams uthi: “Ubufakazi bubonke buthi wonke amaKristu eBandleni lokuqala . . . ayeshumayela ivangeli.” Mayelana nezenzakalo zangosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., iBhayibheli lithi: “Bonke [abesilisa nabesifazane] bagcwala umoya ongcwele baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.” Abashumayeli bevangeli bagcina behlanganisa abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izigqila nabakhululekile. (IzEnzo 1:14; 2:1, 4, 17, 18; Joweli 2:28, 29; Galathiya 3:28) Lapho ushushiso luphoqa amaKristu amaningi ukuba abaleke eJerusalema, “labo ababehlakazekile badabula izwe bememezela izindaba ezinhle zezwi.” (IzEnzo 8:4) Bonke “labo ababehlakazekile,” hhayi nje abambalwa abamisiwe, bashumayela ivangeli.

10. Yikuphi ukuthunywa okukabili okwagcwaliseka ngaphambi kokubhujiswa kwesimiso samaJuda?

10 Lokho kwenzeka kuyo yonke leyo minyaka yakudala. UJesu waprofetha: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Ekugcwalisekeni kwalawo mazwi ekhulwini lokuqala, izindaba ezinhle zashunyayelwa kabanzi ngaphambi kokuba amabutho amaRoma abhubhise isimiso samaJuda senkolo nezombangazwe. (Kolose 1:23) Ngaphezu kwalokho, bonke abalandeli bakaJesu bálalela umyalo wakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Lawo maKristu okuqala awazange anxuse abathobekileyo ukuba bakholelwe kuJesu abese ebayeka bazibonele, njengoba kwenza abashumayeli abathile banamuhla. Kunalokho, babafundisa ukuze babe ngabafundi bakaJesu, babahlela ngamabandla futhi babaqeqesha ukuze nabo bakwazi ukushumayela izindaba ezinhle benze abafundi. (IzEnzo 14:21-23) OFakazi BakaJehova namuhla balandela leso sibonelo.

11. Obani namuhla abahlanganyela ekumemezeleni izindaba ezinhle kunazo zonke esintwini?

11 Belandela isibonelo sikaPawulu, uBarnaba nezabanye bekhulu lokuqala, oFakazi BakaJehova abaningana baye baya kwamanye amazwe beyizithunywa zevangeli. Umsebenzi wabo uye wazuzisa ngempela, ngoba abazange bangene kwezombangazwe noma ngandlela-thile baphambuke emsebenzini wabo abathunyelwe wona wokushumayela izindaba ezinhle. Baye bamane balalela umyalo kaJesu: “Njengoba nihamba, nishumayele.” Nokho, iningi loFakazi BakaJehova alizona izithunywa zevangeli ezikwamanye amazwe. Abaningi babo bayasebenza ukuze baziphilise kanti abanye basesesikoleni. Abanye bakhulisa izingane. Kodwa bonke oFakazi bahlanganyela nabanye izindaba ezinhle abazifundile. Abancane nabadala, abesilisa nabesifazane, basabela ngenjabulo ekunxuseni kweBhayibheli: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima.” (2 Thimothewu 4:2) Njengabanduleli babo bekhulu lokuqala, baqhubeka “ngaphandle kokuyekethisa befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” (IzEnzo 5:42) Bamemezela izindaba ezinhle kunazo zonke esintwini.

Baguqula Abantu Noma Bashumayela Ivangeli?

12. Kuyini ukuguqula abantu, futhi sekubhekwa kanjani?

12 Ulimi lwesiGreki lunegama elithi pro·se’ly·tos, elisho “oguqukele kwenye inkolo.” Kuleli gama kuye kwavela elesiNgisi elithi “proselytism [ubuproselithe],” ngokuyisisekelo elisho “isenzo sokuguqula abantu.” Namuhla, abanye bathi ukuguqula abantu (proselytism) kuyalimaza. Incwadi eyanyatheliswa uMkhandlu Wezwe Wamasonto ize ikhulume ‘nangesono sokuguqula abantu.’ Ngani? I-Catholic World Report ithi: “Njengoba kunezikhalo ezizwakala njalo zama-Orthodox, inkulumo ethi ‘ukuguqula abantu’ seyibhekwa njengesho ukubaguqula ngempoqo.”

13. Yiziphi ezinye zezibonelo zokuguqula abantu okulimazayo?

13 Kuyalimaza yini ukuguqula abantu? Kungalimaza. UJesu wathi ukuguqula abantu kwababhali nabaFarisi kwakubalimaza labo bantu abaphendukayo. (Mathewu 23:15) “Ukuguqula abantu ngempoqo” akulungile neze. Ngokwesibonelo, ngokwesazi-mlando uJosephus, lapho uJohn Hyrcanus oyiMaccabee enqoba abase-Idumiya, “wabavumela ukuba baqhubeke besezweni lakubo inqobo nje uma babesokwa futhi bezimisele ukugcina imithetho yamaJuda.” Uma abase-Idumiya babefuna ukuphila ngaphansi kokubusa kwamaJuda, kwakuzomelwe bangene enkolweni yamaJuda. Izazi-mlando zisitshela ukuthi ngekhulu lesi-8 C.E., uCharlemagne wanqoba amaSaxon angamaqaba asenyakatho yeYurophu wayesewaphoqa ngonya ukuba aphenduke. * Nokho, kwakuqotho kangakanani ukuphenduka kwamaSaxon noma kwabase-Idumiya? Ngokwesibonelo, ungathi kwakuqotho yini ukunamathela kwenkosi yase-Idumiya uHerode eMthethweni KaMose ophefumulelwe ngokwaphezulu—eyazama ukubulala usana olunguJesu?—Mathewu 2:1-18.

14. Ezinye izithunywa zevangeli zeLobukholwa zibacindezela kanjani abantu ukuba baphenduke?

14 Ingabe abantu bayaphoqwa ukuba baphenduke namuhla? Ngomqondo othile, abanye bayaphoqwa. Kubikwa ukuthi ezinye izithunywa zevangeli zeLobukholwa zibathembisa imifunda-ze yasemazweni aphesheya labo abangaphenduka. Noma zingase zenze umbaleki obulawa yindlala ahlale alalele intshumayelo ukuze amukeliswe ukudla. Ngokwesitatimende esakhishwa umkhandlu wabaBishobhi Bama-Orthodox ngo-1992, “ngezinye izikhathi ukuguqula abantu kwenziwa ngokubayenga ngezinto ezibonakalayo kanti ngezinye kwenziwa ngobudlova obuhlukahlukene.”

15. Ingabe oFakazi BakaJehova bayabaguqula abantu ngomqondo wesimanje wale nkulumo? Chaza.

15 Ukucindezela abantu ukuba bashintshe inkolo yabo akulungile. OFakazi BakaJehova abakwenzi neze lokho. * Ngakho, ababaguquli abantu ngomqondo wesimanje wale nkulumo. Kunalokho, njengamaKristu ekhulu lokuqala, bashumayela izindaba ezinhle kuwo wonke umuntu. Noma yibaphi abasabela ngokuzithandela bamenywa ukuba bangenise ulwazi olwengeziwe ngesifundo seBhayibheli. Labo abathakazelayo bafunda ukuba nokholo kuNkulunkulu nasezinjongweni zakhe, ukholo olusekelwe ngokuqinile olwazini olunembile lweBhayibheli. Ngenxa yalokho, babiza igama likaNkulunkulu, uJehova, ukuze basindiswe. (Roma 10:13, 14, 17) Ukuthi bayozamukela yini noma cha izindaba ezinhle kuxhomeke kubo. Abaphoqwa. Ukube bebephoqwa, ukuphenduka kwabo bekungaba yize. Ukuze ukukhulekela kwamukeleke kuNkulunkulu, kumelwe kusuke enhliziyweni.—Duteronomi 6:4, 5; 10:12.

Ukushumayela Ivangeli Ezikhathini Zanamuhla

16. Umsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela ivangeli uye wanda kangakanani ezikhathini zanamuhla?

16 Ezikhathini zanamuhla, oFakazi BakaJehova bebelokhu beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngendlela egcwalisa uMathewu 24:14 ngezinga elikhulu. Ithuluzi elivelele emsebenzini wabo wokushumayela ivangeli kuye kwaba umagazini INqabayokulinda. * Ngo-1879, lapho kunyatheliswa omagazini bokuqala be-Nqabayokulinda, lo magazini wawusakazwa ngamakhophi angaba ngu-6 000 ngolimi olulodwa. Ngonyaka ka-2001, ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-122, kwase kusakazwa amakhophi angu-23 042 000 ngezilimi ezingu-141. Kanye nalokho kwanda kuye kwanda nomsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela ivangeli. Qhathanisa amahora ayizinkulungwane ezimbalwa ayesetshenzwa unyaka ngamunye emsebenzini wokushumayela ivangeli ekhulwini le-19 namahora angu-1 169 082 225 omsebenzi wokushumayela ngonyaka ka-2001. Cabanga ngezifundo zeBhayibheli zamahhala ezilinganiselwa ku-4 921 702 ezaqhutshwa inyanga ngayinye. Yeka ubukhulu bomsebenzi omuhle owafezwa! Futhi wenziwa abashumayeli boMbuso abakhuthele abangu-6 117 666.

17. (a) Luhlobo luni lonkulunkulu bamanga abakhulekelwayo namuhla? (b) Yini okudingeka wonke umuntu ayazi kungakhathaliseki ulimi lwakhe, ubuzwe noma izinga lokuphila?

17 Umhubi uthi: “Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.” (IHubo 96:5) Ezweni lanamuhla eligxile ezintweni zalo, ubuzwe, izimpawu zezizwe, abantu abavelele, izinto ezibonakalayo, ngisho nengcebo ngokwayo kuye kwenziwa izinto zokukhulekelwa. (Mathewu 6:24; Efesu 5:5; Kolose 3:5) UMohandas K. Gandhi wake wathi: “Ngikholelwa ngokunamandla ukuthi . . . iYurophu namuhla isingeyobuKristu ngegama nje. Empeleni ikhulekela uMamona [ingcebo].” Iqiniso liwukuthi, izindaba ezinhle kudingeka zizwiwe yonke indawo. Wonke umuntu, kungakhathaliseki ulimi lwakhe, ubuzwe noma izinga lokuphila kudingeka azi ngoJehova nezinjongo zakhe. Sifisa sengathi wonke umuntu ubengasabela kula mazwi omhubi: “Mnikeni uJehova inkazimulo namandla. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe”! (IHubo 96:7, 8) OFakazi BakaJehova basiza abanye ukuba bafunde ngoJehova ukuze bakwazi ukumnika inkazimulo ngokufanele. Futhi abasabelayo bazuza kakhulu. Yiziphi izinzuzo abazitholayo? Sizoxoxa ngazo esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 13 Ngokwe-Catholic Encyclopedia, phakathi neNkathi Yenguquko ukuphoqelelwa kwenkolo kubantu kwavezwa yisaga esithi: Cuius regio, illius et religio (Ngokuyisisekelo, lokhu kusho ukuthi: “Obusa izwe nguye onquma nenkolo yalo.”)

^ par. 15 Emhlanganweni we-United States International Religious Freedom Commission owawungo-November 16, 2000, omunye wababekhona waveza umehluko phakathi kwalabo abazama ukuphoqa abantu ukuba baphenduke nalokho okwenziwa oFakazi BakaJehova. Kwaphawulwa ukuthi lapho oFakazi BakaJehova beshumayela kwabanye, benza kanjalo ngendlela eyenza umuntu akwazi ukumane athi “Cha, ngiyabonga,” avale umnyango.

^ par. 16 Igama eliphelele lalo magazini lithi INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova.

Ungachaza?

• Kungani oFakazi BakaJehova bengabashumayeli bevangeli abashisekayo?

• Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela ngisho nalapho eLobukholwa linamasonto khona?

• Kungani oFakazi BakaJehova bengebona abaguquli babantu ngomqondo wesimanje wale nkulumo?

• Umsebenzi wokushumayela ivangeli woFakazi BakaJehova uye wanda kangakanani ezikhathini zanamuhla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

UJesu wayengumshumayeli wevangeli oshisekayo futhi waqeqeshela abanye ukwenza wona lowo msebenzi

[Isithombe ekhasini 10]

Bonke ababesebandleni lekhulu lokuqala babehlanganyela ekushumayeleni ivangeli

[Isithombe ekhasini 11]

Ukuphoqa abantu ukuba bashintshe inkolo yabo akulungile