Ingabe Wethembela KuNkulunkulu Ongokoqobo?
Ingabe Wethembela KuNkulunkulu Ongokoqobo?
Uhambo olwalugunyazwe i-American Museum of Natural History lwaluyocwaninga izwe lase-Arctic uRobert E. Peary ongumcwaningi ayebike ukuthi walibona eminyakeni engu-7 ngaphambili, ngo-1906.
ESECAPE Colgate esengxenyeni eqhelile enyakatho-ntshonalanga yeNyakatho Melika, uPeary wayebone okwakunjengeziqongo ezimhlophe zezwe elikude. Waliqamba ngokuthi iCrocker Land okwakuyigama lomunye wababemxhasa ngezimali. Yeka ukuthi iqembu elathatha uhambo olwalandela laba nogqozi kanjani lapho lithi memfu endaweni enamagquma, izigodi, neziqongo ezembethe iqhwa! Kodwa ngokushesha baqaphela ukuthi babebuka utalagu lwe-Arctic. Amehlo akhe ayemkhohlisile uPeary, futhi manje base bechithe isikhathi, amandla, nezimali behlola into eyayingekho ngokoqobo.
Namuhla, abantu abaningi bachitha isikhathi sabo bezinikele konkulunkulu abakholelwa ukuthi bangokoqobo. Ezikhathini zabaphostoli bakaJesu, onkulunkulu abanjengoHermesi noZeyusi babekhulekelwa. (IzEnzo 14:11, 12) Namuhla, onkulunkulu abakhulekelwa yilabo abasezinkolweni zobuShinto ubuHindu nakwezinye izinkolo zomhlaba babalelwa ezigidini. Kunjengoba nje iBhayibheli lisho, “kukhona ‘onkulunkulu’ abaningi ‘namakhosi.’” (1 Korinte 8:5, 6) Bangaba ngokoqobo yini bonke lab’ onkulunkulu?
Onkulunkulu ‘Abangenakusindisa’
Ngokwesibonelo, cabanga ngokusetshenziswa kwezithombe noma imifanekiso ekukhulekeleni. Kulabo abazethembayo noma abathandaza ngosizo lwazo, izithombe zibonakala zingabasindisi abanamandla angaphezu kwawemvelo angakwazi ukubavuza noma ukubaphephisa engozini. Kodwa ingabe ngempela zingasindisa? Mayelana nezinto ezinjalo, umhubi wahlabelela: “Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo IHubo 135:15-17; Isaya 45:20.
zinawo, kodwa aziboni; izindlebe zinazo, kepha azizwa. Nomoya awukho emlonyeni wazo.” Ngempela, zingonkulunkulu ‘abangenakusindisa.’—Kuyavunywa, labo abenza izithombe bangase banikeze umsebenzi wezandla zabo ukuphila namandla. Futhi labo abakhulekela izithombe babeka ithemba labo kuzo. ‘Bathwala [isithombe] ehlombe,’ kwasho umprofethi u-Isaya, ‘basetshathe, basibeke endaweni yaso ukuba sime khona.’ Wenezela: ‘Singabe sisasuka endaweni yaso. Kepha uma umuntu ekhala kuso, asiyikumphendula, singamsindisi osizini lwakhe.’ (Isaya 46:7) Iqiniso liwukuthi isithombe sihlala singaphili noma ngabe izinkolelo zalabo abasethembayo zijule kangakanani. Izithombe ezinjalo eziqoshiwe nemifanekiso encibilikisiwe ‘akusizi ngalutho.’—Habakuki 2:18, NW.
Ukukhulekela, ukuhlonipha ngokweqile, noma ukuthanda osaziwayo kwezokuzijabulisa, izihlabani zemidlalo, izimiso zezombusazwe, nabaholi abathile bezenkolo kuvamile namuhla. Ngaphezu kwalokho, imali ingunkulunkulu kwabaningi. Esicini ngasinye, lezi zithombe zenziwa zibe yilokho ezingekona. Azikwazi futhi ngeke zikwazi ukunikeza konke abakulindele labo abazikholelwayo. Ngokwesibonelo, ingcebo ingase ibonakale iyikhambi lezinkinga eziningi, kodwa amandla engcebo ayakhohlisa. (Marku 4:19) Omunye umcwaningi wabuza: “Singalicacisa kanjani iqiniso lokuthi into efiswa abantu abaningi kangaka, nabakholelwa ukuthi iyikhambi lakho konke, lapho isitholakele iba nemiphumela engafani esukela ekudumazekeni kuya ebuhlungwini?” Yebo, ukuphishekela ingcebo kungadinga ukuba umuntu azimisele ukulahlekelwa okuthile okubaluleke ngempela, njengempilo enhle, ukuphila komkhaya okwanelisayo, abangane abaseduze, noma ubuhlobo obuyigugu noMdali. Kutholakala ukuthi unkulunkulu wakhe ‘ngumoya neze’ nje kuphela!—Jona 2:8.
‘Akubangakho Nophendulayo’
Kungubuwula ukuthi into ingokoqobo ibe ingenjalo. Abakhulekeli bakaBali osukwini lomprofethi u-Eliya bakufunda kanzima lokhu. Babekholelwa ngokuqinile ukuthi uBali wayenamandla okwehlisa umlilo ezulwini futhi ushise umhlatshelo wesilwane. Eqinisweni, “balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini, ngokuthi: ‘Bali, siphendule!’” Ingabe uBali wayenezindlebe zokuzwa nomlomo wokukhuluma? Ukulandisa kuyaqhubeka: “Akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho.” Yebo, “akubangakho nonakekelayo.” (1 AmaKhosi 18:26, 29) UBali wayengekho ngokoqobo, engaphili, futhi engakwazi ukwenza utho.
Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sazi futhi sikhulekele uNkulunkulu ongokoqobo! Kodwa ungubani? Futhi ukwethembela kuye kungasizuzisa kanjani?
[Izithombe ekhasini 3]
Umngane kaPeary u-Egingwah uhlola umkhathizwe
URobert E. Peary
[Imithombo]
Egingwah: From the book The North Pole: Its Discovery in 1909 Under the Auspices of the Peary Arctic Club, 1910; Robert E. Peary: NOAA
[Izithombe ekhasini 4]
Abaningi bakhohliswa yilokho okukhulekelwa kuleli zwe