Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izelamani Ezaba Nezimo Zengqondo Ezingafani

Izelamani Ezaba Nezimo Zengqondo Ezingafani

Izelamani Ezaba Nezimo Zengqondo Ezingafani

IZINQUMO ezenziwa abazali ziyazithinta nakanjani izingane zabo. Kunjalo namuhla njengoba kwakunjalo nasensimini yase-Edene. Inkambo yokuvukela ka-Adamu no-Eva yaba nethonya elikhulu kuso sonke isintu. (Genesise 2:15, 16; 3:1-6; Roma 5:12) Nokho, ngamunye wethu unethuba lokwakha ubuhlobo obuhle noMdali wethu uma ekhetha ukwenza kanjalo. Lokhu kuboniswa yindaba kaKayini no-Abela, izelamani zokuqala emlandweni wesintu.

Akukho kulandisa okungokomBhalo okuthi uNkulunkulu wakhuluma no-Adamu no-Eva ngemva kokuxoshwa kwabo e-Edene. Noma kunjalo, uJehova akazifihlanga emadodaneni abo. Ngokungangabazeki uKayini no-Abela batshelwa ngabazali babo ngokwakwenzekile. Babengawabona “amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.” (Genesise 3:24) La madoda abona nokuba yiqiniso kwamazwi kaNkulunkulu athi izithukuthuku nobuhlungu kwakuyoba yindlela yokuphila.—Genesise 3:16, 19.

Kumelwe ukuba uKayini no-Abela babewazi amazwi uJehova awasho enyokeni: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) Lokho uKayini no-Abela ababekwazi ngoJehova kwakuyobenza bakwazi ukuba nobuhlobo obuhle naye.

Ukucabanga ngesiprofetho sikaJehova nangezimfanelo zakhe njengoMzuzisi onothando kumelwe ukuba kwakha kuKayini no-Abela isifiso sokwamukelwa nguNkulunkulu. Kodwa babeyosihlakulela kangakanani leso sifiso? Ingabe babeyosabela esifisweni sabo sangaphakathi sokukhulekela uNkulunkulu, bakhule ngokomoya baze babe nokholo kuye?—Mathewu 5:3.

Izelamani Ziletha Iminikelo

Ngokuhamba kwesikhathi, uKayini no-Abela baletha iminikelo kuNkulunkulu. UKayini waletha izithelo zomhlabathi, u-Abela wanikela ngamazibulo omhlambi wakhe wezimvu. (Genesise 4:3, 4) Kungenzeka ukuthi la madoda ayeseneminyaka engaba yikhulu ubudala ngaleso sikhathi, ngoba u-Adamu wayeneminyaka engu-130 lapho ethola indodana yakhe uSeti.—Genesise 4:25; 5:3.

Iminikelo yabo yabonisa ukuthi uKayini no-Abela babekuqaphela ukuba nesono kwabo futhi befisa ukuthola umusa kaNkulunkulu. Kumelwe ukuba okungenani bacabanga ngesithembiso sikaJehova esiphathelene nenyoka neNzalo yowesifazane. Ukuthi uKayini no-Abela babezinika isikhathi esingakanani futhi bezikhandla kangakanani ngempela ekwakheni ubuhlobo obamukelekayo noJehova akushiwo. Kodwa indlela uNkulunkulu asabela ngayo eminikelweni yabo isisiza siqonde imicabango yabo ejulile.

Ezinye izazi zisikisela ukuthi u-Eva wayebheka uKayini ‘njengenzalo’ eyayiyochoboza inyoka, ngoba lapho kuzalwa uKayini, u-Eva wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” (Genesise 4:1) Uma noKayini ayekholelwa kulokhu, wayeshaye phansi. Ngakolunye uhlangothi, umhlatshelo ka-Abela wawuhambisana nokholo. Ngakho, “ngokholo u-Abela wanikela kuNkulunkulu umhlatshelo onokubaluleka okukhulu kunokaKayini.”—Heberu 11:4.

Ukuqonda kuka-Abela okungokomoya nokukuntula kukaKayini kwakungewona ukuphela komehluko owawukhona ngalezi zelamani. Nezimo zazo zengqondo zazingafani. Ngakho, “uJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga.” Kungenzeka ukuthi uKayini akazange acabangisise kangako ngomnikelo wakhe, wamane wawunikela sakugcina icala. Kodwa uNkulunkulu akazange akwamukele ukukhulekela kokugcina icala nje. UKayini wayesenenhliziyo embi, futhi uJehova wabona ukuthi wayenezisusa ezimbi. Indlela uKayini asabela ngayo lapho umhlatshelo wakhe ungamukelwa yabonisa umoya wakhe wangempela. Kunokuba afune ukulungisa izinto, ‘uKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe banyukumala.’ (Genesise 4:5) Ukuziphatha kwakhe kwadalula ukuthi wayenemicabango nezinhloso ezimbi.

Isixwayiso Nendlela Asabela Ngayo

Esazi isimo sengqondo sikaKayini, uNkulunkulu wameluleka, wathi: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”—Genesise 4:6, 7.

Sithola isifundo kulokhu. Empeleni isono sisicuthele emnyango, silindele ukusishwabadela. Nokho, uNkulunkulu usinike inkululeko yokuzikhethela, futhi singakhetha ukwenza okulungile. UJehova wanxusa uKayini ukuba ‘enze kahle,’ kodwa akamphoqanga ukuba ashintshe. UKayini wazikhethela indlela yakhe.

Ukulandisa okuphefumulelwe kuyaqhubeka: “UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: ‘Masiye endle.’ Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.” (Genesise 4:8) Kanjalo uKayini waba ngumbulali ongalaleli nongenanembeza. Akabonisanga nokuncane ukuzisola lapho uJehova embuza: “Uphi umfowenu u-Abela na?” Kunalokho, waphendula ngokungakhathali nangokweyisa, wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?” (Genesise 4:9) Lawo manga aluhlaza nokuphika icala kwaveza ukuthi uKayini wayenenhliziyo yetshe.

UJehova wamqalekisa uKayini wamxosha endaweni yangase-Edene. Ngokusobala, isiqalekiso senhlabathi esase sishiwo kakade sasiyozwakala nakakhulu kuKayini, inhlabathi ingavumi lapho eyilima. Wayezoba umhambuma nombaleki emhlabeni. Ukukhala kukaKayini ngokuthi isigwebo sakhe sasinzima kwaveza ukuthi wayekhathazeke ngokuthi ukubulawa komfowabo kwakuyophindiselelwa kuye, kodwa wayengabonisi kuphenduka okuqotho. UJehova wabekela uKayini “uphawu”—cishe umyalo oqatha owaziwa futhi wagcinwa abanye, owawuhloselwe ukuvikela ukuba angabulawa ngenjongo yempindiselo.—Genesise 4:10-15.

“Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.” (Genesise 4:16) Njengoba ayezithathele umfazi kodadewabo noma kubashana bakhe, wakha umuzi awuqamba ngo-Enoke, indodana yakhe eyizibulo. Umzukulu kaKayini uLameka waba ngumuntu onobudlova njengokhokho wakhe owayengamhloniphi uNkulunkulu. Kodwa uhlu lozalo lukaKayini lwaphela lonke ngeSikhukhula sosuku lukaNowa.—Genesise 4:17-24.

Isifundo Esisitholayo

Singafunda kule ndaba kaKayini no-Abela. Umphostoli uJohane uyala amaKristu ukuba athandane, ‘angafani noKayini, owayesuka komubi futhi wabulala umfowabo.’ ‘Imisebenzi kaKayini yayimibi, kodwa eyomfowabo yayilungile.’ UJohane uthi futhi: “Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali wabantu, futhi niyazi ukuthi akekho umbulali wabantu onokuphila okumi phakade okuhlezi kuye.” Yebo, indlela esiphatha ngayo amaKristu esikanye nawo iyabuthinta ubuhlobo bethu noNkulunkulu namathemba ethu okuphila. Asikwazi ukuzonda noma ubani kwesikholwa nabo kodwa futhi samukelwe nguNkulunkulu.—1 Johane 3:11-15; 4:20.

Kumelwe ukuba uKayini no-Abela bakhuliswa ngendlela efanayo, kodwa uKayini wantula ukholo kuNkulunkulu. Eqinisweni, wabonisa umoya kaDeveli, ‘umbulali wabantu wokuqala noyise wamanga.’ (Johane 8:44) Inkambo kaKayini ibonisa ukuthi sonke sinelungelo lokukhetha, ukuthi labo abakhetha ukona bazihlukanisa noNkulunkulu nokuthi uJehova izahlulelo zakhe uzikhipha kwabangaphenduki.

Ngakolunye uhlangothi, u-Abela wabonisa ukholo kuJehova. Yebo, “ngokholo u-Abela wanikela kuNkulunkulu umhlatshelo onokubaluleka okukhulu kunokaKayini, okuwukholo okwathi ngalo wafakazelwa ukuthi wayelungile, uNkulunkulu efakaza ngokuqondene nezipho zakhe.” Nakuba imiBhalo ingenalo nelilodwa igama elashiwo ngu-Abela, kodwa ngokholo lwakhe oluyisibonelo, “usakhuluma.”—Heberu 11:4.

U-Abela waba ngowokuqala ohlwini olude lwabagcini bobuqotho. Igazi lakhe, ‘elakhala kuJehova lisemhlabathini,’ alilitshelwe. (Genesise 4:10; Luka 11:48-51) Uma sibonisa ukholo njengoba kwenza u-Abela, nathi singajabulela ubuhlobo obuyigugu nobuhlala njalo noJehova.

[Ibhokisi ekhasini 22]

UMLIMI NOMALUSI WEZIMVU

Ukulima inhlabathi nokunakekela izilwane ngeminye yemithwalo yemfanelo uNkulunkulu ayinika u-Adamu ekuqaleni. (Genesise 1:28; 2:15; 3:23) Indodana yakhe uKayini yaba ngumlimi, u-Abela waba ngumalusi wezimvu. (Genesise 4:2) Nokho, njengoba isintu sasidla izithelo nemifino kuphela kwaze kwaba ngemva kweSikhukhula, zazifuyelwani izimvu?—Genesise 1:29; 9:3, 4.

Ukuze zichume, izimvu zidinga ukunakekelwa ngumuntu. Umsebenzi ka-Abela ufakazela ukuthi umuntu waqala kwasekuqaleni komlando wesintu ukufuya lezi zilwane zasekhaya. ImiBhalo ayisho ukuthi abantu bokuqala babelusebenzisa yini ubisi lwezilwane njengokudla, kodwa ngisho nabantu abadla imifino kuphela bangabusebenzisa uboya bezimvu. Futhi lapho izimvu zifa, izikhumba zazo ziba usizo. Ngokwesibonelo, ukuze embathise u-Adamu no-Eva, uJehova wabenzela “iziphuku,” ezazenziwe ngesikhumba.—Genesise 3:21.

Noma ngabe yikuphi, kubonakala kunengqondo ukucabanga ukuthi ekuqaleni uKayini no-Abela babebambisene. Babekhiqiza izinto ezazidingwa abanye emkhayeni ukuze baqhubeke bembethe futhi bondlekile.

[Isithombe ekhasini 23]

‘Imisebenzi kaKayini yayimibi, kodwa eyomfowabo yayilungile’