Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubeka Ubonisa Ubuhle

Qhubeka Ubonisa Ubuhle

Qhubeka Ubonisa Ubuhle

“Izithelo zokukhanya zenziwa yizo zonke izinhlobo zobuhle nokulunga neqiniso.”—EFESU 5:9.

1. Izigidi zibonisa kanjani ukuthi ziyavumelana neHubo 31:19?

UBUHLE obudlula bonke umuntu angabenza buwukukhazimulisa uJehova. Namuhla, izigidi zenza lokhu ngokudumisa uNkulunkulu ngobuhle bakhe. NjengoFakazi BakaJehova abaqotho, sivumelana ngenhliziyo yonke nomhubi owahlabelela: “Yeka ukuthi buchichima kangakanani ubuhle bakho obulondele labo abakwesabayo!”—IHubo 31:19NW.

2, 3. Kungenzekani uma umsebenzi wethu wokwenza abafundi ungasekelwa ukuziphatha okuhle?

2 Ukwesaba uJehova okunenhlonipho kusishukumisela ukuba simdumise ngobuhle bakhe. Kusishukumisela futhi ukuba ‘simdumise, simbonge, senze yaziwe inkazimulo yobukhosi bakhe.’ (IHubo 145:10-13) Yingakho sihlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Yebo, umsebenzi wethu wokushumayela kumelwe usekelwe ukuziphatha okuhle. Ngalé kwalokho, singaletha isihlamba egameni likaJehova elingcwele.

3 Abantu abaningi bathi bakhulekela uNkulunkulu, kodwa ukuziphatha kwabo akuvumelani nezindinganiso ezibekwe eZwini lakhe eliphefumulelwe. Mayelana nabathile ababengaphili ngokuvumelana nokuzisholo kwabo ukuthi benza okuhle, umphostoli uPawulu wabhala: “Ingabe wena, ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba? Wena, othi ‘Ungaphingi,’ ingabe uyaphinga? . . . ’ Igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa ngenxa yenu phakathi kwezizwe’; njengoba nje kulotshiwe.”—Roma 2:21, 22, 24.

4. Ukuziphatha kwethu okuhle kuba namuphi umphumela?

4 Kunokuba silethe isihlamba egameni likaJehova, sizama ukulikhazimulisa ngokuziphatha kwethu okuhle. Lokhu kuba nomphumela omuhle kulabo abangaphandle kwebandla lobuKristu. Phakathi kokunye, kusisiza sivale imilomo yabaphikisi bethu. (1 Petru 2:15) Okubaluleke nakakhulu, ukuziphatha kwethu okuhle kudonsela abantu enhlanganweni kaJehova, kubavulele indlela yokuba bamkhazimulise futhi bathole ukuphila okuphakade.—IzEnzo 13:48.

5. Yimiphi imibuzo okufanele siyihlole manje?

5 Njengoba singaphelele, singakugwema kanjani ukuziphatha okungahlazisa uJehova kukhubekise nabafuna iqiniso? Yebo, singaphumelela kanjani ekuboniseni ubuhle?

Isithelo Sokukhanya

6. Yimiphi eminye ‘yemisebenzi engatheli engeyobumnyama,’ kodwa yiziphi izithelo okufanele zibonakale phakathi kwamaKristu?

6 NjengamaKristu azinikezele, sinokuthile okusisiza ukuba sigweme ‘imisebenzi engatheli engeyobumnyama.’ Lena ihlanganisa imisebenzi ehlazisa uNkulunkulu enjengokuqamba amanga, ukweba, inkulumo echaphayo, izingxoxo ezingahlanzekile zobulili, ukuziphatha okuyihlazo, ukuntela okuyichilo nokudakwa. (Efesu 4:25, 28, 31; 5:3, 4, 11, 12, 18) Kunokuba sizifake emisebenzini enjalo, ‘siqhubeka sihamba njengabantwana bokukhanya.’ Umphostoli uPawulu uthi “izithelo zokukhanya zenziwa yizo zonke izinhlobo zobuhle nokulunga neqiniso.” (Efesu 5:8, 9) Ngakho ukuhamba ekukhanyeni yikona okusenza sikwazi ukuqhubeka sibonisa ubuhle. Kodwa luhlobo luni lokukhanya lolu?

7. Yini okumelwe siyenze ukuze siqhubeke sibonisa izithelo zobuhle?

7 Naphezu kokungapheleli kwethu, singabubonisa ubuhle uma sihamba ekukhanyeni okungokomoya. Umhubi wahlabelela: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Uma sifuna ukuqhubeka sibonisa “izithelo zokukhanya” ngazo “zonke izinhlobo zobuhle,” kumelwe sikusebenzise njalo ukukhanya okungokomoya okutholakala eZwini likaNkulunkulu, okuhlolisiswa ezincwadini zobuKristu futhi kuxoxwe njalo ngakho emihlanganweni yethu yokukhulekela. (Luka 12:42; Roma 15:4; Heberu 10:24, 25) Kudingeka futhi sisinake ngokukhethekile isibonelo nezimfundiso zikaJesu Kristu, ‘owukukhanya kwezwe’ ‘nokubonakaliswa kwenkazimulo kaJehova.’—Johane 8:12; Heberu 1:1-3.

Isithelo Somoya

8. Kungani singabubonisa ubuhle?

8 Akungabazeki ukuthi ukukhanya okungokomoya kuyasisiza ukuba sibonise ubuhle. Ngaphezu kwalokho, siyakwazi ukubonisa le mfanelo ngoba siholwa umoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla akhe asebenzayo. Ubuhle bungesinye ‘sezithelo zomoya.’ (Galathiya 5:22, 23) Uma siwuvumela umoya ongcwele kaJehova ukuba usiqondise, uyoveza kithi izithelo zawo ezinhle zobuhle.

9. Singenza kanjani ngokuvumelana namazwi kaJesu akuLuka 11:9-13?

9 Isifiso sethu esinamandla sokujabulisa uJehova ngokubonisa isithelo somoya esiwubuhle kufanele sisishukumisele ukuba senze ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Qhubekani nicela, futhi niyophiwa; qhubekani nifuna, futhi niyothola; qhubekani ningqongqoza, futhi niyovulelwa. Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, futhi wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa. Ngempela, imuphi ubaba phakathi kwenu oyothi, uma indodana yakhe icela inhlanzi, ayinikeze mhlawumbe inyoka esikhundleni senhlanzi? Noma uma futhi icela iqanda, ayinikeze ufezela? Ngakho-ke, uma nina, nakuba [ningaphelele futhi ngezinga elithile] nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uBaba osezulwini uyonika umoya ongcwele kulabo abacela kuye!” (Luka 11:9-13) Masilalele iseluleko sikaJesu ngokuthandazela umoya kaJehova ukuze sikwazi ukuqhubeka sibonisa isithelo sawo esiwubuhle.

“Qhubeka Wenza Okuhle”

10. Yiziphi izici zobuhle bukaJehova ezibalwe ku-Eksodusi 34:6, 7?

10 Ngokukhanya okungokomoya okuvela eZwini likaNkulunkulu nangosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, ‘singaqhubeka senza okuhle.’ (Roma 13:3) Ngokutadisha iBhayibheli njalo, sihlale sifunda okwengeziwe mayelana nendlela esingabulingisa ngayo ubuhle bukaJehova. Isihloko esandulele sihlole izici ezithile zobuhle bukaNkulunkulu ezithintwe emazwini ashiwo kuMose aku-Eksodusi 34:6, 7 (NW), lapho sifunda khona ukuthi: “NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono, kodwa ongeke neze akhulula esijezisweni.” Ukuhlolisisa lokhu kubonakaliswa kobuhle bukaJehova kuyosisiza ukuba ‘siqhubeke senza okuhle.’

11. Ukwazi ukuthi uJehova unesihe nomusa kufanele kusithinte kanjani?

11 La mazwi kaNkulunkulu asenza siqaphele isidingo sokulingisa uJehova ngokuba nesihe nomusa. UJesu wathi: “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Mathewu 5:7; Luka 6:36) Njengoba siqaphela ukuthi uJehova unomusa, sishukumiseleka ukuba sibe nomusa ekusebenzelaneni kwethu nabanye, kuhlanganise nalabo esibashumayezayo. Lokhu kuvumelana neseluleko sikaPawulu: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”—Kolose 4:6.

12. (a) Njengoba uNkulunkulu ephuza ukuthukuthela, thina kufanele sibaphathe kanjani abanye? (b) Umusa wothando kaJehova usishukumisela ukuba senzeni?

12 Njengoba uNkulunkulu ephuza ukuthukuthela, isifiso sethu ‘sokuqhubeka senza okuhle’ sisishukumisela ukuba sibekezelele ukushiyeka okungasho lutho kwesikholwa nabo, sigxile ezimfanelweni zabo ezinhle. (Mathewu 7:5; Jakobe 1:19) Umusa wothando kaJehova usishukumisela ukuba sibonise uthando oluqotho, ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinya kakhulu. Ngokuqinisekile, lokhu kufiseleka kakhulu.—IzAga 19:22.

13. Kufanele senzeni ukuze sibonise ukuthi uJehova ‘uchichima iqiniso’?

13 Njengoba uBaba wethu osezulwini ‘echichima iqiniso,’ sifuna ‘ukuzitusa njengezikhonzi zakhe ngenkulumo eyiqiniso.’ (2 Korinte 6:3-7) Phakathi kwezinto eziyisikhombisa ezinengekayo kuJehova kukhona ‘ulimi lwamanga’ “nofakazi wamanga ophafuza inkohliso.” (IzAga 6:16-19) Ngakho isifiso sethu sokujabulisa uNkulunkulu siye sasishukumisela ukuba ‘silahle amanga‚ sikhulume iqiniso.’ (Efesu 4:25) Kwangathi singelokothe sehluleke ukubonisa ubuhle ngale ndlela ebalulekile.

14. Kungani kufanele sibe abathethelelayo?

14 Amazwi uNkulunkulu awasho kuMose kufanele futhi asishukumisele ukuba sibe abathethelelayo, ngoba uJehova ukulungele ukuthethelela. (Mathewu 6:14, 15) Yiqiniso, uJehova uyazijezisa izoni ezingaphenduki. Ngakho-ke kumelwe sizisekele izindinganiso zakhe zobuhle mayelana nokulondoloza inhlanzeko engokomoya yebandla.—Levitikusi 5:1; 1 Korinte 5:11, 12; 1 Thimothewu 5:22.

‘Qaphelisisani’

15, 16. Iseluleko sikaPawulu esikweyabase-Efesu 5:15-19 sisisiza kanjani ukuba siqhubeke senza okuhle?

15 Ukuze siphishekele inkambo yobuhle naphezu kobubi obusizungezile, kudingeka sigcwale umoya kaNkulunkulu futhi siqaphele indlela esihamba ngayo. UPawulu wanxusa amaKristu ase-Efesu kufanele: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi. Ngenxa yalokhu yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova. Futhi, maningadakwa iwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala, kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya, nikhulumisana ngamahubo nangezindumiso eziya kuNkulunkulu nangezingoma ezingokomoya, nihlabelela futhi nihubela uJehova ezinhliziyweni zenu.” (Efesu 5:15-19) Ngokuqinisekile lesi seluleko siyafaneleka kithi esikulezi zinsuku zokugcina ezibucayi.—2 Thimothewu 3:1.

16 Ukuze siqhubeke senza okuhle, kumelwe siqaphelisise ukuthi sihamba njengalabo abasebenzisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. (Jakobe 3:17) Kumelwe sigweme izono ezimbi futhi kumelwe sigcwale umoya ongcwele, sivume ukuqondiswa yiwo. (Galathiya 5:19-25) Ngokusebenzisa imfundo engokomoya enikezwa emihlanganweni yobuKristu, emihlanganweni yesifunda neyesigodi, singaqhubeka senza okuhle. Amazwi uPawulu awasho kwabase-Efesu angase asikhumbuze nokuthi kweminingi yemihlangano yethu yokukhulekela, siyazuza ngokuhlabelela ‘izingoma ezingokomoya’ ngokusuka enhliziyweni—eziningi zazo eziphathelene nezimfanelo ezingokomoya, njengabo ubuhle.

17. Uma izimo zawo ziwavimbela ukuba khona njalo emihlanganweni, yini amaKristu agula kakhulu angaqiniseka ngayo?

17 Kuthiwani ngesikholwa nabo abangakwazi ukuza njalo emihlanganweni yobuKristu ngenxa yokugula okukhulu okuqhubekayo? Bangase bazizwe bechotshoziwe ngoba bengakwazi ngaso sonke isikhathi ukukhulekela uJehova behlangene ngokuqondile nabafowabo nodadewabo abangokomoya. Kodwa bangaqiniseka ukuthi uJehova uyaziqonda izimo zabo, uyobagcina besekukhanyeni, abanike umoya wakhe ongcwele futhi abasize ukuba baqhubeke benza okuhle.—Isaya 57:15.

18. Yini eyosisiza ukuba siphishekele inkambo yobuhle?

18 Ukuphishekela inkambo yobuhle kudinga siqaphe esizihlanganisa nabo futhi sibagweme labo “abangenalo uthando ngobuhle.” (2 Thimothewu 3:2-5; 1 Korinte 15:33) Ukusebenzisa iseluleko esinjalo kusisiza ukuba sigweme ‘ukwenza lusizi umoya kaNkulunkulu ongcwele’ ngokwenza ngendlela ephambene nokuhola kwawo. (Efesu 4:30) Ngaphezu kwalokho, sithola usizo lokwenza okuhle uma sihlakulela ubuhlobo obuseduze nalabo abakuphila kwabo kunikeza ubufakazi bokuthi bangabathandi bobuhle futhi baholwa umoya ongcwele kaJehova.—Amose 5:15; Roma 8:14; Galathiya 5:18.

Ubuhle Buletha Imiphumela Emihle

19-21. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa umphumela wokubonisa ubuhle.

19 Ukuhamba ekukhanyeni okungokomoya, ukuvumela ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu nokuqapha indlela esihamba ngayo kuyosisiza ukuba sigweme okubi, ‘siqhubeke senza okuhle.’ Nalokhu kungaveza imiphumela emihle. Cabanga ngokuhlangenwe nakho kukaZongezile, omunye woFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika. Ngolunye usuku lapho eya esikoleni ekuseni, wahlola imadlana yakhe ayeyibeke ebhange. Ipheshana elaphuma emshinini wemali lathi unemali engaphezu kuka-R42 000 ngokuyiphutha. Unogada wasebhange kanye nabanye bathi makayikhiphe le mali azifakele yona kwelinye ibhange. Umbhangqwana ongoFakazi ayehlala nawo kwaba yiwona wodwa omtusayo ngokungayithinti nakancane le mali.

20 Ngosuku olulandelayo ibhange elalivule ngalo, uZongezile wabikela abasebhange ngaleli phutha. Kwatholakala ukuthi unenombolo ye-akhawunti ethi ayifane nekasomabhizinisi othile ocebile owayefake le mali ngephutha kuyi-akhawunti okungeyona. Emangazwe ukuthi uZongezile wayengayisebenzisanga nhlobo le mali, lo somabhizinisi wambuza: “Usontaphi?” UZongezile wachaza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Izikhulu zasebhange zamncoma kakhulu, zathi: “Sifisa sengathi ngabe bonke abantu bathembeké njengoFakazi BakaJehova.” Ngempela, izenzo zokwethembeka nobuhle zingenza abanye bakhazimulise uJehova.—Heberu 13:18.

21 Izenzo zobuhle akudingeki zivelele ukuze zibe nomphumela omuhle. Ngokwesibonelo: UFakazi osemusha okhonza njengomshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele kwesinye seziqhingi zaseSamoa kwadingeka aye esibhedlela sendawo. Abantu babelinde ukubona udokotela, lo Fakazi wayesephawula ukuthi isalukazi esasihlezi eduze kwakhe sasigula kakhulu. Wahlela ukuba lo gogo angene endaweni yakhe ukuze asheshe athole usizo. Kamuva ngesinye isikhathi, lo Fakazi wahlangana nalesi salukazi emakethe. Samkhumbula nesenzo sakhe esihle sasesibhedlela. Sathi: “Sengiyazi manje ukuthi oFakazi BakaJehova bayabathanda ngempela omakhelwane babo.” Nakuba ngaphambili sasingasilaleli isigijimi soMbuso, ubuhle esaboniswa bona yilo Fakazi baba nomphumela omuhle. Savuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya, saqala ukungenisa ulwazi lweZwi likaNkulunkulu.

22. Iyiphi enye indlela ephawuleka ngokukhethekile ‘yokuqhubeka senza okuhle’?

22 Cishe nawe unokuhlangenwe nakho okuthile ongakulandisa okubonisa ukubaluleka kokubonisa ubuhle. Enye indlela ephawuleka ngokukhethekile ‘yokuqhubeka senza okuhle’ ukuhlanganyela njalo ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Kwangathi singaqhubeka sihlanganyela ngentshiseko kulo msebenzi oyilungelo elikhethekile, siqaphela ukuthi lena ngenye yezindlela zokwenza okuhle, ikakhulu kulabo abasabela kahle. Okubaluleke kakhulu, inkonzo yethu nokuziphatha kwethu okuhle kukhazimulisa uJehova, umthombo oyinhloko wobuhle.—Mathewu 19:16, 17.

Qhubeka ‘Usebenza Okuhle’

23. Kungani inkonzo yobuKristu iwumsebenzi omuhle?

23 Akungabazeki ukuthi inkonzo yethu iwumsebenzi omuhle. Ingaphumela ensindisweni kithi nakulabo abalalela isigijimi seBhayibheli futhi kanjalo bangene emgwaqweni oyisa ekuphileni okuphakade. (Mathewu 7:13, 14; 1 Thimothewu 4:16) Ngakho, lapho sibhekene nezinqumo, isifiso sokwenza okuhle cishe siyosenza sizibuze: ‘Lesi sinqumo sizowuthinta kanjani umsebenzi wami wokushumayela ngoMbuso? Ingabe le nkambo engiyicabangayo iwukuhlakanipha ngempela? Izongisiza yini ukuba ngisize abanye bamukele ‘izindaba ezinhle ezimi phakade’ futhi babe nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu?’ (IsAmbulo 14:6) Isinqumo esithuthukisa izithakazelo zoMbuso siyophumela enjabulweni enkulu.—Mathewu 6:33; IzEnzo 20:35.

24, 25. Yiziphi ezinye zezindlela zokwenza okuhle ebandleni, futhi yini esingaqiniseka ngayo uma siqhubeka sibonisa ubuhle?

24 Masingalokothi siyithathe kalula imiphumela emihle yobuhle. Singaqhubeka sibonisa le mfanelo ngokusekela ibandla lobuKristu nangokwenza lokho esingakwenza ukuze sinakekele izithakazelo nenhlalakahle yalo. Ngokuqinisekile, senza okuhle lapho siba khona njalo futhi sihlanganyela emihlanganweni yobuKristu. Ukuba khona kwethu kukodwa kukhuthaza abakhulekeli esikanye nabo, futhi izimpendulo zethu ezilungiselelwe kahle ziyabakha ngokomoya. Senza okuhle nalapho sisebenzisa lokho esinakho ukuze silungise iHholo LoMbuso nalapho sisiza ekulinakekeleni kahle. (2 AmaKhosi 22:3-7; 2 Korinte 9:6, 7) Yebo, “uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.”—Galathiya 6:10.

25 Asinakucabanga ngazo zonke izimo ezingase zidinge ukuba sibonise ubuhle. Ngakho-ke, njengoba sibhekana nezinselele ezintsha, masifune ukukhanyiselwa emiBhalweni, sithandazele umoya ongcwele kaJehova, senze konke esingakwenza ukuze sifeze intando yakhe enhle nepheleleyo. (Roma 2:9, 10; 12:2) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyosibusisa ngokucebile njengoba siqhubeka sibonisa ubuhle.

Ungaphendula Kanjani?

• Singabufeza kanjani ubuhle obubudlula bonke?

• Kungani ubuhle bubizwa ngokuthi ‘isithelo sokukhanya’?

• Kungani ubuhle bubizwa ngokuthi ‘isithelo somoya’?

• Ukuziphatha kwethu okuhle kuba namuphi umphumela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 17]

IZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ongcwele kuyasisiza ukuba sibonise ubuhle

[Izithombe ekhasini 18]

Ukubonisa ubuhle kuletha imiphumela emihle