Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thembela KuJehova—UNkulunkulu Ongokoqobo

Thembela KuJehova—UNkulunkulu Ongokoqobo

Thembela KuJehova—UNkulunkulu Ongokoqobo

Wake wasibuka isibhakabhaka ngobusuku obucwathile wawusubona inqwaba yezinkanyezi? Ucabanga ukuthi zavela kanjani?

EBUSUKU obuthule, izinkanyezi zakhuluma noDavide, iNkosi yakwa-Israyeli wasendulo, okwamshukumisela ukuba abhale: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” (IHubo 19:1) Yebo, nguMdali ofanele “ukwamukela inkazimulo nodumo namandla” hhayi indalo.—IsAmbulo 4:11; Roma 1:25.

“Owakha izinto zonke uNkulunkulu,” kusho iBhayibheli. (Heberu 3:4) Ngempela, uNkulunkulu weqiniso, ‘ogama lakhe linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.’ (IHubo 83:18) Futhi akayona into ekhohlisayo—utalagu. UJesu Kristu wathi ngoYise osezulwini, uJehova: “Ongithumileyo ungokoqobo.”—Johane 7:28.

UJehova—UMphelelisi Wezinjongo Zakhe

Igama likaNkulunkulu eliyingqayizivele, elithi Jehova, livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emiBhalweni YesiHeberu kuphela. Lona kanye lelo gama liveza iqiniso lokuthi ungokoqobo. Igama likaNkulunkulu ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Ngaleyo ndlela uJehova uNkulunkulu uzichaza njengoMphelelisi wezinjongo zakhe. Lapho uMose ebuza uNkulunkulu igama lakhe, uJehova wenaba ngencazelo yalo ngale ndlela: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eksodusi 3:14, NW) Inguqulo kaRotherham ilimisa ngesihloko: “Ngiyoba yinoma yini engithanda ukuba yiyo.” UJehova uzibonakalisa, noma ukhetha ukuba abe yinoma yini edingekayo ukuze izinjongo zakhe zokulunga nezithembiso zibe ngokoqobo. Ngakho, uneziqu eziningi ezihlaba umxhwele, njengesithi Mdali, Baba, Nkosi EnguMbusi, Malusi, Jehova wamabutho, Muzwi wemikhuleko, Mahluleli, Mfundisi Omkhulu, Mhlengi.—AbAhluleli 11:27; IHubo 23:1; 65:2; 73:28, NW; 89:26; Isaya 8:13, NW; 30:20, NW; 40:28; 41:14.

NguNkulunkulu weqiniso kuphela ongaba negama elithi Jehova, ngoba abantu abasoze baqiniseka ukuthi abakuhlosile kuyophumelela. (Jakobe 4:13, 14) NguJehova kuphela ongathi: “Njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:10, 11.

UJehova uzifeza ngokuqiniseka izinjongo zakhe kangangokuba ngisho nokubonakala kungenakwenzeka kubantu kungokoqobo kuye. Esikhathini eside u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe sebafa, uJesu wakhuluma ngabo wathi: “[UJehova] nguNkulunkulu, wabaphilayo‚ hhayi wabafileyo, ngoba bonke bayaphila kuye.” (Luka 20:37, 38) Lezi zinzalamizi ezintathu nezithembekile zase zifile, kodwa injongo kaNkulunkulu yokuzivusa yayiqinisekile ukuthi iyogcwaliseka kangangokuba kwakungathi ziyaphila kuye. Ukuzibuyisela ekuphileni lezi zinceku ezithembekile zamandulo ngeke kube nzima kuJehova njengoba kwakungenzima ukudala umuntu wokuqala ngothuli lomhlabathi.—Genesise 2:7.

Umphostoli uPawulu unikeza esinye isibonelo seqiniso lokuthi uNkulunkulu ubangela ukuba lokho akuhlosile kwenzeke. EmiBhalweni, u-Abrahama ubizwa ngokuthi “uyise wezizwe eziningi” (Roma 4:16, 17) Engakabi namntwana u-Abrama, uJehova wamshintsha igama lakhe laba u-Abrahama, okusho ukuthi “uYise Wabaningi (Isixuku).” UJehova wenza ukuba incazelo yalelo gama ibe ngokoqobo ngokuthi avuselele ngokuyisimangaliso amandla okuzala ka-Abrahama osekhulile nomkakhe osemdala, uSara.—Heberu 11:11, 12.

Ngenxa yamandla amakhulu negunya ayenikwe lona, uJesu Kristu wakhuluma ngezinto ezingokoqobo ngombono ophakeme kunowabantu. Nakuba umhlobo wakhe ayesondelene naye uLazaru wayefile, uJesu watshela abafundi bakhe: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya khona ukuze ngimvuse ebuthongweni.” (Johane 11:11) Kungani uJesu athi umuntu ofile umane nje ulele?

Lapho uJesu efika emzini wakubo kaLazaru iBhethaniya, waya ethuneni wayala ukuba itshe elivalile lisuswe. Ngemva kokuthandaza ngokuzwakalayo, wayala: “Lazaru, phuma!” Njengoba amehlo ezibukeli ayegqolozele ithuna, “lomuntu owayefile waphuma izinyawo nezandla zakhe ziboshwe ngokokusonga, ubuso bakhe buboshwe bonke ngendwangu.” UJesu wathi kubo: “Mthukululeni nimyeke ahambe.” (Johane 11:43, 44) UJesu wamvusa uLazaru—wabuyisela ukuphila kumuntu owayesenezinsuku ezine efile! UKristu wayengalisonti iqiniso uma ethi umngane wakhe ulele. Ngokombono kaJehova noJesu, uLazaru ofile kwakungathi uzilalele nje. Yebo, uJesu noYise osezulwini basebenza ngezinto ezingokoqobo.

UJehova Angaphendula Amathemba Ethu Abe Izinto Ezingokoqobo

Yeka ukungafani okukhona phakathi kwezithombe ezikhohlisayo noNkulunkulu ongokoqobo! Abakhulekeli bezithombe ngephutha bathi lezi zinto abazihloniphayo zinamandla angaphezu kwawabantu. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi zihlonishwa kangakanani, lezi zithombe azisoze zaba namakhono okwenza izimangaliso. Ngakolunye uhlangothi, kuyafaneleka ukuba uJehova uNkulunkulu akhulume ngezinceku zakhe ezafa kudala njengokungathi ziyaphila ngoba uyakwazi ukuphinde azinike ukuphila. “UJehova unguNkulunkulu weqiniso,” futhi akabakhohlisi nanini abantu bakhe.—Jeremiya 10:10.

Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi ngesikhathi sikaJehova esifanele, abafile abasenkumbulweni yakhe bayovuswa—babuyiselwe ekuphileni! (IzEnzo 24:15) Yebo, uvuko luhilela ukubuyiselwa kwendlela yokuphila yomuntu. Ukukhumbula izici zokuphila kwasebafa futhi abavuse akuyona inkinga kuMdali, yena onamandla nokuhlakanipha okungenamkhawulo. (Jobe 12:13; Isaya 40:26) Njengoba uJehova echichima uthando, uyosebenzisa inkumbulo yakhe ephelele ukubuyisela asebafa ekuphileni kwasepharadesi emhlabeni benobuntu ababenabo ngaphambi kokuba bafe.—1 Johane 4:8.

Njengoba isiphelo sezwe likaSathane sisondela, ngokuqinisekile liqhakazile ikusasa lalabo abathembela kuNkulunkulu weqiniso. (IzAga 2:21, 22; Daniyeli 2:44; 1 Johane 5:19) Umhubi usiqinisa idolo: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; . . . kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:10, 11) Ubugebengu nobudlova kuyoba izinto ezidlulile. Kuyoba nobulungisa, kanti izinkinga zomnotho ziyophela. (IHubo 37:6; 72:12, 13; Isaya 65:21-23) Yonke iminonjana yobandlululo olungokwezenhlalo, ibala, ubuzwe, nohlanga iyosuswa. (IzEnzo 10:34, 35) Izimpi nezikhali zempi ngeke zisaba khona. (IHubo 46:9) Ngaleso sikhathi “abakhe khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Wonke umuntu uyojabulela impilo ephelele nobungqabavu. (IsAmbulo 21:3, 4) IPharadesi lasemhlabeni lizoba into engokoqobo maduzane. UJehova ukuhlosile!

Yebo, wonke amathemba asekelwe eBhayibhelini azogcwaliseka ngokushesha. Kungani kufanele sivumele ukukhohliswa izinto ezikhulekelwa kuleli zwe uma singase sikwazi ukubeka ithemba lethu ngokuphelele kuJehova? Kuyintando yakhe ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Kunokuba sichithe isikhathi nezimali zethu ezintweni ezikhohlisayo, noma eziwutalagu, zaleli zwe nonkulunkulu balo, masikhule olwazini lukaNkulunkulu ongokoqobo futhi sethembele kuye ngayo yonke inhliziyo yethu.—IzAga 3:1-6; Johane 17:3.

[Isithombe ekhasini 6]

Ngokombono kaJehova noJesu, uLazaru wayezilalele nje

[Izithombe ekhasini 7]

IPharadesi lasemhlabeni lizoba into engokoqobo maduzane