Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abafel’ukholo Banamuhla Bayafakaza ESweden

Abafel’ukholo Banamuhla Bayafakaza ESweden

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Abafel’ukholo Banamuhla Bayafakaza ESweden

IGAMA lesiGreki elisho “ufakazi” lithi martyr, okuvela kulo igama lesiNgisi elithi martyr, elisho “ofakaza ngokufa kwakhe,” noma umfel’ ukholo. AmaKristu amaningi ekhulu lokuqala afakaza ngoJehova ngokufela ukholo lwawo.

Ngokufanayo, ekhulwini lama-20, izinkulungwane zoFakazi zabulawa amanxusa kaHitler ngenxa yokungathathi kwazo uhlangothi ezimpikiswaneni zezombangazwe nezobuzwe. Laba bafel’ ukholo banamuhla nabo banikeza ubufakazi obunamandla. Nakhu okwenzeke eSweden muva nje.

Mayelana nomkhosi wokuhlanganisa iminyaka engu-50 kwaphela iMpi Yezwe II, uhulumeni waseSweden waqala umkhankaso kazwelonke wokufundisa ngokuQothulwa Kwesizwe. Lo mkhankaso wabizwa ngokuthi yi-Living History (uMlando Ophilayo). OFakazi BakaJehova bamenywa ukuba babambe iqhaza kuwo futhi balandise ngezinto ezenzeka kubo.

OFakazi basabela ngokwenza umbukiso owawunesihloko esithi The Forgotten Victims of the Holocaust (Izisulu Ezilitshelwe ZokuQothulwa Kwesizwe). Waqala ukubukiswa eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova eliseSträngnäs. Kwakukhona oFakazi abasinda ekuQothulweni Kwesizwe bezolandisela izivakashi ezingaphezu kuka-8 400 ezafika ngosuku lokuqala ngokwenzeka kubo! Lapho kuphela u-1999, lo mbukiso wawusuboniswe emamnyuziyamu nasemitatsheni yomphakathi engaphezu kwekhulu kulo lonke elaseSweden, usubonwe abantu abangaba ngu-150 000. Phakathi kwezivakashi kwakunezikhulu ezithile zikahulumeni, ezakuncoma ezakubona.

Asikho esinye isenzakalo esisodwa esiphathelene nomsebenzi woFakazi BakaJehova eSweden umphakathi oye wakhuluma ngaso futhi wasincoma kakhulu kangaka. Izivakashi eziningi zazibuza: “Beningasitsheli ngani sonke lesi sikhathi ngezinto ezenzeka kini ekuQothulweni Kwesizwe?”

Ngemva kokuba lo mbukiso uboniswe endaweni yabo, elinye ibandla labika ukwanda kwezifundo zeBhayibheli zasekhaya ngamaphesenti angu-30! Omunye uFakazi wamema asebenza naye ukuba ayobona lo mbukiso. Lo muntu wavumela phezulu, weza ehamba nomngane wakhe. Kamuva, lowo mngane wathi wayekuthola kunzima ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuba abantu babe nokholo oluqine kangangokuthi bangamane babulawe kunokuba basayine incwadi yokulahla ukholo lwabo. Lokhu kwaholela kwezinye izingxoxo, kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye.

Njengezikhonzi zekhulu lokuqala ezazinjengabo, laba bafel’ ukholo abathembekile bekhulu lama-20 baye babunikeza ngesibindi ubufakazi bokuthi uJehova uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, okufanelekelayo ukuba sibe nokholo olungagudluki kuye futhi sethembeke kuye.—IsAmbulo 4:11.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]

Camp prisoner: Państwowe Muzeum Oświęcim-Brzezinka, courtesy of the USHMM Photo Archives