Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ibaluleke Kangakanani Inhlanzeko?

Ibaluleke Kangakanani Inhlanzeko?

Ibaluleke Kangakanani Inhlanzeko?

INHLANZEKO isho izinto ezahlukene kubantu abahlukene. Ngokwesibonelo, lapho umfana omncane etshelwa unina ukuba ageze izandla zakhe nobuso, angase acabange ukuthi kwanele ukufaka iminwe yakhe kumpompi ogelezayo nokumanzisa izindebe zakhe. Kodwa umama wazi kangcono. Uyamthatha ambuyisele kumpompi bese ekhuhla izandla nobuso ngensipho namanzi amaningi—naphezu kokudlubulunda kwakhe eklabalasa!

Yiqiniso, izindinganiso zenhlanzeko azifani emhlabeni wonke, kanti nabantu bakhula benemiqondo ehlukahlukene yenhlanzeko. Kudala, amagceke esikole ahlanzekile nahlelekile emazweni amaningi ayesiza ekuhlakuleleni imikhuba emihle yenhlanzeko. Namuhla, ezinye izinkundla zesikole zigcwele udoti nemfucuza ungafunga uthi ziyindawo yokulahla izibi ngaphezu kokuba yizindawo zokudlala nokuzivocavoca. Kuthiwani ngegumbi lokufundela? UDarren, isisebenzi esihlanzayo esikoleni esiphakeme e-Australia, wathi: “Manje sibona ukungcola ngisho nasegumbini lokufundela.” Abanye abafundi babheka isiqondiso esithi “Kucoshe” noma “Kuhlanze” njengesisho ukuthi bayajeziswa. Inkinga ukuthi abanye othisha basebenzisa ukuhlanza njengendlela yokujezisa.

Ngakolunye uhlangothi, abantu abadala abazona izibonelo ezinhle zenhlanzeko ngaso sonke isikhathi, kungaba sekuphileni kwansuku zonke noma kwezamabhizinisi. Ngokwesibonelo, izindawo eziningi zomphakathi zishiywa zingcolile futhi zingabukeki. Ezinye izimboni zingcolisa indawo esizungezile. Nokho, akungcolisi izinkampani namabhizinisi, kodwa abantu. Njengoba cishe ubugovu buyiyona mbangela eyinhloko yenkinga yomhlaba wonke yokungcola neminingi imiphumela yako ephazamisayo, ingxenye yenkinga umphumela wemikhuba yabantu engahlanzekile. Owayengumqondisi jikelele woMfelandawonye wamazwe ase-Australia wasekela lesi siphetho lapho ethi: “Zonke izindaba eziphathelene nempilo yomphakathi ekugcineni zithinta inhlanzeko yomuntu ngamunye.”

Nakuba kunjalo, abanye banomuzwa wokuthi inhlanzeko yindaba yomuntu siqu futhi akumelwe omunye umuntu azikhathaze ngayo. Kunjalo ngempela?

Inhlanzeko ibaluleke impela lapho kuziwa ekudleni kwethu—kungakhathaliseki ukuthi sikuthenga emakethe, sikudlela esitolo sokudlela, noma sidla emzini womngane. Kulindeleke izinga eliphezulu lenhlanzeko kulabo abaphatha noma baphake ukudla esikudlayo. Izandla ezingcolile—ezabo noma ezethu—zingaba imbangela yezifo eziningi. Kuthiwani ngezibhedlela—okuyindawo esilindele ukuthola kuyo inhlanzeko ngaphezu kwazo zonke izindawo? I-New England Journal of Medicine yabika ukuthi ukungagezwa kwezandla ngodokotela nabahlengikazi kungasiza kunikeze isizathu sokuthi kungani iziguli ezisezibhedlela zingenwa izifo ezithelelwanayo ezidla izigidi ezingu-90 zamaRandi ngonyaka ukuzelapha. Silindele kufanele ukuba kungabikho muntu ofaka impilo yethu engozini ngemikhuba yakhe engahlanzekile.

Kuyindaba engathi sína futhi lapho othile—ngamabomu noma ngokungacabangi—engcolisa umthombo wethu wamanzi. Futhi kuphephe kangakanani ukuzihambela ngezinyawo ushaywa umoya ogwini lolwandle lapho ungase uzithele phezu kwemijovo esisetshenzisiwe eshiywe imilutha yemilaliso nabanye? Mhlawumbe okubaluleke nakakhulu kumuntu ngamunye umbuzo othi: Ingabe inhlanzeko ikhona emzini wethu?

Encwadini yakhe ethi Chasing Dirt, uSuellen Hoy uyabuza: “Ingabe sihlanzeke ngendlela esasihlanzeke ngayo?” Uyaphendula: “Cishe akunjalo.” Uthi izindinganiso ezishintshayo ziyisizathu esiyinhloko. Njengoba abantu beya bechitha isikhathi esincane ekhaya, bavele bakhokhele othile ukuba abahlanzele. Ngenxa yalokho, ukugcina indawo ihlanzekile akuseyona into eza kuqala kumuntu. “Angiyihlanzi i-shower (indawo yokugezela)—ngizihlanza mina,” kusho enye indoda. “Okungenani uma indlu yami ingcolile, mina ngihlanzekile.”

Nokho, inhlanzeko ihilela okungaphezu kokubukeka. Ingumkhuba ohilela zonke izici zokuphila kwethu. Kanti futhi iyisimo sengqondo nesenhliziyo esihlanganisa ukuziphatha kwethu nokukhulekela. Ake sibone ukuthi kungani kunjalo.