Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imingcele yokushadana kwezihlobo eseMthethweni KaMose isebenza ngezinga elingakanani kumaKristu namuhla?

UMthetho uJehova awunika isizwe sakwa-Israyeli usitshela okuncane kakhulu ngamadili nezinqubo zemishado. Nokho, uveza imingcele ethile evimbela imishado yezinhlobo ezithile. Ngokwesibonelo, kuLevitikusi 18:6-20 (NW), sithola uhlu lobuhlobo obenqatshelwe obuhilela ‘isihlobo segazi.’ Leyo ndima inikeza imininingwane eminingi echaza izihlobo zegazi okungamelwe zilalane. Yiqiniso, amaKristu awekho ngaphansi koMthetho KaMose futhi awaboshiwe yizimiso zawo. (Efesu 2:15; Kolose 2:14) Noma kunjalo, lokhu akusho ukuthi amaKristu angamane angayishayi mkhuba le ndaba lapho ekhetha umuntu azoshada naye. Kunezizathu eziningana zalokhu.

Okokuqala, kunemithetho yezwe elawula ukushadana kwezihlobo eziseduze, futhi ngokuyisisekelo amaKristu abophekile ukulalela imithetho yezwe ahlala kulo. (Mathewu 22:21; Roma 13:1) Yebo, imithetho enjalo iyahlukahluka ezindaweni ngezindawo. Iningi lemithetho enjalo yanamuhla lisekelwe ngokuyinhloko endabeni yezakhi zofuzo. Kuyiqiniso elaziwayo ukuthi ukushada kwezihlobo zegazi eziseduze kwandisa amathuba okuba izingane eziyozalwa zikhubazeke futhi zibe nezifo ngenxa yezakhi zofuzo. Ngenxa yalesi sizathu nangenxa ‘yokuzithoba kwawo emagunyeni aphakeme,’ amaKristu ashadayo ayayigcina imithetho yendawo ephathelene nokushada.

Bese kuba nendaba yokuthi yini eyamukelekayo nengamukeleki emphakathini umuntu ahlala kuwo. Cishe kuzo zonke izizwe kunemithetho nezinkambiso ezenqabela ukushadana kwabantu abayizihlobo zegazi eziseduze, okwenza imishado enjalo ibhekwe njengokulalana kwezihlobo okuyicala futhi ngenxa yalokho kube yinto enqatshelwe. Nakuba ukuthi yiziphi ngokuqondile izihlobo ezenqatshelwe ukushadana kungase kuhlukahluke kakhulu ezizweni ezihlukahlukene, “ngokuvamile, lapho abantu ababili besondelene kakhulu ngokuzalana, nomthetho owenqabela ubuhlobo bobulili phakathi kwabo, noma ongabukhuthazi, uba namandla futhi ubangele intukuthelo nakakhulu,” kusho i-Encyclopædia Britannica. Ngakho, ngisho nalapho kungekho buhlobo obuhilela ukulalana kwezihlobo eziseduze, amaKristu awafuni ukungazigqizi qakala izinkambiso ezamukelwayo noma izinto umphakathi ozexwaya kufanele, ukuze angalethi isihlamba ebandleni lobuKristu noma egameni likaNkulunkulu.—2 Korinte 6:3.

Unembeza wethu esiwunikwe nguNkulunkulu nawo akumelwe ushalazelwe. Bonke abantu bazalwa benomuzwa wokulungile nokungalungile, okuhle nokubi. (Roma 2:15) Unembeza wabo uyabatshela ukuthi yikuphi okungokwemvelo nokufanelekayo nokuthi yikuphi okuphambene nemvelo nokunengayo, ngaphandle uma uye wasontwa noma wathuntubezwa yimikhuba ephendukezelwe. UJehova walithinta leli phuzu lapho enika ama-Israyeli umthetho wakhe owenqabela ukushadana kwezihlobo zegazi. Siyafunda: “Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.” (Levitikusi 18:3) AmaKristu ayawazisa unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli futhi awavumi ukuba wonakaliswe umuzwa wezizwe osontekile wokulungile nokungalungile.—Efesu 4:17-19.

Singaphetha ngokuthini-ke? Nakuba amaKristu engekho ngaphansi koMthetho KaMose, unembeza wawo uwatshela ngokucacile ukuthi ukushadana kwezihlobo zegazi eziseduze—njengobaba nendodakazi, umama nendodana, izelamani—akwamukeleki neze ebandleni lobuKristu. * Uma sekuziwa ezihlotsheni ezingasondelene kangako, amaKristu ayaqaphela ukuthi kunemithetho nezimiso ezilawula imishado engokomthetho nokuthi kunezindinganiso ezamukelekayo ngokwezenhlalo nangokwezinkambiso zabantu. Kumelwe zicatshangelisiswe ukuze sivumelane nesiyalo esingokomBhalo esithi: “Umshado mawudunyiswe phakathi kwabo bonke.”—Heberu 13:4.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Ukuze uthole ingxoxo eningilizayo mayelana nale ndaba, siza ubheke isihloko esithi “Ukuganana Kwezihlobo—Kumelwe Akubheke Kanjani AmaKristu?” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1978, amakhasi 19-22.