Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inhlanzeko—Isho Ukuthini Ngempela?

Inhlanzeko—Isho Ukuthini Ngempela?

Inhlanzeko—Isho Ukuthini Ngempela?

NGENXA yezimo ezishaqisayo zokungabi nanhlanzeko eYurophu nase-United States ngekhulu le-18 nele-19, izithunywa zevangeli zangaleso sikhathi zashumayela lokho okungase kubizwe ngokuthi “ivangeli lenhlanzeko.” Leli vangeli lalihlobanisa ukungcola nesono, kanti inhlanzeko kwakuthiwa isondeza umuntu kuNkulunkulu. Kungenzeka yilokho okwenza ukuba isisho (sesiNgisi) esithi “Inhlanzeko ihlobene nokwesaba uNkulunkulu” saziwe kabanzi.

Lo mbono wamukelwa Impi Yosindiso eyasungulwa uWilliam noCatherine Booth. Ngokwencwadi i-Health and Medicine in the Evangelical Tradition, esinye seziqubulo zabo zokuqala sasithi: “Insipho, Isobho, NeNsindiso.” Khona-ke, njengoba uLouis Pasteur nabanye bekubonisa ngokucacile ukuhlobana phakathi kokugula namagciwane, kwabe sekutholakala ugqozi, kwabekwa nesisekelo esingokwesayensi sokuba kube nezinhlelo zempilo ezingcono.

Ezinye zezinyathelo ezathathwa zazihlanganisa ukugwema umkhuba wokuba ufakazi wenkantolo aqabule iBhayibheli, futhi kwaqedwa nokubekwa kwenkomishi eyodwa yokuphuza ezikoleni naseziteshini zezitimela. Kwenziwa nemizamo yokuba esikhundleni senkomishi esetshenziswa uwonk’ uwonke ezinkonzweni zenkolo, umuntu ngamunye abe nenkomishi yakhe. Yebo, kwabonakala sengathi labo bagqugquzeli benhlanzeko bangaphambili babephumelela kakhulu impela ukushintsha umbono wabantu ngenhlanzeko ngokwezinga elithile. Omunye umbhali waze wabiza umphumela ngokuthi “ukuthandana nenhlanzeko.”

Nokho, lokhu ‘kuthandana nenhlanzeko,’ kwakumane nje kukha phezulu. Kungakabiphi, abahwebi bezentengiselwano abanamaqhinga baguqula insipho evamile bayenza umkhiqizo wobuhle. Izikhangisi ezinobuciko zenza amakhasimende acabanga ukuthi ukusebenzisa umkhiqizo othile kunganika umuntu owusebenzisayo isithunzi esifiswa abanye. Ithelevishini yawasakaza la manga. Abantu abaphumelelayo nabangosaziwayo abavezwa kulezi zikhangisi nasemidlalweni yethelevishini ewuchungechunge kuyaqabukela babonakale behlanza indlu, beshanela igceke, bebutha udoti, ngisho noma bebutha indle yamakati neyezinja zabo.

Kukhona nabathi ukuya emsebenzini kukwenza ukwazi ukukhokhela izikweletu, kanti umsebenzi wasekhaya noma eminye imisebenzi yokuhlanza ayinanzuzo ngokwezimali. Njengoba-ke ingekho inzuzo engokwezimali, kungani kumelwe bakhathalele indawo abahlala kuyo? Omunye umphumela walokhu ukuthi abanye abantu namuhla bacabanga ukuthi inhlanzeko ihilela ukuhlanzeka komuntu siqu kuphela.

Umbono KaNkulunkulu Ngenhlanzeko

Akungabazeki ukuthi leyo mizamo yangaphambili yokufundisa inhlanzeko yasiza ekuthuthukiseni izimo zokuphila kwabantu. Kuyafaneleka, ngoba inhlanzeko yimfanelo esuka kuNkulunkulu ongcwele nohlanzekile, uJehova. Usifundisa ukuba sizizuzise thina ngokuba ngcwele futhi sihlanzeke kuzo zonke izindlela zethu.—Isaya 48:17; 1 Petru 1:15.

UJehova uNkulunkulu uyisibonelo kulokhu. Inhlanzeko kanye nezinye izimfanelo zakhe ezingabonakali, ibonakala ngokucacile endalweni kaNkulunkulu. (Roma 1:20) Siyabona ukuthi indalo ngokwayo ayikubangeli ukungcola okuhlala njalo. Umhlaba nemijikelezo yawo eminingi yezinto eziphilayo nendawo esizungezile uyisimangaliso esizihlanzayo, futhi uklanyelwe ukuphila okuhlanzekile, nokunempilo. Lo msebenzi ohlanzekile ubungaqhamuka kuphela kuMklami onengqondo ehlanzekile. Kulokhu-ke, singaphetha ngokuthi abakhulekeli bakaNkulunkulu kumelwe bahlanzeke kuzo zonke izici zokuphila kwabo.

Izici Ezintathu Zenhlanzeko

IBhayibheli liveza izici ezintathu zenhlanzeko abakhulekeli bakaNkulunkulu okumelwe balwele ukuzifinyelela. Make sicabangele ngasinye sazo.

Esingokomoya. Lesi singabhekwa njengenhlanzeko ebaluleke ukuzedlula zonke ezinye, ngoba iphathelene namathemba omuntu okuphila phakade. Nokho, lesi sici senhlanzeko sivame ukunganakwa impela. Kalula nje, ukuhlanzeka ngokomoya kusho ukungeqi umngcele obekwe uNkulunkulu phakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga, ngoba uNkulunkulu ubheka noma iluphi uhlobo lokukhulekela kwamanga njengolungahlanzekile. Umphostoli uPawulu wabhala: “‘Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engahlanzekile’ ‘ngizonamukela.’” (2 Korinte 6:17) Umfundi uJakobe naye akagwegwesi kule ndaba: ‘Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukuba umuntu azigcine engenalo ibala elivela ezweni.’—Jakobe 1:27.

UNkulunkulu wakubonisa ngokucacile ukuthi uyakulahla ukuxubanisa ukukhulekela kwamanga nokweqiniso. Ukukhulekela kwamanga ngokuvamile kuhlanganisa imikhuba engahlanzekile, izithombe nonkulunkulu abanengekayo. (Jeremiya 32:35) Ngakho-ke amaKristu eqiniso akhuthazwa ukuba agweme noma yikuphi ukuzihilela ekukhulekeleni okungahlanzekile.—1 Korinte 10:20, 21; IsAmbulo 18:4.

Sokuziphatha. Nalapha futhi, uNkulunkulu ukwenza kucace okuhlanzekile nokungahlanzekile. Lilonke, izwe liye laba njengoba kuchazwe kweyabase-Efesu 4:17-19: ‘Lisebumnyameni ngengqondo, futhi lihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu. Alisenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, lizinikele ekuziphatheni okuxekethile ukuze lisebenze zonke izinhlobo zokungahlanzeki ngokuhaha.’ Ukucabanga okungcole kanjalo kuzibonakalisa ngezindlela eziningi, ezisobala nezicashile, yingakho amaKristu kumelwe ahlale eqaphile.

Abathandi bakaNkulunkulu bayazi ukuthi ubufebe, ubungqingili, ubulili ngaphambi komshado nezithombe zobulili ezingcolile kuwukwephula izindinganiso zikaJehova zokuziphatha okuhlanzekile. Nokho, izenzo ezinjalo zivamile kwezokuzijabulisa nezokukhangisa. Ngakho-ke amaKristu kumelwe aqaphele ukuthambekela okunjalo. Ukugqoka izingubo ezimfushane nezikhanya ngalé emihlanganweni yobuKristu nasemibuthanweni evamile kwenza abantu babuke umzimba womuntu ngokungadingekile futhi kubonisa ukungakukhathaleli ukuba msulwa. Ngaphandle nje kokuthi kuletha ukucabanga okungahlanzekile kwezwe enhlanganweni yobuKristu, ukugqoka kanjalo kungakha imicabango engahlanzekile kwabanye. Ukubonisa “ukuhlakanipha okuvela phezulu” kuyisici amaKristu okumelwe asebenze kanzima kuso.—Jakobe 3:17.

Esingokwengqondo. Imicabango efihlakele yomuntu akumelwe ibe indawo ekhiqiza izizindlo ezingahlanzekile. UJesu waxwayisa ngemicabango engahlanzekile lapho ethi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28; Marku 7:20-23) La mazwi asebenza ngokufanayo nasekubukeleni izithombe ezingcolile zobulili nemibukiso yasebhayisikobho, ukufunda izindaba zezenzo zobulili obuphendukezelwe, nokulalela izosha zomculo ezisikisela ukungcola. Ngakho-ke, amaKristu kumelwe agweme ukuzingcolisa ngokuvumela imicabango engahlanzekile engaholela enkulumweni nasezenzweni ezingahlanzekile.—Mathewu 12:34; 15:18.

Esingokomzimba. Ubungcwele nokuhlanzeka ngokomzimba kuhlotshaniswe eduze eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uPawulu wabhala: “Bathandekayo, masizihlanzeni kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Ngakho-ke amaKristu eqiniso, kumelwe alwele ukugcina imizimba yawo, imizi, namagceke kuhlanzekile futhi kucocekile, kuye ngokwezimo zawo. Ngisho nalapho amanzi okuhlanza izingubo nawokugeza eyivelakancane, amaKristu kumelwe alwele ukwenza umzamo wokuzigcina ehlanzekile futhi ebukeka.

Inhlanzeko engokomzimba ihilela nokungawusebenzisi ugwayi wanoma iluphi uhlobo, nokungazitiki ngokweqile ngophuzo oludakayo, nanoma iluphi uhlobo lokusetshenziswa kabi kwemilaliso, okonakalisa futhi kulimaze umzimba. Umalusi ochazwe eSihlabelelweni Sezihlabelelo wajatshuliswa iphunga elimnandi lezambatho zentombi yomShulamiti. (IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:11) Ukunakekela inhlanzeko yethu kuyisenzo sothando, njengoba sifuna ukugwema ukunukisela labo abaseduze kwethu ngamaphunga angemahle. Iziqholo namakha kungaqabula, kodwa akumelwe zithathe indawo yokugeza umzimba njalo neyezingubo ezihlanzekile.

Ukugcina Umbono Olinganiselwe

Uma kuziwa enhlanzekweni engokomzimba, abantu bangase beqise. Kolunye uhlangothi, ukushisekela inhlanzeko ngokweqile kungasilahlekisela injabulo yokuphila. Kungadla nesikhathi esiningi esiyigugu. Ngakolunye uhlangothi, imizi engcolile nengacocekile kungaba izindleko ukuyilungisa. Phakathi kwalezi zimo ezimbili kunendlela ekahle nenengqondo yokugcina umuzi wethu uhlanzekile futhi ubukeka.

Wugcine umuhle. Kunzima ukuhlanza imizi noma amakamelo anemfuhlumfuhlu, kanti nokungcola akubonakali kalula endaweni eminyene. Imizi engenayo imfuhlumfuhlu ithatha isikhathi esincane ukuyihlanza. Indlela yokuphila elula ituswa kakhulu eBhayibhelini: “Uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.

Wugcine ucocekile. Umuzi ohlanzekile uwumthwalo wemfanelo wabo bonke abahlala kuwo. Imizi engacocekile isuke iqale ingamakamelo angacocekile. Ukucoceka kusho ukuthi yonke into isendaweni efanele. Ngokwesibonelo, phansi ekamelweni lokulala akumelwe kuhlale izingubo ezingcolile. Okubaluleke nakakhulu ukuthi, amathoyizi namathuluzi kungadala ingozi. Izingozi eziningi ekhaya zidalwa imikhuba yokungacoceki.

Kuyacaca ukuthi inhlanzeko nendlela yokuphila yobuKristu kungamathe nolimi. Ngokuphathelene nendlela yokuphila kaNkulunkulu, umprofethi u-Isaya wakhuluma ‘ngeNdlela yobuNgcwele.’ Futhi wenezela ngokuthi “ongcolileyo akayikuhamba ngayo.” (Isaya 35:8) Yebo, ukuhlakulela imikhuba emihle yenhlanzeko manje kunikeza ubufakazi obunamandla bokholo lwethu ezithembisweni zikaNkulunkulu zokuthi uzokwenza ipharadesi elihlanzekile maduzane emhlabeni. Ngaleso sikhathi, kuzo zonke izingxenye zale mbulunga enhle, bonke abantu bayokhazimulisa uJehova uNkulunkulu ngokuthi balandele zonke izindinganiso zakhe eziphelele zenhlanzeko.—IsAmbulo 7:9.

[Isithombe ekhasini 6]

Ukugcina umuzi uhlanzekile umthwalo wabo bonke abahlala kuwo

[Isithombe ekhasini 7]

Umhlaba uyisimangaliso esizihlanzayo