Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umuzi Osentabeni

Umuzi Osentabeni

Umuzi Osentabeni

ENTSHUMAYELWENI yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Nina niwukukhanya kwezwe. Umuzi ungefihleke lapho uphezu kwentaba.”—Mathewu 5:14.

Imizana eminingi yaseJudiya naseGalile yayisezintabeni, hhayi phansi ezigodini. Isizathu esiyinhloko sokukhethwa kwezindawo eziphezu kwezintaba sasiwukuphepha. Ngaphezu kwamabutho ahlaselayo, kwakuvame ukuba namaqembu abaphangi ayecekela phansi izindawo zama-Israyeli. (2 AmaKhosi 5:2; 24:2) Izakhamuzi ezizimisele zazingasivikela zale ukhasha isixhobo sezindlu eziphezu kwentaba kunomuzana osethafeni eliphansi, owawudinga ugange olukhulu lokuwuvikela.

Njengoba izindonga zezindlu zamaJuda ngokuvamile zazicakwa, isixhobo esisegqumeni salezi zindlu ezicakwe zaba mhlophe sasibonakala kalula ebangeni elingamakhilomitha amaningi. (IzEnzo 23:3) Elangeni lasePalestina elikhanya bhá, le mizana esemagqumeni yayikhanya njengokukhanya okuqondisa abahamba olwandle, njengoba kusenjalo nanamuhla ngamadolobhana aseMedithera afana nalawa.

UJesu wasebenzisa lesi sici esiphawulekayo sasemaphandleni aseGalile naseJudiya ukuze afundise abalandeli bakhe indima yomKristu weqiniso. Wabatshela: “Ngokufanayo ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) Nakuba amaKristu engayenzeli ukudunyiswa abantu imisebenzi emihle, abantu bayakuphawula ukuziphatha kwawo.—Mathewu 6:1.

Ukuziphatha okuhle okunjalo kugqama nakakhulu emihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova. Likhuluma ngomhlangano osanda kudlula, elinye iphephandaba laseSpain labika: “Nakuba isithakazelo sezindaba ezingokwenkolo sincipha kubantu bezinye izinkolo, akunjalo koFakazi BakaJehova. Njengoba bengafuni ukuba iBhayibheli liphelelwe ukubaluleka kwalo, bayalisebenzisa iZwi likaNkulunkulu.”

UThomas, umnakekeli wenkundla esenyakatho-ntshonalanga yeSpain eyayivame ukusetshenziswa oFakazi, wayekujabulela ukuba kanye nabantu abasebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Wahlehlisa isikhathi sakhe sokuthatha umhlalaphansi ngamasonto ambalwa ukuze akwazi ukuba khona emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova. Lapho izihambeli eziningi, kuhlanganise nezingane, ziza kuye ngemva komhlangano zizombonga ngokubambisana kwakhe nazo kuyo yonke le minyaka futhi zimfisela okuhle kodwa ngesikhathi somhlalaphansi wakhe, wahlengezela izinyembezi. Wathi: “Ukunazi kubé ngenye yezinto ezimnandi kakhulu ekuphileni kwami.”

Umuzi osentabeni udonsa amehlo esibukeli ngoba uyagqama esibhakabhakeni nangenxa yokuthi noma yiziphi izindlu ezimhlophe ezikuwo zibonakalisa ukukhanya kwelanga. Ngokufanayo, amaKristu eqiniso ahlukile ngoba azama ukulandela izindinganiso eziphakeme ezingokomBhalo zokwethembeka, ukuziphatha okuhle nobubele.

Ngaphezu kwalokho, amaKristu abonisa ukukhanya kweqiniso ngomsebenzi wawo wokushumayela. Umphostoli uPawulu wathi ngamaKristu ekhulu lokuqala: “Njengoba sinalenkonzo ngokwesihe esaboniswa sona, [asiyeki] . . . kodwa ngokulenza libe sobala iqiniso sizitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:1, 2) Nakuba ayephikiswa yonke indawo lapho ayeshumayela khona, uJehova wayibusisa inkonzo yawo, kangangokuthi cishe ngonyaka ka-60 C.E., uPawulu wayengabhala ukuthi izindaba ezinhle zazishunyayelwa “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.”—Kolose 1:23.

Namuhla, noFakazi BakaJehova bawuthatha ngokungathi sína umthwalo wabo ‘wokwenza ukukhanya kwabo kukhanye phambi kwabantu,’ njengoba uJesu ayala. Ngomlomo nangezincwadi ezinyathelisiwe, oFakazi BakaJehova basakaza izindaba ezinhle zoMbuso emazweni angu-235 emhlabeni wonke. Ukuze ukukhanya kweqiniso leBhayibheli kufinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka, baye benza izincwadi zabo zeBhayibheli zatholakala ngezilimi ezingaba ngu-370.—Mathewu 24:14; IsAmbulo 14:6, 7.

Ezindaweni eziningi, oFakazi baye bamukela inselele yokufunda ulimi lwabantu abáthutha besuka kwamanye amazwe lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwe noma wawuvinjelwe khona. Ngokwesibonelo, emadolobheni amakhulu amaningana aseNyakatho Melika, kuye kwathutheleka abantu abaningi bevela eChina naseRussia. OFakazi bendawo baye bazama ukufunda isiShayina, isiRashiya nezinye izilimi ukuze bashumayele izindaba ezinhle kulezi zifiki. Empeleni, kuqhutshwa amakilasi asheshayo ezilimi eziningana ukuze izindaba ezinhle zishunyayelwe nakwabanye uma nje insimu ‘isemhlophe ukuba ivunwe.’—Johane 4:35.

Umprofethi u-Isaya wabikezela: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.” Ngokuziphatha nangenkonzo yabo, oFakazi BakaJehova basiza abantu kuyo yonke indawo ukuba beze ‘entabeni yendlu kaJehova’ bazofundiswa ngezindlela zikaNkulunkulu futhi bafunde ukuhamba endleleni kaNkulunkulu. (Isaya 2:2, 3) Umphumela ojabulisayo uwukuthi, njengoba kwaveza uJesu, ndawonye ‘bayisa udumo kuYise osemazulwini,’ uJehova uNkulunkulu.—Mathewu 5:16; 1 Petru 2:12.