Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uwutholile Yini “Umoya Weqiniso”?

Uwutholile Yini “Umoya Weqiniso”?

Uwutholile Yini “Umoya Weqiniso”?

“UBaba . . . uyoninika omunye umsizi ukuze abe nani kuze kube phakade, umoya weqiniso.”—JOHANE 14:16, 17.

1. Yikuphi ukwaziswa okubalulekile uJesu akunikeza abafundi bakhe phakathi namahora okugcina enabo ekamelweni eliphezulu?

“NKOSI, uyaphi?” Lona omunye wemibuzo abaphostoli bakaJesu abambuza yona phakathi namahora okugcina awahlala nabo ekamelweni eliphezulu eJerusalema. (Johane 13:36) Njengoba lo mhlangano uqhubeka, uJesu wabatshela ukuthi manje wayesezobashiya abuyele kuYise. (Johane 14:28; 16:28) Wayengasezukuba nabo yena uqobo ukuze abafundise futhi aphendule imibuzo yabo. Nokho, wabaqinisekisa, ethi: “Ngiyocela uBaba futhi uyoninika omunye umsizi [noma, umduduzi] ukuze abe nani kuze kube phakade.”—Johane 14:16, umbhalo waphansi we-NW.

2. Yini uJesu athembisa ukuyithumelela abafundi ngemva kokumuka kwakhe?

2 UJesu wamgagula lowo msizi wachaza nokuthi wayeyobasiza kanjani abafundi bakhe. Wathi kubo: “Anginitshelanga lezizinto ekuqaleni, ngoba nganginani. Kodwa manje ngiya kulowo ongithumileyo . . . Kungokwenzuzo yenu ukuba ngihambe. Ngoba uma ngingahambi, umsizi akasoze eza kini; kodwa uma ngihamba, ngiyomthumela kini. . . . Lapho efika yena, umoya weqiniso, uyoniqondisa kulo lonke iqiniso.”—Johane 16:4, 5, 7, 13.

3. (a) “Umoya weqiniso” wathunyelwa nini kumaKristu okuqala? (b) Iyiphi enye indlela ebalulekile umoya owaba ngayo “umsizi” kuwo?

3 Lesi sithembiso sagcwaliseka ngePhentekoste lika-33 C.E., njengoba umphostoli uPetru akufakazela: “LoJesu uNkulunkulu wamvusa, okuyiqiniso esingofakazi balo sonke. Ngakho-ke ngenxa yokuthi waphakanyiselwa esandleni sokunene sikaNkulunkulu futhi wamukela kuBaba umoya ongcwele othenjisiwe, uthululé lokhu enikubonayo nenikuzwayo.” (IzEnzo 2:32, 33) Njengoba sizobona kamuva, umoya ongcwele owathululwa ngePhentekoste wawafezela izinto eziningi amaKristu okuqala. Kodwa uJesu wathembisa ukuthi “umoya weqiniso” ‘wawuyobakhumbuza zonke izinto ayebatshele zona.’ (Johane 14:26) Wawuyobenza bakhumbule inkonzo kaJesu nezifundiso zakhe, ngisho nawo kanye amazwi akhe, futhi bakwazi ukuwaloba. Lokhu kwakuyoba usizo ikakhulukazi kumphostoli uJohane owayesekhulile ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. lapho eqala ukubhala iVangeli lakhe. Lokho kulandisa kuqukethe iseluleko esiyigugu uJesu asinikeza lapho emisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe.—Johane, izahluko 13-17.

4. “Umoya weqiniso” wawasiza kanjani amaKristu okuqala agcotshiwe?

4 UJesu futhi wathembisa labo bafundi bokuqala ukuthi umoya ‘wawuyobafundisa zonke izinto’ futhi ‘ubaqondise kulo lonke iqiniso.’ Umoya wawuyobasiza ukuba baqonde izinto ezijulile zemiBhalo futhi balondoloze ubunye babo bomcabango, ukuqonda nenjongo. (1 Korinte 2:10; Efesu 4:3) Ngaleyo ndlela umoya ongcwele wanika lawo maKristu okuqala amandla ukuze asebenze ‘njengesigqila esikholekile nesiqondayo’ esibumbene, anike amaKristu agcotshiwe ngamanye ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi sako.’—Mathewu 24:45.

Umoya Uyafakaza

5. (a) Yiliphi ithemba elisha uJesu alembulela abafundi bakhe ngobusuku buka-Nisan 14, 33 C.E.? (b) Umoya ongcwele wawuyofeza yiphi indima ekugcwaliseni isithembiso sikaJesu?

5 Ngobusuku buka-Nisan 14, 33 C.E., uJesu wasikisela kubafundi bakhe ukuthi wayeyobamukela kamuva futhi bahlale naye noYise ezulwini. Wabatshela: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. Uma bekungenjalo, ngabe nginitshelile, ngoba ngiyahamba ngiyonilungisela indawo. Futhi, uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona.” (Johane 13:36; 14:2, 3) Babeyobusa naye eMbusweni wakhe. (Luka 22:28-30) Ukuze babe naleli themba lasezulwini, kwakuyodingeka ukuba “bazalwe ngomoya” njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya futhi bagcotshwe ukuze bakhonze noKristu ezulwini njengamakhosi nabapristi.—Johane 3:5-8; 2 Korinte 1:21, 22; Thithu 3:5-7; 1 Petru 1:3, 4; IsAmbulo 20:6.

6. (a) Ubizo lwasezulwini lwaqala nini, futhi bangaki abathola lolu bizo? (b) Labo ababizwayo babhapathizelwa kukuphi?

6 Lolu ‘bizo lwasezulwini’ lwaqala ngePhentekoste lika-33 C.E. futhi, ngokuyinhloko, kubonakala sengathi lwaphela phakathi nawo-1930. (Heberu 3:1) Inani lalabo umoya ongcwele owababeka uphawu ukuba babe yingxenye ka-Israyeli ongokomoya lingu-144 000, “bathengwa phakathi kwesintu.” (IsAmbulo 7:4; 14:1-4) Laba babhapathizelwa emzimbeni kaKristu ongokomoya, ebandleni lakhe, nasekufeni kwakhe. (Roma 6:3; 1 Korinte 12:12, 13, 27; Efesu 1:22, 23) Ngemva kokubhapathizwa kwabo emanzini nokugcotshwa kwabo ngomoya ongcwele, bangenela inkambo yokuba umhlatshelo, ukuphila kokugcina ubuqotho kuze kube sekufeni.—Roma 6:4, 5.

7. Kungani kungamaKristu agcotshiwe kuphela akufanelekelayo ukudla izifanekiselo eSikhumbuzweni?

7 Njengama-Israyeli angokomoya, la maKristu agcotshiwe ayesesivumelwaneni esisha esenziwa phakathi kukaJehova ‘no-Israyeli kaNkulunkulu.’ (Galathiya 6:16; Jeremiya 31:31-34) Isivumelwano esisha saqiniswa ngegazi likaKristu elathululwa. UJesu wakuphawula lokhu lapho emisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe. ULuka uyaloba: “Wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, futhi wabanika sona, ethi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ozonikelwa ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’ Futhi, nendebe ngendlela efanayo ngemva kokuba bebe nesidlo sakusihlwa, ethi: ‘Lendebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami, elizothululwa ngenxa yenu.’” (Luka 22:19, 20) Insali, noma amalungu asele abangu-144 000 asesemhlabeni, yiyo ekufanelekelayo ukudla izifanekiselo zesinkwa newayini eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu.

8. Abagcotshiwe bazi kanjani ukuthi bathole ubizo lwasezulwini?

8 Abagcotshiwe bazi kanjani ukuthi bathole ubizo lwasezulwini? Bathola ubufakazi obungangabazeki nakancane bomoya ongcwele. Umphostoli uPawulu wabalobela: “Bonke abaholwa umoya kaNkulunkulu, laba bangamadodana kaNkulunkulu. . . . Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Khona-ke, uma singabantwana, siyizindlalifa futhi: ngempela izindlalifa zikaNkulunkulu, kodwa izindlalifa ezikanye noKristu, uma kodwa sihlupheka kanye naye ukuze sikhazinyuliswe kanye naye.” (Roma 8:14-17) Lobu bufakazi umoya obunikezayo bunamandla kangangokuba kunengqondo ukuba labo abanokungabaza, kungakhathaliseki ukuthi kuncane kangakanani, ukuthi ingabe batholé ubizo lwasezulwini yini, bangaphetha ngokuthi akunjalo, futhi ngenxa yalokho bazoyeka ukudla izifanekiselo eSikhumbuzweni.

Umoya Kanye Nezinye Izimvu

9. Yimaphi amaqembu amabili ahlukile aphawulwa emaVangelini nasencwadini yesAmbulo?

9 Ecabanga ngenani elilinganiselwe lamaKristu abizelwe ukwakha u-Israyeli ongokomoya, uJesu wabhekisela kuwo ngokuthi “umhlambi omncane.” Ungeniswa “esibayeni” sesivumelwano esisha, ngokungefani “nezinye izimvu” ezingenasibalo, uJesu athi nazo kumelwe azibuthe. (Luka 12:32; Johane 10:16) Abezinye izimvu ababuthwa esikhathini sokuphela bayokwakha “isixuku esikhulu” esizosinda “osizini olukhulu,” sinethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Ngokuthakazelisayo, umbono uJohane awuthola ekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. wenza umahluko phakathi kwalesi sixuku esikhulu namalungu angu-144 000 ka-Israyeli ongokomoya. (IsAmbulo 7:4, 9, 14) Ingabe ezinye izimvu nazo ziyawuthola umoya ongcwele, futhi uma kunjalo, ukuthinta kanjani ukuphila kwazo?

10. Ezinye izimvu zibhapathizwa kanjani “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele”?

10 Ngempela umoya ongcwele ufeza indima ebalulekile ekuphileni kwezinye izimvu. Zibonakalisa ukuzinikezela kwazo kuJehova ngokubhapathizwa “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Mathewu 28:19) Ziqaphela ubukhosi bukaJehova, zizithobe kuKristu njengeNkosi noMhlengi wazo, futhi zizithobe ekusebenzeni komoya kaNkulunkulu, noma amandla akhe asebenzayo, ekuphileni kwazo. Nsuku zonke ekuphileni kwazo zizama ukuhlakulela “izithelo zomoya,” okungukuthi, “uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.

11, 12. (a) Abagcotshiwe bangcweliswé kanjani ngendlela ekhethekile? (b) Ezinye izimvu zingcweliswa futhi zenziwe ngcwele ngayiphi indlela?

11 Ezinye izimvu kumelwe futhi zivumele iZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ongcwele kuzihlanze noma kuzingcwelise. Kakade abagcotshiwe sebeye bahlanzwa ngendlela ekhethekile, kwathiwa balungile futhi bangcwele njengomlobokazi kaKristu. (Johane 17:17; 1 Korinte 6:11; Efesu 5:23-27) Umprofethi uDaniyeli ukhuluma ngabo ‘njengabangcwele boPhezukonke,’ abathola uMbuso ngaphansi ‘kwendodana yomuntu,’ uKristu Jesu. (Daniyeli 7:13, 14, 18, 27) Ngaphambili, ngoMose nango-Aroni, uJehova wamemezela esizweni sakwa-Israyeli: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”—Levitikusi 11:44.

12 Igama elithi “ukungcwelisa” ngokuyisisekelo lisho “isenzo noma inqubo yokwenza kube ngcwele, ukuhlukanisa noma ukubekela eceleni ngenjongo yenkonzo noma ukuze kusetshenziselwe uJehova uNkulunkulu; isimo sokuba ngcwele, ukungcweliswa noma ukuhlanzwa.” Emuva ngo-1938 INqabayokulinda yaphawula ukuthi amaJonadaba noma ezinye izimvu, “kumelwe zifunde ukuthi ukwahlukaniselwa [ukuzinikezela] nokungcweliswa kudingekile kumuntu ngamunye ozoba ingxenye yesixuku esikhulu aphile emhlabeni.” Embonweni wesixuku esikhulu, olotshwe encwadini yesAmbulo, kuthiwa ‘ziye zageza izivatho zazo zazenza zaba mhlophe egazini leWundlu’ futhi zinikela “inkonzo engcwele [kuJehova] imini nobusuku ethempelini lakhe.” (IsAmbulo 7:9, 14, 15) Ngosizo lomoya ongcwele, ezinye izimvu zenza konke okusemandleni azo ukuze zihlangabezane nezimfuneko zikaJehova zobungcwele.—2 Korinte 7:1.

Ukwenza Okuhle Kubafowabo BakaKristu

13, 14. (a) Ngokomzekeliso kaJesu wezimvu nezimbuzi, insindiso yezimvu ixhomeke kuphi? (b) Kulesi sikhathi sokuphela, ezinye izimvu ziye zakwenza kanjani okuhle kubafowabo bakaKristu?

13 UJesu waqokomisa ubuhlobo obuseduze obukhona phakathi komhlambi omncane nezinye izimvu emzekelisweni wakhe wezimvu nezimbuzi, ohlanganiswe esiprofethweni sakhe “sesiphelo sesimiso sezinto.” Kulowo mzekeliso, uKristu wabonisa ngokucacile ukuthi insindiso yezinye izimvu ihlangene ngokuseduze nendlela eziphatha ngayo abagcotshiwe, ababiza ngokuthi “abafowethu.” Wathi: “Inkosi iyothi kulabo abangakwesokunene sayo, ‘Wozani, nina enibusiswe nguBaba, zuzani njengefa umbuso enawulungiselelwa kusukela ekusekelweni kwezwe. . . . Ngiqinisile ngithi kini, Ngezinga enikwenze ngalo komunye wabancane kunabo bonke lababafowethu, nikwenzile nakimi.’”—Mathewu 24:3; 25:31-34, 40.

14 Inkulumo ethi “ngezinga enikwenze ngalo” ibhekisela ezenzweni zokusekela ngothando ezenziwa kubafowabo bakaKristu abazelwe ngomoya, izwe likaSathane eliye labaphathisa okwabafokazi, laze ngisho lagquma abanye kubo etilongweni. Baye bantula ukudla, okokwembatha okwanele, nokunakekelwa kwezempilo. (Mathewu 25:35, 36, umbhalo waphansi we-NW) Kulesi sikhathi sokuphela, kusukela ngo-1914, abagcotshiwe abaningi baye bazithola bekulezo zimo. Umlando wanamuhla woFakazi BakaJehova ufakazela ukuthi baye basekelwa abangane babo abaqotho, ezinye izimvu, ezishukunyiswa ngumoya.

15, 16. (a) Yimuphi umsebenzi ezinye izimvu eziye zabasiza kakhulu kuwo abafowabo bakaKristu abagcotshiwe emhlabeni? (b) Abagcotshiwe baye bakuzwakalisa kanjani ukwazisa kwabo ngezinye izimvu?

15 Ezinye izimvu ziye zabasekela ngentshiseko abafowabo bakaKristu abagcotshiwe emhlabeni kulesi sikhathi sokuphela ekufezeni isabelo abasinikwe uNkulunkulu ‘sokushumayela izindaba ezinhle zombuso emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’ (Mathewu 24:14; Johane 14:12) Nakuba isibalo sabagcotshiwe emhlabeni besilokhu sehla phakathi nale minyaka, esezinye izimvu siye sakhula safinyelela izigidi isibili. Izinkulungwane zabo ziye zakhonza njengabavangeli besikhathi esigcwele—amaphayona nezithunywa zevangeli—besakaza izindaba ezinhle zoMbuso “ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Abanye bahlanganyela emsebenzini wokufakaza ngezinga abangenza ngalo futhi bawusekele ngenjabulo lo msebenzi obalulekile ngokwezimali.

16 Yeka ukuthi abafowabo bakaKristu abagcotshiwe bakwazisa kangakanani lokhu kusekelwa okuqotho ngabangane babo bezinye izimvu! Imizwa yabo yavezwa kahle encwadini ethi Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ eyalungiselelwa yisigaba sesigqila ngo-1986. Ithi: “Kusukela ngeMpi Yezwe II, ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu ‘sesiphelo sesimiso sezinto’ kuxhomeke ikakhulukazi engxenyeni efezwa ‘isixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’ . . . Ngakho-ke sibonga kakhulu ‘esixukwini esikhulu’ sezizwe zonke, nesinezilimi eziningi ngengxenye enkulu esiye sayifeza ekugcwaliseni isiprofetho [sikaJesu] esikuMathewu 24:14!”

“Bangenziwa Baphelele Ngaphandle Kwethu”

17. Kungayiphi indlela abathembekileyo basendulo abayovuselwa emhlabeni ‘bengeke benziwe baphelele ngaphandle’ kwabagcotshiwe?

17 Ekhuluma njengomunye wabagcotshiwe futhi ebhekisele emadodeni nabesifazane abathembekile abaphila ngaphambi kukaKristu, umphostoli uPawulu wabhala: “Bonke laba, nakuba bafakazelwa ngokholo lwabo, abakutholanga ukugcwaliswa kwesithembiso, njengoba uNkulunkulu asibonela kusengaphambili okuthile okungcono [thina abagcotshiwe], ukuze bangenziwa baphelele ngaphandle kwethu.” (Heberu 11:35, 39, 40) Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, uKristu nabafowabo abagcotshiwe abangu-144 000 ezulwini bayoba amakhosi nabapristi futhi basabalalise izinzuzo zomhlatshelo kaKristu wesihlengo emhlabeni. Ngaleyo ndlela ezinye izimvu ‘ziyokwenziwa ziphelele’ emzimbeni nasengqondweni.—IsAmbulo 22:1, 2.

18. (a) Amaqiniso eBhayibheli kumelwe asize ezinye izimvu ukuba ziqondeni? (b) Ezinye izimvu zilindele “ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu” ngaliphi ithemba?

18 Konke lokhu kufanele kugcizelele ezingqondweni zezinye izimvu ukuthi kungani imiBhalo YamaKristu YesiGreki igxile kakhulu kangaka kuKristu nakubafowabo abagcotshiwe nasendimeni yabo emqoka ekufezekeni kwezinjongo zikaJehova. Ngakho-ke ezinye izimvu zikubheka njengelungelo ukusekela isigaba sesigqila esigcotshiwe nganoma iyiphi indlela njengoba zilindele “ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu” e-Armagedoni naphakathi neMinyaka Eyinkulungwane. Zingabheka phambili ‘ekukhululweni ekugqilazweni ukonakala futhi zibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:19-21.

Ukuba Moya Munye ESikhumbuzweni

19. “Umoya weqiniso” uye wabenzelani abagcotshiwe nabangane babo, futhi bayohlanganiswa kanjani ngokukhethekile ngo-March 28 kusihlwa?

19 Emthandazweni wakhe wokuphetha ngobusuku buka-Nisan 14, 33 C.E., uJesu wathi: ‘Ngicela ukuba bonke babe munye, njengoba nje wena, Baba, usebunyeni nami futhi nami ngisebunyeni nawe, ukuba nabo babe sebunyeni nathi, ukuze izwe likholelwe ukuthi ungithumile.’ (Johane 17:20, 21) Ngothando uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ukuba inikele ngokuphila kwayo ukuze kusindiswe abagcotshiwe nezwe lesintu esilalelayo. (1 Johane 2:2) “Umoya weqiniso” uye wahlanganisa abafowabo bakaKristu nabangane babo. Ngo-March 28 kusihlwa, ngemva kokushona kwelanga, zombili lezi zigaba ziyohlangana ndawonye ukuze zikhumbule ukufa kukaKristu futhi zikhumbule nakho konke lokho uJehova azenzele kona ngomhlatshelo weNdodana yakhe ethandekayo, uKristu Jesu. Kwangathi ukuba khona kwazo kuleso senzakalo esibalulekile kungaqinisa ubunye bazo futhi kuvuselele ukuzimisela kwazo ukuqhubeka zenza intando kaNkulunkulu, kanjalo zinikeze ubufakazi bokuthi ziyakuthokozela ukuba phakathi kwalabo uJehova abathandayo.

Ake Sibukeze

• “Umoya weqiniso” wathunyelwa nini kumaKristu okuqala, futhi waba kanjani “umsizi”?

• Abagcotshiwe bazi kanjani ukuthi bathole ubizo lwasezulwini?

• Umoya kaNkulunkulu usebenza ngaziphi izindlela kwezinye izimvu?

• Ezinye izimvu zenzé okuhle ngayiphi indlela kubafowabo bakaKristu, futhi kungani ‘zingeke zenziwe ziphelele ngaphandle’ kwabagcotshiwe?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

“Umoya weqiniso” wathululelwa phezu kwabafundi ngePhentekoste lika-33 C.E.

[Izithombe ekhasini 23]

Ezinye izimvu ziye zenza okuhle kubafowabo bakaKristu ngokubasekela ekufezeni ukuthunywa kwaphezulu kokushumayela