Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zihlakaniphe Ngendlela Yazo

Zihlakaniphe Ngendlela Yazo

Zihlakaniphe Ngendlela Yazo

“ABANTU abadala bahlakaniphile, kodwa izingane zihlakaniphile nazo ngendlela yazo,” kusho isaga esithile saseNigeria. U-Edwin, umdala ongumKristu eNigeria, wakuthola kuyiqiniso lokhu.

Ngolunye usuku, u-Edwin wathola ibhokisi lensimbi ngaphansi kwedeski kwakhe.

“Elikabani leli bhokisi?” ebuza izingane zakhe ezintathu?

“Elami,” kuphendula u-Emmanuel oneminyaka engu-8 ubudala. Wanezela ngokushesha ukuthi leli bhokisi lensimbi eligqwalile elingaba ngamasentimitha angu-12 nxazonke nelinembobo phezulu lalingeleminikelo yomsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova. “Angithi angiyi zonke izinsuku eHholo LoMbuso,” echaza “ngiboné kungcono-ke ukuthi ngenze ibhokisi khona ngizofaka imali yomphako wasesikoleni uma ngingayisebenzisanga.”

Lapha ekhaya uyise ka-Emmanuel wayenebhokisi lokuqongelela imali yokuya emhlanganweni wesigodi waminyaka yonke. Kodwa ngenxa yesimo esiphuthumayo esavelela umkhaya, babeyisebenzisile imali eyayikulo. Ukuze aqiniseke ukuthi imali yakhe yomnikelo ayisetshenziselwa enye injongo, u-Emmanuel wathatha ithini elidala waliyisa kumshiseli wensimbi ukuze liyovalwa. Lapho umshiseli ezwa ukuthi lalizosetshenziselwani lelo kopi, wakhela u-Emmanuel ibhokisi ngezinsimbi angazisebenzisi. UMichael, umfowabo ka-Emmanuel oneminyaka emihlanu ubudala, naye wacela ibhokisi.

Emangazwe yilokho okwakwenziwe yilezi zingane, u-Edwin wazibuza ukuthi kungani zicele ukuba zakhelwe la mabhokisi? UMichael waphendula: “Ngifuna ukunikela!”

Bengazi abazali babo, u-Emmanuel, uMichael no-Uchei, udadewabo oneminyaka engu-9 ubudala, babeqongelela enye yemali yabo yomphako, bayifake emabhokisini. Babewuthathephi lo mqondo? Lapho nje lezi zingane sezikwazi ukufumbatha imali, abazali bazo babezifundise ukufaka imali ethile emabhokisini omnikelo eHholo LoMbuso. Ngokusobala, zasifunda zasibamba leso sifundo.

Lapho amabhokisi esegcwele, asahwa avulwa. Imali eyayisiqongelelwe yahlanganisa u-R27,42—imali engencane neze ezweni lapho isilinganiso somholo wonyaka singaphansi kuka-R3 000. Iminikelo enjalo yokuzithandela isekela umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova, manje owenziwa emazweni angu-235 emhlabeni wonke.