Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Báphila Nameva Enyameni

Báphila Nameva Enyameni

Báphila Nameva Enyameni

“Nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba iqhubeke ingishaya ngempama.”—2 KORINTE 12:7.

1. Yiziphi ezinye zezinkinga abantu ababhekene nazo namuhla?

INGABE ushikashikana novivinyo oluthile oluqhubekayo? Uma kunjalo, awuwedwa. Kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” amaKristu athembekile abhekene nokuphikiswa okunzima, izinkinga zomkhaya, ukugula, izinkinga zezimali, ukukhathazeka okungokomzwelo, ukushonelwa abathandekayo nezinye izinselele. (2 Thimothewu 3:1-5) Emazweni athile, ukuphila kwabaningi kusengozini ngenxa yokuntuleka kokudla nangenxa yezimpi.

2, 3. Yisiphi isimo sengqondo esingaqondile esingase sibangelwe yizinkinga ezinjengameva esibhekana nazo, futhi lokho kungaba yingozi kanjani?

2 Izinkinga ezinjalo zingenza umuntu azizwe ephelelwe amandla ngokuphelele, ikakhulu uma lezi zinkathazo zitheleka kanyekanye. Phawula lokho okushiwo yizAga 24:10: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” Yebo, ukudikibaliswa uvivinyo esibhekene nalo kungasiqeda amandla esiwadinga kakhulu, kwenze buthaka nokuzimisela kwethu ukukhuthazela kuze kube sekugcineni. Kanjani?

3 Ukudikibala kungasenza silahlekelwe umbono olinganiselayo. Ngokwesibonelo, kulula ukuba sibone izinkinga zethu zizinkulu kakhulu kunalokho eziyikho ngempela, siqale ukuzidabukela. Abanye bangaze bakhale kuNkulunkulu bathi, “Kungani uvumela le nto yenzeke kimi?” Uma isimo sengqondo esingaqondile njengaleso singagxila enhliziyweni yomuntu, singalimaza injabulo nethemba lakhe. Inceku kaNkulunkulu ingadikibala kangangokuba ize iyeke nokulwa “ukulwa okuhle kokholo.”—1 Thimothewu 6:12.

4, 5. Ezimweni ezithile, uSathane uhileleka kanjani ezinkingeni zethu, kodwa yini esingaqiniseka ngayo?

4 UJehova uNkulunkulu akakubangeli neze ukulingwa kwethu. (Jakobe 1:13) Olunye uvivinyo lusehlela ngoba nje sizama ukwethembeka kuye. Empeleni, bonke abakhonza uJehova bazibeka esimweni sokuhlaselwa yisitha sakhe esikhulu, uSathane uDeveli. Kulesi sikhashana esimsalele, lowo “nkulunkulu” omubi “walesisimiso sezinto” uzama ukwenza noma ubani othanda uJehova ayeke ukwenza intando yaKhe. (2 Korinte 4:4) USathane uletha ukuhlupheka okukhulu ngangokusemandleni akhe kuyo yonke inhlangano yabafowethu emhlabeni wonke. (1 Petru 5:9) Kuyavunywa, akuzona zonke izinkinga esinazo ezibangelwa nguSathane ngokuqondile, kodwa angasizakala ngezinkinga esibhekana nazo, azame ukusithena amandla nakakhulu.

5 Nokho, kungakhathaliseki ukuthi uSathane noma izikhali zakhe zinamandla kangakanani, singamnqoba! Singaqiniseka kanjani ngalokho? Ngoba uJehova uNkulunkulu uyasilwela. Uye waqiniseka ukuthi izinceku zakhe zinolwazi ngamaqhinga kaSathane. (2 Korinte 2:11) Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu lisitshela okuningi ngokulingwa okuhlupha amaKristu eqiniso. Kumphostoli uPawulu, iBhayibheli lasebenzisa inkulumo ethi “iva enyameni.” Ngani? Ake sihlole indlela iZwi likaNkulunkulu eliyichaza ngayo leyo nkulumo. Sizobe sesibona ukuthi akuthina sodwa esidinga usizo lukaJehova lokunqoba ukulingwa.

Okwenza Uvivinyo Lube Njengameva

6. Wayeqondeni uPawulu ‘ngeva enyameni,’ futhi kungenzeka laliyini lelo liva enyameni?

6 Ngemva kokuba evivinywe kanzima, uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba iqhubeke ingishaya ngempama, ukuze ngingaphakanyiswa ngokweqile.” (2 Korinte 12:7) Laliyini leli liva enyameni kaPawulu? Iva elingene phakathi enyameni lingaba buhlungu impela. Ngakho lesi singathekiso sisikisela okuthile okwakuzwisa uPawulu ubuhlungu—okwakungaba semzimbeni, kube ngokomzwelo, noma kokubili. Kungenzeka ukuthi uPawulu wayehlushwa amehlo noma okunye ukungaphili kahle emzimbeni. Noma, kungenzeka leli liva lalihilela labo bantu ababephikisa ukufaneleka kukaPawulu njengomphostoli, bengabaza ukufaneleka komsebenzi wakhe wokushumayela nokufundisa. (2 Korinte 10:10-12; 11:5, 6, 13) Kungakhathaliseki ukuthi laliyini, lelo liva lahlala enyameni futhi lalingenakubangulwa.

7, 8. (a) Inkulumo ethi ‘ukuqhubeka ushaya ngempama’ ibonisani? (b) Kungani kubalulekile ukuba siphile nanoma yimaphi ameva asihluphayo manje?

7 Phawula ukuthi leli liva laliqhubeka limshaya ngempama uPawulu. Ngokuthakazelisayo, isenzo sesiGreki uPawulu asisebenzisa lapha sisuka egameni elisho “amaqupha.” Lelo gama lisetshenziswe ngomqondo ongokoqobo kuMathewu 26:67 nongokomfanekiso kweyoku-1 Korinte 4:11. Kulawo mavesi, linikeza umqondo wokushaywa ngezibhakela. Njengoba uSathane emzonda kakhulu uJehova nezinceku zaKhe, singaqiniseka ukuthi uDeveli wayejabula ngokuthi uPawulu wayelokhu eshaywa yiva ngempama. Namuhla, uSathane ujabula ngendlela efanayo lapho nathi sihlushwa yiva enyameni.

8 Ngakho-ke, njengoPawulu, kudingeka sazi ukuthi singaphila kanjani nameva anjalo. Ukwenza kanjalo kusho ukuphila kwethu uqobo! Khumbula, uJehova ufuna ukwenza ukuphila kwethu kuqhubeke phakade ezweni lakhe elisha, lapho izinkinga ezinjengameva zingeke ziphinde zisihluphe khona. Ukuze asisize sizuze lo mklomelo omangalisayo, uNkulunkulu usinike izibonelo eziningi eZwini lakhe elingcwele, iBhayibheli, ezibonisa ukuthi izinceku zakhe ezithembekile ziye zaphumelela ukuphila nameva enyameni. Zazingabantu abavamile, abangaphelele, njengathi nje. Ukuhlola abanye baleli ‘fu elikhulu lofakazi’ kungase kusisize ‘siwugijime ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.’ (Heberu 12:1) Ukuzindla ngalokho abakukhuthazelela kungasenza siqiniseke nakakhulu ukuthi singaphila nanoma yimaphi ameva uSathane angawasebenzisela ukusidikibalisa.

Ameva Ayehlupha UMefibosheti

9, 10. (a) UMefibosheti walithola kanjani iva enyameni? (b) INkosi uDavide yamenzela muphi umusa uMefibosheti, futhi singamlingisa kanjani uDavide?

9 Cabanga ngoMefibosheti, indodana yomngane kaDavide uJonathani. Lapho uMefibosheti eneminyaka emihlanu ubudala, kwafika umbiko wokuthi uyise, uJonathani, noyisemkhulu, iNkosi uSawule, babebulewe. Umzanyana walo mfanyana wethuka. “Wayithatha [ingane] . . . , kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga.” (2 Samuweli 4:4) Kumelwe ukuba lokhu kukhubazeka kwakuyiva elingelincane kuMefibosheti njengoba ekhula.

10 Ngemva kweminyaka ethile, ngenxa yothando lwayo olukhulu ngoJonathani, iNkosi uDavide yabonisa umusa wothando kuMefibosheti. UDavide wamnika wonke umhlaba kaSawule, wabeka inceku kaSawule uSiba njengomnakekeli walowo mhlaba. UDavide wathi futhi kuMefibosheti: ‘Uyakudla njalo etafuleni lami.’ (2 Samuweli 9:6-10) Ngokungangabazeki umusa wothando kaDavide wamduduza uMefibosheti, wadambisa nobuhlungu bokukhubazeka kwakhe. Yeka isifundo esihle! Nathi kufanele sibonise umusa kulabo abashikashikana neva enyameni.

11. USiba wathini ngoMefibosheti, kodwa sazi kanjani ukuthi wayeqamba amanga? (Bheka umbhalo waphansi.)

11 Kamuva, uMefibosheti kwadingeka abhekane nelinye futhi iva enyameni. Inceku yakhe, uSiba, yamnyundela eNkosini uDavide, ngaleso sikhathi eyayibalekile eJerusalema ngenxa yokuvukela kuka-Abisalomu, indodana kaDavide. USiba wathi uMefibosheti wayehlale eJerusalema ngokungathembeki, ezithembise ukuzithathela ubukhosi. * UDavide wakukholelwa ukunyundela kukaSiba, wathatha wonke umhlaba kaMefibosheti wawunika lowo mqambimanga!—2 Samuweli 16:1-4.

12. UMefibosheti wasabela kanjani esimweni sakhe, futhi uyisibonelo esihle kanjani kithi?

12 Nokho, lapho uMefibosheti egcina ebonene noDavide, wayitshela le nkosi okwakwenzekile ngempela. Wayelungiselela ukulandela uDavide lapho uSiba emqilizela, ethi kuzohamba yena esikhundleni sakhe. Ingabe uDavide walilungisa leli phutha? Hhayi ngokuphelele. Wawahlukanisela phakathi umhlaba la madoda. Nakhu-ke okunye okwakungase kube yiva enyameni kuMefibosheti. Ingabe wadumala kakhulu? Ingabe wasiphikisa isinqumo sikaDavide, ekhononda ngokuthi asibonisi bulungisa? Cha, wasamukela ngokuthobeka isifiso senkosi. Wagxila ezicini ezinhle, wajabulela ukuthi inkosi ka-Israyeli efanele yayibuye iphephile. UMefibosheti wabeka isibonelo esihle kakhulu ngempela ngokukhuthazelela ukukhubazeka, ukunyundelwa nokudumazeka.—2 Samuweli 19:24-30.

UNehemiya Waphila Nokulingwa Kwakhe

13, 14. Yimaphi ameva okwadingeka uNehemiya awakhuthazelele lapho ephindela emuva eyokwakha kabusha izingange zeJerusalema?

13 Cabanga ngameva angokomfanekiso uNehemiya awakhuthazelela lapho ebuyela emzini ongenazingange waseJerusalema ekhulwini lesihlanu B.C.E. Wafica lo muzi ungavikelekile nakancane, kanti namaJuda ayebuyiselwe ayengahlelekile, edikibele futhi engahlanzekile emehlweni kaJehova. Nakuba ayegunyaziwe yiNkosi u-Aritahishashita ukuba akhe kabusha izingange zeJerusalema, uNehemiya washeshe wabona ukuthi lo msebenzi wakhe wawungathandeki neze kubabusi bamazwe aseduze. “Kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.”—Nehemiya 2:10.

14 Labo baphikisi bangaphandle bénza konke okusemandleni abo ukuze bavimbe umsebenzi kaNehemiya. Izinsongo zabo, amanga, ukunyundela, ukwesabisa—kuhlanganise nokusebenzisa izinhloli ezazithunyelwe ukuyomdikibalisa—kumelwe ukuba kwaba njengameva abeleselayo enyameni yakhe. Ingabe wavuma ukunqotshwa amaqhinga alezo zitha? Cha! Wathembela ngokugcwele kuNkulunkulu, wangadikibala. Ngakho, lapho ekugcineni sezakhiwe kabusha izingange zeJerusalema, zaba ubufakazi obuhlala njalo bokusekela kukaJehova uNehemiya ngothando.—Nehemiya 4:1-12; 6:1-19.

15. Yiziphi izinkinga zamaJuda ezamhlupha kakhulu uNehemiya?

15 Njengombusi, uNehemiya kwadingeka futhi abhekane nezinkinga eziningi phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Lezi zinkinga zazinjengameva ayemhlupha ngokujulile ngoba zazithinta ubuhlobo babantu noJehova. Abacebile babebiza intela enkulu, bese kudingeka abafowabo abampofu bathengise umhlaba wabo bathengisele nezingane zabo ebugqilini imbala ukuze bakhokhe izikweletu kanye nentela yamaPheresiya. (Nehemiya 5:1-10) AmaJuda amaningi ayephula umthetho weSabatha futhi engawasekeli amaLevi nethempeli. Amanye futhi ayeshade “abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.” Yeka indlela lokhu okwamzwisa ubuhlungu ngayo uNehemiya! Kodwa alikho kula meva elamenza wadela. Ngokuphindaphindiwe wayeba ngumsekeli oshisekayo wemithetho kaNkulunkulu yokulunga. NjengoNehemiya, kwangathi singenqaba ukuvumela ukuziphatha kwabanye kokungethembeki kusiyekise ukukhonza uJehova ngokwethembeka.—Nehemiya 13:10-13, 23-27.

Nabanye Abaningi Abathembekile Báphila Nawo

16-18. Izingxabano zomkhaya zabahlasela kanjani u-Isaka, uRebeka, uHana, uDavide noHoseya?

16 IBhayibheli linezinye izibonelo eziningi zabantu ababhekana ngokuphumelelayo nezimo ezicindezelayo ezazinjengameva. Imbangela evamile yameva anjalo kwakuba yizinkinga zomkhaya. Abafazi ababili baka-Esawu “babeyimbangela yomoya omunyu ku-Isaka noRebeka,” abazali baka-Esawu. URebeka waze wathi wayekwenyanya ukuphila kwakhe nalabo malokazana. (Genesise 26:34, 35; 27:46, NW) Cabanga nangoHana nendlela imbangi enguzakwabo, uPhenina, ‘eyayimncokoloza kakhulu’ ngayo ngoba uHana eyinyumba. Mhlawumbe uHana wayehlushwa ngale ndlela njalo ekhaya kungekho omunye omuntu ozwayo. UPhenina wayemncokoloza naphakathi kwabantu—ngokungangabazeki phambi kwezihlobo nabangane—lapho umndeni uya emkhosini waseShilo. Lokhu kwakunjengokucindezela iva lingene nakakhulu enyameni kaHana.—1 Samuweli 1:4-7.

17 Cabanga ngalokho uDavide akukhuthazelela ngenxa yomona osabuhlanya womukhwe wakhe, iNkosi uSawule. Ukuze asindise ukuphila kwakhe, uDavide waphoqeleka ukuba ahlale emihumeni yasehlane lase-Eni Gedi, lapho kwakudingeka aqwale khona amadwala asemaweni nayingozi. Kumelwe ukuba lokhu kuntuleka kobulungisa kwakumkhathaza kakhulu, ngoba wayengenzanga lutho olubi kuSawule. Noma kunjalo, kwaphela iminyaka uDavide ephila ngokubaleka—ngenxa nje yomona kaSawule.—1 Samuweli 24:14, 15; IzAga 27:4.

18 Cabanga ngokungezwani komkhaya okwehlela umprofethi uHoseya. Umkakhe waba yisiphingi. Ukuziphatha kwakhe okubi kumelwe ukuba kwakunjengameva ayemhlaba enhliziyweni uHoseya. Futhi yeka ukuthi kumelwe ukuba wezwa ubuhlungu obukhulu kangakanani lapho umkakhe ezala izingane ezimbili ezingamavezandlebe ngenxa yokufeba kwakhe!—Hoseya 1:2-9.

19. Yiluphi ushushiso umprofethi uMikhaya abhekana nalo?

19 Elinye iva enyameni kuba ushushiso. Cabanga ngalokho okwenzeka kumprofethi uMikhaya. Kumelwe ukuba kwakumhlupha uMikhaya olungile ukubona ukuthi inkosi embi u-Ahabi yayizizungeze ngabaprofethi bamanga nokuthi yayiwakholelwa amanga abo aluhlaza. Lapho uMikhaya etshela u-Ahabi ukuthi bonke labo baprofethi babekhuluma ‘ngomoya wamanga,’ wenzani umholi walabo bakhohlisi? ‘Washaya uMikhaya esihlathini’! Okwaba kubi nakakhulu yindlela u-Ahabi asabela ngayo esixwayisweni sikaJehova sokuthi umkhankaso wokubuyisa iRamoti Gileyadi wawuzofekela. U-Ahabi wayala ukuba uMikhaya agqunywe ejele anikwe ubadlana lokudla. (1 AmaKhosi 22:6, 9, 15-17, 23-28) Khumbula futhi uJeremiya nendlela abashushisi ababengababulali abamphatha ngayo.—Jeremiya 20:1-9.

20. Yimaphi ameva okwadingeka uNawomi awakhuthazelele, futhi wavuzwa kanjani?

20 Ukulahlekelwa othandekayo kungesinye futhi isimo esibuhlungu esingaba njengeva enyameni. UNawomi kwadingeka akhuthazelele ukulahlekelwa okubuhlungu ngumyeni wakhe namadodana amabili ngokufa. Wabuyela eBetlehema esabuzwa ubuhlungu balolo sizi. Watshela abangane bakhe ukuba bangambizi ngoNawomi, bambize ngoMara, igama elalibonisa ubuhlungu balokho okwakumehlele. Nokho, ekugcineni uJehova wavuza ukukhuthazela kwakhe ngomzukulu owaba sohlwini lozalo lukaMesiya.—Ruthe 1:3-5, 19-21; 4:13-17; Mathewu 1:1, 5.

21, 22. UJobe wahlushwa kanjani ukulahlekelwa, futhi wasabela kanjani?

21 Cabanga indlela okumelwe ukuba uJobe washaqeka ngayo lapho ezwa ngokufa okuzumayo nokunobudlova kwezingane zakhe eziyishumi ezithandekayo, ingasaphathwa eyokulahlekelwa yiyo yonke imfuyo nezinceku zakhe. Ngokuphazima kweso, kwase kungathi ufelwe yizwe! Esaphithaniswe yilolu sizi, uSathane wamgasela ngokugula. Kungenzeka ukuthi uJobe wayezitshela ukuthi lokhu kugula okubulalayo kwakuzombulala. Izinhlungu ayezizwa zazingasabekezeleleki kangangokuthi waba nomuzwa wokuthi ukufa kwakuyomphumuza.—Jobe 1:13-20; 2:7, 8.

22 Njengokungathi kwakusekuncane lokhu, umkakhe, esosizini futhi edabukile, weza kuye wathi: “Thuka uNkulunkulu, ufe.” Yeka iva okwakuyilo lokhu enyameni yakhe eyayivele ibuhlungu! Kwabe sekuthi abangane abathathu bakaJobe, kunokuba bamduduze, bamgxeka ngenkulumo ekhohlisayo, bethi unezono azifihlayo futhi bethi yilokho okubangela usizi lwakhe. Izinto eziyiphutha ababezisho kwakunjengokungathi ziwahlohla phakathi nakakhulu ameva enyameni yakhe. Khumbula futhi ukuthi uJobe wayengazi ukuthi kungani ehlelwa yilezi zinto ezimbi; engazi nokuthi wayezosinda. Nokho, “kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.” (Jobe 1:22; 2:9, 10; 3:3; 14:13; 30:17) Nakuba ayehlatshwe ameva amaningi kanyekanye, akalokothanga alahle inkambo yakhe yokwethembeka. Yeka indlela ayisikhuthazo ngayo!

23. Kungani abathembekile esixoxe ngabo bakwazi ukukhuthazelela ameva ahlukahlukene enyameni yabo?

23 Izibonelo ezandulele azilona neze uhlu oluphelele. IBhayibheli lineziningi kakhulu ezengeziwe. Zonke lezi zinceku ezithembekile kwadingeka zishikashikane nawazo ameva angokomfanekiso. Futhi yeka ukuhlukahluka kwezinkinga ezabhekana nazo! Nokho, zazifana ngokuthile. Azikho kuzo ezayeka ukukhonza uJehova. Naphezu kovivinyo lwazo olucindezelayo, zamnqoba uSathane ngamandla uJehova azinika wona. Kanjani? Isihloko esilandelayo sizophendula lo mbuzo, sisibonise indlela nathi esingaphila ngayo nanoma yini enjengeva enyameni yethu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Icebo lokufuna isikhundla elinjengalelo lalingqubuzana nobuntu bendoda enokwazisa nethobeke njengoMefibosheti. Akungabazeki ukuthi wayewazi kahle umlando wokwethembeka kayise, uJonathani. Nakuba ayeyindodana yeNkosi uSawule, uJonathani wayemamukele ngokuthobeka uDavide njengokhethwe nguJehova ukuba abe yinkosi ka-Israyeli. (1 Samuweli 20:12-17) Njengomzali owesaba uNkulunkulu kaMefibosheti nomngane oqotho kaDavide, uJonathani wayengeke afundise indodana yakhe isencane ukubabela isikhundla senkosi.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani izinkinga esibhekana nazo zingase zifaniswe nameva enyameni?

• Yimaphi amanye ameva uMefibosheti noNehemiya okwadingeka bawakhuthazelele?

• Phakathi kwezibonelo ezingokomBhalo zabesilisa nabesifazane abakhuthazelela ameva ahlukahlukene enyameni yabo, yisiphi esikuthinte ngokukhethekile, futhi ngani?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 15]

UMefibosheti kwadingeka aphile nokukhubazeka, ukunyundelwa nokudumazeka

[Isithombe ekhasini 16]

UNehemiya wakhuthazela naphezu kokuphikiswa