Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indawo Yokucashela Umoya

Indawo Yokucashela Umoya

Indawo Yokucashela Umoya

ESIQONGWENI sezintaba eziphakeme zaseYurophu, kunezihlahla eziqinile ezibizwa ngokuthi ama-alpine rose. Lolu hlobo lwesihlahla esibhashile se-rhododendron sivame ukumila ehlashaneni elifushane eliminyene nomhlabathi ukuze livikeleke ezivunguvungwini ezimbi zasenkangala. Umoya ovunguza umshawushile usongela izihlahla zakulezi zintaba eziphakeme ngokwehlisa izinga lazo lokushisa, womise umoya nomhlabathi, usiphule nezimpande zazo.

I-alpine rose ivame ukuphunyuka ekulinyazweni umoya ngokuthi imile emifantwini yamadwala. Nakuba umhlabathi kulezi zindawo uyindlala, ukuqhekeka kwamadwala kunikeza isivikelo emoyeni kusize nesitshalo silondoloze amanzi. Njengoba zicasha cishe ingxenye enkulu yonyaka, lama-rhododendron ahlobisa intaba yawo eyisiphephelo ngezimbali ezibomvu klebhu ehlobo.

Umprofethi u-Isaya wathi uNkulunkulu wayeyomisa “izikhulu,” futhi ngasinye sazo sasiyoba “yindawo yokucashela umoya.” (Isaya 32:1, 2) Ngaphansi kokuqondisa kweNkosi, uKristu Jesu, lezi zikhulu ezingokomoya, noma ababonisi, zaziyoba njengamadwala azinzile, aqinile ngezikhathi zokucindezeleka noma ukuhlupheka. Zaziyonikeza indawo yokukhosela enokwethenjelwa ngezikhathi zokuhlupheka futhi zisize abasweleyo balondoloze amanzi abo angokomoya avela eZwini likaNkulunkulu.

Imimoya yoshushiso, ukudumazeka, noma ukugula ingavithiza umKristu, ibunise ukholo lwakhe uma engavikelekile. Abadala abangamaKristu banganikeza isivikelo ngokulalelisisa inkinga yakhe, bamnikeze iseluleko esisekelwe eBhayibhelini, bamnike isikhuthazo noma usizo olungokoqobo. NjengeNkosi yabo emisiwe, uKristu Jesu, bafuna ukusiza labo ‘abahlakazekile.’ (Mathewu 9:36) Futhi bafisa ukusiza labo abalinyazwe imimoya yemfundiso yamanga. (Efesu 4:14) Lolo sizo ngesikhathi oludingeka ngaso lungaba olubalulekile.

“Ngabhekana nesikhathi esicindezelayo ekuphileni kwami lapho abanye babangane bami abaseduze beyeka ukuhlanganyela futhi, ngesikhathi esifanayo, ubaba eba nenkinga yokopha ebuchosheni,” kuchaza uMiriam. “Ukuze ngilwisane nokucindezeleka, ngabe sengiba nesoka lezwe. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, nginomuzwa wokungafaneleki, ngazisa abadala bebandla ukuthi ngase nginqume ukuyeka ukuhlanganyela, njengoba ngangiqiniseka ukuthi uJehova akasangithandi.

“Kungalesi sikhathi esibucayi, lapho umdala onesihawu angikhumbuza khona ngeminyaka eminingi engangikhonze ngayo njengesikhonzi esiyiphayona elivamile. Wangitshela ukuthi wayelokhu ekwazisa ukwethembeka kwami, futhi wanginxusa ukuba ngivumele abadala bangisize, ukuze bangiqinisekise ngothando lukaJehova. Ukukhathalela kwabo kothando ngaleso sikhathi esibucayi kwafana ‘nendawo yokucasha’ phakathi nesivunguvungu esingokomoya esasivunguza eduze kwami. Ingakapheli inyanga ngase ngihlukene nesoka lami, futhi kusukela ngaleso sikhathi ngiye ngaqhubeka ngihamba endleleni yeqiniso.”

Abadala bazizwa bevuzwa uma bebona amaKristu abakanye nawo echuma ngokomoya ngenxa yosizo alunikwa ngesikhathi esifanele. Futhi ‘lezi zindawo zokucasha’ zenza sinambithe kusengaphambili inala yosizo olungokomoya esiyolujabulela phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.