Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimiso ZikaNkulunkulu Zingakuzuzisa

Izimiso ZikaNkulunkulu Zingakuzuzisa

Izimiso ZikaNkulunkulu Zingakuzuzisa

CISHE uyazi ukuthi izilwane zibuswa umzwelo ongokwemvelo. Imishini eminingi iklanyelwe ukuba yenze lokho okuthiwa ayikwenze. Kodwa abantu bona badalelwa ukuba baqondiswe izimiso. Ungaqiniseka kanjani ngalokho? Empeleni uJehova, uMsunguli wazo zonke izimiso zokulunga, lapho edala abantu bokuqala wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze.” UMdali ungumoya; akanawo umzimba wenyama njengathi, ngakho ‘singumfanekiso’ wakhe ngomqondo wokuthi singabonakalisa ubuntu bakhe, sibonakalise ngokwezinga elithile izimfanelo zakhe ezinhle. Abantu bangakwazi ukuqondisa ukuphila kwabo ngezimiso, kuye ngokwalokho abakholelwa ukuthi kuyindlela yokuziphatha efanele. UJehova uye wenza ukuba eziningi zalezi zimiso zilotshwe eZwini lakhe.—Genesise 1:26; Johane 4:24; 17:17.

Omunye angase athi, ‘Kodwa iBhayibheli liqukethe intilibathwa yezimiso. Ngeke ngazazi zonke.’ Yiqiniso. Nokho, cabangela leli phuzu: Nakuba zonke izimiso zikaNkulunkulu zinenzuzo, ezinye zinesisindo kakhudlwana kunezinye. Lokhu ungakubona kuMathewu 22:37-39, lapho uJesu ebonisa khona ukuthi phakathi kwemithetho nezimiso zoMthetho KaMose ezihambisana nayo, ezinye zazibaluleke ukwedlula ezinye.

Yiziphi izimiso ezinesisindo kunezinye? Izimiso eziyinhloko zeBhayibheli yilezo ezibuthinta ngokuqondile ubuhlobo bethu noJehova. Uma sizigcina, uMdali uba yithonya eliyinhloko lekhampasi yethu ewukuziphatha. Ngaphezu kwalokho, kunezimiso ezithinta ubuhlobo bethu nabanye abantu. Ukuzisebenzisa kungasisiza silwe nobumina, noma ngabe bubizwa ngaliphi igama.

Make siqale ngelinye lamaqiniso abaluleke kakhulu eBhayibhelini. Liyini lelo qiniso, futhi lisithinta kanjani?

“OPhezukonke Emhlabeni Wonke”

ImiBhalo Engcwele ikwenza kucace ukuthi uJehova uMdali wethu Omkhulu, unguNkulunkulu uMninimandla onke. Akanakuqhathaniswa namuntu noma athathelwe indawo omunye. Leli iqiniso eliyisihluthulelo elilotshwe eBhayibhelini.—Genesise 17:1; UmShumayeli 12:1.

Omunye wababhali bencwadi yamaHubo waphawula lokhu ngoJehova: “UngoPhezukonke emhlabeni wonke.” Inkosi yasendulo uDavide yabhala: “Ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.” Umprofethi odumile uJeremiya naye washukunyiswa ukuba abhale: “Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.”—IHubo 83:18; 1 IziKronike 29:11; Jeremiya 10:6.

Kumelwe siwasebenzise kanjani la maqiniso ngoNkulunkulu ekuphileni kwansuku zonke?

Kuyacaca ukuthi ubani okufanele avelele ekuphileni kwethu—uMdali wethu noMniki-kuphila. Ngeke-ke yini kufaneleke ukuba simelane nomkhuba wokuziqhakambisa thina ngokwethu—okuwumkhuba ongaba mandla kwabanye kunakwabanye? Isimiso esihlakaniphile esisiqondisayo esokuthi ‘zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 10:31) Umprofethi uDaniyeli wabeka isibonelo kule ndaba.

Umbhalo ongokomlando usitshela ukuthi inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari yake yakhathazwa iphupho futhi yafuna ukwazi incazelo yalo. Njengoba wonke umuntu ayedidekile, uDaniyeli watshela inkosi ngokunembile lokho eyayifuna ukukwazi. Ingabe uDaniyeli wazifunela udumo ngalokhu? Phinde, udumo walunika “uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo.” UDaniyeli waqhubeka wathi: “Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi.” UDaniyeli wayengumuntu wezimiso. Akumangalisi ukuthi encwadini yakhe, uDaniyeli ubizwa kathathu ngokuthi umuntu ‘othandekayo emehlweni’ kaNkulunkulu.—Daniyeli 2:28, 30; 9:23; 10:11, 19.

Uyozuza ngokulingisa uDaniyeli. Ekulandeleni isibonelo sikaDaniyeli, okunqumayo isisusa. Ubani okumelwe amukele udumo ngalokho okwenzayo? Noma ngabe ukusiphi isimo, unethuba lokwenza ngokuvumelana nesimiso esibaluleke kakhulu seBhayibheli—uJehova uyiNkosi enguMbusi. Ukwenza kwakho kanjalo kuyokwenza “uthandeke” emehlweni akhe.

Manje ake sicabangele izimiso ezimbili eziyisisekelo ezingasiqondisa lapho sisebenzelana nabanye. Njengoba ubumina bandile, lo mkhakha wokuphila uyinselele impela.

“Ngokuthobeka Kwengqondo”

Labo abazenza ongqá phambili kuyaqabukela banelisekile. Iningi labo lifuna ukuphila okungcono nakakhulu, futhi likufuna manje. Kubona, ukuzithiba kuwuphawu lokuba buthaka ngandlela-thize. Babheka isineke njengento okufanele iboniswe ngabanye. Lapho kuziwa enqubekeleni phambili yabo, benza noma yini. Ungaziphatha yini wena ngendlela ehlukile kweyabo?

Izinceku zikaNkulunkulu zibhekana nesimo sengqondo esinjalo nsuku zonke, nokho akumelwe sizithonye. AmaKristu avuthiwe amukela isimiso esithi “akuyena ozitusayo owamukelekayo, kodwa ngumuntu otuswa uJehova.”—2 Korinte 10:18.

Ukusebenzisa isimiso esikweyabaseFilipi 2:3, 4 kuzosisiza. Lo mbhalo ukukhuthaza ukuba ‘ungenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo ubheke abanye njengabaphakeme kunawe.’ Ngokwenza kanjalo uyobe ‘unakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zakho kuphela, kodwa futhi unakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’

Umuntu owayenesimo esihle sengqondo ngaye ngokwakhe nowazenza watuseka kwakunguGideyoni, umahluleli wamaHeberu asendulo. Akazange azifunele ukuba umholi ka-Israyeli. Nokho, lapho uGideyoni ekhethwa ukuba abe kulesi sikhundla, waveza ukungafaneleki kwakhe. Wachaza: “Umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”—AbAhluleli 6:12-16.

Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba uJehova enze ukuba uGideyoni anqobe, abantu bakwa-Efrayimi baqala ukuxabana naye. Wasabela kanjani uGideyoni? Ingabe ukunqoba kwase kumkhukhumezile wazibona ebalulekile? Lutho. Wagwema inhlekelele ngokunikeza impendulo ethambile. “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na?” UGideyoni wayethobekile ngengqondo.—AbAhluleli 8:1-3.

Yiqiniso, izenzakalo ezihilela uGideyoni kudala zenzeka. Noma kunjalo, kunenzuzo ukucabangela le ndaba. Ungase ubone ukuthi uGideyoni wayenesimo sengqondo esihluke ngempela kuleso esivamile namuhla, futhi waphila ngokuvumelana naso, futhi lokho kwasho inzuzo kuye ngokwakhe.

Isimo sengqondo esandile sokuba umuntu azicabangele yena singasonta umbono wethu wokuzethemba. Izimiso zeBhayibheli ziyawulungisa lo mbono osontekile, zisifundise ukuthi sibaluleke kangakanani ngempela kuMdali nakwabanye abantu.

Ngokulalela izimiso zeBhayibheli, siyakwazi ukunqoba lo moya. Asisabuswa imizwa noma abantu abathile. Lapho sifunda okwengeziwe ngezimiso zokulunga, siyojwayelana nakangcono noMsunguli wazo. Yebo, ukunakisisa izimiso zikaNkulunkulu lapho sifunda iBhayibheli kuwufanele ngempela umzamo.—Bheka ibhokisi.

UJehova wenze abantu baphakama kunezilwane, zona ngokuyinhloko ezilawulwa imizwelo engokwemvelo. Ukulandela intando kaNkulunkulu kusho ukusebenzisa izimiso zaphezulu. Ngokwenza kanjalo singagcina ikhampasi yethu ewukuziphatha isesimweni esikahle, ikhampasi eyosiholela esimisweni esisha sikaNkulunkulu. IBhayibheli lisinika isizathu sokuba silindele ngokushesha isimiso esisha sembulunga yonke lapho ‘kuyohlala khona ukulunga.’—2 Petru 3:13.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Ezinye Zezimiso ZeBhayibheli Eziwusizo

Emkhayeni:

“Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

“Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”—1 Korinte 13:4, 5

“Lowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena.”—Efesu 5:33.

“Nina bafazi, zithobeni kubayeni benu.”—Kolose 3:18.

“Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.”—IzAga 23:22.

Esikoleni, emsebenzini, noma ebhizinisini:

“Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso . . . Omubi uthola inzuzo yenkohliso.”—IzAga 11:1, 18.

“Owebayo makangabe eseba‚ kodwa kunalokho makenze umsebenzi onzima.”—Efesu 4:28.

“Uma noma ubani engafuni ukusebenza, makangadli futhi.”—2 Thesalonika 3:10.

“Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova.”—Kolose 3:23.

“Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Heberu 13:18.

Isimo sengqondo ngengcebo:

“Ophuthuma ukuzuza ingcebo ngeke ahlale emsulwa.”—IzAga 28:20, NW.

“Othanda imali akayikusutha ngemali.”—UmShumayeli 5:10.

Ukulinganisa ukubaluleka kwakho siqu:

‘Ukuzifunela udumo kakusilo udumo.’—IzAga 25:27.

“Makakudumise omunye, kungabi ngumlomo wakho.”—IzAga 27:2.

“Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange.”—Roma 12:3.

“Uma noma ubani ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, ukhohlisa ingqondo yakhe siqu.”—Galathiya 6:3.

[Isithombe ekhasini 5]

UDaniyeli wanika uNkulunkulu udumo olumfanele

[Isithombe ekhasini 7]

Ukusebenzelana nabanye ngokuvumelana nezimiso zikaNkulunkulu kwenza sibe nobuhlobo obuhle nabo kanye nenjabulo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]

U.S. Fish & Wildlife Service, Washington, D.C./Robert Bridges