Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kudingekani Ukuze Ube Nonembeza Omsulwa?

Kudingekani Ukuze Ube Nonembeza Omsulwa?

Kudingekani Ukuze Ube Nonembeza Omsulwa?

“UHULUMENI Kuthiwa Akamukele Imali Engu-R$20 000.” Lesi sihloko esingavamile sabonakala ephephandabeni laseBrazil i-Correio do Povo. Lolu kwakuwudaba olumayelana no-Luiz Alvo de Araújo, umlisa wakule ndawo ohambisa iposi owayethengisele uhulumeni wezwe isiqephu sendawo. Ngemva kokunikezela ngendawo yakhe, uLuiz wabamb’ ongezansi lapho ethola ukuthi ukhokhelwe imali engu-R79 000 ngaphezulu kwaleyo okwakumelwe ayithole ngokwesivumelwano!

Ukubuyisela lesi samba akubanga lula njengoba kwakucatshangwa. Ngemva kokuya kaningana emahhovisi kahulumeni, uLuiz walunywa indlebe ukuba afune ummeli ukuze axazulule le mpicabadala enkantolo. “Kubonakala sengathi othile wenza iphutha, futhi ngenxa yemigoqo ethile eminyangweni kahulumeni, akekho owayazi ukuthi ingasonjululwa kanjani,” kuphawula ijaji elakhipha isinqumo sokuba uhulumeni amukele le mali futhi akhokhe izindleko zenkantolo. “Ngiyaleshwama icala elinje.”

ULuiz, ongomunye woFakazi BakaJehova, uyachaza: “Unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli awungivumelanga ukuba ngigcine into okungeyona eyami. Kwadingeka ngenze umzamo wokuyibuyisela le mali.”

Abaningi bangase bathole isimo esinjalo simangaza noma singaqondakali. Kepha iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli libonisa ukuthi amaKristu eqiniso akubheka njengokubaluleke kakhulu ukulondoloza unembeza ohlanzekile lapho esebenzelana neziphathimandla. (Roma 13:5) OFakazi BakaJehova bazimisele ukulondoloza ‘unembeza othembekile, nokuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.’—Heberu 13:18.