Qaphela Ukuzidla
Qaphela Ukuzidla
UMUNTU ozidlayo, uzibona engcono kunabanye abantu, ephakeme kunabo. Ngenxa yalokho, ngokuvamile umuntu onjalo uzifunela udumo nokunakwa okungaphezu kwalokho okumfanele abese edelela futhi eya abanye.
Ukuzidla kuphambene nokuthobeka. Amagama esiGreki nesiHeberu ahunyushwa ngokuthi “ozidlayo” nangokuthi “ukuzidla” anencazelo eyisisekelo esho ukuzenza ubonakale “uphakeme,” “umkhulu,” “uphezulu,” “uvelele.”
Yisimo Senhliziyo
Ukuzidla kuyimfanelo noma isici esibi esijule kakhulu kunesiphetho esenziwa yingqondo. UJesu Kristu wakubala kanye nokubulala, ukweba, ukuhlambalaza nobunye ububi, wathi izinto ezinjalo ziphuma ‘ngaphakathi, enhliziyweni yabantu.’ (Marku 7:21, 22) Unina kaJesu wasemhlabeni, uMariya, wathi ngoJehova: “Uye wabahlakazela kude labo abazidlayo enhlosweni yezinhliziyo zabo.” (Luka 1:51) UDavide wanxusa uJehova, wathi: “Inhliziyo yami ayizange izidle.”—IHubo 131:1, NW.
Ngisho nomuntu onhliziyo yakhe beyilokhu ithobekile ekukhonzeni uNkulunkulu angaba ozidlayo ngenxa yokuthola ingcebo noma amandla noma ngenxa yobuhle bakhe, impumelelo, ukuhlakanipha, noma ukunconywa abanye. Inkosi yakwaJuda u-Uziya yaba njalo. Yabusa kahle futhi yajabulela isibusiso sikaJehova iminyaka eminingi.—2 IziKronike 26:3-5.
Kodwa ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Nokho, kwathi nje lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yazidla kwaze kwaba seqophelweni lokubangela incithakalo, kangangokuba wenza isenzo sokungathembeki kuJehova uNkulunkulu wakhe wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho e-altare lempepho.” (2 IziKronike 26:16, NW) U-Uziya wagabadela ukwenza imisebenzi eyenziwa ngabapristi, okwakuyilungelo uNkulunkulu ayekwenze kwacaca ukuthi wayeligodlile emakhosini akwa-Israyeli, ehlukanisa ubukhosi nobupristi.
Ngesinye isikhathi, inkosi enhle uHezekiya yaba nenhliziyo ezidlayo okwesikhashana, futhi ngokusobala ukuzidla kwayo kwathelela nabantu eyayibabusa. Yayiphakanyisiwe ekubuseni ngenxa yesibusiso sikaJehova, kodwa yehluleka ukuqonda nokuqaphela
ukuthi lonke udumo kwakufanele luye kuNkulunkulu. Umlobi womlando uthi ngayo: “Kodwa ngokwenzuzo anikezwa yona uHezekiya akabuyiselanga lutho, ngoba inhliziyo yakhe yazidla futhi kwaba khona intukuthelo ngaye nangoJuda nangeJerusalema.”Ngokujabulisayo, yasanguluka kulesi simo sengqondo esiyingozi. Ukulandisa kuyaqhubeka: “Nokho, uHezekiya wazithoba kulokho kuzidla kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, nentukuthelo kaJehova ayizange yehlele phezu kwabo ezinsukwini zikaHezekiya.”—2 IziKronike 32:25, 26, NW.
UNkulunkulu Uyamelana Nokuzidla
Abantu abazidlayo abagcini ngokungathandeki kubantu abaqotho, kodwa okubi nakakhulu ukuthi noJehova uNkulunkulu uyamelana nabo. (Jakobe 4:6) Ukuzidla kuwubuwula futhi kuyisono, kanti uJehova umelana nabazidlayo ukuze abathobise.—IzAga 14:3; 2 Samuweli 22:28; Jobe 40:11.
Uma umuntu engakuyeki, ukuzidla kuyomlethela ukubhujiswa nakanjani. Isizwe sasendulo sakwaMowabi, esaziphakamisa samelana noNkulunkulu nabantu bakhe, senziwa ize. (Isaya 16:6; 25:10, 11, NW) Ngisho nombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi awuzange uyekwe lapho uba nenhliziyo ezidlayo nedelelayo.—Isaya 9:8-12.
Ukuqaphela Ukuzidla
Ngakho-ke, umuntu kufanele aqaphelisise ukuba kungangeni enhliziyweni yakhe ukuzidla. Kufanele aqaphele ngokukhethekile lapho eye waphumelela kunoma yimuphi umkhakha noma lapho enikwa isikhundla esiphakeme noma esinomthwalo wemfanelo omkhudlwana. Kufanele akhumbule ukuthi “ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.”—IzAga 16:18.
Uma ekuvumela ukuzidla kukhule, kungamlawula kangangokuba uJehova ambale kanye nalabo abanikela esimweni sengqondo esingamukeleki, futhi abafanelwe ukufa. (Roma 1:28, 30, 32) Ukuqapha okunjalo kufaneleka ngokukhethekile kulezi “zinsuku zokugcina,” lapho, njengoba kwaxwayisa umphostoli, ukuzidla kwakuyoba esinye sezici ezibonakalisa lezo zikhathi ezibucayi.—2 Thimothewu 3:1, 2.
Ngaphezu kwalokho, umuntu ofisa ukuthola umusa kaNkulunkulu kufanele agweme ukuthopha abanye, okwakha ukuzidla kwabanye. Isaga esithile sithi: “Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.”—IzAga 29:5.
Othopha omunye akagcini ngokumlethela incithakalo lowo mngane wakhe kodwa futhi akamukeleki kuNkulunkulu. (IzAga 26:28) UPawulu wayeqaphela ukuba agweme kokubili ukuthopha abanye kanye nokuzidla. (1 Thesalonika 2:5, 6) Nathi kufanele siqaphe ngaso sonke isikhathi ukuba singabi nale mfanelo engathandeki.