Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe ukungapheleli kwentombi emsulwa enguMariya kwenza umntwana onguJesu eyayimkhulelwe wangaphelela?

Mayelana ‘nokuzalwa kukaJesu,’ umbhalo ophefumulelwe uthi: “Phakathi nesikhathi unina uMariya ayethenjiswe ngaso ukushada noJosefa, watholakala ekhulelwe ngomoya ongcwele ngaphambi kokuba bahlanganiswe.” (Mathewu 1:18) Ngempela, umoya ongcwele kaNkulunkulu waba nesandla ekukhulelweni kukaMariya.

Nokho, kuthiwani ngoMariya? Ingabe iqanda elalisesibelethweni sakhe lahileleka ekukhulelweni kwakhe? Ngenxa yezithembiso zikaNkulunkulu azenza ku-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, uJuda, neNkosi uDavide—okhokho bakaMariya—umntwana owayeyozalwa kwakumelwe abe inzalo yabo ngokoqobo. (Genesise 22:18; 26:24; 28:10-14; 49:10; 2 Samuweli 7:16) Iyiphi enye indlela ingane eyayizozalwa uMariya eyayingaba ngayo ngempela indlalifa yezithembiso zikaNkulunkulu? Kwakumelwe nakanjani ibe indodana yakhe isibili.—Luka 3:23-34.

Ingelosi kaJehova yayibonakele entombini emsulwa uMariya, ithi: “Ungesabi, Mariya, ngoba uthole umusa kuNkulunkulu; futhi, bheka! uzokhulelwa esibelethweni sakho futhi ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe igama lokuthi uJesu.” (Luka 1:30, 31) Ukuze umuntu akhulelwe kudingeka ukuba iqanda elisesibelethweni livundiswe. Ngokusobala, uJehova uNkulunkulu uyena owavundisa iqanda elalisesibelethweni sikaMariya, ekwenza lokhu ngokudlulisela ukuphila kweNdodana yakhe ezelwe yodwa kusuka endaweni yomoya kuya emhlabeni.—Galathiya 4:4.

Kungenzeka yini ukuthi ingane ezalwe ngale ndlela ngowesifazane ongaphelele iphelele futhi ingabi nasono emzimbeni wayo wenyama? Isebenza kanjani imithetho yofuzo uma ukuphelela kuhlangana nokungapheleli? Khumbula ukuthi kwasetshenziswa umoya ongcwele ukuze kudluliselwe amandla okuphila okuphelele kweNdodana kaNkulunkulu futhi wabangela nokukhulelwa. Lokhu kwasusa noma ikuphi ukungapheleli okwakuseqandeni likaMariya, ngaleyo ndlela wakhiqiza izakhi zofuzo ezaziphelele kusukela ekuqaleni.

Noma ngabe ikuphi, singaqiniseka ukuthi ukusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu ngaleso sikhathi kwaqinisekisa ukuphumelela kwenjongo kaNkulunkulu. Ingelosi uGabriyeli yayimchazele uMariya: “Umoya ongcwele uzokwehlela phezu kwakho, futhi amandla oPhezukonke akusibekele. Ngenxa yaleso sizathu futhi lokho okuzelwe kuyobizwa ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 1:35) Yebo, umoya kaNkulunkulu ongcwele wakha okunjengodonga oluvikelayo ukuze kungabibikho lutho olungaphelele noma isici esilimazayo esasingenza umbungu osakhula ube nesisihla kusukela ekuqaleni kuqhubeke.

Kuyacaca ukuthi uJesu waba nobuntu obuphelele ngosizo lukaYise osezulwini, hhayi omunye umuntu. UJehova ‘wamlungiselela umzimba,’ kanti uJesu—kusukela ekuqaleni kuqhubeke—ngempela ‘wayengangcolile, ehlukanisiwe nezoni.’—Heberu 7:26; 10:5.

[Isithombe ekhasini 19]

“Uzokhulelwa esibelethweni sakho futhi ubelethe indodana”