Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuhola KukaKristu Kungokoqobo Kuwe?

Ingabe Ukuhola KukaKristu Kungokoqobo Kuwe?

Ingabe Ukuhola KukaKristu Kungokoqobo Kuwe?

“Maningabizwa futhi ngokuthi ‘abaholi,’ ngoba munye onguMholi wenu, uKristu.”—MATHEWU 23:10.

1. Ngubani ongukuphela koMholi wamaKristu eqiniso?

KWAKUNGULWESIBILI, ngo-Nisan 11. Ngemva kwezinsuku ezintathu, uJesu Kristu wayezobulawa. Kwakungokokugcina evakashela ethempelini. Ngalolu suku, uJesu wafundisa izixuku ezazibuthene lapho nabafundi bakhe imfundiso ebalulekile. Wathi: “Maningabizwa ngokuthi Rabi, ngoba munye ongumfundisi wenu, kanti nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye. Ngaphezu kwalokho, ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngoba munye onguYihlo, yiLowo osezulwini. Maningabizwa futhi ngokuthi ‘abaholi,’ ngoba munye onguMholi wenu, uKristu.” (Mathewu 23:8-10) Kusobala ukuthi nguJesu Kristu onguMholi wamaKristu eqiniso.

2, 3. Ukulalela uJehova nokwamukela uMholi ambekile kunamuphi umphumela ekuphileni kwethu?

2 Yeka imiphumela ezuzisayo ukuhola kukaJesu okuba nayo ekuphileni kwethu lapho sikwamukela! Ebikezela ukufika kwalo Mholi, uJehova uNkulunkulu wathi ngomprofethi u-Isaya: “We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho. . . . Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni. . . . Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.”—Isaya 55:1-4.

3 U-Isaya wasebenzisa uketshezi oluvamile—amanzi, ubisi newayini—njengezingathekiso ukuze abonise indlela ukuphila kwethu okuthonyeka ngayo lapho silalela uJehova futhi silandela uMholi noMyali asinike yena. Kuyaqabula. Kunjengokuphuza amanzi abandayo ngosuku olushisayo. Ukunxanela kwethu iqiniso nokulunga kuyaneliswa. Njengoba ubisi luqinisa izingane futhi luzisize ukuba zikhule, ‘ubisi lwezwi’ luyasiqinisa futhi lusenze sikhule ngokomoya ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu. (1 Petru 2:1-3) Futhi ubani ongaphika ukuthi iwayini liyanezela ebumnandini besenzakalo esijabulisayo? Ngokufanayo, ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso nokulandela ezinyathelweni zoMholi ambekile kwenza ukuphila ‘kuthokozise kakhulu.’ (Duteronomi 16:15) Ngakho, kubalulekile ukuba sonke—abadala nabancane, abesilisa nabesifazane—sibonise ukuthi ukuhola kukaKristu kungokoqobo kithi. Nokho, singabonisa kanjani ekuphileni kwethu kwansuku zonke ukuthi uMesiya unguMholi wethu?

Basha—Qhubekani ‘Nithuthuka Ekuhlakanipheni’

4. (a) Kwenzekani lapho uJesu oneminyaka engu-12 ubudala evakashela eJerusalema ngesikhathi sePhasika? (b) UJesu wayenolwazi kangakanani lapho eneminyaka engu-12 kuphela ubudala?

4 Cabanga ngesibonelo uMholi wethu asibekela izingane. Nakuba kukuncane esikwaziyo ngokuphila kukaJesu eseyingane, kunesenzakalo esisodwa esiveza lukhulu. Lapho uJesu eneminyaka engu-12 ubudala, abazali bakhe bahamba naye lapho beya ePhasikeni eJerusalema njengokwenza kwaminyaka yonke. Kulokhu uJesu wabambeka engxoxweni engokomBhalo, umkhaya wakubo wamshiya ungaqondile. Ngemva kwezinsuku ezintathu abazali bakhe ababekhathazekile, uJosefa noMariya, bamthola ethempelini, “ehlezi phakathi kwabafundisi ebalalele futhi ebabuza.” Ngaphezu kwalokho, “bonke labo ababemlalele babelokhu bemangele ukuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.” Cabanga nje, eneminyaka engu-12 kuphela ubudala, uJesu wayengagcini ngokubuza imibuzo ecabangisayo engokomoya kodwa futhi wayesekwazi nokunikeza izimpendulo ezihlakaniphile! Ngokungangabazeki, wayesizwe ukuqeqeshwa abazali.—Luka 2:41-50.

5. Izingane zingayihlaziya kanjani indlela ezisibheka ngayo isifundo seBhayibheli somkhaya?

5 Mhlawumbe nawe uyingane. Uma abazali bakho beyizinceku zikaNkulunkulu ezizinikele, cishe ninesimiso sesifundo seBhayibheli somkhaya esiqhutshwa njalo kini. Usibheka kanjani lesi sifundo somkhaya? Ake ucabange ngemibuzo enjengalena: ‘Ngilisekela ngenhliziyo yonke yini ilungiselelo lesifundo seBhayibheli ekhaya? Ngiyabambisana yini nalo, ngingenzi lutho olungasiphazamisa?’ (Filipi 3:16) ‘Ngiyahlanganyela yini ngokuzimisela esifundweni? Lapho kufaneleka, ngiyayibuza yini imibuzo mayelana nendaba esiyifundayo futhi ngiveze indlela le ndaba esebenza ngayo ngokoqobo? Njengoba ngithuthuka ngokomoya, ngiyakuhlakulela yini ukujabulela “ukudla okuqinile okungokwabantu abavuthiwe”?’—Heberu 5:13, 14.

6, 7. Isimiso sokufunda iBhayibheli nsuku zonke singaba yigugu kangakanani entsheni?

6 Okunye okubalulekile yisimiso sokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Umhubi wahlabelela: “Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, . . . kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.” (IHubo 1:1, 2) UJoshuwa, owalandela uMose esikhundleni, ‘wayefunda incwadi yomthetho ngezwi eliphansi ubusuku nemini.’ Lokhu kwamenza wakwazi ukwenza ngokuhlakanipha nokuphumelela ekufezeni isabelo ayesinikwe nguNkulunkulu. (Joshuwa 1:8, NW) UMholi wethu, uJesu Kristu, wathi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’” (Mathewu 4:4) Uma ukudla okungokwenyama sikudinga nsuku zonke, kakhulu kangakanani ngokudla okungokomoya!

7 Eqaphela isidingo sakhe esingokomoya, uNicole oneminyaka engu-13 ubudala waqala ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. * Manje, njengoba eseneminyaka engu-16, uselifunde lonke iBhayibheli futhi usemaphakathi nalo ekufundeni kwesibili. Indlela ayisebenzisayo ilula. Uthi: “Ngiyaqikelela ukuthi ngifunda okungenani isahluko esisodwa ngosuku.” Kuye kwamsiza kanjani ukulifunda nsuku zonke iBhayibheli? Uyaphendula: “Maningi namuhla amathonya amabi. Nsuku zonke esikoleni nakwezinye izindawo ngibhekana nezimo ezinzima ezibekela ukholo lwami inselele. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungisiza ukuba ngikhumbule ngokushesha imiyalo nezimiso zeBhayibheli ezingikhuthaza ukuba ngimelane nalezi zimo. Ngenxa yalokho, ngizizwa ngisondelene kakhulu noJehova noJesu.”

8. UJesu wayenayiphi inkambiso mayelana nesinagoge, futhi izingane zingamlingisa kanjani?

8 UJesu wayenenkambiso yokulalela ukufundwa kwemiBhalo nokuhlanganyela kukho esinagogeni. (Luka 4:16; IzEnzo 15:21) Yeka ukuthi kuhle kangakanani ukuba izingane zilandele leso sibonelo ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, lapho iBhayibheli lifundwa futhi litadishwe khona! Ezwakalisa ukwazisa imihlangano enjalo, uRichard oneminyaka engu-14 ubudala uthi: “Imihlangano iyigugu kimi. Ingikhumbuza njalo ukuthi yini enhle nembi, ewukuziphatha okuhle newukuziphatha okubi, ewukufana noKristu nengekhona. Akudingekile ngize ngithole kabuhlungu—ngokungena enkingeni.” Yebo, “isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi.” (IHubo 19:7, NW) NoNicole uyaqikelela ukuthi uba khona kuyo yonke imihlangano emihlanu yebandla masonto onke. Futhi uzinika isikhathi esingamahora amabili kuya kwamathathu eyilungiselela.—Efesu 5:15, 16.

9. Izingane ‘zingaqhubeka kanjani zithuthuka ekuhlakanipheni’?

9 Ubusha buyisikhathi esikahle sokuzuza ‘ulwazi ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo amthuma, uJesu Kristu.’ (Johane 17:3) Kungenzeka kunentsha oyaziyo echitha isikhathi esiningi ifunda izincwadi zamahlaya, ibuka ithelevishini, idlala imidlalo yama-video, noma ibhekabheka izingosi ze-Internet. Ungayilingiselani kanti wena unesibonelo soMholi wethu ophelele ongasilandela? Lapho esengumfanyana, wayekujabulela ukufunda ngoJehova. Waba yini umphumela? Ngenxa yokuthanda kwakhe izinto ezingokomoya, “uJesu waqhubeka ethuthuka ekuhlakanipheni.” (Luka 2:52) Nawe ungakwenza lokho.

“Zithobeni Komunye Nomunye”

10. Yini eyosiza ukuze ukuphila komkhaya kulethe ukuthula nenjabulo?

10 Ikhaya lingaba yisiphephelo sokuthula nokwaneliseka noma inkundla yokubanga nokuxabana. (IzAga 21:19; 26:21) Ukwamukela kwethu ukuhola kukaKristu kwandisa ukuthula nenjabulo emkhayeni. Empeleni, isibonelo sikaJesu siyisibonelo sokuphathana komkhaya. ImiBhalo ithi: “Zithobeni komunye nomunye ngokwesaba uKristu. Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi walomzimba. . . . Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:21-25) Umphostoli uPawulu wabhalela ibandla laseKolose wathi: “Nina bantwana, lalelani abazali benu kukho konke, ngoba lokhu kuyajabulisa kakhulu eNkosini.”—Kolose 3:18-20.

11. Indoda ingabonisa kanjani ukuthi ukuhola kukaKristu kungokoqobo kuyo?

11 Ukulandela lesi seluleko kusho ukuba indoda ihole emkhayeni wayo, umkayo ayisekele ngobuqotho, izingane zilalele abazali bazo. Nokho, ubunhloko bendoda buphumela enjabulweni kuphela lapho busingathwa kahle. Umyeni ohlakaniphile kumelwe afunde indlela yokusebenzisa ubunhloko ngokulingisa iNhloko noMholi wakhe, uKristu Jesu. (1 Korinte 11:3) Nakuba kamuva uJesu aba ‘yinhloko phezu kwazo zonke izinto ebandleni,’ ‘akezelanga ukukhonzwa emhlabeni, kodwa ukukhonza.’ (Efesu 1:22; Mathewu 20:28) Ngokufanayo, umyeni ongumKristu akasebenzisi ubunhloko bakhe ukuze azizuzise yena, kodwa ubusebenzisela ukunakekela izithakazelo zomkakhe nezingane zakhe—yebo, zomkhaya wonke. (1 Korinte 13:4, 5) Uzama ukulingisa izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu zenhloko yakhe, uJesu Kristu. NjengoJesu, unomoya omnene futhi uthobekile ngenhliziyo. (Mathewu 11:28-30) Amazwi athi “ngiyaxolisa” noma “yimi owenze iphutha” awaphumi kanzima kuye lapho esephutheni. Isibonelo sakhe esihle sikwenza kube lula kumkakhe ukuba “umsizi,” “umphelelisi” ‘nomngane’ wendoda enjalo, afunde kuye futhi abambisane naye.—Genesise 2:20; Malaki 2:14.

12. Yini eyosiza inkosikazi ukuba yamukele futhi isekele isimiso sobunhloko?

12 Inkosikazi yona kufanele izithobe kumyeni wayo. Nokho, uma ithonywe umoya wezwe, lokhu kungaqala ukuthonya indlela esibheka ngayo isimiso sobunhloko, bese ikucasukela ukuzithoba endodeni. ImiBhalo ayisikiseli ukuthi indoda kufanele ibe yingqongqo, kodwa ifuna ukuba amakhosikazi azithobe kubayeni bawo. (Efesu 5:24) IBhayibheli liveza nokuthi umyeni noma ubaba nguye oyolandisa, futhi lapho iseluleko salo sisetshenziswa, lokhu kwandisa ukuthula nokuhleleka emkhayeni.—Filipi 2:5.

13. Yisiphi isibonelo sokuzithoba uJesu aye wasibekela izingane?

13 Izingane kufanele zilalele abazali bazo. Kulokhu, uJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu. Ngemva kwesenzakalo sasethempelini lapho uJesu owayeneminyaka engu-12 ubudala asala khona izinsuku ezintathu, “wehla nabo [abazali bakhe] bafika eNazaretha, futhi waqhubeka ezithoba kubo.” (Luka 2:51) Ukuzithoba kwezingane kubazali bazo kwandisa ukuthula nokuvumelana emkhayeni. Lapho wonke umuntu emkhayeni ezithoba ekuholeni kukaKristu, umphumela uba umkhaya ojabulayo.

14, 15. Yini eyosisiza siphumelele lapho sibhekene nesimo esiyinselele ekhaya? Nikeza isibonelo.

14 Ngisho nalapho kuvela izimo eziyinselele ekhaya, isihluthulelo sokuphumelela ukulingisa uJesu nokwamukela isiqondiso sakhe. Ngokwesibonelo, ukushada kukaJerry owayeneminyaka engu-35 ubudala noLana owayenendodakazi eyevile eshumini nambili, kwaletha inselele bobabili ababengayicabanganga. UJerry uyachaza: “Ngangazi ukuthi ukuze ngibe yinhloko enothando, kudingeka ngisebenzise izimiso zeBhayibheli ezifanayo nalezo eziletha impumelelo nakweminye imikhaya. Kodwa ngokushesha ngathola ukuthi kwakudingeka ngizisebenzise ngokuhlakanipha nokuqonda okwengeziwe.” Indodakazi yakhe yayimbheka njengomuntu owayeyihlukanisa nonina futhi ingamnambithisisi neze. UJerry wayedinga ukuqonda ukuze abone ukuthi lesi simo sengqondo sasithonya lokho le ntombazane eyayikusho futhi ikwenza. Wasisingatha kanjani isimo? UJerry uyaphendula: “Savumelana noLana ngokuthi okwamanje, kuzoba nguLana onikeza isiyalo njengomzali, mina ngigxile ekwakheni ubuhlobo obuhle nendodakazi yami. Ngokuhamba kwesikhathi, le ndlela yaba nemiphumela emihle.”

15 Lapho sibhekene nezimo ezinzima ekhaya, sidinga ukuqonda ukuze sithole ukuthi kungani amalungu omkhaya ekhuluma futhi enza ngendlela enza ngayo. Sidinga nokuhlakanipha ukuze sizisebenzise kahle izimiso zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJesu wabona ngokucacile ukuthi kungani owesifazane onomopho ayemthintile, ngakho wamphatha ngokuhlakanipha nangobubele. (Levitikusi 15:25-27; Marku 5:30-34) UMholi wethu unokuhlakanipha nokuqonda. (IzAga 8:12) Siyajabula uma senza ngendlela abengenza ngayo.

“Qhubekani Nifuna Kuqala Umbuso”

16. Yini okufanele ibe semqoka ekuphileni kwethu, futhi uJesu wakubonisa kanjani lokhu ngesibonelo sakhe?

16 UJesu wakwenza kwacaca ukuthi yini okufanele ibe semqoka ekuphileni kwalabo abamukela ukuhola kwakhe. Wathi: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe [kukaNkulunkulu].” (Mathewu 6:33) Ngesibonelo sakhe, wasibonisa indlela yokwenza lokhu. Ekupheleni kwezinsuku ezingu-40 zokuzila, ukuzindla, nokuthandaza ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uJesu wabhekana nesilingo. USathane uDeveli wamthembisa ukubusa “yonke imibuso yezwe.” Cabanga ngokuphila uJesu ayengaba nakho ukube wayekwamukele lokho uDeveli ayemthembisa khona! Nokho, uKristu wayegxile ekwenzeni intando kaYise. Wayeqaphela nokuthi ukuphila okunjalo ezweni likaSathane kwakuyoba kufushane. Wakwenqaba ngokushesha lokho uDeveli ayemthembisa kona, wathi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu “waqalisa ukushumayela ethi: ‘Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.’” (Mathewu 4:2, 8-10, 17) Kukho konke ukuphila kwakhe kwasemhlabeni kusukela lapho, uKristu wayengummemezeli wesikhathi esigcwele woMbuso kaNkulunkulu.

17. Singabonisa kanjani ukuthi izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu?

17 Kufanele silingise uMholi wethu, singavumeli izwe likaSathane lisiyengele ekwenzeni umsebenzi okhokhela kakhulu ube yiwona mgomo wethu oyinhloko ekuphileni. (Marku 1:17-21) Yeka indlela okungaba ubuwula ngayo ngathi ukubanjwa ugibe lweminako yezwe kangangokuthi izithakazelo zoMbuso zibe yinto eza kamuva! UJesu usinike umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Yebo, kungenzeka sinomkhaya okumelwe siwunakekele noma eminye imithwalo yemfanelo, kodwa asikujabuleli yini ukusebenzisa izikhathi zakusihlwa nezimpelasonto ekufezeni umthwalo wethu wemfanelo wobuKristu wokushumayela nokufundisa? Futhi yeka indlela okukhuthaza ngayo ukuthi ngonyaka wenkonzo ka-2001, abangaba ngu-780 000 bakwazi ukukhonza njengezikhonzi zesikhathi esigcwele, noma amaphayona!

18. Yini esisiza ukuba sithole injabulo enkonzweni?

18 Ukulandisa kwamaVangeli kuveza uJesu njengendoda yezenzo nanjengomuntu onemizwa yesihe. Lapho ebona izidingo ezingokomoya zalabo ababenaye, waba nesihawu ngabo futhi wabasiza ngokuzimisela. (Marku 6:31-34) Inkonzo yethu iyajabulisa lapho sihlanganyela kuyo ngenxa yokubathanda abanye nangenxa yesifiso esiqotho sokubasiza. Kodwa singasakha kanjani leso sifiso? Insizwa okuthiwa nguJayson ithi: “Lapho ngisakhula, ngangingayikhonzile kangako inkonzo.” Yini eyamsiza ukuba ahlakulele ukuwuthanda lo msebenzi? UJayson uyaphendula: “Ekhaya, uMgqibelo ekuseni wawuhlale uyisikhathi senkonzo yasensimini. Lokhu kwangisiza ngoba lapho ngiphuma ngokwengeziwe ngiya enkonzweni, ngabubona nakakhulu ubuhle obuyifezayo futhi ngayijabulela nakakhulu.” Nathi kufanele sihlanganyele njalo nangokuzimisela enkonzweni.

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza mayelana nokuhola kukaKristu?

19 Kuyaqabula futhi kuvuze ngempela ukwamukela ukuhola kukaKristu. Lapho sikwamukela, ubusha buba yisikhathi sokuthuthuka olwazini nasekuhlakanipheni. Ukuphila komkhaya kuletha injabulo nokuthula, inkonzo ibe umsebenzi ojabulisayo nowanelisayo. Ngakho-ke, kwangathi singazimisela ukubonisa ekuphileni kwethu kwansuku zonke nasezinqumweni esizenzayo ukuthi ukuhola kukaKristu kungokoqobo kithi. (Kolose 3:23, 24) Nokho, uJesu Kristu uye wasihola nangenye futhi indlela—ibandla lobuKristu. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela esingazuza ngayo kuleli lungiselelo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.

Uyakhumbula?

• Ukulandela uMholi wethu obekwe nguNkulunkulu kusizuzisa kanjani?

• Intsha ingabonisa kanjani ukuthi ifuna ukulandela ukuhola kukaJesu?

• Ukuhola kukaKristu kuba namuphi umphumela ekuphileni komkhaya walabo abazithoba kukho?

• Inkonzo yethu ingabonisa kanjani ukuthi ukuhola kukaKristu kungokoqobo kithi?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 9]

Ubusha buyisikhathi esikahle sokuzuza ulwazi ngoNkulunkulu nangoMholi wethu obekiwe

[Isithombe ekhasini 10]

Ukuzithoba ekuholeni kukaKristu kwandisa injabulo yomkhaya

[Izithombe ekhasini 12]

UJesu wafuna uMbuso kuqala? Wena?