Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singakutholaphi Ukuhola Okuhle?

Singakutholaphi Ukuhola Okuhle?

Singakutholaphi Ukuhola Okuhle?

IBHAYIBHELI lithi: “Yileyo naleyondlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heberu 3:4; IsAmbulo 4:11) Njengoba uNkulunkulu weqiniso, uJehova, enguMdali wethu, “uyakwazi ukubunjwa kwethu.” (IHubo 103:14) Ukwazi kahle kamhlophe ukulinganiselwa nezidingo zethu. Futhi ngenxa yokuthi unguNkulunkulu onothando, ufuna ukuzanelisa lezo zidingo. (IHubo 145:16; 1 Johane 4:8) Nesidingo sethu sokuholwa kahle ufuna ukusanelisa.

Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wamemezela: “Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.” (Isaya 55:4) Ikhambi lale mpicabadala yanamuhla yokuhola lihilela ukuthola ukuthi ungubani lo Mholi—owamiswa nguMninimandla ngokwakhe—nokwamukela ukuhola kwakhe. Ubani-ke lo Mholi noMyali owabikezelwa? Yini emenza afanelekele ukuhola? Angasiholelaphi? Kumelwe senzeni ukuze sizuze ekuholeni kwakhe?

UMholi Othenjisiwe Uyafika

Eminyakeni engaba ngu-2 500 edlule, ingelosi uGabriyeli yabonakala kumprofethi uDaniyeli yathi kuye: “Yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi [“uMholi,” NW], kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.”—Daniyeli 9:25.

Ngokusobala, ingelosi yayitshela uDaniyeli isikhathi esiqondile sokufika kwalo Mholi okhethwe nguJehova. “Ogcotshiweyo, umbusi,” noma uMholi, wayeyobonakala ekupheleni kwamasonto angu-69, noma iminyaka engu-483, kusukela ngo-455 B.C.E., isikhathi okwaphuma ngaso izwi lokwakha kabusha iJerusalema. * (Nehemiya 2:1-8) Kwenzekani ekupheleni kwaleyo nkathi? Umlobi weVangeli uLuka uyalandisa: “Onyakeni weshumi nesihlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, lapho uPontiyu Pilatu ayengumbusi waseJudiya, noHerode engumbusi wesifunda waseGalile [ngo-29 C.E.], . . . kwafika isimemezelo sikaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane. Ngakho wafika kulo lonke izwe elizungeze iJordani, eshumayela ngokubhapathizwa njengesibonakaliso sokuphenduka ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.” Ngaleso sikhathi, “abantu babelindele” uMesiya uMholi. (Luka 3:1-3, 15) Nakuba izixuku zeza kuJohane, wayengeyena lowo Mholi.

Kwabe sekuthi cishe ngo-October ka-29 C.E., uJesu waseNazaretha weza kuJohane ezobhapathizwa. UJohane wafakaza, wathi: “Ngabona umoya wehla njengejuba uphuma ezulwini, futhi wahlala phezu kwakhe. Ngisho nami bengingamazi, kodwa Yena kanye ongithume ukuba ngibhapathize emanzini wathi kimi, ‘Noma ubani oyobona umoya wehlela phezu kwakhe futhi uhlale, lona nguye obhapathiza emoyeni ongcwele.’ Futhi ngikubonile lokho, futhi ngifakazile ukuthi lona uyiNdodana kaNkulunkulu.” (Johane 1:32-34) Lapho ebhapathizwa, uJesu waba nguMholi ogcotshiwe—uMesiya, noma uKristu.

Yebo, kwahlaluka ukuthi “umholi nomyali kubantu” owayethenjisiwe kwakunguJesu Kristu. Futhi lapho sihlola izimfanelo zakhe njengomholi, sivele sibone ukuthi ukuhola kwakhe kuzidlula kude izimfuneko zanamuhla zomholi ofiselekayo.

UMesiya—Umholi Ofiselekayo

Umholi okahle unikeza isiqondiso esicacile futhi asize abantu abanakekelayo ukuba bathole amandla namakhono abawadingayo ngokomuntu siqu ukuze bakwazi ukuxazulula izinkinga ngokuphumelelayo. ‘Lena yimfuneko yomholi ophumelelayo wekhulu lama-21,’ kusho incwadi ethi 21st Century Leadership: Dialogues With 100 Top Leaders. Yeka ukuthi uJesu wazilungiselela kahle kanjani izilaleli zakhe ukuba zisingathe izimo zansuku zonke! Cabanga nje ngenkulumo yakhe edumile—iNtshumayelo YaseNtabeni. Amazwi akuMathewu izahluko 5 kuya ku-7 achichima izeluleko ezisebenzayo.

Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko sikaJesu sokuxazulula ukungezwani kwabantu. Wathi: “Uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele ngesipho sakho.” (Mathewu 5:23, 24) Ukuthatha isinyathelo kuqala ekwenzeni ukuthula nabanye yiyona nto eza kuqala—ngisho nangaphezu kokwenza umsebenzi ongokwenkolo, njengokunikela ngesipho e-altare lasethempelini eJerusalema njengoba kwakufunwa uMthetho KaMose. Ngale kwalokho, izenzo zokukhulekela azamukeleki kuNkulunkulu. Iseluleko sikaJesu siyasebenza namuhla njengoba nje sasinjalo emakhulwini eminyaka adlule.

UJesu futhi wasiza izilaleli zakhe ukuba zigweme ugibe lokuziphatha okubi. Waziyala: “Nezwa ukuthi kwathiwa, ‘Akumelwe uphinge.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:27, 28) Yeka isixwayiso esifanelekayo! Singaqalelani nje ukuhamba endleleni eya ekuphingeni ngokugxila emicabangweni yako? UJesu wathi ubufebe nokuphinga kuvela enhliziyweni. (Mathewu 15:18, 19) Siyobe sihlakaniphile uma silonda inhliziyo yethu.—IzAga 4:23.

INtshumayelo YaseNtabeni futhi ineseluleko esihle kakhulu sokuthanda izitha zakho, ukubonisa umoya wokupha, ukuba nombono ofanele ngezinto ezingokwenyama nezingokomoya, nokunye okunjalo. (Mathewu 5:43-47; 6:1-4, 19-21, 24-34) UJesu waze wabonisa izilaleli zakhe indlela yokufuna usizo lukaNkulunkulu ngokuzifundisa indlela yokuthandaza. (Mathewu 6:9-13) UMesiya uMholi uqinisa futhi alungiselele abalandeli bakhe ukusingatha izinkinga ezivamile esintwini.

Izikhathi eziyisithupha eNtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu uqala akushoyo ngamazwi athi “nezwa ukuthi kwathiwa” noma athi “ngaphezu kwalokho kwathiwa,” kodwa abe esenikeza omunye umqondo, athi “nokho, mina ngithi kini.” (Mathewu 5:21, 22, 27, 28, 31-34, 38, 39, 43, 44) Lokho kubonisa ukuthi izilaleli zakhe zazijwayele ukwenza ngendlela ethile, ngokuvumelana namasiko abaFarisi adluliselwa ngomlomo. Kodwa manje uJesu wayesezibonisa indlela ehlukile—eyayibonisa umoya wangempela oqukethwe uMthetho KaMose. Kanjalo, uJesu wayethula ushintsho, futhi lokhu wayekwenza ngendlela eyayikwenza kube lula ezilalelini zakhe ukulwamukela. Yebo, uJesu washukumisela abantu ukuba benze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo, ngokomoya nangokokuziphatha. Unjalo-ke umholi weqiniso.

Incwadi ethile yezokuphathwa kwabantu iveza indlela okunzima ngayo ukwenza ushintsho olunjalo lwenzeke. Ithi: “Umbangeli woshintsho [umholi] kudingeka abe nozwela njengesisebenzi sezenhlalakahle, abe nokuqonda njengesazi sokusebenza kwengqondo, abe namandla okukhuthazela njengomgijimi webanga elide, aphikelele njengegovu lenja, angathembeli kwabanye njengomuntu ohlala yedwa, futhi abe nesineke njengomuntu olungile. Futhi ngisho noma enazo zonke lezo zimfanelo, akusho ukuthi nakanjani uyophumelela.”

“Abaholi kumelwe baziphathe ngendlela abafisa abalandeli babo baziphathe ngayo,” kuphawula isihloko esithi “Ukuhola: Ingabe Izici Zobuntu Zinendaba?” Impela, umholi okahle wenza ngokuvumelana nalokho akushumayelayo. Yeka indlela okwakuyiqiniso ngayo ngoJesu Kristu! Yebo, wafundisa labo ababenaye ukuthobeka, kodwa futhi wabanika isifundo ngokubageza izinyawo. (Johane 13:5-15) Akagcinanga ngokuthumela abafundi bakhe ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, kodwa wazikhandla kanzima kwayena kulowo msebenzi. (Mathewu 4:18-25; Luka 8:1-3; 9:1-6; 10:1-24; Johane 10:40-42) Futhi mayelana nokusabela ekuholeni, uJesu ubeka isibonelo. “INdodana ayikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kuyo siqu,” esho ebhekise kuye, “kodwa kuphela lokho ebona uYise ekwenza.”—Johane 5:19.

Ukucabanga ngalokhu okwandulele mayelana nalokho uJesu akusho nakwenza kubonisa ngokucacile ukuthi unguMholi ofiselekayo. Eqinisweni udlula zonke izindinganiso zabantu zomholi omuhle. UJesu uphelele. Njengoba athola ukungafi ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, uphila phakade. (1 Petru 3:18; IsAmbulo 1:13-18) Yimuphi nje umholi ongumuntu ongaba nezimfanelo ezinjengalezi?

Kumelwe Senzeni Thina?

NjengeNkosi ebusayo yoMbuso kaNkulunkulu, uMesiya uMholi uyothulula izibusiso esintwini esilalelayo. Mayelana nalokhu, imiBhalo iyathembisa: “Umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:11) “Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.” (Mika 4:4) “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso [isintu]. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Namuhla izwe libhekene nempicabadala yokuhola. Nokho, uJesu Kristu uholela abathobekileyo ezweni elisha elinokuthula, lapho isintu esilalelayo siyoba nobunye ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu futhi siphokophele phambili ekupheleleni. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sizinike isikhathi sokuzuza ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso noMholi ammisile bese senza ngokuvumelana nalolo lwazi!—Johane 17:3.

Enye yezindlela ezinhle kakhulu esingancoma ngazo umuntu ukumlingisa. Akufanele yini-ke sizame ukulingisa uMholi omkhulu kunabo bonke emlandweni wesintu—uJesu Kristu? Singakwenza kanjani lokho? Ukwamukela ukuhola kwakhe kuyoba naliphi ithonya ekuphileni kwethu? Le mibuzo neminye izophendulwa ezihlokweni ezimbili ezilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Bheka amakhasi 186-92 encwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 4]

UDaniyeli wabikezela ukufika koMholi okhethwe nguNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 7]

Izimfundiso zikaJesu zalungiselela abantu ukusingatha izinkinga zokuphila

[Isithombe ekhasini 7]

UJesu uyoholela isintu esilalelayo ezweni elisha elinokuthula