Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKristu Uhola Ibandla Lakhe

UKristu Uhola Ibandla Lakhe

UKristu Uhola Ibandla Lakhe

“Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—MATHEWU 28:20.

1, 2. (a) Lapho enikeza umyalo wokwenza abafundi, uJesu ovusiwe wabathembisani abalandeli bakhe? (b) UJesu walihola kanjani ngenkuthalo ibandla lamaKristu lokuqala?

NGAPHAMBI kokwenyukela ezulwini, uJesu Kristu, uMholi wethu ovusiwe, wabonakala kubafundi bakhe, wathi: “Lonke igunya linikezwe mina ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo. Futhi, bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Mathewu 23:10; 28:18-20.

2 UJesu akagcinanga ngokwabela abafundi bakhe lo msebenzi osindisa ukuphila wokwenza abafundi abengeziwe kodwa futhi wathembisa ukuba nabo. Umlando wamaKristu okuqala olotshwe encwadini yeBhayibheli yezEnzo ubonisa ngokucacile ukuthi uKristu walisebenzisa igunya ayelinikiwe ukuze ahole leli bandla elalisanda kumiswa. Wathumela “umsizi” ayemthembisile—umoya ongcwele—ukuze aqinise abalandeli bakhe futhi aqondise imizamo yabo. (Johane 16:7; IzEnzo 2:4, 33; 13:2-4; 16:6-10) UJesu ovusiwe wasebenzisa izingelosi ezimlalelayo ukuze asekele abafundi bakhe. (IzEnzo 5:19; 8:26; 10:3-8, 22; 12:7-11; 27:23, 24; 1 Petru 3:22) Ngaphezu kwalokho, uMholi wethu wanikeza ibandla isiqondiso ngokuhlela ukuba amadoda afanelekayo akhonze njengendikimba ebusayo.—IzEnzo 1:20, 24-26; 6:1-6; 8:5, 14-17.

3. Yimiphi imibuzo okuzoxoxwa ngayo kulesi sihloko?

3 Nokho, kuthiwani ngesikhathi sethu, “isiphelo sesimiso sezinto”? UJesu Kristu ulihola kanjani ibandla lobuKristu namuhla? Futhi singabonisa kanjani ukuthi siyakwamukela lokhu kuhola?

Inkosi Inesigqila Esithembekile

4. (a) Obani abakha “isigqila esikholekile nesiqondayo”? (b) INkosi isiphathiseni isigqila?

4 Lapho enikeza isiprofetho esiphathelene nesibonakaliso sokuba khona kwakhe, uJesu wathi: “Ubani ngempela oyisigqila esikholekile nesiqondayo esimiswe inkosi yaso phezu kwabendlu yayo, ukuze sibanikeze ukudla kwabo ngesikhathi esifanele? Siyajabula lesosigqila uma inkosi yaso lapho ifika isithola senza kanjalo! Ngiqinisile ngithi kini, Iyosimisa phezu kwakho konke okungokwayo.” (Mathewu 24:45-47) “Inkosi” nguMholi wethu, uJesu Kristu, futhi imise “isigqila esikholekile nesiqondayo”—indikimba yamaKristu agcotshiwe asemhlabeni—phezu kwakho konke okungokwayo emhlabeni.

5, 6. (a) Embonweni owatholwa ngumphostoli uJohane, zimelelani “izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide” kanye ‘nezinkanyezi eziyisikhombisa’? (b) Ukuba ‘kwezinkanyezi eziyisikhombisa’ sesandleni sikaJesu sokunene kubonisani?

5 Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ibonisa ukuthi isigqila esikholekile nesiqondayo silawulwa nguJesu Kristu ngokuqondile. Embonweni ‘wasosukwini lweNkosi,’ umphostoli uJohane wabona “izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, naphakathi kwezinti zezibani othile ofana nendodana yomuntu,” ‘ephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene.’ Echazela uJohane lo mbono, uJesu wathi: “Ngokuqondene nemfihlo engcwele yezinkanyezi eziyisikhombisa oziboné esandleni sami sokunene, neyezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide: Izinkanyezi eziyisikhombisa zisho izingelosi zamabandla ayisikhombisa, futhi izinti zezibani eziyisikhombisa zisho amabandla ayisikhombisa.”—IsAmbulo 1:1, 10-20.

6 “Izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide” zifanekisela wonke amabandla amaKristu eqiniso akhona “osukwini lweNkosi,” olwaqala ngo-1914. “Izinkanyezi eziyisikhombisa” zona? Ekuqaleni, zazifanekisela bonke ababonisi abagcotshiwe abazalwa ngomoya ababenakekela amabandla ekhulu lokuqala. * Laba babonisi babesesandleni sokunene sikaJesu—okungukuthi belawulwa futhi beqondiswa nguye. Yebo, uKristu Jesu wayehola lesi sigaba sesigqila. Nokho, bambalwa manje ababonisi abagcotshiwe. Ukuhola kukaKristu kwenabela kanjani emabandleni angaphezu kuka-93 000 oFakazi BakaJehova asemhlabeni wonke?

7. (a) UJesu uyisebenzisa kanjani iNdikimba Ebusayo ukuze ahole amabandla emhlabeni wonke? (b) Kungani kungathiwa ababonisi abangamaKristu bamiswa ngumoya ongcwele?

7 Njengasekhulwini lokuqala, iqembu elincane lamadoda afanelekayo aphakathi kwababonisi abagcotshiwe manje likhonza njengeNdikimba Ebusayo, emelela isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo. UMholi wethu usebenzisa le Ndikimba Ebusayo ukuze amise amadoda afanelekayo ukuba abe ngabadala emabandleni akuwo—kungakhathaliseki ukuthi agcotshwe ngomoya noma cha. Kulokhu, umoya ongcwele, uJehova aniké uJesu igunya lokuwusebenzisa, ufeza indima ebalulekile. (IzEnzo 2:32, 33) Okokuqala, laba babonisi kumelwe bahlangabezane nezimfuneko ezivezwe eZwini likaNkulunkulu, elaphefumulelwa ngumoya ongcwele. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9; 2 Petru 1:20, 21) Ukutuswa nokumiswa kwenziwa ngemva komthandazo nangaphansi kwesiqondiso somoya ongcwele. Ngaphezu kwalokho, abantu abamiswayo banikeza ubufakazi bokukhiqiza izithelo zalowo moya. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, iseluleko sikaPawulu sisebenza ngokulinganayo kubo bonke abadala, kungakhathaliseki ukuthi bagcotshiwe noma cha: “Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi.” (IzEnzo 20:28) La madoda amisiwe athola isiqondiso eNdikimbeni Ebusayo futhi alusa ibandla ngomoya ovumayo. Ngale ndlela, uKristu ukanye nathi manje futhi uhola ibandla ngenkuthalo.

8. UKristu uzisebenzisa kanjani izingelosi ukuze ahole abalandeli bakhe?

8 UJesu usebenzisa nezingelosi ezingokoqobo ekuholeni abalandeli bakhe namuhla. Ngokomfanekiso kakolweni nokhula, isikhathi sokuvuna sasiyofika “esiphelweni sesimiso sezinto.” INkosi yayizosebenzisa bani ekuvuneni? UKristu wathi: “Abavuni yizingelosi.” Wanezela: “INdodana yomuntu iyothumela izingelosi zayo, futhi ziyoqoqa zikhiphe embusweni wayo zonke izinto ezibangela ukukhubeka nabantu abenza ukungabi namthetho.” (Mathewu 13:37-41) Ngaphezu kwalokho, njengoba nje ingelosi yaqondisa uFiliphu kumthenwa ongumTopiya, kunenqwaba yobufakazi namuhla bokuthi uKristu usebenzisa izingelosi zakhe ukuze aqondise umsebenzi wamaKristu eqiniso wokuthola abanhliziyo ziqotho.—IzEnzo 8:26, 27; IsAmbulo 14:6.

9. (a) Yiziphi izindlela uKristu ahola ngazo ibandla lobuKristu namuhla? (b) Yimuphi umbuzo okufanele sicabange ngawo uma sifuna ukuzuza ekuholeni kukaKristu?

9 Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukwazi ukuthi namuhla uJesu Kristu uhola abafundi bakhe ngeNdikimba Ebusayo, ngomoya ongcwele nangezingelosi! Ngisho noma abanye babakhulekeli bakaJehova bebenganqamukelana neNdikimba Ebusayo okwesikhashana ngenxa yoshushiso noma okunye okunjalo, uKristu ubeyoqhubeka ebahola ngomoya ongcwele nangokubasekela ngezingelosi. Nokho, sizuza ekuholeni kwakhe kuphela uma sikwamukela. Singabonisa kanjani ukuthi siyakwamukela ukuhola kukaKristu?

“Lalelani . . . Nizithobe”

10. Singabahlonipha kanjani abadala abamisiwe ebandleni?

10 UMholi wethu unike amabandla “izipho ezingabantu”—“abanye njengabaprofethi, abanye njengabavangeli, abanye njengabelusi nanjengabafundisi.” (Efesu 4:8, 11, 12) Isimo sethu sengqondo ngakubo sisho lukhulu mayelana nokuthi siyakwamukela yini ukuhola kukaKristu. Kuyafaneleka ukuba ‘sizibonise sinokubonga’ ngamadoda afanelekayo ngokomoya anikezwé nguKristu. (Kolose 3:15) Ayakufanelekela futhi ukuba siwahloniphe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Amadoda amadala engamela ngendlela enhle mawabhekwe njengafanelwe udumo oluphindiwe.” (1 Thimothewu 5:17) Singakubonisa kanjani ukubonga kwethu nokuwahlonipha amadoda amadala—abadala, noma ababonisi—ebandleni? UPawulu uyaphendula: “Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.” (Heberu 13:17) Yebo, kumelwe siwalalele futhi sizithobe kuwo.

11. Kungani ukuhlonipha ilungiselelo labadala kuyindaba yokuphila ngokuvumelana nobhapathizo lwethu?

11 UMholi wethu uphelele. Amadoda awanikezile njengezipho awaphelele. Ngakho angawenza amaphutha ngezikhathi ezithile. Nokho, kubalulekile ukuba sihlale siqotho elungiselelweni likaKristu. Eqinisweni, ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela nobhapathizo lwethu kusho ukuba siqaphele ukufaneleka kwegunya elimiswe ngomoya ebandleni futhi sizithobe kulo ngomoya ovumayo. Ukubhapathizwa kwethu ‘egameni lomoya ongcwele’ kuwukuvuma obala ukuthi siyawuqaphela umoya ongcwele futhi siyayivuma indima oyifezayo ezinjongweni zikaJehova. (Mathewu 28:19) Ubhapathizo olunjalo lusikisela ukuthi siyabambisana nomoya, singenzi lutho olungathiya ukusebenza kwawo phakathi kwabalandeli bakaKristu. Njengoba umoya ongcwele ufeza indima ebalulekile ekutusweni nasekumisweni kwabadala, singasho yini ngempela ukuthi sithembekile ekuzinikezeleni kwethu uma singabambisani nelungiselelo lokuba nabadala ebandleni?

12. Yiziphi izibonelo eziphathelene nokweya igunya uJude aziphawulayo, futhi zisifundisani?

12 ImiBhalo inezibonelo ezisifundisa ukubaluleka kokulalela nokuzithoba. Ekhuluma ngalabo ababehlambalaza amadoda amisiwe ebandleni, umfundi uJude waphawula izibonelo ezintathu eziyizixwayiso, ethi: “Kubi kakhulu ngabo, ngoba baye bahamba endleleni kaKayini, futhi baye bagijimela enkambweni kaBileyamu yokuphambuka ukuze bathole umvuzo, futhi baye babhubha enkulumweni kaKora yokuhlubuka!” (Jude 11) UKayini akasinakanga iseluleko sikaJehova sothando, waphishekela ngenkani inkambo yenzondo eyaholela ekubulaleni. (Genesise 4:4-8) Naphezu kokuthola izixwayiso eziphindaphindiwe zaphezulu, uBileyamu wazama ukuqalekisa abantu bakaNkulunkulu ukuze athole umvuzo wemali. (Numeri 22:5-28, 32-34; Duteronomi 23:5) UKora wayenomthwalo wemfanelo ohloniphekile kwa-Israyeli, kodwa akanelisekanga. Wagqugquzela ukuvukela inceku kaNkulunkulu uMose, umuntu omnene kunabo bonke emhlabeni. (Numeri 12:3; 16:1-3, 32, 33) UKayini, uBileyamu noKora behlelwa yizinhlekelele. Yeka ukuthi lezi zibonelo zisifundisa ngokucace kangakanani ukulalela iseluleko salabo uJehova abasebenzisayo ezikhundleni zomthwalo wemfanelo nokubahlonipha!

13. Yiziphi izibusiso umprofethi u-Isaya azibikezelela labo abazithobayo elungiselelweni labadala?

13 Ubani nje ongeke athande ukuzuza elungiselelweni elihle lokwengamela elibekwe nguMholi wethu ebandleni lobuKristu? Umprofethi u-Isaya wabikezela izibusiso zalo, wathi: “Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela. Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:1, 2) Umdala ngamunye kufanele abe “yindawo” enjalo yesivikelo nokuphepha. Ngisho noma kunzima kithi ukuzithoba egunyeni, masizikhandle ngomthandazo ekubeni abalalelayo nabazithobayo egunyeni elimiswe ngokwaphezulu ebandleni.

Indlela Abadala Abazithoba Ngayo Ekuholeni KukaKristu

14, 15. Labo abaholayo ebandleni babonisa kanjani ukuthi bayazithoba ekuholeni kukaKristu?

14 UmKristu ngamunye—ikakhulu abadala—kumelwe alandele ukuhola kukaKristu. Ababonisi, noma abadala, banegunya elithile ebandleni. Kodwa abafuni ukuba ‘ngamakhosi phezu kokholo lwalabo abakholwa nabo’ ngokuzama ukulawula ukuphila kwabo. (2 Korinte 1:24) Abadala balalela amazwi kaJesu: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu kwazo. Lena akuyona indlela okungayo phakathi kwenu.” (Mathewu 20:25-27) Njengoba abadala befeza umthwalo wabo wemfanelo, bazama ngobuqotho ukukhonza abanye.

15 AmaKristu ayanxuswa: “Khumbulani labo abaholayo phakathi kwenu, . . . futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo nilingise ukholo lwabo.” (Heberu 13:7) Lokhu akuyona imfuneko ngoba nje abadala bengabaholi. UJesu wathi: “Munye onguMholi wenu, uKristu.” (Mathewu 23:10) Kumelwe kulingiswe ukholo lwabadala ngoba nabo bangabalingisi boMholi wethu wangempela, uKristu. (1 Korinte 11:1) Cabanga ngezinye zezindlela abadala abazama ngazo ukuba njengoKristu ebuhlotsheni babo nabanye ebandleni.

16. Naphezu kwegunya ayenalo, uJesu wayebaphatha kanjani abalandeli bakhe?

16 Nakuba uJesu ayephakeme ngazo zonke izindlela kunabantu abangaphelele futhi enegunya elingalingani nelamuntu elivela kuYise, wayephatha abafundi bakhe ngokuzithoba. Wayengazixaki izilaleli zakhe ngokubukisa ngolwazi. UJesu wayebabonisa uzwela nobubele abalandeli bakhe, ecabangela izidingo zabo. (Mathewu 15:32; 26:40, 41; Marku 6:31) Wayengalokothi afune okungaphezu kwalokho abafundi bakhe ababengakwenza, futhi engabaphathisi okungaphezu kwalokho ababengakuthwala. (Johane 16:12) UJesu ‘wayenomoya omnene futhi ethobekile ngenhliziyo.’ Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi abaningi babemthola eqabula.—Mathewu 11:28-30.

17. Abadala bebandla kufanele bakubonise kanjani ukuzithoba okunjengokukaKristu ebuhlotsheni babo nabanye ebandleni?

17 Uma uKristu uMholi ayebonisa ukuthobeka, kakhulu kangakanani ngalabo abaholayo ebandleni! Yebo, bayaqaphela ukuba bangalisebenzisi kabi noma yiliphi igunya abalinikiwe. Futhi ‘abafiki nokubukisa ngenkulumo,’ bazame ukuhlaba abanye umxhwele. (1 Korinte 2:1, 2) Kunalokho, bazama ukukhuluma amazwi eqiniso elingokomBhalo ngendlela ecacile nangobuqotho. Ngaphezu kwalokho, abadala bazama ukuba nokulinganisela kulokho abakulindele kwabanye futhi bacabangele izidingo zabo. (Filipi 4:5) Beqaphela ukuthi wonke umuntu ulinganiselwe ngandlela-thile, bababonelela ngothando abafowabo. (1 Petru 4:8) Abaqabuli yini ngempela abadala abathobekile nabanomoya omnene? Impela bayaqabula.

18. Abadala bangafundani endleleni uJesu ayephatha ngayo izingane?

18 UJesu wayengeneka ngisho nakwabaphansi. Cabanga indlela aphendula ngayo lapho abafundi bakhe bekhuza abantu ‘ababemlethela abantwana abancane.’ UJesu wathi: “Bayekeni abantwana abancane beze kimi; ningazami ukubavimba.” Khona-ke, “wabasingatha abantwana waqala ukubabusisa, ebeka izandla phezu kwabo.” (Marku 10:13-16) UJesu wayefudumele enomusa, futhi abanye babekhangwa nguye. Abantu babengamesabi uJesu. Ngisho nezingane zazikhululeka lapho zikanye naye. Nabadala bayangeneka, futhi njengoba bebonisa uthando olufudumele nomusa, abanye bazizwa bekhululekile lapho bekanye nabo—ngisho nezingane.

19. Yini ehilelekile ekubeni ‘nomqondo kaKristu,’ futhi lokhu kudinga muphi umzamo?

19 Izinga abadala abangalingisa ngalo uKristu Jesu lixhomeke ekutheni bamazi kahle kangakanani. UPawulu wabuza: “Ubani osewazi umqondo kaJehova, ukuba angamyala?” Wabe esenezela: “Kodwa sinawo umqondo kaKristu.” (1 Korinte 2:16) Ukuba nomqondo kaKristu kuhilela ukwazi indlela isibonelo yakhe yokucabanga nazo zonke izici zobuntu bakhe ukuze sazi ukuthi ubengenzenjani esimweni esithile. Cabanga nje wazi uMholi wethu kahle kangako! Yebo, lokhu kufuna ukuba sikuhlolisise ukulandisa kwamaVangeli futhi sizigcwalise njalo izingqondo zethu ngokuqonda ukuphila nesibonelo sikaJesu. Lapho abadala benza umzamo wokulandela ukuhola kukaKristu ngalelo zinga, labo abasebandleni bathambekela ngokwengeziwe ekulingiseni ukholo lwabo. Futhi abadala baba nokwaneliseka kokubona abanye belandela ngenjabulo ezinyathelweni zoMholi.

Qhubeka Ungaphansi Kokuhola KukaKristu

20, 21. Njengoba sibheke phambili ezweni elisha elithenjisiwe, yini okufanele sizimisele ukuyenza?

20 Kubalulekile ukuba sonke siqhubeke singaphansi kokuhola kukaKristu. Njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto, sisesimweni esithi asifane nesama-Israyeli emaThafeni akwaMowabi ngo-1473 B.C.E. Ayesonqenqemeni lweZwe Lesithembiso, futhi ngomprofethi uMose, uNkulunkulu wathi: “[Wena Joshuwa] uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona.” (Duteronomi 31:7, 8) UJoshuwa wayengumholi omisiwe. Ukuze angene eZweni Lesithembiso, ama-Israyeli kwakudingeka azithobe ekuholeni kukaJoshuwa.

21 IBhayibheli lithi kithi: “Munye onguMholi wenu, uKristu.” NguKristu kuphela oyosiholela ezweni elisha elithenjisiwe okuyohlala kulo ukulunga. (2 Petru 3:13) Ngakho-ke masizimisele ukuzithoba ekuholeni kwakhe kuzo zonke izici zokuphila.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 “Izinkanyezi” lapha azifanekiseli izingelosi ezingokoqobo. UJesu wayengeke neze asebenzise umuntu ukuze abhalele izidalwa zomoya ezingabonakali okuthile. Ngakho-ke, “izinkanyezi” kumelwe ukuba zimelela ababonisi abangabantu emabandleni, noma abadala, ababhekwa njengezithunywa zikaJesu. Ukuba kwazo yisikhombisa kubonisa ukuphelela okunqunywe ngokwaphezulu.

Uyakhumbula?

• UKristu walihola kanjani ibandla lokuqala?

• UKristu ulihola kanjani ibandla lakhe namuhla?

• Kungani kufanele sizithobe kulabo abaholayo ebandleni?

• Yiziphi izindlela abadala abangabonisa ngazo ukuthi uKristu unguMholi wabo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

UKristu uhola ibandla lakhe futhi uphethe ababonisi esandleni sakhe sokunene

[Izithombe ekhasini 16]

“Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe”

[Isithombe ekhasini 18]

UJesu wayenemfudumalo futhi engeneka. Abadala abangamaKristu bazama ukuba njengaye