Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhola Okuhle—Inselele Yomhlaba Wonke

Ukuhola Okuhle—Inselele Yomhlaba Wonke

Ukuhola Okuhle—Inselele Yomhlaba Wonke

Le ndoda yayingumlobi futhi iyimbongi. Inhliziyo yayo yayigcwele ithemba ngekusasa. Eminyakeni engaba ngu-90 edlule, ngeso lengqondo yabona indawo “lapho ingqondo ingenakwesaba futhi umuntu ehamba ngokuqholosha; lapho ulwazi lutholakala ngesihle; izwe elingahlukanisiwe laba yizicucu yizindonga zemingcele enyinyene; izwe lapho abantu bekhuluma khona iqiniso lodwa; nalapho ukuzikhandla ngokungakhathali kuholela ekupheleleni.”

LO MLOBI wabe esesho ukuthi wethemba ukuthi ngolunye usuku izwe lakubo kanye nawo wonke umhlaba kuyoba yindawo enjalo. Ukube isaphila namuhla le mbongi eyazuza uMklomelo KaNobel, ibiyodumala kakhulu. Naphezu kwakho konke ukuthuthuka nokuphumelela kwalo, izwe lihlukene kakhulu kunanini ngaphambili. Futhi ikusasa lesintu sisonke lisalokhu lifiphele.

Lapho ebuzwa ukuthi kungani kwabheduka udlame kungazelelwe phakathi kwamaqembu athile ezweni lakubo, umlimi othile waphawula lokho ayekubheka njengesinye sezizathu. Wathi: “Kungenxa yabaholi abakhohlakele.” Encwadini yaso ethi Humanity—A Moral History of the Twentieth Century, isazi-mlando uJonathan Glover siveza umbono ofanayo, sithi: “Ukuqothulwa kwesizwe [kulo lelo zwe] kwakungekhona ukubheduka kwenzondo yezizwe okuzenzakalelayo, kwakuhlelwe abantu abafuna ukuqhubeka bephethe.”

Lapho kugqashuka impi phakathi kwama-republic amabili asendaweni eyayiyiYugoslavia ngasekuqaleni kwawo-1990, intatheli ethile yabhala: “Besihlala ndawonye ngenjabulo iminyaka eminingi kodwa manje sesibulala abantwana bomunye nomunye. Singenwé yini?”

Ezinkulungwaneni zamakhilomitha ukusuka eYurophu kunezwe laseNdiya, lapho kwazalelwa khona imbongi eshiwo ekuqaleni. Enkulumweni ethi “Ingabe ElaseNdiya Lingasinda Njengesizwe Esibumbene?,” umlobi uPranay Gupte waphawula: ‘Abangaba ngamaphesenti angu-70 enanini elikhulu labantu baseNdiya bangaphansi kweminyaka engu-30 ubudala, kodwa abekho abaholi ababanikeza izibonelo zokuzilandela.’

Emazweni athile, abaholi kuye kwadingeka bayeke izikhundla zabo ngenxa yamacala okukhwabanisa. Ngakho, ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, kusobala ukuthi umhlaba ubhekene nenhlekelele ekuholeni. Izimo zifakazela ukuba yiqiniso kwamazwi omprofethi othile owayephila eminyakeni engaba ngu-2 600 edlule. Wathi: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.

Likhona yini ikhambi lezinkathazo zezwe zanamuhla? Ubani ongaholela isintu ezweni lapho umphakathi wakhona ungahlukanisiwe yimibango futhi ungakhungethwe ukwesaba, lapho ulwazi lweqiniso lutholakala khona ngesihle futhi luyinala, nalapho isintu siphokophela ekupheleleni khona?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Fatmir Boshnjaku