Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funa UNkulunkulu Ngenhliziyo Nangengqondo Yakho

Funa UNkulunkulu Ngenhliziyo Nangengqondo Yakho

Funa UNkulunkulu Ngenhliziyo Nangengqondo Yakho

UbuKristu beqiniso bukhuthaza ukusebenzisa inhliziyo nengqondo ekwakheni ukholo oluthokozisa uNkulunkulu.

EMPELENI, umsunguli wobuKristu, uJesu Kristu, wafundisa ukuthi kumelwe sithande uNkulunkulu “ngengqondo yonke,” noma ukuhlakanipha, ngalé kokumthanda ‘ngenhliziyo yonke,’ ‘nangomphefumulo wonke.’ (Mathewu 22:37) Yiqiniso, amandla engqondo yethu kumelwe abe nengxenye ekukhulekeleni kwethu.

Lapho ecela izilaleli zakhe ukuba zizindle ngezimfundiso zakhe, uJesu wayevame ukuthi: “Nicabangani?” (Mathewu 17:25; 18:12; 21:28; 22:42) Ngendlela efanayo, umphostoli uPetru wabhalela ayekholwa nabo ukuze ‘avuse amandla abo okucabanga.’ (2 Petru 3:1) Umphostoli uPawulu, isithunywa sevangeli sakuqala esahamba izindawo eziningi, wanxusa amaKristu ukuba asebenzise “amandla awo okucabanga” futhi ‘azitholele [ngokwawo] intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.’ (Roma 12:1, 2) Kungale ndlela yokuhlola izinkolelo zawo okucatshangisiswe ngokucophelela kuphela lapho amaKristu angakha ukholo oluthokozisa uNkulunkulu futhi oluyomelana novivinyo oluvelayo ekuphileni.—Heberu 11:1, 6.

Ukuze asize abanye bakhe ukholo olunjalo, amaKristu akuqala angabavangeli ‘abonisana nabo ngemiBhalo, echaza futhi ebonisa ngezingcaphuno’ izinto ayezifundisa. (IzEnzo 17:1-3) Le ndlela enengqondo yenza abanhliziyo ziqotho basabela kahle. Ngokwesibonelo, iningi labantu basemzini waseMakedoniya iBereya “bamukela izwi [likaNkulunkulu] ngokulangazela okukhulu kakhulu kwengqondo, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.” (IzEnzo 17:11) Kunezinto ezimbili okungaba kuhle siziqaphele lapha. Okokuqala, abaseBereya babelangazelela ukuzwa iZwi likaNkulunkulu; okwesibili, abazange ngobuwula bakwamukele njengokuyiqiniso ababekuzwa, kodwa bakuhlola emiBhalweni. Ngokuthobeka, isithunywa sevangeli esingumKristu uLuka sabatusa abaseBereya ngalokhu, sathi “banengqondo enhle.” Ingabe uyayibonisa le ngqondo enhle lapho usingatha izindaba ezingokomoya?

Ingqondo Nenhliziyo Kuyabambisana

Njengoba kuboniswe ngaphambili, ukukhulekela kweqiniso kuhilela ingqondo nenhliziyo. (Marku 12:30) Khumbula isihloko esandulela lesi nomfanekiso kamapendana oqashiwe owapenda indlu ngemibala okungeyona. Ukube wayelalele ngokucophelela iziqondiso zomqashi wakhe, wayeyowenza ngenhliziyo nangengqondo yakhe yonke umsebenzi wakhe futhi aqiniseke ukuthi umninindlu uyowutusa umsebenzi wakhe. Kungokufanayo nasekukhulekeleni kwethu.

UJesu wathi: “Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23) Ngenxa yalokho, umphostoli uPawulu wabhala: “Yingakho futhi . . . singayekanga ukunithandazela futhi sicela ukuba nigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa.” (Kolose 1:9, 10) Lolo lwazi “olunembile” lubangela abanhliziyo ziqotho ukuba bakhulekele ngenhliziyo nangomphefumulo wabo benokuqiniseka okugcwele ngoba “bakhulekela [kwaba]kwaziyo.”—Johane 4:22.

Ngenxa yalezi zizathu, oFakazi BakaJehova abazibhapathizi izinsana noma abantu abathakazelayo abangakayitadishi ngokucophelela imiBhalo. UJesu wathuma abalandeli bakhe: “[Nenze] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Kungemva kokuba abafundi beBhayibheli bezuze ulwazi olunembile ngentando kaNkulunkulu kuphela lapho bangenza khona izinqumo ezinengqondo mayelana nendaba yokukhulekela. Ingabe uyazama ukuthola lolo lwazi olunembile?

Ukuqonda Umthandazo WeNkosi

Ukuze sibone umahluko phakathi kokuba nolwazi olunembile lweBhayibheli nokuba nolwazi olungatheni lwalokho elikushoyo, ake sicabangele lokho okuvame ukubizwa ngokuthi uBaba Wethu, noma uMthandazo WeNkosi, olotshwe kuMathewu 6:9-13.

Izigidi ziphindaphinda umthandazo kaJesu oyisibonelo njalo emasontweni. Kodwa bangaki abaye bafundiswa incazelo yawo, ikakhulu ingxenye yokuqala yomthandazo ekhuluma ngegama likaNkulunkulu noMbuso? Lezi zihloko zibaluleke kakhulu kangangokuba uJesu waqala ngazo emthandazweni.

Uqala ngokuthi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho,” okusho ukwenza ngcwele. Phawula ukuthi uJesu wathi makuthandazelwe igama likaNkulunkulu ukuba lingcweliswe. Kubantu abaningi, lokhu kuphakamisa imibuzo okungenani emibili. Owokuqala, ubani igama likaNkulunkulu? Owesibili, kungani kudingeka lingcweliswe?

Impendulo yombuzo wokuqala ingatholwa ezindaweni ezingu-7 000 eBhayibhelini lezilimi zokuqala. Enye yazo yiHubo 83:18: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (Omalukele sizenzele.) Mayelana negama likaNkulunkulu, elithi Jehova, u-Eksodusi 3:15 uthi: “Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.” * Kepha kungani igama likaNkulunkulu, eliwubumsulwa nobungcwele uqobo lwabo, kumelwe lingcweliswe? Ngoba liye lahlanjalazwa futhi lanyundelwa kusukela ekuqaleni komlando wesintu.

E-Edene, uNkulunkulu watshela u-Adamu no-Eva ukuthi babeyokufa uma bedla umuthi owenqatshelwe. (Genesise 2:17) Ngamabomu uSathane waphikisa uNkulunkulu, ethi ku-Eva: “Aniyikufa nokufa.” Ngaleyo ndlela uSathane wasola uNkulunkulu ngokuqamba amanga. Kodwa akagcinanga lapho. Walihlazisa nangokwengeziwe igama likaNkulunkulu, watshela u-Eva ukuthi uNkulunkulu wayemgodlela ngokungafanele ulwazi olubalulekile. “Kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” Yeka ukunyundela!—Genesise 3:4, 5.

Ngokudla isithelo esenqatshelwe, u-Adamu no-Eva bema noSathane. Kusukela ngaleso sikhathi abantu abaningi, ngamabomu noma ngokungazi, baye banezela esihlambeni ngokwenqaba izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. (1 Johane 5:19) Abantu basamhlambalaza uNkulunkulu ngokumsola ngokuhlupheka kwabo—ngisho noma kubangelwa izindlela zabo ezingalungile. IzAga 19:3 zithi, “Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.” Uyabona-ke yini ukuthi kungani uJesu, owayemthanda ngempela uYise, athandazela ukuba igama laKhe lingcweliswe?

“Umbuso Wakho Mawuze”

Ngemva kokuthandazela ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe, uJesu wathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Mayelana nalawo mazwi, singase sibuze: ‘Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Futhi ukuza kwawo kuhlangene ngani nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni?’

EBhayibhelini, igama elithi “umbuso” ngokuyisisekelo lisho “ukubusa kwenkosi.” Kunengqondo-ke ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ubhekisela ekubuseni, noma kuhulumeni kaNkulunkulu, onenkosi ayikhethile. Le Nkosi ingaba ngubani omunye ngaphandle kukaJesu Kristu ovusiwe—“iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.” (IsAmbulo 19:16; Daniyeli 7:13, 14) Ngokuphathelene noMbuso KaMesiya kaNkulunkulu ophathiswe uJesu Kristu, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Ezinsukwini zalawo makhosi [ohulumeni babantu ababusayo manje] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade,” okungukuthi unomphela.—Daniyeli 2:44.

Ngempela, uMbuso kaNkulunkulu uyolawula umhlaba ngokuphelele, ususe bonke ububi obukuwo futhi ubuse “phakade,” okungukuthi isikhathi esingapheli. Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu uyindlela uJehova angcwelisa ngayo igama lakhe, asuse sonke isihlamba namanga kaSathane nabantu ababi.—Hezekeli 36:23.

Njengabo bonke ohulumeni, uMbuso kaNkulunkulu unezikhonzi. Zingobani? IBhayibheli liyaphendula: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:11) Ngokufanayo, uJesu wathi: “Babusisiwe abamnene‚ ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.” Yiqiniso, laba banolwazi olunembile lukaNkulunkulu, ulwazi oluyimfuneko yokuphila.—Mathewu 5:5; Johane 17:3.

Ungawucabanga yini umhlaba wonke ugcwele abantu abathobekile nabamnene abamthanda ngempela uNkulunkulu futhi abathandanayo bebodwa? (1 Johane 4:7, 8) Yilokho uJesu akuthandazela lapho ethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” Ingabe uyaqonda ukuthi kungani uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kanjalo? Okubaluleke nakakhulu, uyabona yini ukuthi ukugcwaliseka kwalo mthandazo kungakuthinta kanjani wena ngokwakho?

Izigidi Manje Zibonisana Nabanye NgemiBhalo

UJesu wabikezela ngomkhankaso wembulunga yonke wemfundo engokomoya eyayizobikezela ngoMbuso kaNkulunkulu ozayo. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela [kwezwe noma isimiso samanje] kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova abacela ezigidini eziyisithupha bahlanganyela lezi zindaba ezinhle nomakhelwane babo. Bayakumema ukuba ufunde okwengeziwe ngoNkulunkulu noMbuso wakhe ‘ngokuhlolisisa ngokucophelela imiBhalo,’ usebenzisa amandla akho okucabanga. Ukwenza kanjalo kuyoqinisa ukholo lwakho, kukwenze uthokoze ngenxa yethemba lokuphila epharadesi emhlabeni, eliyogcwala “ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:6-9.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 14 Ezinye izazi zikhetha ukusebenzisa elithi “Yahweh” kunelithi “Jehova.” Nokho, abahumushi abaningi beBhayibheli banamuhla baye balikhipha igama likaNkulunkulu ezinguqulweni zabo, esikhundleni salo bafaka iziqu ezinjengesithi “Nkosi noma “Nkulunkulu.” Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe kwegama likaNkulunkulu, siza uhlole incwajana ethi Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade enyatheliswe oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

LINGISA UMFUNDISI OMKHULU

UJesu ngokuvamile wayefundisa ngokuba anamathele ezihlokweni eziqondile zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ngemva kokuvuswa kwakhe wachaza indima yakhe enjongweni kaNkulunkulu kubafundi ababili ababedidwe ukufa kwakhe. ULuka 24:27 uthi: “Eqalisa kuMose nakubo bonke abaProfethi wabachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.”

Phawula ukuthi uJesu wakhetha isihloko esiqondile—esiphathelene “naye,” uMesiya—nokuthi engxoxweni yakhe wayecaphuna “kuyo yonke imiBhalo.” Empeleni, uJesu wahlanganisa ndawonye izindinyana zeBhayibheli ezihlobene njengezingxenye ze-jigsaw puzzle, okwabangela abafundi bakhe bawubona umkhondo ocacile weqiniso elingokomoya. (2 Thimothewu 1:13) Umphumela waba ukuthi abazange bakhanyiseleke nje kuphela kodwa bathinteka nangokujulile. Ukulandisa kuyasitshela: “Bathi komunye nomunye: ‘Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi emgwaqweni, njengoba ebesivulela imiBhalo ngokugcwele?’”—Luka 24:32.

OFakazi BakaJehova balwela ukulingisa izindlela zikaJesu enkonzweni yabo. Izinsiza-kufundisa zabo eziyinhloko yincwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? nencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Zikhuluma ngezihloko eziningi zeBhayibheli, njengesithi: “Ungubani UNkulunkulu?,” “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?,” “Ungayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?,” “Lezi Izinsuku Zokugcina!,” nesithi “Ukwakha Umkhaya Odumisa UNkulunkulu.” Isifundo ngasinye siqukethe imibhalo eminingi.

Ungaxhumana noFakazi BakaJehova abasendaweni yakini noma ubhalele ekhelini eliboniswe ekhasini 2 lalo magazini ukuze uthole isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala ngalezi zihloko nezinye.

[Isithombe]

Finyelela inhliziyo yomuntu omfundelayo ngokugxila ezihlokweni eziqondile zeBhayibheli

[Izithombe ekhasini 7]

Ingabe uyawuthola umqondo wencazelo yomthandazo kaJesu oyisibonelo?

“Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho . . . ”

“Umbuso wakho [kaMesiya] mawuze . . . ”

“Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini”