Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlala Uphapheme, Uqhubekele Phambili Ngesibindi!

Hlala Uphapheme, Uqhubekele Phambili Ngesibindi!

Hlala Uphapheme, Uqhubekele Phambili Ngesibindi!

Umbiko Ngemihlangano Ekhethekile

UBANI ongaphika ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina okunzima ukubhekana nazo”? NjengoFakazi BakaJehova, asigonyiwe ekucindezeleni ‘kwezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Nokho siyaqaphela ukuthi abantu badinga usizo. Abakuqondi okushiwo izenzakalo zezwe. Badinga induduzo nethemba. Ngokuyinhloko, iyiphi indima esinayo ekusizeni abanye abantu?

UNkulunkulu usithume ukuba sihlanganyele nabanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe. (Mathewu 24:14) Abantu kudingeka bazi ukuthi lo Mbuso wasezulwini uyilona kuphela kwethemba lesintu. Nokho, isigijimi sethu asamukelwa kahle ngazo zonke izikhathi. Kwezinye izindawo umsebenzi wethu uye wavalwa, nabafowethu bashushiswa. Noma kunjalo, asiyeki. Njengoba sithembele ngokugcwele kuJehova, sizimisele ukuhlala siphapheme futhi siqhubekele phambili ngesibindi, simemezela izindaba ezinhle ngaphandle kokuyekethisa.—IzEnzo 5:42.

Lokho kuzimisela okuqinile kwakusobala emihlanganweni ekhethekile eyayingo-October ka-2001. NgoMgqibelo, mhlaka-October 6, umhlangano waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania wawubanjelwe eJersey City, eNew Jersey, eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova e-United States. * Ngosuku olulandelayo imihlangano yokwenezela yabanjelwa ezindaweni ezine, emithathu e-United States nowodwa eCanada. *

Esethulweni sakhe emhlanganweni waminyaka yonke, usihlalo, uSamuel F. Herd, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wakhuluma ngamaHubo 92:1, 4 wabe esethi: “Sifuna ukuzibonakalisa sinokubonga.” Nembala, izizathu zokubonga zanikezwa emibikweni emihlanu evela emhlabeni wonke.

Imibiko Evela Kude Naseduze

UMzalwan’ u-Alfred Kwakye wabika ngentuthuko yomsebenzi wokushumayela eGhana, ngaphambili eyayaziwa ngeGold Coast. Umsebenzi wethu wawuvinjelwe iminyaka eminingi kuleliya zwe. Abantu babebuza: “Kungani nivinjelwe? Nenzeni?” Lokhu kwakuvula amathuba okufakaza, kuchaza uMzalwane uKwakye. Lapho kuphela ukuvinjelwa ngo-1991, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-34 421 eGhana. Ngo-August 2001 ingqikithi yayingu-68 152—ukwanda okungamaphesenti angu-98. Amalungiselelo okuba kwakhiwe iHholo LoMhlangano elizohlalisa abantu abangu-10 000 ayaqhubeka. Kuyacaca, abafowethu abangokomoya eGhana bayisebenzisa ngokunenzuzo inkululeko yabo engokwenkolo.

Ngisho naphezu kweziyaluyalu zombusazwe, abafowethu e-Ireland bahlanganyela ngenkuthalo enkonzweni, futhi bayahlonishwa ngenxa yokuma kwabo kokungathathi hlangothi. I-Ireland inamabandla angu-115 ezifundeni eziyisithupha, kusho uPeter Andrews umqondisi weKomiti Legatsha. UMzalwan’ u-Andrews walandisa ngokuhlangenwe nakho kukaLiam, umfana oneminyaka eyishumi ongesabi ukufakaza esikoleni. ULiam wahambisela abafundi abangu-25 ekilasini kanye nothisha wakhe Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli enyatheliswa oFakazi BakaJehova. ULiam wayefuna ukubhapathizwa, nokho othile wabuza ukuthi wayengemncane kakhulu nje. ULiam waphendula: “Akuyona iminyaka yami kodwa uthando lwami ngoJehova okufanele lunqume. Ubhapathizo lwami luzobonisa ukuthi ngimthanda kangakanani.” Umgomo kaLiam ukuba abe isithunywa sevangeli.

Ngo-1968 kwakunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-5 400 eVenezuela. Kodwa manje kunabangu-88 000, kusho uStefan Johansson, umqondisi weKomiti Legatsha. Futhi kunethuba elihle lokwanda okwengeziwe njengoba kwakunabangu-296 000 eSikhumbuzweni ngo-2001. Ngo-December ka-1999, izimvula ezinkulu zabangela udaka olwabulala abantu okucatshangelwa ukuthi babengu-50 000, kuhlanganise noFakazi abaningana. Elinye iHholo LoMbuso lagcwala udaka olwacishe lwathinta uphahla. Lapho othile esikisela ukuba isakhiwo sishiywe, abazalwane baphendula: “Ngeke! Leli Hholo LoMbuso lithi thina, asinakulilahla manje.” Baqala ukusebenza, bekhuculula udaka oluningi, amatshe, nenye imfucuza. Isakhiwo savuselelwa, futhi abazalwane bathi sihle nakakhulu manje kunangaphambi kokugadla kwenhlekelele!

Kukhulunywa izilimi ezingu-87 ePhilippines, kusho uMzalwan’ uDenton Hopkinson, umqondisi weKomiti Legatsha. Phakathi nonyaka odlule wenkonzo, kwakhululwa iNguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngezilimi ezintathu eziyinhloko zendawo—isiCebuano, isi-Iloko, nesiTagalog. UMzalwan’ uHopkinson walandisa ngokuhlangenwe nakho komfanyana oneminyaka engu-9 owafunda incwadi ethi Izindaba EzinhleZokukwenza Uthokoze, eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova. Wathola ezinye izincwadi egatsheni, nazo azifunda, nokho umkhaya wakubo wamphikisa. Ngemva kweminyaka eminingi lapho esesikoleni sokufundela ubudokotela, waxhumana negatsha futhi wacela isifundo seBhayibheli. Wabhapathizwa ngo-1996, ngemva nje kwalokho wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Manje ukhonza nomkakhe ehhovisi legatsha.

‘IPuerto Rico iqhuba ibhizinisi “lokuthumela oFakazi kwamanye amazwe,”’ kuchaza umqondisi weKomiti Legatsha uRonald Parkin. KunoFakazi abacishe babe ngu-25 000 esiqhingini, nokho inani liye lahlala linjalo iminyaka eminingi. Kungani? Phela, kulinganiselwa ukuthi iPuerto Rico “ithumela” e-United States abamemezeli abacela kwabayinkulungwane unyaka ngamunye, iningi labo lithuthela khona ngezizathu zezomnotho. UMzalwan’ uParkin walandisa ngesinqumo senkantolo esiyingqopha-mlando esasihilela uLuis, uFakazi oneminyaka engu-17 owayenomdlavuza wegazi. Ngenxa yokuthi uLuis wenqaba igazi, udaba lwakhe lwayiswa enkantolo. Umahluleli wasenkantolo wayefuna ukuzikhulumela naye mathupha, ngakho wamvakashela esibhedlela. ULuis wambuza: “Angithi ukube bengenze ubugebengu obungathi sína, ubuyongahlulela njengomuntu omdala, kwenziwa yini ukuthi lapho ngifuna ukulalela uNkulunkulu, ungiphathe njengomntwana?” Umahluleli waneliseka ukuthi wayengumntwana ovuthiwe okwazi ukuzinqumela.

Ngemva kwemibiko evela emazweni akude, uHarold Corkern, weKomiti Yegatsha lase-United States waxoxa nezikhonzi zikaJehova ezine ezingomakadebona. U-Arthur Bonno useneminyaka engu-51 esenkonzweni yesikhathi esigcwele futhi manje ukhonza eKomitini Legatsha lase-Ecuador. U-Angelo Catanzaro useneminyaka engu-59 esenkonzweni yesikhathi esigcwele, eminingi yayo engumbonisi ojikelezayo. URichard Abrahamson wathola iziqu eSikoleni SaseGileyadi ngo-1953, futhi waba nelungelo lokwengamela umsebenzi eDenmark iminyaka engu-26 ngaphambi kokuba abuyele eBethel yaseBrooklyn. Ekugcineni, bonke bajabula ukuzwa uMzalwan’ uCarey W. Barber oneminyaka engu-96 ubudala ekhuluma. UMzalwan’ uBarber wabhapathizwa ngo-1921, usebe senkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka engu-78 kanti ubelokhu eyilungu leNdikimba Ebusayo kusukela ngo-1978.

Izinkulumo Ezishukumisayo

Umhlangano wonyaka wawuhlanganisa nochungechunge lwezinkulumo ezishukumisa ingqondo. Umzalwan’  uRobert W. Wallen wakhuluma ngesihloko esithi “Abantu Begama Lakhe.” Singabantu begama likaNkulunkulu, futhi sitholakala emazweni angaphezu kwangu-230. UJehova usinike “isikhathi esizayo nethemba.” (Jeremiya 29:11) Kumelwe siqhubeke simemezela uMbuso kaNkulunkulu, sitshela abanye umyalezo wenduduzo. (Isaya 61:1) “Kwangathi usuku nosuku singaqhubeka siphila ngegama esibizwa ngalo, oFakazi BakaJehova,” kuphetha uMzalwan’ uWallen.—Isaya 43:10.

Ingxenye yokugcina yesimiso yayiwuchungechunge lwabazalwane abathathu beNdikimba Ebusayo. Isihloko salo sasithi “Manje Isikhathi Sokuhlala Uphapheme, Ume Uqinile, Futhi Unamandla.”—1 Korinte 16:13.

Okokuqala uMzalwan’ uStephen Lett wakhuluma ngesihloko esithi “Hlala Uphapheme Kuleli Hora Lokugcina.” Ukulala okungokomzimba kuyisipho, kuchaza uMzalwan’ uLett. Kuyasivuselela. Nokho, ukulala ngokomoya akukaze kube yinzuzo. (1 Thesalonika 5:6) Singahlala kanjani-ke siphapheme ngokomoya? UMzalwan’ uLett waveza “amakhambi” amathathu angokomoya. (1) Yiba nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi. (1 Korinte 15:58) (2) Siqaphele isidingo sakho esingokomoya. (Mathewu 5:3) (3) Sabela ngokushesha eselulekweni seBhayibheli ukuze wenze ngokuhlakanipha.—IzAga 13:20.

UMzalwan’ uTheodore Jaracz wanikeza inkulumo eshukumisayo eyayinesihloko esithi “Yima Uqinile Ngaphansi Kovivinyo.” Ebhekisela kusAmbulo 3:10, uMzalwan’ uJaracz wabuza: “Liyini ‘ihora lokuvivinywa’?” Lolo vivinyo lufika “osukwini lweNkosi,” esesikulo manje. (IsAmbulo 1:10) Uvivinyo lumayelana nempikiswano eyinhloko—ingabe sisekela uMbuso kaNkulunkulu omisiwe noma isimiso sezinto esonakele sikaSathane? Lize liphele lelo hora lokuvivinywa, nakanjani sizobhekana nokulingwa nezinkinga. Ingabe siyohlala sithembekile kuJehova nenhlangano yakhe? ‘Kuyofanele sibonise lokho kwethembeka,’ kuphawula uMzalwan’ uJaracz.

Ekugcineni, uMzalwan’ uJohn E. Barr wakhuluma ngesihloko esithi “Khula Ube Namandla Njengomuntu Ongokomoya.” Ebhekisela kuLuka 13:23-25, wathi kumelwe sizikhandle ‘ukuba singene ngomnyango owumngcingo.’ Abanye bayehluleka ngoba abakhuthele ngokwanele ukuba bakhule babe namandla. Ukuze sibe amaKristu akhule ngokwanele, kumelwe sifunde ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuzo zonke izici zokuphila. UMzalwan’ uBarr wanxusa: “Ngiyethemba nizovuma ukuthi manje isikhathi (1) sokugcina uJehova eza kuqala; (2) sokukhula sibe namandla; (3) nesokuzikhandla ekwenzeni intando kaJehova. Ngokwenza kanjalo siyokwazi ukungena ngomnyango owumngcingo oholela ekuphileni okumangalisayo okungenasiphelo.”

Njengoba lo mhlangano waminyaka yonke wawusufinyelela esiphethweni, kwakunombuzo owodwa owawungakaphendulwa: Sithini isihloko sonyaka wenkonzo sika-2002? Lowo mbuzo waphendulwa ngosuku olulandelayo.

Umhlangano Wokwenezela

Ilukuluku lalilikhulu ngeSonto ekuseni njengoba isimiso somhlangano wokwenezela sasiqala. Saqala ngesifundo se-Nqabayokulinda esifushanisiwe, esalandelwa ukufingqwa kwezici ezivelele zomhlangano waminyaka yonke. Ngemva kwalokho, bonke bajabulela ukuzwa inkulumo esekelwe esihlokweni sonyaka sika-2002: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28) Le nkulumo yayisekelwe ezihlokweni ezifundwayo nezanyatheliswa kamuva kumagazini we-Nqabayokulinda ka-December 15, 2001.

Ngemva kwalokho, abanye ababeyizihambeli zemihlangano ekhethekile ‘yabaFundisi Bezwi LikaNkulunkulu’ eFrance nase-Italy ngo-August 2001 balandisa ngendlela abazizwa ngayo. * Ekugcineni, njengomvuthwandaba wesimiso, izikhulumi ezivakashile zivela eBethel yaseBrooklyn zanikeza izinkulumo ezimbili.

Eyokuqala yayinesihloko esithi “Ukwethembela Ngesibindi KuJehova Phakathi Nalezi Zinsuku Zokugcina.” Isikhulumi sathuthukisa la maphuzu ayinhloko: (1) Ukwethembela kuJehova ngesibindi bekulokhu kubalulekile kubantu bakaNkulunkulu. IBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi zalabo ababonisa isibindi nokholo lapho bebhekene nokuphikiswa. (Heberu 11:1–12:3) (2) UJehova usinikeza isizathu esizwakalayo sokumethemba ngokuphelele. Imisebenzi yakhe neZwi lakhe kuqinisekisa ukuthi uyazikhathalela izinceku zakhe nokuthi akayikuzilibala. (Heberu 6:10) (3) Isibindi nethemba kudingeka ngokukhethekile namuhla. ‘Siyizinto zokuzondwa,’ njengoba uJesu abikezela. (Mathewu 24:9) Ukuze sikhuthazele, kudingeka sithembele eZwini likaNkulunkulu, isiqinisekiso sokuthi umoya wakhe unathi, nesibindi sokuqhubeka simemezela izindaba ezinhle. (4) Izibonelo zibonisa ukuthi sibhekene nokuphikiswa njengamanje. Bonke bathinteka njengoba isikhulumi sasilandisa lokho abafowethu abaye bakukhuthazelela e-Armenia, eFrance, eGeorgia, eKazakhstan, eRussia, naseTurkmenistan. Yiqiniso, manje isikhathi sokubonisa isibindi nokwethembela kuJehova!

Isikhulumi sokugcina sakhuluma ngesihloko esithi “Ukuqhubekela Phambili Ngobunye Nenhlangano KaJehova.” Le nkulumo yahlanganisa amaphuzu amaningana afike ngesikhathi. (1) Ukuphokophela phambili kwabantu bakaJehova kuqashelwa yonke indawo. Umsebenzi wethu wokushumayela nemihlangano yethu emikhulu isenza siqashelwe umphakathi. (2) UJehova uye wasungula inhlangano enobunye. Ngo-29 C.E., uJesu wagcotshwa ngomoya ongcwele ukuze abuthele ndawonye “zonke izinto”—labo abanesiphetho sasezulwini nalabo abanethemba lasemhlabeni—emkhayeni kaNkulunkulu onobunye. (Efesu 1:8-10) (3) Imihlangano emikhulu iwuphawu oluvelele lobunye bomhlaba wonke. Lokhu kwabonakala ngokucacile emihlanganweni emikhulu ekhethekile eyayibanjwe eFrance nase-Italy ngo-August odlule. (4) Kwamukelwa izwi lesinqumo elishukumisayo eFrance nase-Italy. Isikhulumi sacaphuna izingxenye ezimbalwa zezwi lesinqumo elishukumisayo. Izwi lesinqumo eliphelele lingezansi.

Esiphethweni senkulumo yokugcina, isikhulumi esihambele safunda isaziso esithinta inhliziyo esivela eNdikimbeni Ebusayo. Ngokwengxenye sasithi: “Manje isikhathi sokuhlala siphapheme futhi siqaphile, siqonda indlela izenzakalo zezwe ezenzeka ngayo. . . . Sifisa ukudlulisela kini ukukhathalela kothando iNdikimba Ebusayo enakho ngani kanye nabo bonke abantu bakaNkulunkulu. Kwangathi anganibusisa ngokucebile ekwenzeni intando yakhe ngomphefumulo wonke.” Abantu bakaNkulunkulu yonke indawo bazimisele ukuhlala bephapheme kulezi zikhathi ezibucayi nokuqhubeka bephokophele phambili ngesibindi nenhlangano kaJehova.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Isimiso somhlangano waminyaka yonke saxhunywa ngocingo ezindaweni eziningana, okwenza ingqikithi yababa khona yaba ngu-13 757.

^ par. 5 Imihlangano yokwenezela yabanjelwa eLong Beach, eCalifornia; ePontiac, eMichigan; e-Uniondale, eNew York; naseHamilton, e-Ontario. Inani lababekhona, kuhlanganisa nababexhunywe ngocingo kwezinye izindawo, lalingu-117 885.

^ par. 23 Kwaba nemihlangano emithathu eFrance—eParis, eBordeaux, naseLyons. E-Italy izihambeli ezivela e-United States zabelwa ukuba ziye eRome naseMilan, nakuba kwaqhutshwa ingqikithi yemihlangano engu-9 ngesikhathi esisodwa.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 29-31]

Izwi Lesinqumo

Ngo-August 2001, kwaba nemihlangano emikhulu ekhethekile ‘YabaFundisi Bezwi LikaNkulunkulu’ eFrance nase-Italy. Kuleyo mihlangano, kwethulwa izwi lesinqumo elishukumisayo. Nali lelo zwi lesinqumo.

“NJENGOFAKAZI BAKAJEHOVA, sonke thina esihlangene kulo Mhlangano ‘WabaFundisi Bezwi LikaNkulunkulu’ siye safundiswa imfundo ezuzisa kakhulu. Umthombo wale mfundo uvezwe ngokucacile. Le mfundiso ayiveli kumuntu. Ivela kuLowo umprofethi wamandulo u-Isaya amchaza ngokuthi ‘uMfundisi Omkhulu.’ (Isaya 30:20, NW) Phawula isikhumbuzo sikaJehova njengoba sishiwo ku-Isaya 48:17: ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo; okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.’ Ukufeza kanjani lokhu? Indlela eyinhloko ingencwadi eye yahunyushwa kakhulu ukuzedlula zonke neye yasakazwa kabanzi emhlabeni, iBhayibheli, elisitshela ngokungagungci: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”—2 Thimothewu 3:16.

“Namuhla isintu siyidinga impela leyo mfundo enenzuzo. Kungani kushiwo kanjalo? Lapho becabanga ngesimo saleli zwe esishintshayo nesididayo, yini abantu abanengqondo abayivumayo? Kalula yilokhu: Nakuba izigidi ziye zafundiswa ezikoleni zemfundo zezwe, kunokuntuleka kwezimiso okushaqisayo nokwehluleka ukuhlukanisa okuhle nokubi. (Isaya 5:20, 21) Ukuntuleka kwemfundo engokweBhayibheli kudlangile. Nakuba ubuchwepheshe bunikeza intilibathwa yolwazi ngama-computer, zitholakalaphi izimpendulo zemibuzo ebalulekile njengothi, Iyini injongo yokuphila? Kufanele siziqonde kanjani izenzakalo zesikhathi sethu? Likhona yini ithemba eliqinile ngekusasa? Ingabe ukuthula nokulondeka kuyoke kube into engokoqobo? Ngaphezu kwalokho, emashalofini omtapo wezincwadi kunezigidi zezincwadi zokucwaninga ezihlanganisa cishe yonke imikhakha umuntu ayizamile. Noma kunjalo, isintu siphinda amaphutha angaphambili. Ubugebengu buyanda. Izifo okwakucatshangwa ukuthi sezaqedwa ziyabheduka futhi, kuyilapho ezinye, njengengculaza, zibhebhetheka ngendlela eshaqisayo. Ukuphila komkhaya kuwohloka ngezinga elididayo. Ukungcola kunukubeza indawo esizungezile. Ubuphekula nezikhali ezibhubhisa ngobuningi zisongela ukuthula nokulondeka. Izinkinga ezingenazisombululo ziyaqhubeka zanda. Iyini indima yethu efanele ekusizeni abanye abantu kulezi zikhathi ezinzima? Ikhona yini imfundo echaza imbangela yosizi lwesintu, futhi engabonisi nje kuphela indlela eyisa ekuphileni okungcono manje kodwa enikeza ithemba elikhazimulayo neliqinisekile ngekusasa?

“Ukuthunywa kwethu okungokomBhalo kuwukuba ‘sihambe siyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, sibafundise ukugcina zonke izinto uKristu asiyale ngazo.’ (Mathewu 28:19, 20) Lokhu kuthunywa kwanikezwa nguJesu Kristu ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, lapho amukela lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Kuyidlula kude yonke imisebenzi ekhuthazwa abantu. NgokukaNkulunkulu, ukuthunywa kwethu, okugxile ezidingweni ezingokomoya zalabo abalambele ukulunga, kuza kuqala. Sinezizathu ezizwakalayo ezingokomBhalo zokukuthatha ngokungathi sína lokho kuthunywa.

“Lokhu kudinga ukuba siwugcine uza kuqala lo msebenzi ekuphileni kwethu. Ngesibusiso sikaNkulunkulu nosizo lwakhe, lo msebenzi uyokwenziwa, ngisho naphezu kweziphazamiso eziningi, izihibe nokuphikiswa okuvela kwabezenkolo nabezombusazwe, okwenzelwe ukuphazamisa intuthuko yalesi simiso semfundo embulungeni yonke. Siyaqiniseka futhi sinokholo lokuthi lo msebenzi uzoqhubeka uchuma futhi ufinyelele isiphetho sawo esikhulu. Kungani siqiniseka kangaka? Ngoba iNkosi uJesu Kristu yathembisa ukuthi iyoba nathi enkonzweni esiyiphathiswe uNkulunkulu kuze kube sesiphelweni salesi simiso sezinto.

“Isikhathi sisinciphele isintu esicindezelekile. Ukuthunywa kwethu kwamanje kumelwe kufezwe ngaphambi kokuba isiphelo sifike. Ngakho-ke, thina, njengoFakazi BakaJehova, sinquma ukuthi:

“Okokuqala: Njengezikhonzi ezizinikezele, sizimisele ukugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu nokuqhubeka sikhula ngokomoya. Ukuze senze kanjalo, umthandazo wethu uvumelana namazwi eHubo 143:10: ‘Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami.’ Lokhu kudinga ukuba sibe abafundi abakhuthele, abalwela ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, abenza isifundo somuntu siqu futhi bacwaninge. Ukuze senze intuthuko yethu ibonakale kubo bonke abantu, sizokwenza wonke umzamo oqotho wokulungiselela nokuzuza ngokugcwele emfundweni yaphezulu enikezwa emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda, yesigodi, yezwe, neyezizwe.—1 Thimothewu 4:15; Heberu 10:23-25.

“Okwesibili: Ukuze sifundiswe uNkulunkulu, siyozondla etafuleni lakhe kuphela futhi ngokucophelela silalele isixwayiso seBhayibheli esimayelana nezimfundiso ezidukisayo zamademoni. (1 Korinte 10:21; 1 Thimothewu 4:1) Sizothatha izinyathelo ezikhethekile zokugwema izinto ezilimazayo, ezihlanganisa amanga enkolo, ukucabanga okuyize, ubuhlobo bobulili obuyichilo nobusontekile, umqedazwe wezithombe zobulili ezingcolile, nakho konke ‘okungavumelani namazwi anempilo.’ (Roma 1:26, 27; 1 Korinte 3:20; 1 Thimothewu 6:3; 2 Thimothewu 1:13) Ngenxa yokwazisa kwethu ‘izipho ezingabantu,’ ezikufanelekelayo ukufundisa izinto ezakhayo, ngobuqotho sizohlonipha imizamo yazo futhi sibambisane nazo ngenhliziyo yonke ekulondolozeni izindinganiso zokuziphatha ezihlanzekile nezilungile, nezindinganiso ezingokomoya zeZwi likaNkulunkulu.—Efesu 4:7, 8, 11, 12; 1 Thesalonika 5:12, 13; Thithu 1:9.

“Okwesithathu: Njengabazali abangamaKristu, umzamo wethu wenhliziyo yonke uyoba ukufundisa abantwana bethu hhayi kuphela ngezwi kodwa futhi nangesibonelo. Esikukhathalela ngokuyinhloko ukubasiza beseyizinsana ukuba ‘bazi imibhalo engcwele, ekwazi ukubahlakaniphisela insindiso.’ (2 Thimothewu 3:15) Siyokhumbula njalo ukuthi ukubakhulisa kwethu ngesiyalo nokuqondisa umqondo kaJehova kuyobanika ithuba elingcono lokubona isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ‘kuyobahambela kahle futhi bahlale isikhathi eside emhlabeni.’—Efesu 6:1-4.

“Okwesine: Lapho kuphakama ukukhathazeka nezinkinga ezingathi sína, okokuqala ‘siyokwenza izicelo zethu zaziwe uNkulunkulu,’ siqiniseka ngokuthi ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga’ kuyosiqapha. (Filipi 4:6, 7) Njengoba sesingaphansi kwejoka likaKristu, sizothola ukuqabuleka. Ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela kuzosenza singangabazi ukuphonsa izinkathazo zethu kuye.—Mathewu 11:28-30; 1 Petru 5:6, 7.

“Okwesihlanu: Ukuze sibonise ukwazisa kwethu kuJehova ngelungelo lokuba abafundisi beZwi lakhe, sizovuselela imizamo yethu ‘yokuphatha izwi leqiniso ngokufanele’ ‘nokuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.’ (2 Thimothewu 2:15; 4:5) Ngenxa yokuthi sikuqaphela ngokugcwele okuhilelekile, isifiso sethu esiqotho siwukufuna abafanelekayo sihlakulele imbewu esihlwanyeliwe. Ngaphezu kwalokho, sizothuthukisa ukufundisa kwethu ngokuthi siqhube izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezengeziwe. Lokhu kuzosenza sivumelane nentando kaNkulunkulu ewukuba ‘zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—1 Thimothewu 2:3, 4.

“Okwesithupha: Phakathi nalo lonke ikhulu leminyaka eledlule kuze kufinyelele kuleli, oFakazi BakaJehova emazweni amaningi baye babhekana nezinhlobo ezahlukene zokuphikiswa nokushushiswa. Kodwa uJehova uye wazibonisa enathi. (Roma 8:31) IZwi lakhe elingenaphutha lisiqinisekisa ukuthi ‘asikho isikhali esenzelwa’ ukuba sisivimbele, sisikhinyabeze, noma sisiyekise umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso nokufundisa esiyophumelela. (Isaya 54:17) Noma ngabe kungenkathi evumayo noma enzima, ngeke sayeka ukukhuluma iqiniso. Sizimisele ukukufeza ngokuphuthumayo ukuthunywa nokufundisa kwethu. (2 Thimothewu 4:1, 2) Umgomo wethu ukuba sihlanganyele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabantu bazo zonke izizwe ngokugcwele ngangokunokwenzeka. Ngaleyo ndlela, bayoqhubeka bethola ithuba lokufunda ngelungiselelo lokuthola ukuphila okungunaphakade ezweni elisha lokulunga. Siwuquqaba olubumbene lwabafundisi beZwi likaNkulunkulu, sizimisele ukuqhubeka silandela isibonelo soMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu, sibonakalisa nezimfanelo zakhe zokuhlonipha uNkulunkulu. Konke lokhu siyokwenzela udumo nokukhazinyuliswa koMfundisi wethu Omkhulu noMniki-kuphila, uJehova uNkulunkulu.

“Nonke enikulo mhlangano enilamukelayo leli zwi lesinqumo, sicela nithi ELETHU!”

Lapho umbuzo wokuphetha wezwi lesinqumo wethulwa kwabangu-160 000 ababehlangene emihlanganweni emithathu eFrance nabangu-289 000 ezindaweni ezingu-9 e-Italy, kwahlokoma u-“Elethu” ngezilimi eziningi zezihambeli.