Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukholo Kufanele Lusekelwe Ekucabangeni Okuhluzekile?

Ingabe Ukholo Kufanele Lusekelwe Ekucabangeni Okuhluzekile?

Ingabe Ukholo Kufanele Lusekelwe Ekucabangeni Okuhluzekile?

“Kunabantu abaningi kakhulu ‘abasontayo’ ababa ngamakholwa ngoba nje begwema ukucabanga,” kubhala inhloko yesikole sokufundela ubufundisi sase-United States. Iyenezela: “Bafuna nje ukwamukela konke ‘ngokholo.’”

LOKHU kusho ukuthi iningi labantu abathi banokholo abacabangi ngokuthi kungani bekholelwa kwabakukholelwayo nokuthi sikhona ngempela yini isisekelo salokho abakukholelwayo. Akumangazi ukuthi inkolo isiyindaba iningi elimanqikanqika ukukhuluma ngayo.

Ngokudabukisayo, imikhuba enjengokusebenzisa imifanekiso yenkolo nokuphindaphinda imithandazo ngekhanda nayo ayikukhuthazi ukucabanga ngendlela ehluzekile. Le mikhuba, kuhlanganise nemiklamo yezakhiwo ehlaba umxhwele, amafasitela ahlotshiswe ngokweqile, nomculo ovusa uhlevane, yikona kuphela izigidi zabantu ezikuthola enkolweni. Nakuba amasonto athile ethi ukholo lwawo lusekelwe eBhayibhelini, umyalezo wawo wokuthi ‘kholwa kuJesu uzosindiswa’ awukukhuthazi ukufunda iBhayibheli ngokuzimisela. Abanye baphendukela ekushumayeleni ivangeli lezenhlalo noma lezombusazwe. Uyini umphumela wakho konke lokhu?

Mayelana nalesi simo eNyakatho Melika, omunye umbhali wezenkolo wathi: “UbuKristu. . . buthanda ukungabi nasisindo, [kanti] nabalandeli babo abafundisekile kahle okholweni.” Umhloli wemibono yabantu waze wachaza i-United States “njengesizwe sabantu abangalazi iBhayibheli.” Empeleni, incazelo enjena iyawafanela namanye amazwe lapho ubuKristu mbumbulu bukhonya khona. Eziningi izinkolo ezingezona ezobuKristu ngokufanayo ziyakwenqabela ukuveza umbono, kunalokho zigcizelela ukusho imibhedesho, imithandazo esasiko, nezinhlobo ezahlukene zokuzindla ezihilela imfihlakalo kunokuzindla okunenjongo nokuzuzisayo.

Kodwa, ekuphileni kwabo kwansuku zonke, bona kanye laba bantu abangenandaba nokuthi izinkolelo zabo zinembile noma ziyiqiniso yini, ngokuvamile bayazicabangisisa ezinye izinto. Akukumangazi yini ukuthi umuntu ocwaninga kanzulu ukuze nje athenge imoto—leyo ngolunye usuku eyogcina isimile nje ingasahambi [ezikilebheni]—angathi ngokuphathelene nenkolo, ‘Uma yayibalungele abazali bami, ingilungele nami’?

Uma ngempela sifuna ukujabulisa uNkulunkulu, akumelwe yini sicabangisise ngokunemba kwalokho esikukholelwayo ngaye? Umphostoli uPawulu wakhuluma ngabantu abathize benkolo bosuku lwakhe ‘ababenentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.’ (Roma 10:2) Labo bangafaniswa nomapendana oqashiwe osebenza kanzima ependa indlu kodwa esebenzisa imibala okungeyona ngoba engazilalelanga iziqondiso zomninindlu. Umapendana anganeliseka ngomsebenzi wakhe, kodwa ingabe umninindlu uyowamukela?

Yini eyamukelekayo kuNkulunkulu ngokuphathelene nokukhulekela kweqiniso? IBhayibheli liyaphendula: “Lokhu kuhle futhi kuyamukeleka emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu, ontando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Abanye bangaba nomuzwa wokuthi ulwazi olunjalo alunakutholakala ezinkolweni eziningi zanamuhla. Kodwa cabanga—uma kuyintando kaNkulunkulu ukuba abantu bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso, angaba yini nolunya abafihlele lolo lwazi? Hhayi ngokweBhayibheli, lona elithi: “Uma umfuna [uNkulunkulu], uyakufunyanwa nguye.”—1 IziKronike 28:9.

UNkulunkulu uzenza kanjani ukuba atholwe yilabo abamfunayo? Isihloko esilandelayo sizonikeza impendulo.