Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngangifuna Ukukhonza UNkulunkulu”

“Ngangifuna Ukukhonza UNkulunkulu”

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Ngangifuna Ukukhonza UNkulunkulu”

“PHUMANI kulo, bantu bami.” Leso yisimemezelo sengelosi esezwiwa umphostoli uJohane ekhulwini lokuqala C.E. Osukwini lwethu izigidi zabanhliziyo ziqotho ziye zasabela, zabaleka ‘eBabiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:1-4) Phakathi kwazo kunoWilner waseHaiti, oxoxa lokhu okuhlangenwe nakho kwakhe.

“Ngazalelwa emkhayeni wamaKatolika azinikele ngo-1956 edolobhaneni laseSt. Marc, eHaiti. Cabanga indlela umkhaya wakithi owajabula ngayo lapho ngikhethwa kanye nabanye ababili basedolobhaneni lakithi ukuba siye esikoleni sobufundisi esiseSt. Michel de l’Atalaye, eHaiti. Kwabe sekuthi ngo-1980, sathunyelwa eStavelot, eBelgium, siyothola ukuqeqeshwa okwengeziwe. Lapho, safunda naseyunivesithi yobuKatolika.

“Ngangenela ubupristi ngimagange ekuqaleni. Ngelinye ilanga sisendlini yokudlela, umpristi owayehola iqembu lethu wangicela ukuba ngisale imizuzu embalwa ngoba kunokuthile ayefuna ukungitshela kona. Cabanga indlela engashaqeka ngayo lapho engitshela engahlonizi ukuthi ngiyamkhanga ngokobulili! Ngala ngashaya phansi ngonyawo, kodwa ngadumala kakhulu ngalokhu. Ngabhalela abasekhaya ngalesi sigameko, ngemva kwezinyanga ezimbalwa ngashiya kulesi sikole sobufundisi, yize babengathandi. Ngathola indawo yokuhlala edolobhaneni lakhona, ngaqhubeka nezifundo emkhakheni ohlukile.

“Lapho ngiphindela eSt. Marc, ngangingasalethembi nakancane iSonto LamaKatolika. Noma kunjalo, ngangisafuna ukukhonza uNkulunkulu, kodwa ngangingazi ukuthi kumelwe ngenzeni. Ngaya esontweni lama-Adventist, kwelama-Ebenezer nakwelamaMormon. Ngangiwundingasithebeni ngokomoya.

“Ngabe sengikhumbula ukuthi ngisesesikoleni sobufundisi eBelgium, ngangivame ukufunda iBhayibheli likaCrampon. Ngangithole kulo ukuthi uNkulunkulu unegama. Ngakho, ngathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu ngisebenzisa igama lakhe, ngicela angisize ngithole inkolo yeqiniso.

“Ngokushesha ngemva kwalokho, oFakazi BakaJehova ababili bathuthela endaweni yangakithi. Babethule, behlonipha futhi behloniphekile. Indlela yabo yokuphila yangihlaba umxhwele. Ngelinye ilanga, omunye kubo wangimemela eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kukaKristu. Ngawujabulela kakhulu lowo mhlangano, ngavuma ukuba nesifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo noFakazi. Ngezinyanga ezingaba yisithupha, ngase ngiqiniseka ukuthi ngangithole indlela eyiyonayona yokukhonza uNkulunkulu. Nganikezela ukuphila kwami kuJehova, ngabhapathizwa ngo-November 20, 1988.”

Ngokuhamba kwesikhathi, uWilner wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Namuhla ukhonza njengomdala webandla. Yena nomkakhe, nezingane zabo ezimbili, bakhonza ngenjabulo ebandleni.

[Isithombe ekhasini 9]

Ngokufunda iBhayibheli, uWilner wathola ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova