Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenhliziyo Egxilile

Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenhliziyo Egxilile

Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenhliziyo Egxilile

“Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu, inhliziyo yami igxilile.”—IHUBO 57:7NW.

1. Kungani singaqiniseka njengoDavide?

UJEHOVA angasenza sigxile okholweni lobuKristu ukuze sikwazi ukunamathela ebuKristwini beqiniso njengezinceku zakhe ezizinikezele. (Roma 14:4) Ngakho-ke, singaqiniseka njengomhubi uDavide, owashukumiseleka ukuba ahlabelele athi: “Inhliziyo yami igxilile, O Nkulunkulu.” (IHubo 108:1, NW) Uma inhliziyo yethu igxilile, siyoshukumiseleka ukuba sifeze ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu. Futhi ngokubheka kuye ukuze sithole isiqondiso namandla, singazibonakalisa singenakuzanyazanyiswa, sinokuzimisela nokholo oluqinile njengabagcini bobuqotho, ‘ngaso sonke isikhathi sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’—1 Korinte 15:58.

2, 3. Kusho ukuthini ukunxusa kukaPawulu okukweyoku-1 Korinte 16:13?

2 Ekunxuseni ayekubhekise kubalandeli bakaJesu eKorinte lasendulo, kodwa okusebenzayo impela kumaKristu anamuhla, umphostoli uPawulu wathi: “Hlalani niphapheme, nime niqinile okholweni, niqhubeke njengamadoda, nibe namandla.” (1 Korinte 16:13) Olimini lwesiGreki, ngamunye wale miyalo usenkathini yamanje, kanjalo usinxusa ukuba senze isenzo esiqhubekayo. Sisho ukuthini lesi siyalo?

3 ‘Singahlala siphapheme’ ngokomoya ngokumelana noDeveli, sihlale siseduze noNkulunkulu. (Jakobe 4:7, 8) Ukwethembela kuJehova kusenza sikwazi ukulondoloza ubunye bethu ‘nokuma siqinile okholweni lobuKristu.’ ‘Siqhubeka njengamadoda’—kuhlanganise nabesifazane abaningi abaphakathi kwethu—ngokukhonza uNkulunkulu ngesibindi njengabamemezeli boMbuso. (IHubo 68:11) ‘Siba namandla’ ngokuqhubeka sibheka kuBaba wethu osezulwini ukuze sithole amandla okwenza intando yakhe.—Filipi 4:13.

4. Yini eyaholela ekubhapathizweni kwethu njengamaKristu?

4 Sathatha uhlangothi lokholo lweqiniso lapho sizinikezela kuJehova ngokungazigodli futhi sikubonisa ngokucwiliswa emanzini. Kodwa yini eyaholela ekubhapathizweni kwethu? Saqale sangenisa ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu. (Johane 17:3) Lokhu kwákha ukholo futhi kwasishukumisela ukuba siphenduke, sibonise ukudabuka kwangempela ngokona kwesikhathi esidlule. (IzEnzo 3:19; Heberu 11:6) Sabe sesiguquka, ngoba sayifulathela imikhuba engalungile ukuze siphishekele ukuphila okuvumelana nentando kaNkulunkulu. (Roma 12:2; Efesu 4:23, 24) Lokhu kwalandelwa ukuzinikezela kuJehova ngenhliziyo yonke ngomthandazo. (Mathewu 16:24; 1 Petru 2:21) Sacela unembeza omuhle kuNkulunkulu, sabhapathizwa sibonisa ukuzinikezela kwethu kuye. (1 Petru 3:21) Ukuzindla ngalezi zinyathelo kuyosisiza sihlale sisiqaphela isidingo sokuzikhandla okuqhubekayo ukuze siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu futhi siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo egxilile.

Qhubeka Ufuna Ulwazi Olunembile

5. Kungani kufanele siqhubeke singenisa ulwazi lwemiBhalo?

5 Ukuze siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu, kumelwe siqhubeke sithola ulwazi lwemiBhalo olwakha ukholo. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ukudla ukudla okungokomoya lapho siqala ukwazi iqiniso likaNkulunkulu! (Mathewu 24:45-47) Lokho “kudla” kwakumnandi—futhi kwakusondla kahle ngokomoya. Manje kubalulekile ukuqhubeka sidla ukudla okunomsoco okungokomoya ukuze silondoloze inhliziyo egxilile njengezinceku zikaJehova ezizinikezele.

6. Iyiphi indlela okungenzeka wasizwa ngayo ukuba uhlakulele ukwazisa iqiniso leBhayibheli ngokusuka enhliziyweni?

6 Kudingeka umzamo ukuze sizuze ulwazi olwengeziwe lwemiBhalo. Kunjengokufuna ingcebo efihlekile—kudinga ukuzikhandla. Kodwa yeka indlela okuvuza ngayo ukuthola “ulwazi ngoNkulunkulu”! (IzAga 2:1-6, qhathanisa ne-NW.) Lapho ummemezeli woMbuso eqala ukutadisha nawe iBhayibheli, kungenzeka wasebenzisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kungenzeka kwakuphela isikhathi eside nixoxa ngesahluko ngasinye, mhlawumbe ezifundweni ezingaphezu kwesisodwa. Wawuzuza lapho nifunda nixoxa ngemibhalo. Uma iphuzu elithile kwakunzima ukuliqonda, lalichazwa. Lowo owayekuqhubela isifundo seBhayibheli wayelungiselela kahle, ethandazela umoya kaNkulunkulu futhi ekusiza ukuba uhlakulele ukulazisa ngokusuka enhliziyweni iqiniso.

7. Yini eyenza umuntu afaneleke ukufundisa abanye iqiniso likaNkulunkulu?

7 Lo mzamo wawufaneleka, ngoba uPawulu wabhala: “Noma ubani ofundiswa izwi ngomlomo makahlanganyele ezintweni zonke ezinhle nalowo onikeza imfundo enjalo yomlomo.” (Galathiya 6:6) Lapha umbhalo wesiGreki ubonisa ukuthi izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu zagxiliswa engqondweni nasenhliziyweni yalowo ‘ofundiswa ngomlomo.’ Ukufundiswa kwakho kanjalo kukwenza ufaneleke ukuba nawe ube ngumfundisi wabanye. (IzEnzo 18:25) Ukuze wethembeke ekuzinikezeleni kwakho, kumelwe ulondoloze impilo futhi uhlale ugxilile ngokomoya ngokuqhubeka utadisha iZwi likaNkulunkulu.—1 Thimothewu 4:13; Thithu 1:13; 2:2.

Khumbula Ukuphenduka Nokuguquka Kwakho

8. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu alondoloze ukuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu?

8 Uyayikhumbula impumuzo owayizwa lapho uthola iqiniso, uphenduka, wabe usuzwa ukuthethelela kukaNkulunkulu ngokusekelwe okholweni emhlatshelweni kaJesu wesihlengo? (IHubo 32:1-5; Roma 5:8; 1 Petru 3:18) Ngokuqinisekile awufuni ukuphindela ekuphileni kwesono. (2 Petru 2:20-22) Phakathi kwezinye izinto, ukuthandaza njalo kuJehova kuyokusiza ukuba ulondoloze ukuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu, uphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho, futhi uqhubeke ukhonza uJehova ngokwethembeka.—2 Petru 3:11, 12.

9. Ngemva kokuba sifulathele imikhuba yesono, iyiphi inkambo okufanele siyiphishekele?

9 Njengoba sewaguquka ngokufulathela imikhuba yesono, qhubeka ufuna usizo lukaNkulunkulu ekugcineni inhliziyo yakho igxilile. Kunjengokungathi wawuhamba ngomgwaqo ongafanele, kodwa wahlola ibalazwe elinokwethenjelwa wawusuqala ukuhamba emgwaqweni oyiwonawona. Ungalahleki-ke manje. Qhubeka uthembela esiqondisweni sikaNkulunkulu, uzimisele ukuhlala usendleleni eya ekuphileni.—Isaya 30:20, 21; Mathewu 7:13, 14.

Ungalokothi Ukukhohlwe Ukuzinikezela Nokubhapathizwa Kwakho

10. Yimaphi amaphuzu okufanele siwakhumbule mayelana nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu?

10 Khumbula ukuthi wazinikezela kuJehova ngomthandazo, unombono wokumkhonza ngokwethembeka kuze kube phakade. (Jude 20, 21) Ukuzinikezela kusho ukuzihlukanisela injongo engcwele. (Levitikusi 15:31; 22:2) Ukuzinikezela kwakho kwakungesona isivumelwano sesikhashana futhi kwakungesona isibopho owawusenza kubantu. Kwakuwukuzinikezela unomphela kuMbusi Wendawo Yonke, futhi ukuphila ngokuvumelana nakho kudinga ukuba ube qotho kuNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakho. Yebo, ‘siphila noma sifile, singabakaJehova.’ (Roma 14:7, 8) Injabulo yethu ixhomeke ekuzithobeni kwethu entandweni yakhe nasekuqhubekeni kwethu simkhonza ngenhliziyo egxilile.

11. Kungani kufanele ukhumbule ukubhapathizwa kwakho nalokho okukushoyo?

11 Kukhumbule njalo ukubhapathizwa kwakho okwabonisa ukuzinikezela kwakho kuNkulunkulu ngenhliziyo yonke. Awubhapathizwanga ngempoqo, ngoba wazenzela wena leso sinqumo. Uzimisele yini manje ukusebenzisa inkululeko yakho yokuzikhethela ngokuvumelana nentando yaphezulu ukuphila kwakho konke? Wacela unembeza omuhle kuNkulunkulu, wabhapathizwa ubonisa ukuzinikezela kwakho kuye. Lowo nembeza omuhle ulondoloze ngokufeza ukuzinikezela kwakho, futhi isibusiso esicebile sikaJehova siyokuba nawe.—IzAga 10:22.

Inkululeko Yakho Yokuzikhethela Inengxenye

12, 13. Inkululeko yethu yokuzikhethela ihlobene kanjani nokuzinikezela nokubhapathizwa kwethu?

12 Ukuzinikezela nokubhapathizwa kuye kwaletha izibusiso ezinkulu ngempela ezigidini zabantu kuwo wonke umhlaba. Lapho sibonisa ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu ngokubhapathizwa ngamanzi, siyafa ngokuphathelene nenkambo yethu yokuphila edlule kodwa hhayi ngokuphathelene nenkululeko yethu yokuzikhethela. Njengamakholwa afundiswe kahle, empeleni sasebenzisa inkululeko yethu yokuzikhethela lapho sizinikezela kuNkulunkulu ngomthandazo futhi sibhapathizwa. Inkambo yokuzinikezela nokubhapathizwa idinga ukuba sithole ukuthi iyini intando kaNkulunkulu bese sizikhethela ukuyenza. (Efesu 5:17) Kanjalo silingisa uJesu, owasebenzisa inkululeko yakhe yokuzikhethela lapho eshiya umsebenzi wokubaza, ebhapathizwa, futhi ezinikela ngokugcwele ekwenzeni intando kaYise osezulwini.—IHubo 40:7, 8; Johane 6:38-40.

13 Kwakuyinjongo kaJehova uNkulunkulu ukuba iNdodana yakhe yenziwe ‘iphelele ngezinhlupheko.’ Ngakho-ke, uJesu kwadingeka asebenzise inkululeko yakhe yokuzikhethela ukuze akhuthazelele lokho kuhlupheka ngokwethembeka. Ukuze enze kanjalo, wenza “ukunxusa nezicelo . . . ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.” (Heberu 2:10, 18; 5:7, 8) Uma sibonisa ukwesaba okufanayo okunenhlonipho ngoNkulunkulu, nathi singaqiniseka ukuthi ‘siyozwiwa ngomusa,’ futhi singaqiniseka ukuthi uJehova uyosenza sigxile njengoFakazi bakhe abazinikezele.—Isaya 43:10.

Ungayilondoloza Inhliziyo Egxilile

14. Kungani kufanele sifunde iBhayibheli nsuku zonke?

14 Yini eyokusiza ukuba ulondoloze inhliziyo egxilile futhi kanjalo uphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuNkulunkulu? Funda iBhayibheli nsuku zonke, ngenjongo yokungenisa ulwazi olwandayo lweZwi likaNkulunkulu. Lena yinto “isigqila esikholekile nesiqondayo” esinxusa njalo ukuba siyenze. Iseluleko esinjalo sinikezwa ngoba ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kudinga ukuba siqhubeke sihamba eqinisweni likaNkulunkulu. Ukube inhlangano kaJehova beyamukela izimfundiso ezaziyo ukuthi zingamanga, ibingeke inikeze oFakazi BakaJehova nalabo ababashumayezayo iseluleko sokuba bafunde iBhayibheli nsuku zonke.

15. (a) Yini okufanele sicabange ngayo lapho senza izinqumo? (b) Kungani kungathiwa umsebenzi wokuziphilisa awuyona into eza kuqala kumKristu?

15 Lapho wenza izinqumo, ngaso sonke isikhathi cabanga indlela ezingase zikuthinte ngayo ukufeza kwakho ukuzinikezela kwakho kuJehova. Kungenzeka ukuthi zihlobene nomsebenzi wakho wokuziphilisa. Uyazama yini ukwenza umsebenzi wakho ukusize ekuthuthukiseni ukukhulekela kweqiniso? Nakuba ngokuvamile abaqashi bethola ukuthi amaKristu azinikezele anokwethenjelwa futhi akhuthele, bayakuphawula nokuthi oFakazi BakaJehova abalawulwa yisifiso sokuvelela noma sokuba phambili ezweni futhi abancintisani nabanye ekuzameni ukuthola izikhundla ezinemali kunazo zonke. Lokhu kungenxa yokuthi umgomo woFakazi awukona ukuzuza ingcebo, udumo, ukuvelela noma ithonya. Kulabo abaphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo kuNkulunkulu, into ebaluleke kunazo zonke ukwenza intando yaphezulu. Umsebenzi wokuziphilisa obenza bakwazi ukuthola izidingo zokuphila awuyona into ebaluleke kunakho konke. Njengomphostoli uPawulu, umsebenzi wabo oyinhloko yinkonzo yobuKristu. (IzEnzo 18:3, 4; 2 Thesalonika 3:7, 8; 1 Thimothewu 5:8) Ingabe wena wenza izithakazelo zoMbuso zize kuqala ekuphileni kwakho?—Mathewu 6:25-33.

16. Yini esingayenza uma ukukhathazeka okungafanele kwenza kube nzima ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu?

16 Abanye kungenzeka bácishe banqotshwa ukukhathazeka okuhlukahlukene ngaphambi kokuba bafunde iqiniso. Kodwa yeka indlela inhliziyo yabo eyagcwala ngayo injabulo, ukubonga, nothando ngoNkulunkulu lapho bamukela ithemba loMbuso! Ukuzindla ngezibusiso abaye bazijabulela kusukela ngaleso sikhathi kungase kubasize baphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo kuJehova. Ngakolunye uhlangothi, kuthiwani uma ukukhathazeka okungafanele ngezinkinga ezivamile ekuphileni kulesi simiso sezinto sekufuna ukucinanisa “izwi likaNkulunkulu,” njengameva avimba imbewu ukuba ikhule ize ithele? (Luka 8:7, 11, 14; Mathewu 13:22; Marku 4:18, 19) Uma unomuzwa wokuthi lokhu sekuqala ukwenzeka kuwe noma emkhayeni wakho, phonsa ukukhathazeka kwakho kuJehova uthandazele ukuba akusize ukhule othandweni nasekwaziseni. Uma uphonsa umthwalo wakho kuye, uyokusekela futhi akunike amandla okuqhubeka umkhonza ngenjabulo ngenhliziyo egxilile.—IHubo 55:22; Filipi 4:6, 7; IsAmbulo 2:4.

17. Singabhekana kanjani ngokuphumelelayo nokulingwa okunzima?

17 Qhubeka uthandaza njalo kuJehova uNkulunkulu, njengoba nje wathandaza lapho uzinikezela kuye. (IHubo 65:2) Lapho ulingeka ukuba wenze okungalungile noma lapho ubhekene novivinyo olunzima, funa isiqondiso sikaNkulunkulu nosizo lwakhe lokusilandela. Khumbula isidingo sokholo, ngoba umfundi uJakobe wabhala: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha [kokukhuthazelela uvivinyo], makaqhubeke ecela kuNkulunkulu, ngoba unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola; futhi uyonikwa kona. Kodwa makaqhubeke ecela ngokholo, engangabazi nhlobo, ngoba lowo ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha. Eqinisweni, lowomuntu makangacabangi ukuthi uyokwamukela okuthile kuJehova; ungumuntu omanqikanqika, ongagxilile ezindleleni zakhe zonke.” (Jakobe 1:5-8) Uma ukulingwa okuthile kubonakala kungaphezu kwamandla, singaqiniseka ngalokhu: “Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. Kodwa uNkulunkulu ukholekile, futhi ngeke anivumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13.

18. Yini esingayenza uma isono esingathi sína esisifihlayo sikwenza buthaka ukuzimisela kwethu ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuJehova?

18 Kuthiwani uma isono esithile esibi osifihlayo sikhathaza unembeza wakho futhi sixegisa ukuzimisela kwakho ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuNkulunkulu? Uma uphenduka, ungathola induduzo ngokwazi ukuthi uJehova ‘akayikuyidelela inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.’ (IHubo 51:17) Funa usizo lwabadala abanothando abangamaKristu, wazi ukuthi bayolingisa uJehova bangasithathi kalula isifiso sakho sokuvuselela ubuhlobo obuhle noYihlo osezulwini. (IHubo 103:10-14; Jakobe 5:13-15) Ngamandla angokomoya avuselelwe nangenhliziyo egxilile, uyobe usukwazi ukwenzela izinyawo zakho izindlela eziqondile futhi ubone ukuthi kungenzeka ukuba uphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuNkulunkulu.—Heberu 12:12, 13.

Qhubeka Ukhonza Ngenhliziyo Egxilile

19, 20. Kungani kubalulekile ukuba siqhubeke siphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu?

19 Kulezi zikhathi ezibucayi, kumelwe sizikhandle ukuze siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu futhi siqhubeke sikhonza uNkulunkulu ngenhliziyo egxilile. UJesu wathi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Njengoba siphila “ezinsukwini zokugcina,” ukuphela kungafika noma nini. (2 Thimothewu 3:1) Ngaphezu kwalokho, akekho kithi ongaqiniseka ukuthi uyobe ephila kusasa. (Jakobe 4:13, 14) Ngakho kubalulekile ukuba siqhubeke siphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu namuhla!

20 Umphostoli uPetru wagcizelela lokhu encwadini yakhe yesibili. Wabonisa ukuthi njengoba nje abangamhloniphi uNkulunkulu babhubha ngeSikhukhula, ngokufanayo umhlaba ongokomfanekiso, noma umphakathi wesintu omubi, uyobhujiswa ‘ngosuku lukaJehova.’ Ngakho-ke uPetru wathi: “Luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu”! Wanxusa futhi wathi: “Bathandekayo, ninalolulwazi kusengaphambili, qaphani ukuba ningamuki [nabafundisi bamanga nabantu abangamhloniphi uNkulunkulu] niwe ekugxileni kwenu siqu.” (2 Petru 3:5-17) Yeka ukuthi kungaba okudabukisa kanjani uma umuntu obhapathiziwe engadukiswa, afe engumuntu owahluleka ukulondoloza inhliziyo egxilile!

21, 22. Amazwi eHubo 57:7 aye afezeka kanjani kuDavide nakumaKristu eqiniso?

21 Ukuzimisela kwakho ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuNkulunkulu kungaqina uma ukhumbula usuku olujabulisayo owabhapathizwa ngalo futhi ufuna usizo lukaNkulunkulu ukuze amazwi nezenzo zakho kuthokozise inhliziyo yakhe. (IzAga 27:11) UJehova akalokothi abadumaze abantu bakhe, futhi ngokuqinisekile nathi kufanele sethembeke kuye. (IHubo 94:14) Wabonisa isihe nesihawu ngokubhuntshisa amacebo ezitha nangokusindisa uDavide. Ebonga ngalokhu, uDavide wezwakalisa ukuqina, ukungaxegi kothando lwakhe ngoMkhululi wakhe. Wahlabelela ngomuzwa ojulile: “Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu, Inhliziyo yami igxilile. Ngizohlabelela ngihube.”—IHubo 57:7NW.

22 NjengoDavide, amaKristu eqiniso awantengantengi ekuzinikeleni kuNkulunkulu. Ngezinhliziyo ezigxilile, adumisa uJehova ngokukhululwa nokulondolozwa kwawo, amhubele izindumiso ngenjabulo. Uma inhliziyo yakho igxilile, iyothembela kuNkulunkulu, futhi ngosizo lwakhe uyokwazi ukufeza ukuzinikezela kwakho. Yebo, ungaba ‘njengolungileyo’ umhubi ahlabelela ngaye wathi: “Ngeke esabe ngisho nezindaba ezimbi. Inhliziyo yakhe igxilile, yenziwé yathembela kuJehova.” (IHubo 112:6, 7, NW) Ngokholo kuNkulunkulu nokwethembela kuye ngokugcwele, ungaphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho futhi uqhubeke ukhonza uJehova ngenhliziyo egxilile.

Uyakhumbula?

• Kungani kufanele siqhubeke singenisa ulwazi olunembile lweBhayibheli?

• Kungani kufanele sikhumbule ukuphenduka nokuguquka kwethu?

• Kusizuzisa kanjani ukukhumbula ukuzinikezela nokubhapathizwa kwethu?

• Yini eyosisiza ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo egxilile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 18]

Ingabe uzigcina uphilile ngokomoya ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke?

[Isithombe ekhasini 18]

Ukwenza inkonzo yobuKristu ibe umsebenzi wethu oyinhloko kusisiza ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo egxilile