Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abefundisi Ababili Abazazisa Izincwadi ZikaRussel

Abefundisi Ababili Abazazisa Izincwadi ZikaRussel

Abefundisi Ababili Abazazisa Izincwadi ZikaRussel

NGO-1891, uCharles Taze Russell, owenza umsebenzi ophawulekayo phakathi kwabakhulekeli bakaJehova abangamaKristu eqiniso, wavakashela eYurophu okokuqala. Ngokwemibiko ethile, lapho besamile esiteshini sasePinerolo, e-Italy, uRussell wabonana noProfesa Daniele Rivoire, ngaphambili owayengumfundisi weqembu lenkolo elalibizwa ngokuthi amaWaldens. * Nakuba uRivoire aqhubeka ezihlanganise ngokuseduze namaWaldens ngemva kokuba ebuyekile ubufundisi, wayelokhu enomqondo ovulekile futhi wafunda izincwadi eziningi ezabhalwa uC. T. Russell.

Ngo-1903, uRivoire wahumushela olimini lwesiNtaliyane incwadi kaRussell ethi The Divine Plan of the Ages wayinyathelisa ngezindleko zakhe. Lokhu kwakungaphambili kakhulu kokuba kunyatheliswe uhlelo lwayo olungokomthetho lwesiNtaliyane. Esanduleleni sale ncwadi, uRivoire wabhala: “Lolu hlelo lokuqala lwesiNtaliyane silubeka esivikelweni seNkosi. Kwangathi ingalubusisa ukuze kuthi, naphezu kwamaphutha alo, lube nomthelela ekuphakamiseni igama layo elingcwele kakhulu nasekukhuthazeni abantwana bayo abakhuluma isiNtaliyane ukuba bazinikele ngokwengeziwe. Kwangathi izinhliziyo zabo bonke labo okuthi ngokufunda le ncwadi baqonde ukujula kwengcebo, ukuhlakanipha, nolwazi lwecebo likaNkulunkulu nothando lwakhe, zingabonga uNkulunkulu uqobo, oye waphumelelisa ukunyatheliswa kwale ncwadi ngomusa wakhe.”

URivoire waqala nokuhumushela i-Zion’s Watchtower and Herald of Christ’s Presence olimini lwesiNtaliyane. Lo magazini, ongumanduleli we-Nqabayokulinda, wawuphuma kane ngonyaka ngo-1903. Nakuba uProfesa Rivoire engazange abe ngomunye wabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi, wabonisa isithakazelo esikhulu ekusakazeni isigijimi seBhayibheli njengoba sasichazwe ezincwadini zabaFundi BeBhayibheli.

“Kwaba Sengathi Kuwa Inkwethu Emehlweni Ami”

Omunye umfundisi wamaWaldens owayezihlonipha izincwadi zikaRussell kwakunguGiuseppe Banchetti. Uyise kaGiuseppe, owayeguquke esuka ebuKatolikeni, wamnika imfundo yamaWaldens. Ngo-1894, uGiuseppe waba ngumfundisi wakhonza imiphakathi ehlukahlukene yamaWaldens e-Apulia nase-Abruzzi naseziqhingini zase-Elba naseSicily.

Uhlelo olugunyaziwe lwesiNtaliyane lwe-Divine Plan of the Ages kaRussell lwanyatheliswa ngo-1905. UBanchetti wabhala umbiko ohlaziya le ncwadi ngentshiseko. Wanyatheliswa ephephabhukwini lamaProthestani i-Rivista Cristiana. UBanchetti wabhala ukuthi incwadi kaRussell “iyisiqondiso esinokukhanyiselwa kithi futhi esiqiniseke kunazo zonke umKristu angazithola ukuze atadishe umBhalo Ongcwele ngendlela ezuzisayo nebusisekile . . . Nginele ukuyifunda, kwaba sengathi kuwa inkwethu emehlweni ami, kwaba sengathi indlela eya kuNkulunkulu isiqonde nakakhulu futhi isilula nakakhulu. Ngisho nalokho okwakuvame ukubonakala kuwukuziphikisa kwanyamalala. Izimfundiso okwakukade kunzima ukuziqonda zabonakala zilula futhi zamukeleka ngokuphelele. Izinto ezazilokhu zingaqondakali zacaca. Icebo elimangalisayo lokusindiswa kwezwe ngoKristu labonakala kimi licace ngendlela ebabazeka kangangokuthi kwangenza ngasho kanye noMphostoli: “Yeka ukujula kwengcebo yakho kokubili ukuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu!”—Roma 11:33.

Njengoba kwasho uRemigio Cuminetti ngo-1925, uBanchetti “wayevumelana kakhulu” nomsebenzi wabaFundi BeBhayibheli futhi “egculiseke ngokugcwele” ngendlela ababechaza ngayo izimfundiso. UBanchetti wazama naye ngeyakhe indlela ukwenza lezo zimfundiso zaziwe.

Izincwadi zikaBanchetti zikubonisa ngokucacile ukuthi, njengoFakazi BakaJehova, naye wayekholelwa ukuthi kuyoba novuko lwasemhlabeni, njengoba kufundisa imiBhalo. Wavumelana futhi nabaFundi BeBhayibheli nalapho echaza ukuthi unyaka uJesu afa ngawo wawunqunyiwe futhi wembulwé nguNkulunkulu esiprofethweni sikaDaniyeli samasonto angu-70. (Daniyeli 9:24-27) Wakumelela kaningana ukuthi iSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu kufanele sigcinwe kanye kuphela ngonyaka, “ngalo kanye usuku oluqondana nolokufa kwakhe,” naphezu kokuthi lokhu kwakuphikisana ngokucacile nezimfundiso zesonto lakhe. (Luka 22:19, 20) Wayilahla imfundiso kaDarwin yokuziphendukela kwemvelo, futhi waqinisekisa ukuthi amaKristu eqiniso akufanele alwe ezimpini zezwe.—Isaya 2:4.

Ngesinye isikhathi, uBanchetti wayexoxa nendoda okuthiwa nguJ. Campbell Wall ngezincwadi zikaRussell. Ephendula ukugxeka kukaWall, uBanchetti wathi: “Ngiyaqiniseka ukuthi uma ungafunda imiqulu kaRussell eyisithupha, ungathola injabulo eshukumisayo nejulile, futhi uyongibonga ngokusuka enhliziyweni. Angibukisi ngezimfundiso; kodwa lezo zincwadi ngazifunda eminyakeni eyishumi nanye edlule, futhi ngisambonga nsuku zonke uNkulunkulu ngokungilethela lokho kukhanya nenduduzo ngezincwadi ezisekelwe ngokuphelele nangokuqinile emiBhalweni Engcwele.”

“Lalela, Ulalelisise”

Kuyaphawuleka ukuthi laba befundisi ababili ababengamaWaldens—uDaniele Rivoire noGiuseppe Banchetti—bezwakalisa ukuyazisa indlela uRussell alichaza ngayo iBhayibheli. UBanchetti wabhala: “Mina ngithi akekho kithi thina bamasonto eVangeli, ngisho nabefundisi nawoprofesa bethu bezimfundiso zenkolo, akekho owazi konke. Cha, kuningi kakhulu okusafanele sikufunde. . . . [Kufanele] . . . sime silalele, singazitsheli ukuthi sazi konke, futhi singakwenqabi lokho okuthiwa masikuhlole. Kunalokho, lalela ulalelisise.”

Unyaka ngamunye, izinkulungwane ziyasilalela isigijimi soMbuso esilethwa oFakazi BakaJehova emakhaya azo. Yonke indawo abantu abanengqondo evulekile abomele amaqiniso eBhayibheli bayasabela esimemweni sikaJesu: ‘Woza ube umlandeli wami.’—Marku 10:17-21; IsAmbulo 22:17.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Aqanjwa ngoPierre Vaudès, noma uPeter Waldo, umthengisi wekhulu le-12 waseLyons, eFrance. UWaldo waxoshwa eSontweni LamaKatolika ngenxa yezinkolelo zakhe. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngamaWaldens, bheka isihloko esithi “AmaWaldens—Aqala Ngokwambuka Agcina EsengamaProthestani” kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2002.

[Isithombe ekhasini 28]

UProfesa Daniele Rivoire

[Isithombe ekhasini 29]

UGiuseppe Banchetti

[Umthombo]

Banchetti: La Luce, April 14, 1926