Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kufanelekile ukuya kuNkulunkulu ngomthandazo ngaphandle kokusho amazwi anjengokuthi “egameni likaJesu”?

IBhayibheli libonisa ukuthi amaKristu afuna ukusondela kuJehova ngomthandazo kufanele enze kanjalo egameni likaJesu. UJesu watshela abafundi bakhe: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” Wanezela: “Noma yini eniyicelayo egameni lami, ngiyoyenza leyonto, ukuze uBaba akhazinyuliswe mayelana neNdodana. Uma nicela noma yini egameni lami, ngiyoyenza.”—Johane 14:6, 13, 14.

Lapho ikhuluma ngesikhundla sikaJesu esiyingqayizivele, i-Cyclopedia Of Biblical, Theological, and Ecclesiastical Literature ithi: “Umthandazo uqondiswa kuNkulunkulu kuphela, ngoJesu Kristu njengoMlamuleli. Ngakho-ke, konke ukunxusa kosanta noma ezingelosini akukhona ukuthi akunalusizo nje kuphela, kodwa kuyahlambalaza. Konke ukukhulekelwa kwesidalwa, ngisho noma siphakanyiswe kangakanani leso sidalwa, kuwukukhulekela izithombe, futhi akuvunyelwe nakancane emthethweni ongcwele kaNkulunkulu.”

Kuthiwani uma ngemva kwesenzakalo esithile esihle, othile ethi, “Ngiyabonga Jehova” ngaphandle kokwenezela ukuthi “egameni likaJesu”? Ingabe lokhu kuyoba okungafanele? Akunjalo ngempela. Ake sithi umKristu unqwamana nengozi abese ememeza: “Ngisize, Jehova!” UNkulunkulu ngeke enqabe ukusiza ngoba nje inceku yakhe ingashongo ukuthi “egameni likaJesu.”

Kumelwe kuphawulwe nokho, ukuthi ukukhuluma nje noNkulunkulu uphimisela akukwenzi kube umthandazo loko okushoyo. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba ehlulelwe nguJehova ngenxa yokubulala umfowabo u-Abela, uKayini wathi: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale. Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.” (Genesise 4:13, 14) Nakuba lokhu ayekukhuluma uKayini wayekuqondisa kuJehova, ukuklabalasa kwakhe kwakuwukukhononda ngomphumela omubi wesono.

IBhayibheli liyasitshela: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” Ukukhuluma ngokunganaki noPhezukonke njengokungathi umuntu nje ovamile ngokuqinisekile kuyobonisa ukuntula ukuthobeka. (Jakobe 4:6; IHubo 47:2; IsAmbulo 14:7) Kungaba futhi ukungabonisi nhlonipho uma sazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lithini ngendima kaJesu kodwa ngamabomu sithandaze ngaphandle kokuqaphela uJesu Kristu.—Luka 1:32, 33.

Lokhu akusho ukuthi uJehova ulindele ukuba silandele isitayela esithile noma umthetho othile lapho sithandaza. Into eyinhloko yisimo somuntu senhliziyo. (1 Samuweli 16:7) Ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., isikhulu sempi esingumRoma esasibizwa ngokuthi uKorneliyu ‘sanxusa njalo kuNkulunkulu.’ UKorneliyu, oweZizwe ongasokile, wayengazinikezele kuJehova. Nakuba kungenakwenzeka ukuthi wenza le mithandazo yakhe egameni likaJesu, ‘yenyuka kwaba njengesikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.’ Ngani? Ngoba “ovivinya izinhliziyo,” wabona ukuthi uKorneliyu wayengumuntu “ozinikele nowesaba uNkulunkulu.” (IzEnzo 10:2, 4; IzAga 17:3) Lapho esezuze ulwazi ‘ngoJesu waseNazaretha,’ uKorneliyu wamukela umoya ongcwele, futhi waba umfundi kaJesu obhapathiziwe.—IzEnzo 10:30-48.

Ekugcineni, akukona okwabantu ukunquma ukuthi yimiphi imithandazo uNkulunkulu ayizwayo. Uma umKristu ngesinye isikhathi esho utho kuNkulunkulu bese ngokunganaki ekhohlwa ukusho amazwi anjengokuthi “egameni likaJesu,” asikho isidingo sokuba azizwe enecala. UJehova ukwazi kahle hlé ukulinganiselwa kwethu futhi ufuna ukusisiza. (IHubo 103:12-14) Singaqiniseka ukuthi uma sibonisa ukholo ‘eNdodaneni kaNkulunkulu . . . , kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.’ (1 Johane 5:13, 14) Noma kunjalo, amaKristu eqiniso ayayiqaphela indima evezwe emiBhalweni uJesu anayo enjongweni kaJehova, ikakhulu lapho emelela abanye ngomthandazo wasobala. Futhi ngobuqotho afuna ukudumisa uJesu ngokuyisa imikhuleko yawo kuNkulunkulu ngaye.