Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

Yisiphi isimiso somuntu siqu esihilela iNtshumayelo YaseNtabeni ongase usisebenzise ekunciphiseni ukucindezeleka?

Usuku ngalunye, ungafunda enye yezimfundiso zikaJesu eziyisisekelo ezikuleyo ntshumayelo noma kwenye indawo emaVangelini. Ngokuzindla ngaleyo mfundiso futhi uzame ukuyisebenzisa kuwe siqu, cishe uyothola injabulo eyengeziwe, kunciphe ukucindezeleka.—12/15, amakhasi 12-14.

Yiziphi izizathu ezintathu ezinhle zokuba abadala bebandla baqeqeshe izinceku ezikhonzayo ukuba zisingathe imithwalo yemfanelo eyengeziwe?

Ngenxa yokwanda kwenani loFakazi BakaJehova, kudingeka amadoda engeziwe anokwethenjelwa ukuze kusizwe abasanda kubhapathizwa ukuba bathuthuke. Ukukhula noma izinkinga zempilo manje ziyabanqinda abanye abadala asebenesikhathi eside. Futhi abanye abadala abanamakhono amahle banemithwalo yemfanelo nangaphandle kwebandla abakhonza kulo, ngakho bangase bangakwazi ukwenza okuningi njengakuqala ebandleni lakubo.—1/1, ikhasi 29.

Abantu bathembela kanjani konkulunkulu abangebona abangokoqobo?

Abaningi bakhulekela onkulunkulu benkolo yabo, kodwa kungenzeka ukuthi laba bamane nje bangonkulunkulu abangaphili, abangenakusindisa muntu njengoba nje kwakunjalo ngoBali ngosuku luka-Eliya. (1 AmaKhosi 18:26, 29; IHubo 135:15-17) Abanye badumisa osaziwayo bezokuzijabulisa noma izihlabani zezemidlalo, abangenakunikeza ithemba langempela lekusasa. Ngokuphambene, uJehova ukhona ngempela futhi uyazifeza izinjongo zakhe.—1/15, amakhasi 3-5.

Yini esingayifunda endleleni uKayini asabela ngayo esixwayisweni sikaNkulunkulu?

UNkulunkulu usinike inkululeko yokuzikhethela, futhi singakhetha ukwenza lokho okulungile kunokuba siyeke ukwenza okuhle, njengoba kwenza uKayini. Ukulandisa kweBhayibheli kubonisa nokuthi uJehova uyazikhipha izahlulelo zakhe kwabangaphenduki.—1/15, amakhasi 22-3.

Kungani inhlanzeko ibaluleke ngokukhethekile manje?

Njengoba izindlela zokuphila zishintsha, abantu abaningi abasenasikhathi esitheni sokuhlanza amakhaya abo njengoba kwakunjalo ngokuvamile. Ukungayinaki inhlanzeko ngokuphathelene nokudla namanzi kungadala izingozi zempilo. Ngaphezu kwenhlanzeko engokomzimba, iBhayibheli ligcizelela ukunaka inhlanzeko engokomoya, yokuziphatha nengokwengqondo.—2/1, amakhasi 3-6.

Mayelana nofakazi bangaphambi kobuKristu, uPawulu wathi babengeke ‘benziwe baphelele ngaphandle kwethu.’ Kanjani? (Heberu 11:40)

Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane ezayo, uKristu nabafowabo abagcotshiwe ezulwini, abayobe bekhonza njengamakhosi nabapristi, bayodlulisela izinzuzo zesihlengo kwabavusiwe. Kanjalo abathembekile abanjengalabo abashiwo kumaHeberu isahluko 11 ‘bayokwenziwa baphelele.’—2/1, ikhasi 23.

Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi kumaHeberu: “Anikaze nizabalaze kuze kube seqophelweni legazi”? (Heberu 12:4)

Wayesho ukuzabalaza kuze kube seqophelweni lokufa. Kwakunezibonelo ezingokomlando zabathile ababethembeke kwaze kwaba sekufeni. Nakuba amaHeberu uPawulu ayewabhalela ayengakavivinywa kuze kufike kulelo qophelo, kwakudingeka athuthukele ekuvuthweni, akhe ukholo lwawo ukuze akhuthazelele noma yini eyayingase iwehlele.—2/15, ikhasi 29.

Kungani kungcono ukuba singasho ukuthi uJehova uthambisa ubulungisa bakhe ngesihe?

Kwezinye izilimi, elithi “thambisa” lingasho ukwenza kube sesilinganisweni esifanele noma ukuthiba. UJehova unguNkulunkulu wakho kokubili ubulungisa nesihe, futhi lapho ebonisa lezo zimfanelo, zisebenza ngokuvumelana. (Eksodusi 34:6, 7; Duteronomi 32:4; IHubo 116:5; 145:9) Ubulungisa bukaJehova abudingi ukuthanjiswa yisihe.—3/1, ikhasi 30.

Kuyafaneleka yini ngomKristu ukuba agqumise isidumbu sothandekayo wakhe?

Ukugqumisa isidumbu kuyindlela yokusilondoloza. Abanye abantu basendulo babekwenza ngenxa yezizathu ezingokwenkolo lokhu. Akunakuba njalo kubakhulekeli beqiniso. (UmShumayeli 9:5; IzEnzo 24:15) Ukugqumisa kuyomane kuhlehlise inqubo engenakugwenywa, ukubuyela kwesidumbu emhlabathini. (Genesise 3:19) Kodwa ngeke sibe khona isidingo sokukhathazeka uma umthetho ufuna ukuba isidumbu sigqunyiswe, noma uma amalungu athile omkhaya ethanda ukuba kwenziwe, noma uma kudingeka ngenxa yokuthi abathile kumelwe bathathe uhambo olude beze emngcwabeni.—3/15, amakhasi 29-31.

Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezisifundisa ukuthi uNkulunkulu wamukela abantu bazo zonke izizwe?

UJehova wathumela umprofethi uJona ukuba ayoxwayisa abaseNineve, futhi uNkulunkulu wanxusa uJona ukuba amukele ukuphenduka kwabo. Ngezwi nangesibonelo, uJesu wakhuthaza ukubonisa uthando kumaSamariya. Umphostoli uPetru nomphostoli uPawulu bobabili baba nendima ethile ekuletheni izindaba ezinhle kwabangemaJuda. Ezibonelweni ezinjengalezi singabona isidingo sokuzama ukusiza abantu bazo zonke izizinda.—4/1, amakhasi 21-4.