Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qondisa Izinyathelo Zakho Ngezimiso ZikaNkulunkulu

Qondisa Izinyathelo Zakho Ngezimiso ZikaNkulunkulu

Qondisa Izinyathelo Zakho Ngezimiso ZikaNkulunkulu

‘[UJehova] ukufundisa okukusizayo.’—ISAYA 48:17.

1. UMdali ubahola kanjani abantu?

NJENGOBA ososayensi bezikhandla bezama ukuqonda indawo yonke, ayabamangaza amandla amakhulu asendaweni esizungezile. Ilanga lethu—eliyinkanyezi engadle ngabukhulu—likhipha amandla alingana ‘namabhomu e-hydrogen ayizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu eqhuma umzuzwana ngamunye.’ Ngamandla akhe, uMdali ukwazi ukulawula nokuqondisa izindikimba zasemkhathini ezinkulu kangako. (Jobe 38:32; Isaya 40:26) Kuthiwani ngathi thina bantu esinesiphiwo senkululeko yokuzikhethela, isimilo, ikhono lokucabanga nelokuqonda izinto ezingokomoya? UMenzi wethu uye wakhetha ukusihola kanjani thina? Usiqondisa ngothando ngemithetho yakhe ephelele nezimiso zakhe eziphakeme, kanye nangonembeza wethu oqeqeshwe kahle.—2 Samuweli 22:31; Roma 2:14, 15.

2, 3. Luhlobo luni lokulalela okujabulisa uNkulunkulu?

2 UNkulunkulu uyajabula ngezidalwa ezihlakaniphile ezikhetha ukumlalela. (IzAga 27:11) Kunokuba amane asenze simlalele ngokuzenzakalelayo njengamarobhothi angacabangi, uJehova wasinika inkululeko yokuzikhethela ukuze sikwazi ukunquma ukwenza okulungile sazi.—Heberu 5:14.

3 UJesu, owabonakalisa uYise njengoba enjalo, wathi kubafundi bakhe: “Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho. Angisanibizi ngokuthi niyizigqila.” (Johane 15:14, 15) Endulo, isigqila sasimane silalele imiyalo yenkosi yaso. Ngakolunye uhlangothi, ubungane bakhiwa ukubonakaliswa kwezimfanelo ezikhanga inhliziyo. Singaba abangane bakaJehova. (Jakobe 2:23) Lobu bungane buqiniswa uthando lwabo bobabili abahilelekile. UJesu wahlobanisa ukulalela uNkulunkulu nothando lapho ethi: “Uma noma ubani engithanda, uyogcina izwi lami, noBaba uyomthanda.” (Johane 14:23) Ngenxa yalokho—nangenjongo yokusiqondisa ngokuphephile—uJehova usinxusa ukuba siphile ngezimiso zakhe.

Izimiso ZikaNkulunkulu

4. Ungazichaza kanjani izimiso?

4 Ziyini izimiso? Isimiso sichazwa ngokuthi “yiqiniso elivamile noma eliyisisekelo: umthetho obanzi noyisisekelo, imfundiso, noma ukucabanga, okusekelwa kukho okunye noma okususelwa kukho okunye.” (Webster’s Third New International Dictionary) Ukutadisha iBhayibheli ngokucophelela kwembula ukuthi uBaba wethu osezulwini unikeza iziqondiso eziyisisekelo ezihlanganisa izimo nezici ezihlukahlukene zokuphila. Lokhu ukwenza ngoba efuna ukusizuzisa phakade. Lokho kuyavumelana nalokho okwabhalwa yinkosi ehlakaniphile uSolomoni: “Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho.” (IzAga 4:10, 11) Izimiso eziyisisekelo esizinikezwa nguJehova zithinta ubuhlobo bethu naye nabanye abantu, ukukhulekela kwethu nokuphila kwethu kwansuku zonke. (IHubo 1:1) Ake sihlole ezinye zalezo zimiso eziyisisekelo.

5. Nikeza izibonelo zezimiso eziyisisekelo.

5 Mayelana nobuhlobo bethu noJehova, uJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.” (Mathewu 22:37) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu unikeza izimiso eziphathelene nendlela okufanele siphathe ngayo abanye abantu, njengoMthetho Wegolide othi: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12; Galathiya 6:10; Thithu 3:2) Ngokuphathelene nokukhulekela, siyayalwa: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye.” (Heberu 10:24, 25) Mayelana nezici zokuphila kwethu kwansuku zonke, umphostoli uPawulu uthi: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.” (1 Korinte 10:31) Kukhona nezinye izimiso eziningi eZwini likaNkulunkulu.

6. Izimiso zihluke kanjani emithethweni?

6 Izimiso zingamaqiniso asebenzayo nayisisekelo, futhi amaKristu ahlakaniphile afunda ukuzithanda izimiso. UJehova waphefumulela uSolomoni ukuba abhale: “Lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.” (IzAga 4:20-22) Izimiso zihluke kanjani emithethweni? Izimiso ziyisisekelo semithetho. Imithetho, yona evame ukuqonda isici esithile, ingase isebenze ngesikhathi noma esimweni esithile, kodwa izimiso azixhomekile esikhathini. (IHubo 119:111) Izimiso zikaNkulunkulu aziphelelwa yisikhathi noma zidlule. Amazwi aphefumulelwe omprofethi u-Isaya ayiqiniso: “Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, kepha izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade.”—Isaya 40:8.

Cabanga Futhi Wenze Ngokusekelwe Ezimisweni

7. IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza kanjani ukuba sicabange futhi senze ngokusekelwe ezimisweni?

7 “Izwi likaNkulunkulu wethu” lisikhuthaza ngokuphindaphindiwe ukuba sicabange futhi senze ngokusekelwe ezimisweni. Lapho uJesu ecelwa ukuba afingqe uMthetho, washo izinto ezimbili ngamafuphi—enye yayigcizelela uthando ngoJehova, enye igcizelela uthando ngomakhelwane. (Mathewu 22:37-40) Lapho enza kanjalo, uJesu wacaphuna ingxenye yendima efingqiwe yangaphambili eyayinikeza izimfundiso eziyisisekelo zoMthetho KaMose, eyayilotshwe kuDuteronomi 6:4, 5: “UJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.” Kubonakala sengathi uJesu wayecabanga nangesiqondiso sikaNkulunkulu esikuLevitikusi 19:18. Esiphethweni esicacile, esingajikelezi nesinamandla sencwadi yomShumayeli, amazwi eNkosi uSolomoni afingqa imithetho eminingi kaNkulunkulu: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke. Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.”—UmShumayeli 12:13, 14; Mika 6:8.

8. Kungani kuyisivikelo ukuziqonda ngokugcwele izimiso zeBhayibheli eziyisisekelo?

8 Ukuziqonda ngokugcwele izimiso ezinjalo eziyisisekelo kungasisiza siqonde futhi sisebenzise nezinye iziqondiso eziqondile. Ngaphezu kwalokho, uma singaziqondi ngokugcwele futhi sizamukele izimiso eziyisisekelo, singase sehluleke ukwenza izinqumo ezihlakaniphile futhi ukholo lwethu lungase luntengantenge kalula. (Efesu 4:14) Uma sizigxilisa engqondweni nasenhliziyweni yethu izimiso ezinjalo, siyokulungela ukuzisebenzisa ekwenzeni izinqumo. Lapho sizisebenzisa ngokuqonda, ziletha impumelelo.—Joshuwa 1:8; IzAga 4:1-9.

9. Kungani kungelula njalo ukuqonda nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli?

9 Ukuqonda nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli akulula njengokugcina imithetho. Njengabantu abangaphelele singase siwugweme umzamo odingekayo ekufinyeleleni isinqumo ngokucabanga ngezimiso. Singase sikhethe ukuba kube nomthetho lapho kudingeka senze isinqumo noma lapho sididekile. Ngezinye izikhathi singase sifune isiqondiso kumKristu ovuthiwe—mhlawumbe umdala webandla—silindele ukuthola umthetho oqondile osebenza esimweni esikuso. Nokho, iBhayibheli noma izincwadi ezisekelwe kulo zingase zinganikezi mthetho oqondile, futhi noma mhlawumbe ziwunikeza, ungase ungabi yisiqondiso esisebenza ngaso sonke isikhathi nakuzo zonke izimo. Cishe uyakhumbula ukuthi indoda ethile yacela uJesu: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba ahlukaniselane nami ifa.” Kunokuba ajahe ukunikeza umthetho wokuxazulula izingxabano zezelamani, uJesu wayinika isimiso esibanzi: ‘Hlala uvule amehlo futhi uqaphe yonke inhlobo yokukhanuka.’ Kanjalo uJesu wanikeza isiqondiso esasiwusizo ngaleso sikhathi futhi esisewusizo namanje.—Luka 12:13-15.

10. Ukuziphatha ngokuvumelana nezimiso kuzembula kanjani izisusa zenhliziyo yethu?

10 Cishe uye ubabone abantu abathambekele ekulaleleni imithetho bekhononda, ngoba besaba isijeziso. Ukuhlonipha izimiso kwenza singabi khona isimo sengqondo esinjalo. Izimiso zishukumisela abalawulwa yizo ukuba basabele ngokusuka enhliziyweni. Empeleni, izimiso eziningi azihileli isijeziso esisheshayo kulabo abangazigcini. Lokhu kusinika ithuba lokuba kuvele ukuthi kungani silalela uJehova, siyini isisusa senhliziyo yethu. Isibonelo salokhu ukwenqaba kukaJosefa ukunxenxa komkaPotifari kokuziphatha okubi. Nakuba uJehova ayengakawunikezi umthetho olotshiwe owenqabela ukuphinga futhi kungekho sigwebo sikaNkulunkulu esasibekelwe umuntu olala nenkosikazi yenye indoda, uJosefa wayeziqaphela izimiso zokwethembeka emshadweni ezinqunywe nguNkulunkulu. (Genesise 2:24; 12:18-20) Singabona empendulweni yakhe ukuthi lezo zimiso zazimthonya ngokunamandla: “Ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?”—Genesise 39:9.

11. Yiziphi izici amaKristu afuna ukuqondiswa yizimiso zikaJehova kuzo?

11 Namuhla, amaKristu afuna ukuqondiswa yizimiso zikaJehova ngokuphathelene nezinto zomuntu siqu, njengabangane abakhethayo, ukuzijabulisa, umculo nezinto azifundayo. (1 Korinte 15:33; Filipi 4:8) Njengoba sikhula olwazini, ekuqondeni nasekwaziseni uJehova nezindinganiso zakhe, unembeza wethu, umuzwa wethu wokuziphatha, uyosisiza ukuba sisebenzise izimiso zaphezulu kunoma yiziphi izimo esibhekana nazo, ngisho nasezintweni ezisekusithekeni. Njengoba siyobe siqondiswa yizimiso zeBhayibheli, ngeke sifune izintuba emithethweni kaNkulunkulu; ngeke futhi silingise labo abazama ukubona ukuthi bangaqhubeka ibanga elingakanani benza isenzo esingafanele kodwa bengaphuli mthetho othile ngempela. Siyaqaphela ukuthi ukucabanga okunjalo kuwukuzigwaza ngowakho futhi kuyalimaza.—Jakobe 1:22-25.

12. Siyini isihluthulelo sokuqondiswa yizimiso zikaNkulunkulu?

12 AmaKristu avuthiwe ayaqaphela ukuthi isihluthulelo sokulandela izimiso zikaNkulunkulu siwukufuna ukwazi ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngendaba. Umhubi uyanxusa: “Nina enithanda uJehova zondani okubi.” (IHubo 97:10) Lapho zibala ezinye zezinto uNkulunkulu azibheka njengezimbi, izAga 6:16-19 zithi: “Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.” Lapho ukuphila kwethu kubuswa yisifiso sokuthola ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngezinto ezinjalo eziyisisekelo, ukuphila ngokuvumelana nezimiso kuba umkhuba wasikhathi sonke.—Jeremiya 22:16.

Kudingeka Isisusa Esihle

13. Luhlobo luni lokucabanga uJesu alugcizelela eNtshumayelweni YaseNtabeni?

13 Ukwazi nokusebenzisa izimiso kusivikela nasogibeni lokukhulekela okungenanjongo, kokugcina icala. Kunomehluko phakathi kokulandela izimiso nokunakashela ukugcina imithetho. UJesu wakubonisa ngokucacile lokhu eNtshumayelweni YaseNtabeni. (Mathewu 5:17-48) Khumbula ukuthi izilaleli zikaJesu zazingamaJuda, ngakho ukuziphatha kwazo kwakufanele ngabe kulawulwa uMthetho KaMose. Kodwa empeleni zazinombono osontekile ngoMthetho. Zazigcizelela imidanti yoMthetho ngaphezu kwalokho uMthetho okuqondile ngempela. Zazigcizelela namasiko azo, ziwahlonipha ngaphezu kwemfundiso kaNkulunkulu. (Mathewu 12:9-12; 15:1-9) Ngenxa yalokho, iningi labantu lalingafundisiwe ukucabanga ngezimiso.

14. UJesu wazisiza kanjani izilaleli zakhe ukuba zicabange ngokusekelwe ezimisweni?

14 Ngokuphambene, eNtshumayelweni YaseNtabeni uJesu wahlanganisa izici ezinhlanu zokuziphatha: intukuthelo, umshado nesahlukaniso, izithembiso, impindiselo, kanye nothando nenzondo. Esicini ngasinye, uJesu wabonisa inzuzo yokulandela isimiso. Kanjalo uJesu wakhuphula izindinganiso zokuziphatha kubalandeli bakhe. Ngokwesibonelo, mayelana nokuphinga, wanikeza isimiso esingaqaphi izenzo zethu kuphela kodwa nemicabango nezifiso zethu: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.

15. Singakugwema kanjani ukuthambekela kokuthanda imithetho?

15 Lesi sibonelo sibonisa ukuthi akufanele neze sikhohlwe yinhloso yezimiso zikaJehova nalokho ezikuqondile. Akufanele neze sizame ukuthola umusa kaNkulunkulu ngezenzo zokugcina icala. UJesu wadalula ubuze besimo sengqondo esinjalo ngokubhekisela esiheni nasothandweni lukaNkulunkulu. (Mathewu 12:7; Luka 6:1-11) Lapho silandela izimiso zeBhayibheli, siyogwema ukuzama ukuphila (noma ukufuna abanye baphile) ngohlu olude lwemithetho esho izinto okumelwe nokungamelwe zenziwe, ezeqayo kulokho okufundiswa yiBhayibheli. Siyokhathalela kakhulu izimiso zothando nokulalela uNkulunkulu kunendlela ukukhulekela okubonakala ngayo ngaphandle.—Luka 11:42.

Imiphumela Ejabulisayo

16. Nikeza izibonelo zezimiso okusekelwe kuzo iziqondiso ezithile zeBhayibheli.

16 Njengoba sizama ukulalela uJehova, kubalulekile ukuqaphela ukuthi imithetho yakhe isekelwe ezimisweni eziyisisekelo. Ngokwesibonelo, amaKristu kufanele agweme ukukhonza izithombe, ukuziphatha okubi kobulili, nokusebenzisa kabi igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Siyini isisekelo sokuma kwamaKristu kulezo zinto? UNkulunkulu ufanelwe ukuba sizinikele kuye yedwa; kufanele sithembeke kumngane wethu womshado; futhi uJehova unguMniki-kuphila. (Genesise 2:24; Eksodusi 20:5; IHubo 36:9) Ukuqonda lezi zimiso eziyisisekelo kwenza kube lula ukwamukela imithetho ehlobene nazo.

17. Yimiphi imiphumela emihle engalethwa ukuqonda nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli?

17 Njengoba siqonda izimiso eziyisisekelo futhi sizisebenzisa, siyaqaphela ukuthi zisiza thina. Izibusiso ezingokomoya ezijatshulelwa abantu bakaNkulunkulu zivame ukuhambisana nezinzuzo ezingokoqobo. Ngokwesibonelo, labo abagwema ukubhema, abaphila ukuphila kokuziphatha okuhle futhi abahlonipha ubungcwele begazi bagwema ukungenwa yizifo ezithile. Ngokufanayo, ukuphila ngokuvumelana neqiniso laphezulu kungase kusizuzise ngokwezimali, ekuphilisaneni nabanye abantu noma ekuphileni komkhaya. Noma yiziphi izinzuzo ezinjalo ezingokoqobo zifakazela ukuba usizo kwezindinganiso zikaJehova, ukuthi ziyasebenza ngempela. Kodwa ukuthola izinzuzo ezinjalo ezingokoqobo ngokwako akusona isizathu esiyinhloko sokusebenzisa izimiso zikaNkulunkulu. AmaKristu eqiniso alalela uJehova ngoba emthanda, ngoba efanelwe ukukhulekela kwawo nangoba kuyiyona nto elungile ukuyenza.—IsAmbulo 4:11.

18. Uma sifuna ukuba ngamaKristu aphumelelayo, yini okufanele iqondise ukuphila kwethu?

18 Ukwenza ukuphila kwethu kuqondiswe yizimiso zeBhayibheli kuholela endleleni yokuphila ephakeme, okungase kudonsele abanye endleleni kaNkulunkulu. Okubaluleke nakakhulu, inkambo yethu yokuphila idumisa uJehova. Siyaqaphela ukuthi uJehova unguNkulunkulu onothando ngempela, osifunela okungcono kakhulu. Lapho senza izinqumo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli bese sibona indlela uJehova asibusisa ngayo, sizizwa sisondelene nakakhulu naye. Yebo, siba nobuhlobo obunothando nakakhulu noBaba wethu osezulwini.

Uyakhumbula?

• Siyini isimiso?

• Izimiso zihluke kanjani emithethweni?

• Kungani kusizuzisa ukucabanga nokwenza ngokusekelwe ezimisweni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 20]

UWilson, umKristu waseGhana, watshelwa ukuthi ezinsukwini ezimbalwa wayezodilizwa emsebenzini. Ngosuku lwakhe lokugcina emsebenzini, wabelwa ukugeza imoto yomphathi wenkampani. Lapho uWilson ethola isizumbulu semali kule moto, induna yakhe yamtshela ukuthi le mali ithunyelwe nguNkulunkulu njengoba uWilson ayezodilizwa ngalolo suku. Nokho, esebenzisa izimiso zeBhayibeli zokwethembeka, uWilson wayiphindisela kumphathi leyo mali. Emangele futhi ehlabeke umxhwele, umphathi akagcinanga nje ngokugcinela uWilson umsebenzi wakhe kodwa futhi wamkhuphulela isikhundla waba yilungu eliphakeme labaqondisi benkampani.—Efesu 4:28.

[Ibhokisi ekhasini 21]

URukia ungowesifazane wase-Albania oseminyakeni yawo-60 ubudala. Ngenxa yengxabano yomkhaya, wayeseneminyaka engaphezu kwengu-17 engakhulumisani nomfowabo. Waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova wathola ukuthi amaKristu eqiniso kumelwe abe nokuthula nabanye, angabi namagqubu. Wathandaza ubusuku bonke wayeseya kwamfowabo, inhliziyo yakhe ishaya ngamandla. Kwavula umntanomfowabo emnyango. Wabuza uRukia, emangele: “Kushone bani? Uzofunani lapha?” URukia wacela ukubona umfowabo. Wachaza ezolile ukuthi ukufunda ngezimiso zeBhayibheli nangoJehova kwakumshukumisele ukuba abuyisane nomfowabo. Ngemva kwezinyembezi nokwangana, bahalalisela lokhu kwamukelana kabusha okukhethekile!—Roma 12:17, 18.

[Isithombe ekhasini 23]

Mathewu 5:27, 28

[Isithombe ekhasini 23]

Mathewu 5:3

[Isithombe ekhasini 23]

Mathewu 5:24

[Isithombe ekhasini 23]

“Lapho ebona izixuku wakhuphukela entabeni; futhi ngemva kokuhlala phansi abafundi bakhe beza kuye; futhi wavula umlomo wakhe waqala ukubafundisa.”—MATHEWU 5:1, 2