Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukudumisa UNkulunkulu Ezintabeni ZasePhilippines

Ukudumisa UNkulunkulu Ezintabeni ZasePhilippines

Ukudumisa UNkulunkulu Ezintabeni ZasePhilippines

Uma ucabanga ukuthi iPhilippines iyizwe eliyisiqhingi, ushaye emhlolweni. Kodwa futhi ibuye ibe yizwe lezintaba ezihlaba umxhwele. KoFakazi BakaJehova ukushumayela emadolobheni nasezindaweni ezisehlanzeni bekulokhu kulula futhi kuphumelela. Nokho, isimo sihlukile ezifundeni ezisezintabeni.

IZINTABA ezinhle kakhulu zezwe zihluke kakhulu emabhishi anesihlabathi, izixhobo zama-coral, amadolobhana akhonze ukudoba, namadolobha anesinyokotho asemathafeni esiqhingi. Izintaba zibuye zibe yinselele emsebenzini wokushumayela “izindaba ezinhle” zoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:14.

Izintaba eziseziQhingini zasePhilippines zisonqenqemeni lapho kuhlangana khona ama-tectonic plate amabili. Ukududuleka komhlabathi kule ndawo kuye kwakha amagquma acijile eziqhingini ezinkudlwana. Iziqhingi ezingaphezu kwezingu-7 100 ezakha iPhilippines zisengxenyeni esemngceleni osentshonalanga wePacific Ring of Fire. Ngenxa yalokho zigcwele izintaba-mlilo, nazo ezenezela ezintabeni ezikuleli zwe. Le ndawo emazombezombe iye yabangela abantu basezintabeni baba onkom’ idlayodwa. Ukufinyelela kubo kunzima ngoba uma kuqhathaniswa, kunemigwaqo embalwa efanelwe ukuhamba izimoto.

Naphezu kwalezi zingqinamba, oFakazi BakaJehova bayasiqaphela isidingo sokufinyelela “zonke izinhlobo zabantu.” (1 Thimothewu 2:4) Ngakho, oFakazi basePhilippines baye benza ngokuvumelana nomoya ka-Isaya 42:11, 12: “Bahube abakhile emadwaleni. Benanele beseziqongweni zezintaba. Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.”

Imizamo eqondile yokufakaza kubantu basezintabeni yaqala eminyakeni engu-50 edlule. Ngemva kweMpi Yezwe II, izithunywa zevangeli zasiza ekufakeni ugqozi lwalo msebenzi. Izakhamuzi eziningi zendawo zalamukela iqiniso leBhayibheli futhi nazo, zasiza ekusakazeni leli qiniso ezindaweni eziphezulu ezintabeni ezikude. Kwaba nemiphumela emihle. Ngokwesibonelo, ezintabeni zasenyakatho Luzon, eCordillera Central, kunabamemezeli bezindaba ezinhle abangaphezu kuka-6 000. Iningi labo ngabantu bomdabu, abahlanganisa ama-Ibaloi, ama-Ifugao, namaKalinga.

Nokho, phezulu ezintabeni kusenezindawo okunzima ukufika kuzo. Abantu abahlala kulezo zindawo abazange balibaleke. Iningi labo liye lafinyelelwa kanjani, futhi kuye kwaba njani ukusabela?

Ukholo Lweqiniso Luthatha Indawo Yesiko

Esiqhingini esisenyakatho yeLuzon, izindawo ezisezintabeni zesifunda sase-Abra kuhlala amaTinggi. Leli gama kungenzeka laqhamuka egameni lesiMalay elithi tinggi, elisho “intaba.” Lifaneleka ngempela! Laba bantu babuye bazibize ngokuthi ama-Itneg kanti nolimi lwabo bathi isi-Itneg. Bakholelwa kunkulunkulu obizwa ngokuthi uKabunian kanti ukuphila kwansuku zonke kuthonywa ngokunamandla yizinkolelo-ze. Ngokwesibonelo, uma umuntu ohlela ukuya ndawana-thize ethimula, yibika leshwa-ke lelo. Kufanele alinde amahora ambalwa ukuze ibhadi lidlule.

Ngo-1572, abantu baseSpain bafika nobuKatolika, nokho bahluleka ukufundisa amaTinggi ubuKristu beqiniso. Labo ababa amaKatolika babambelela ekukholelweni kwabo kuKabunian, balandela namasiko omdabu. Ulwazi olunembile lweqiniso lwafinyelela kulaba bantu ngokokuqala ngawo-1930 ngenkathi oFakazi BakaJehova beqala ukusakaza isigijimi soMbuso kulezo zintaba. Iningi lamaTinggi aqotho laqala kusukela lapho ukukhazimulisa uJehova ‘liseziqongweni zezintaba.’

Ngokwesibonelo, uLingbaoan wayeyinduna ehlonishwayo endaweni. Wayengene wagamanxa emasikweni amaTinggi. “Ngangiwalandela ngokwethembeka amasiko amaTinggi. Uma umuntu ebulewe, sasidansa ngemva komngcwabo, sishaye nezinsimbi. Sasihlaba. Sasikholelwa kuKabunian, futhi ngangingamazi uNkulunkulu waseBhayibhelini.” Wayenza kanjalo nakuba ayethi ungumKatolika.

Izikhonzi zoFakazi BakaJehova zaya koshumayela kuleyo ndawo. Zahlangana noLingbaoan futhi zamkhuthaza ukuba afunde iBhayibheli. Uyakhumbula: “YiBhayibheli elangenza ngakholwa ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso.” UFakazi othile wabe esefunda naye iBhayibheli, futhi uLingbaoan wanquma ukuba akhonze uNkulunkulu weqiniso. Wazishiya izindlela zakhe zangaphambili, kuhlanganise nesikhundla sakhe njengenduna, isinyathelo esenza umpristi wendawo nabangane bakaLingbaoan bathukuthela bagana unwabu. Nokho, uLingbaoan wayezimisele ukulandela amaqiniso ayewathole eBhayibhelini. Manje ukhonza njengomdala webandla.

Izinsuku Eziyisikhombisa Nobusuku Obuyisithupha

Nakuba izingxenye ezithile ze-Abra zizizwa ngokuqhubekayo manje izindaba ezinhle, ezinye zikude futhi azibutholi njalo ubufakazi. Esikhathini eside esedlule, kwenziwa umzamo wokufinyelela enye yalezi zindawo. Iqembu loFakazi abangu-35 lathatha uhambo lokuyoshumayela ensimini engabiwe eTineg, ese-Abra, indawo engazange ifinyelelwe iminyaka engu-27.

Lo mkhankaso wokuyoshumayela wenziwa kuhanjwa ngezinyawo, nokwathatha izinsuku ezingu-7. Cabanga nje uwela amabhuloho alengela phezu kwemifula ejulile, uhamba amahora amaningi ukhuphuka amagquma uthwele izinto ozidingayo—ukuze nje ushumayele izindaba ezinhle kulabo abaqabukela bezitholile! Ubusuku obune kobuyisithupha bohambo, kwalalwa ngaphandle.

Nakuba lab’ oFakazi abaqungayo abethathe lolu hambo babeziphathele ukudla, abazange bakwazi ukuthatha okwanele uhambo. Nokho, lokhu akuzange kube yinkinga ngoba abantu babezimisele ukubashintshisela ngokudla ukuze bathole izincwadi zeBhayibheli. OFakazi bathola insada yokudla okukhiqizwa emapulazini, inhlanzi, nenyama yenyamazane. Nakuba kwaba nezinkingana ezithile, leli qembu lathi: “Ukuzidela esakwenza kwavuzwa ngenjabulo echichimayo esaba nayo.”

Kulezi zinsuku ezingu-7 lezi zikhonzi zashumayela emadolobhaneni ayishumi, zahambisa izincwadi ezingu-60, omagazini abangu-186, izincwajana ezingu-50, kanye nenqwaba yamapheshana. Zabonisa amaqembu angu-74 abantu indlela izifundo zeBhayibheli eziqhutshwa ngayo. Edolobheni laseTineg, ngesicelo sezikhulu zendawo nezinye izakhamuzi ezaziwayo, kwaba nomhlangano webandla nabangu-78 ababekhona. Iningi lababelapho kwakungothisha namaphoyisa. Kwethenjwa ukuthi abaningi baseTineg bazohlanganyela nalabo ‘abananela’ futhi badumise uJehova beseziqongweni zezintaba.

Okuthile Okulidlula Kude Igolide

Ezansi le eningizimu yePhilippines kuneziqhingi abantu baseSpain abathola kuzo igolide. Lokhu kuye kwaholela egameni elithi Mindoro, okuwukufushanisa kwegama leSpanishi elithi mina de oro, noma “imayini yegolide.” Nokho, kunokuthile okungcono kunegolide okutholakala kulezi ziqhingi—abantu abafuna ukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova.

Cishe abantu abangaba ngu-125 000 bomdabu ababizwa ngokuthi amaMangya bahlala ehlathini elikude maphakathi neMindoro. Baphila ukuphila okulula, bangonkom’ idlayodwa, futhi banolimi lwabo. Iningi labo likholelwa emimoyeni nakonkulunkulu abaningi, futhi likholelwa emimoyeni eyahlukene yendalo.

Ngezinye izikhathi, lapho bentula ukudla noma ezinye izidingo, abantu baseMangya behlela ezindaweni ezingasolwandle beyofuna umsebenzi. Yilokho okwenzeka kuPailing, odabuka eqenjini elincane lamaMangya elibizwa ngokuthi amaBatangan. Wakhulela phakathi kwabantu bakubo emahlathini asezintabeni, futhi wayekholelwa ezimfundisweni nasemikhubeni yamaBatangan. Imvunulo evamile umutsha nje kuphela. Ukuze baqiniseke ngesivuno esihle, isiko lamaBantagan lalifuna ukuba abakhulekeli babulale inkukhu, igazi baliyeke liconsele emanzini ngesikhathi bethandaza.

UPailing akasawalandeli amasiko anjalo. Kungani? Ngenkathi eya ezindaweni ezisezansi, wathola umsebenzi emikhayeni yoFakazi BakaJehova. Omunye wale mikhaya wabamba ithuba ngokuthi wethule iqiniso leBhayibheli kuPailing. Wasabela kahle futhi wakwazisa ngempela ukufunda ngezinjongo zikaJehova ngomuntu nomhlaba. Lo mkhaya wahlela ukuthi aye esikoleni sabaqalayo, nokuthi afunde iBhayibheli. UPailing wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova eneminyaka engu-24. Lapho eneminyaka engu-30, wayenza unyaka wesibili esikoleni esiphakeme, futhi wenza isikole saba indawo yakhe yokushumayela. Manje bambiza ngoRolando (igama elivame ezindaweni ezisezansi).

Lapho uhlangana noRolando, uyobona isikhonzi esimamathekayo esigqoke kahle esikhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele nanjengenceku ekhonzayo kwelinye lamabandla aseMindoro. Muva nje uRolando ubuyele ezintabeni, hhayi ukuze ahlanganyele namaBatangan emasikweni awo, kodwa ukuze ahlanganyele nawo amaqiniso anika ukuphila angokweBhayibheli.

Banogqozi Lokuthola IHholo LoMbuso

Isifundazwe saseBukidnon—okusho ukuthi “Abantu baseziNtabeni” ngesiCebuano—sisesiqhingini esiseningizimu yeMindanao. Lena indawo yezintaba, imihosha, namathafa aphakeme. Indawo evundile isiza amasimu kaphayinaphu, ummbila, ikhofi, ilayisi, nobhanana. Izizwe zasenkangala ezingamaTalaandig namaHigaonon zihlala lapha. Nalaba bantu kudingeka bafunde ngoJehova. Muva nje, ngasedolobheni laseTalakag, leli thuba liye lavuleka ngendlela ethakazelisa kakhulu.

OFakazi abakhuphukela enkangala bathola umoya obandayo kepha bamukelwa ngemfudumalo. Abantu bendawo bazisholo ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu umninimandla onke, uBaba, kodwa babengalazi igama lakhe. Njengoba babechitha isikhathi sabo esiningi ehlathini, babeqala ukuhlangana noFakazi BakaJehova. Batshelwa ngegama likaNkulunkulu kanye nezinjongo zakhe ngokuphathelene noMbuso. Abantu bathokoza, ngakho kwanqunywa ukuba kuphindwe kuvakashelwe edolobhaneni labo.

Kwalandela ukuvakasha okuningana. Umphumela waba ukuthi izakhamuzi zendawo zanikela ngesiza sokwakha “indlu” yoFakazi BakaJehova. OFakazi balamukela ngezandla zombili lolu sizo. Isiza sasisesiqongweni sentaba ephakeme ukuzedlula zonke endaweni, sibuke umgwaqo. Isakhiwo sakhiwa ngamapulangwe, uqalo, namaqabunga esundu. Lo msebenzi waqedwa ngezinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi. Uphawu oluthi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova” lwalubonakala ngokucacile phambi kwesakhiwo. Cabanga nje, iHholo LoMbuso lakhiwa ngaphambi kokuba kusungulwe ibandla!

Kusukela ngaleso sikhathi, umdala webandla noyisikhonzi sesikhathi esigcwele wathuthela lapho, nenceku ekhonzayo yenza okufanayo. Besizana noFakazi abavela ezindaweni eziseduze, basebenzela umgomo wokusungula ibandla. Lokhu kwaba ngokoqobo ngo-August ka-1998. Ibandla elincane manje lilisebenzisa ngokugcwele leli Hholo LoMbuso ekusizeni abantu basezintabeni ukuba bafunde amaqiniso eBhayibhelini.

Ngempela, ngendlela enamandla uJehova uye wasebenzisa izikhonzi zakhe ePhilippines ukuze zisakaze iqiniso loMbuso ngisho nasezindaweni ezisezintabeni okunzima ukuba zifinyelelwe. Kusikhumbuza u-Isaya 52:7, othi: “Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle.”

[Amabalazwe ekhasini 11]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ABRA

MINDORO

BUKIDNON

[Umthombo]

Globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

[Izithombe ekhasini 10]

Ukushumayela ezintabeni kuhilela ukuhamba ngezinyawo amahora amaningi udabula endaweni emazombezombe.

[Isithombe ekhasini 10]

Ubhapathizo emfuleni osentabeni