Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Kuphi Ukulondeka?

Ukufuna Kuphi Ukulondeka?

Ukufuna Kuphi Ukulondeka?

Endaweni encane esemaphandleni aseNtshonalanga Afrika, insizwa enguJosué ivalelisa umkhaya wakubo nabangane. * Ibe isibhekisa amabombo edolobheni elikhulu lapho iyofuna khona ukulondeka okungokwezimali. Nokho, ngemva nje kokufika kwakhe lapho, ithemba lakhe liyafiphala njengoba ebona ukuthi imali ayicoshwa phansi edolobheni.

NJENGOBA kunzima ukuzivumelanisa nokuphila kwasedolobheni, uJosué uphelelwa ithemba. Idolobha elikhulu lihluke kakhulu kulokho ayecabangé ukuthi liyoba yikho. Ngaleso sikhathi, ekujuleni kwenhliziyo uJosué ulangazelela ukubuyela emkhayeni wakubo nakubangane bakhe emaphandleni ampofu awashiye emuva. Kepha wesaba ukuthi abanye abantu bendawo bazomhleka. Ekhathazekile, uthi: ‘Bazongibiza ngesehluleki ngoba ngehlulwe yidolobha.’

Okumsinda nakakhulu yindumalo abazali bakhe abangase babe nayo. Bathembele kuye ngosizo lwezimali. Njengoba ezama ukunqoba lo muzwa omsindayo, uJosué usebenza amahora amaningi enza umsebenzi omehlisa isithunzi, kanti uhola iholo eliphansi kakhulu kunalelo abephupha ngalo. Ukhathele ngenxa yokukhandleka. Nesikhathi asibekele imisebenzi yobuKristu ayazisa kakhulu siya sincipha njengoba isonto ngalinye lidlula. Njengoba ekude kangaka nokuthokomala komkhaya wakubo nabangane bakhe bakudala, uzizwa edabukile futhi enesizungu. Uthola ukuthi idolobha alimnikanga ukulondeka abekulangazelela kangaka.

Nakuba amagama nezindawo kungafani, okubuhlungu okwenzeka kuJosué kuyinsakavukela. Akukona ukuthi uJosué wayenobugovu ngokufisa ukuthutha—wayemane nje efuna ukulondeka. Ngobuqotho wayecabanga ukuthi amathuba ayemahle edolobheni kunasendaweni yakubo encane esemaphandleni. Yiqiniso, ngezinye izikhathi umuntu angasithuthukisa isimo sakhe esingokwezimali, kodwa lokho akusho ukulondeka kwangempela. Akubanga njalo kuJosué, futhi akubi njalo nangeningi elizama okufanayo. Lokhu kwenza sibuze, ‘Kuyini ukulondeka?’

Abantu abahlukahlukene babheka ukulondeka ngezindlela ezingafani. Esinye isichazamazwi sithi ukulondeka “kuwukukhululeka engozini” noma “ukukhululeka ekwesabeni noma ekukhathazekeni.” Iningi labantu liyaqaphela ukuthi “ukukhululeka engozini” ngokuphelele akukho nhlobo namuhla. Laneliswa nje ukuzizwa lilondekile, naphezu kwezimo ezisongelayo ezilizungezile.

Kuthiwani ngawe? Ukufuna kuphi ukulondeka? Ingabe kutholakala edolobheni elikhulu kunasemaphandleni, njengoba uJosué ayecabanga? Noma ingabe kutholakala emalini, kungakhathaliseki ukuthi uyithola kuphi noma kanjani? Ingabe mhlawumbe kutholakala ngokuphishekela isikhundla esiphakeme emphakathini? Kungakhathaliseki ukuthi ucabanga ukuthi ungase ukufune kuphi ukulondeka, lokho kulondeka kuyokulonda isikhathi esingakanani wena nomkhaya wakho?

Ake sicabangele izindlela ezintathu abantu abaningi abafuna ngazo ukulondeka—indawo abahlala kuyo; imali; isikhundla. Sizobe sesihlola ukuthi ukulondeka kwangempela, nokuhlala njalo kukuphi.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Igama lishintshiwe.