Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzizwa Ulondekile Manje—Ukulondeka Phakade

Ukuzizwa Ulondekile Manje—Ukulondeka Phakade

Ukuzizwa Ulondekile Manje—Ukulondeka Phakade

KUNGANI ukulondeka ngokuvamile kuyivelakancane, futhi uma kutholakele, kube okwesikhashana? Ingabe yingoba umuzwa wethu wokulondeka usekelwe emaphusheni—kulokho esethemba ukukufinyelela kunakulokho okufinyelelekayo? Ukuzikhohlisa okunjalo kungase kubizwe ngokuthi ukuphila kwelamaphupho.

Ukuphupha kwenza ingqondo ishiye amaqiniso okuphila nokungalondeki kwako, bese ingena ezimweni ezinhle nezilondekile, ikushaye indiva noma yikuphi okungase konakalise iphupho. Kodwa, ngokuvamile izinkinga zomhlaba ezingokoqobo ziyangenela ngokuphazima kweso, ziwuqede nya lowo muzwa wenhlalakahle, zivusele ophuphayo emaqinisweni asangulukisayo.

Make sibheke umkhakha owodwa abantu abafuna kuwo ukulondeka—indawo. Ngokwesibonelo, idolobha elikhulu lingabukeka lithembisa, livuse imicabango yezikhathi ezimnandi, iholo elikhulu, nezindawo zokuhlala zikanokusho. Yebo, lokhu kungabonakala kunganikeza ukulondeka okukade kulindelwe. Kodwa ingabe lo mbono ungokoqobo?

Indawo—Idolobha Elikhulu Noma Amaphupho Amakhulu?

Emazweni ampofu, ukuheha kwedolobha elikhulu kugqugquzelwa ezentengiselwano ezingayenga abantu abathathekayo. Izinhlangano ezingobhongoza kulezo zikhangiso azinandaba nokulondeka kwakho, kunalokho zinendaba nalokho zona ezikudayisayo. Ziyazishalazelela izinkinga zezwe elingokoqobo ziqhakambise impumelelo ehambisana nokulondeka. Ngakho, ukulondeka kuhlotshaniswa nomkhiqizo wabo abawukhangisayo kanye nedolobha elikhulu.

Cabangela isibonelo esilandelayo. Izikhulu zelinye lamadolobha aseNtshonalanga Afrika zaphanyeka izingqwembe zezikhangiso ezazibonisa ngokucacile ukuthi ukubhema kufana nokuyibhema ngokoqobo imali esetshenzelwe kanzima. Kwakuyingxenye yomkhankaso wokuxwayisa izakhamuzi ngengozi yokubhema. Abakhiqizi nabathengisi bakagwayi baziphendulela ngokuchoma izingqwembe zezikhangiso ezaziklanywe ngobuqili zibonisa abantu ababhemayo besezindaweni ezinhle, ezijabulisayo, nezibonisa impumelelo. Ngaphezu kwalokho, enye inkampani kagwayi yagqokisa izisebenzi zayo izingubo zokusebenza zikanokusho namakepisi e-baseball asesitayeleni, zanikeza izingane ugwayi emgwaqweni, zikhuthaza ngayinye ukuba “iwuzame.” Eziningi zalezi zingane zazivela emaphandleni futhi njengoba zazingenalwazi ngezikhangiso ezinobuqili, zawuzama ugwayi. Zaba imilutha kagwayi. Lezi zingane zasemaphandleni zazize edolobheni elikhulu zizofuna ukulondeka okwakuzozenza zikwazi ukusekela abakubo noma ukuthola imali engconywana. Kunalokho, eningi yaleyo mali zayibhema kunokuba ziyisebenzise kahle.

Izikhangiso ezibonisa ukuphila okuphumelelayo edolobheni elikhulu aziveli kubathengisi ngazo zonke izikhathi. Zingavela nakubantu abaye bathuthela emadolobheni amakhulu nabanamahloni okuphindela emakhaya. Bengafuni ukubonakala njengezehluleki, baqhosha ngengcebo abathi banayo nezinto abathi bazifezile edolobheni. Nokho, uma kuhlolisiswa isimo sabo kutholakala ukuthi ukuphila kwabo kwangaleso sikhathi kusuke kungengcono kunokuphila kwabo kwangaphambili emaphandleni; badonsa kanzima ngokwezimali njengabanye abantu abahlala emadolobheni.

Kusemadolobheni amakhulu ngokuvamile lapho omafikizolo abazofuna ukulondeka beba khona izisulu zezinswelaboya. Ngani? Ngokuvamile, kungoba basuke bengakabi nesikhathi eside sokwakha abangane abaseduze kanti bakude namalungu emikhaya yabo. Ngakho basuke bengenabeluleki abangabasiza bagweme izingibe zokuphila kwasemadolobheni kokuthanda izinto ezibonakalayo.

UJosué akabanjwanga ugibe lokubhema. Ngaphezu kwalokho, waqaphela ukuthi izingcindezi zokuphila kwasedolobheni elikhulu zazingaphezu kwalokho ayengakuthwala ngokuphumelelayo. Endabeni yakhe, okuwukuphela kwento idolobha elamnika yona kwaba amaphupho amakhulu angafezekanga. Waqaphela ukuthi wayengalondekile ngempela edolobheni; idolobha lalimehlula. Wanqotshwa imizwa yokungabi nto yalutho, ukuzenyeza, nokwehluleka, ekugcineni wazehlisa futhi wabuyela emaphandleni.

Wayenovalo lokuthi wayezohlekwa. Kunokuba ahlekwe, umkhaya wakubo nabangane beqiniso bamamukela ngezandla ezivulekile. Ngenxa yemfudumalo yomkhaya wakubo, indawo ayijwayele yasemaphandleni, nothando lwabangane bakhe ebandleni lobuKristu, ngokushesha wazizwa elondeke kakhulu kunasedolobheni elikhulu lapho amaphupho abaningi ephenduka izigameko ezibuhlungu. Kwammangaza ukubona ukuthi ukusebenza kanzima kwakhe noyise emasimini eqinisweni kwalethela umkhaya wakubo inzuzo ethé xaxa kunaleyo ayeyoyithola edolobheni.

ImaliIkuphi Ngempela Inkinga?

Ingabe imali ingakunika umuzwa wokulondeka? ULiz, waseCanada uthi: “Ngesikhathi ngiseyingane, ngangikholelwa ukuthi imali iyakukhulula ekukhathazekeni.” Wathandana nendoda eyayimi kahle. Ngokushesha bashada. Ingabe wazizwa elondekile? ULiz uyaqhubeka: “Lapho ngishada, sasinomuzi omuhle nezimoto ezimbili, nesimo sethu esingokwezimali sasisinikeza inkululeko yokuba sijabulele noma yini eyinto ebonakalayo, ukuvakasha, nokuzijabulisa. Isimanga siwukuthi ngangisakhathazeka ngemali.” Uyachaza ukuthi kungani: “Kuningi kakhulu okwakungasilahlekela. Kubonakala sengathi lapho unokuningi, umuzwa wokulondeka uba mncane. Imali ayizange ingikhulule ekukhathazekeni.”

Uma unomuzwa wokuthi awunayo imali eyanele ukuze ulondeke, zibuze, ‘Ikuphi ngempela inkinga? Ingabe iwukuntuleka kwemali ngempela, noma ingabe iwukungakwazi ukusebenzisa imali ngendlela efanele?’ Lapho ebheka emuva, uLiz uthi: “Manje ngiyabona ukuthi umthombo wezinkinga zakithi lapho ngisengumntwana wawuwukusebenzisa imali budedengu. Sasithenga ngesikweletu, ngaleyo ndlela sasihlala sinesikweletu. Lokhu kwakubanga ukukhathazeka.”

Nokho, namuhla, uLiz nomyeni wakhe bazizwa belondeke kakhulu impela, nakuba benemali encane. Lapho befunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu, bayeka ukulalela izinkulumo ezihehayo eziphathelene nemali, baqala ukulalela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, okuhlanganisa la mazwi: “Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.” (IzAga 1:33) Babefuna ukuphila kwabo kube nenjongo eyengeziwe kunaleyo imali eningi esebhange eyayingabanika yona. Manje, njengoba beyizithunywa zevangeli ezweni elikude, uLiz nomyeni wakhe bafundisa abantu abacebile nabampofu ukuthi uJehova uNkulunkulu ngokushesha uzoletha ukulondeka okungokoqobo emhlabeni kabanzi. Lo msebenzi unikeza ukwaneliseka okujulile nokuzinza okubangelwa ukuba nenjongo ephakeme nezindinganiso ezizedlula zonke, akubangelwa yinzuzo engokwezimali.

Khumbula leli qiniso eliyisisekelo: Ukuceba ngakuNkulunkulu kuyigugu kakhulu kunokuba nengcebo yezinto ezibonakalayo. Kuyo yonke imiBhalo Engcwele, akugcizelelwa ukubeka ingcebo yezinto ezibonakalayo, kodwa ukuba nokuma okuhle noJehova, ukuma esingakwazi ukukulondoloza ngokuqhubeka senza intando kaNkulunkulu ngokholo. UKristu Jesu wasikhuthaza ukuba ‘sicebe kuNkulunkulu’ futhi sizibekele “umcebo . . . emazulwini.”—Luka 12:21, 33.

Isikhundla—Uphokophelephi?

Uma uyengelwa ekucabangeni ukuthi ukuphishekela isikhundla esiphakeme emphakathini kuyindlela eya ekulondekeni, zibuze: ‘Ubani osesikhundleni esiphakeme osekufinyelele ukulondeka kwangempela? Kuyodingeka ngikhuphuke kangakanani ukuze ngikufinyelele?’ Umsebenzi ophumelelayo ungakunikeza umuzwa okhohlisayo wokulondeka, ongaholela ekudumazekeni noma, okubi nakakhulu, ekuweni okuyingozi.

Okuhlangenwe nakho okungokoqobo kubonisa ukuthi igama elihle noNkulunkulu linikeza ukulondeka okukhulu kakhulu kunokuzakhela igama nomuntu. NguJehova kuphela onganikeza abantu isipho sokuphila okuphakade. Lokho kuhlanganisa ukubhala amagama ethu encwadini kaNkulunkulu yokuphila, hhayi ohlwini lwamagama osaziwayo abathile emphakathini.—Eksodusi 32:32; IsAmbulo 3:5.

Uma uwabekela eceleni amaphupho, usibona sinjani isimo sakho samanje, futhi yini oyilindele ngobuqotho ngekusasa? Akekho onakho konke. Kunjengoba omunye umKristu ohlakaniphile akubeka, “Kwadingeka ngifunde ukuthi ngeke ube nazo zonke izinto ekuphileni, kumelwe ukhethe.” Yima kancane, ufunde ibhokisi elithi “Izekwe EBenin.”

Manje phendula le mibuzo: Ngiphokophelephi, noma nginamiphi imigomo ekuphileni kwami? Iyiphi indlela eqondile yokufika lapho? Kungenzeka yini ukuthi ngisendleleni engalondekile nenhlanhlathayo, kanti engikudinga ngempela nengingakufinyelela ngingakuthola ngomzila ongeyona inkimbinkimbi?

Ngemva kokunikeza iseluleko ngokubaluleka okulinganiselwe kwezinto ezibonakalayo uma ziqhathaniswa nokubaluleka kwezinto ezingokomoya, uJesu wathi kumelwe sigcine iso “lilihle,” noma “ligxilile.” (Mathewu 6:22) Wakwenza kwacaca ukuthi izinto eziyinhloko ekuphileni zingamagugu nemigomo engokomoya egxile egameni likaNkulunkulu naseMbusweni wakhe. (Mathewu 6:9, 10) Ezinye izinto azibalulekile kangako, noma singathi akudingeki kugxilwe kuzo kangako.

Imishini eminingi yokuthwebula izithombe kulezi zinsuku ikwazi ukugxila ezintweni ezikude nakweziseduze. Ingabe nawe unjalo? Ingabe ugxila cishe kukho konke okubonayo—okusho ukuthi, ukubheka njengokubalulekile, okufiselekayo futhi, ufisa ukukufinyelela? Uma kunjalo ngisho nangezinga elincane, umgomo obalulekile wamaKristu, uMbuso, ungafiphazwa kalula ezinye izinto eziningi ozibonayo, ngayinye ifune uyinake. Isiyalo esinamandla sikaJesu sathi: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.”—Mathewu 6:33.

Ukulondeka Manje Naphakade

Sonke singazifisa izinto ezinhle, size sizifisele nabathandekayo bethu. Nokho, iqiniso lokuthi asiphelele, siphila ezweni elingaphelele, kanti nobude besikhathi sokuphila bulinganiselwe, lisiphoqelela ukuba silinganisele ezintweni esethemba ukuzifinyelela. Eminyakeni eyizinkulungwane eyedlule, umlobi weBhayibheli wachaza: “Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.”—UmShumayeli 9:11.

Ngezinye izikhathi sibanjwa izingcindezi zansuku zonke zokuphila size silibale ukubuka izinto ngombono obanzi wokuthi singobani, nokuthi yini esiyidinga ngempela ukuze sizizwe silondeke ngeqiniso. Cabanga ngala mazwi amandulo ahlakaniphile: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize. Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.” (UmShumayeli 5:10, 12) Yebo, ukufuna kuphi ukulondeka kwakho?

Uma usesimweni esithi masifane nephupho likaJosué, ungakushintsha yini lokho ohlela ukukwenza? Labo abakuthanda ngempela bayokusekela, njengoba nomkhaya kaJosué nabangane abangamaKristu benza. Ungathola ukulondeka okwengeziwe endaweni ephansi ukanye nalabo abakuthandayo kunasedolobheni lapho abathile bengase bazame ukukwenza isilo sengubo.

Uma kakade unokuningi, njengoLiz nomyeni wakhe, ungayishintsha yini indlela yakho yokuphila ukuze uchithe isikhathi esengeziwe usebenzisa amandla akho ekusizeni abantu, kungakhathaliseki ukuthi bacebile noma bampofu, ukuze bafunde ngoMbuso, indlela yokuthola ukulondeka kwangempela?

Uma ubusaphishekela isikhundla esiphakeme emphakathini noma emsebenzini, kungase kudingeke usihlolisise ngobuqotho isisusa sakho. Kuyavunywa, ezinye izinto ezenza ukuphila kube lula zingenezela injabulo ekuphileni. Nokho, ingabe uyakwazi ukugxila eMbusweni—indlela yeqiniso yokuthola ukulondeka okungapheli? Khumbula amazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Uma uzihilela emisebenzini eyahlukahlukene ebandleni lobuKristu, uyoba nokulondeka okwanelisayo.

Labo ababeka ithemba labo eliphelele kuJehova noMbuso wakhe bayachuma kwamanje ekulondekeni okujabulisayo futhi babheke phambili ekulondekeni okuphelele ngesikhathi esizayo. Umhubi wathi: “Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa. Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.”—IHubo 16:8, 9.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Izekwe EBenin

Le ndaba isizekwe izikhathi eziningi ngezindlela ezihlukahlukene. Muva nje, esinye isakhamuzi esesimnkantsh’ ubomvu edolobhaneni laseBenin, eNtshonalanga Afrika saxoxela ezinye izingane le ndaba ngale ndlela.

Umdobi ubuyela ekhaya ngesikejana sakhe esigwedlwayo futhi uhlangatshezwa uchwepheshe wakwelinye izwe osebenza kuleli zwe elimpofu. Lo chwepheshe ubuza umdobi ukuthi kungani ebuye emini kangaka. Umphendula ngokuthi ubengahlala isikhathi eside kodwa ubesebambe ezanele ukuze anakekele umkhaya wakhe.

“Manje, wenzani nje ngaso sonke lesi sikhathi sakho?” kubuza lo chwepheshe.

Umdobi uyaphendula: “Empeleni, ngiye ngidobe nje kancane. Ngidlale nezingane zami. Sonke siye sithathe isihlwathi lapho kuqala ukushisa. Ebusuku, sidla ukudla kwakusihlwa ndawonye. Ngemva kwalokho, ngiyaye ngihlangane nabangane bami ukuze sidlale umculo,nokunye-ke.”

Lo chwepheshe umngena emlonyeni: “Buka, ngineziqu zaseyunivesithi futhi ngiye ngafunda ngalezi zinto. Ngifuna ukukusiza. Kufanele uhlale isikhathi esithé xaxa udoba. Uzothola imali eningana futhi ngokushesha uzokwazi ukuthenga isikebhe esikhudlwana kunalesi esigwedlwayo. Ngesikebhe esikhudlwana, uyothola inzuzo eyengeziwe futhi ngokushesha uyoba namanetha okudoba amaningi.”

“Bese?” kubuza umdobi.

“Bese uyakwazi ukudayisela imboni ngokuqondile, kunokuthi udayisele umuntu ozodayisela imboni, noma uziqalele eyakho imboni ekhiqiza izinto ezenziwe ngezinhlanzi. Ungakwazi ukushiya le ndawo yakini esemaphandleni uyohlala eCotonou, noma eParis, noma eNew York futhi uliqhubele lapho leli bhizinisi. Ungacabangela nanokufaka ibhizinisi lakho ezimakethe zamasheya bese uzidlela izambane likapondo.”

“Konke lokhu kuzothatha isikhathi esingakanani?” kubuza umdobi.

“Mhlawumbe iminyaka engu-15 kuya kwengu-20,” kuphendula uchwepheshe.

“Bese?” kuqhubeka umdobi.

“Yilapho-ke ukuphila kuyoba mnandi khona,” kuchaza uchwepheshe. “Ungabe sewuthatha umhlalaphansi. Ungase usuke esiphithiphithini sasedolobheni uziyele edolobhaneni elincane elithé ukuqhela.”

“Bese kuphumelaphi-ke lokho?” kubuza umdobi.

“Manje usungaba nesikhathi sokudoba kancane nje, udlale nezingane zakho, uthathe isihlwathi uma kushisa, udle ukudla kwakusihlwa nomkhaya wakho, futhi uhlangane nabangane ukuze nidlale umculo.”

[Izithombe ekhasini 7]

Ingabe ukukhushulelwa esikhundleni esiphezulu emsebenzini kuyakuletha ukulondeka?

[Izithombe ekhasini 8]

AmaKristu akanye nawe ayakukhathalela ngempela ukulondeka kwakho