Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uzwela—Luyisihluthulelo Somusa Nesihawu

Uzwela—Luyisihluthulelo Somusa Nesihawu

Uzwela—Luyisihluthulelo Somusa Nesihawu

“UMA nje ukwazi ukudambisa ubuhlungu bomunye umuntu, ukuphila akulona ize,” kubhala uHelen Keller. UKeller wayebuqonda ngempela ubuhlungu obungokomzwelo. Lapho enezinyanga ezingu-19 ubudala, wahlaselwa ukugula okwamenza waba yimpumputhe nesithulu. Kodwa uthisha othile onesihawu wafundisa uHelen ukufunda nokubhala nge-Braille, kamuva wamfundisa nokukhuluma.

Uthisha kaKeller, u-Ann Sullivan, wayekwazi kahle ukukhungatheka kokushikashikana nokukhubazeka. Kwayena wayengaboni kahle. Kodwa ngesineke, u-Ann waklama indlela yokukhulumisana noHelen ‘ngokubhala’ izinhlamvu zamagama esandleni sikaHelen. Eshukunyiswa uzwela lukathisha wakhe, uHelen wanquma ukunikela ukuphila kwakhe ekusizeni izimpumputhe nezithulu. Njengoba ayenqobe ukukhubazeka kwakhe ngokuzikhandla, wayebazwela labo ababesesimweni esifanayo. Wayefuna ukubasiza.

Cishe uye waqaphela ukuthi kuleli zwe elinobugovu, kulula ‘ukuvala umnyango wobubele besisa,’ ungazinaki izidingo zabanye. (1 Johane 3:17) Nokho, amaKristu ayalwa ukuba abathande omakhelwane bawo futhi athandane ngothando olujulile. (Mathewu 22:39; 1 Petru 4:8) Noma kunjalo cishe uyalazi leli qiniso: Nakuba sihlosa impela ukuthandana, ngokuvamile asiwanaki amathuba okudambisa ubuhlungu babanye. Lokho kungase kube ngenxa yokuthi simane nje asiziqapheli izidingo zabo. Uzwela luyisihluthulelo esingavula kithi umnyango womusa nesihawu.

Luyini Uzwela?

Uzwela luye lwachazwa ngokuthi ukuzwelana nomuntu esimweni akuso futhi uqonde isimo sakhe, imizwa nezisusa. Luye lwachazwa nangokuthi yikhono lokuzibeka esimweni lowo muntu akuso. Ngakho uzwela lufuna ukuba okokuqala siqonde izimo zomunye umuntu bese okwesibili sibe nemizwa ebangelwa yilezo zimo kuye. Yebo, uzwela luhilela ukuzwa ubuhlungu bomunye umuntu enhliziyweni yethu.

ImiBhalo ibhekisela ngezindlela ezihlukahlukene kule mfanelo esixoxa ngayo lapha. Umphostoli uPetru weluleka amaKristu ukuba abonise ‘ukuzwelana, ukusondelana kobuzalwane nobubele.’ (1 Petru 3:8) Ngokwezwi nezwi, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuzwelana” lisho “ukuhlupheka ndawonye” noma “ukuba nobubele.” Umphostoli uPawulu watusa ukuba nemizwelo enjalo lapho enxusa amaKristu ayekanye nawo ukuba ‘ajabule nabantu abajabulayo; akhale nabantu abakhalayo.’ UPawulu wanezela: “Yibani nomqondo ofanayo ngabanye onjengalowo eninawo ngani.” (Roma 12:15, 16) Futhi awuvumi yini ukuthi cishe bekungeke kwenzeke ukuba simthande umakhelwane wethu njengoba sizithanda uma besingazange sizibeke esimweni akuso?

Cishe wonke umuntu unezinga elithile lozwela olungokwemvelo. Ubani ongathinteki lapho ebona izithombe ezidabukisayo zezingane ezibulawa yindlala noma ababaleki abakhungethwe usizi? Yimuphi umama onothando ongashalazela ukukhala kwengane yakhe? Kodwa akukhona konke ukuhlupheka okubonakala kalula. Yeka indlela okunzima ngayo ukuqonda imizwa yomuntu obhekene nokucindezeleka, ukukhubazeka okucashile emzimbeni, noma ngisho ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla—uma thina ngokwethu singakaze sibe nenkinga enjalo! Noma kunjalo, imiBhalo ibonisa ukuthi singakuhlakulela futhi kufanele sikuhlakulele ukuzwelana nalabo abasezimweni ezingafani nezethu.

Izibonelo EzingokomBhalo Zozwela

UJehova uyisibonelo sethu esiyinhloko sozwela. Nakuba yena ephelele, akalindeli ukuba nathi siphelele, “ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:14; Roma 5:12) Ngaphezu kwalokho, njengoba ekwazi ukulinganiselwa kwethu, ‘akasivumeli ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala.’ (1 Korinte 10:13) Ngezinceku zakhe nomoya wakhe, uyasisiza ukuba sithole indlela yokuphuma.—Jeremiya 25:4, 5; IzEnzo 5:32.

UJehova ngokwakhe uyabuzwa ubuhlungu obuzwiwa abantu bakhe. Watshela amaJuda ayebuye eBabiloni: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso [“lami,” NW].” (Zakariya 2:8) Eluqaphela ngokujulile uzwela lukaNkulunkulu, umlobi weBhayibheli uDavide wathi kuye: “Yitha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?” (IHubo 56:8) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova uyazikhumbula izinyembezi zezinceku zakhe ezithembekile—njengokungathi zibhalwe encwadini—ezizichiphizayo njengoba zishikashikeka ukuze zigcine ubuqotho bazo!

NjengoYise wasezulwini, uJesu Kristu uyezwelana nemizwa yabanye. Lapho elapha indoda eyisithulu, waya nayo eceleni, cishe ukuze ukwelashwa kwayo ngokuyisimangaliso kungayiletheli amahloni noma kuyethuse ngokungafanele. (Marku 7:32-35) Ngesinye isikhathi, uJesu wabona umfelokazi owayesezongcwaba indodana yakhe okuwukuphela kwayo. Ngokushesha wezwa ubuhlungu obabuzwiwa yilo mfelokazi, wasondela odwendweni lomngcwabo, wayivusa leyo nsizwa.—Luka 7:11-16.

Ngemva kokuvuswa kwakhe uJesu, lapho ebonakala kuSawulu endleleni eya eDamaseku, watshela uSawulu ukuthi ukushushisa kwakhe abafundi ngonya kwakumthinte kanjani. Wathi kuye: “NginguJesu, lowo omshushisayo.” (IzEnzo 9:3-5) UJesu wayebuzwa kuye uqobo ubuhlungu obabuzwiwa abafundi bakhe, njengomama ozwa ubuhlungu bomntanakhe ogulayo. Ngokufanayo, njengoba engumPristi wethu Ophakeme osezulwini, uJesu ‘uyazwelana nobuthakathaka bethu.’—Heberu 4:15.

Umphostoli uPawulu wafunda ukuzwelana nokuhlupheka nemizwa yabanye. Wabuza: “Ubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami? Ubani okhutshekiswayo, ngingavuthi ngolaka mina?” (2 Korinte 11:29) Lapho ingelosi ithukulula izibopho zoPawulu noSila ngokuyisimangaliso ejele laseFilipi, into yokuqala eyafika engqondweni kaPawulu kwaba ukutshela umgcini-jele ukuthi kwakungekho muntu oweqile. Ngozwela waqaphela ukuthi lo mgcini-jele wayengase azibulale. UPawulu wayazi ukuthi ngokwenkambiso yamaRoma, umgcini-jele wayejeziswa kanzima uma isiboshwa seqile—ikakhulu uma ayetsheliwe ukuba asigcine ngeso elibukhali. (IzEnzo 16:24-28) Isenzo sikaPawulu somusa esasindisa ukuphila samhlaba umxhwele umgcini-jele, futhi yena nendlu yakhe bathatha izinyathelo zokuba ngamaKristu.—IzEnzo 16:30-34.

Indlela Yokuhlakulela Uzwela

ImiBhalo isikhuthaza ngokuphindaphindiwe ukuba silingise uBaba wethu osezulwini neNdodana yakhe, uJesu Kristu, ngakho uzwela luyimfanelo okudingeka siyihlakulele. Singakwenza kanjani lokhu? Zintathu izindlela esingacija ngazo ukuzwelana kwethu nezidingo nemizwa yabanye: ngokulalela, ngokubhekisisa, nangokubona ngeso lengqondo.

Lalela. Ngokulalelisisa sazi izinkinga abanye abantu ababhekene nazo. Futhi lapho ikhono lethu lokulalela lilihle, cishe abanye bayothambekela nakakhulu ekuthululeni izinhliziyo zabo baveze imizwa yabo. UMiriam uyachaza: “Ngingakhuluma nomdala uma ngizizwa ngiqiniseka ngokuthi uzongilalela. Ngithanda ukwazi ukuthi uyiqonda ngempela inkinga yami. Ngimethemba nakakhulu lapho engibuza imibuzo efunisisayo ebonisa ukuthi ukulalelisisile lokho ebengimtshela kona.”

Bhekisisa. Akuyena wonke umuntu oyositshela ngokukhululekile ukuthi uzizwa kanjani noma ukuthi ubhekene nani. Nokho, umuntu obhekisisayo uyophawula lapho umKristu akanye naye ebonakala ecindezelekile, lapho omusha eqala ukungasaxoxi, noma lapho isikhonzi esishisekayo siphelelwa yintshiseko. Leli khono lokubona inkinga isaqala libalulekile kubazali. UMarie uthi: “Ngandlela-thile nje, umama uyazi ukuthi ngizizwa kanjani ngingakakhulumi nakukhuluma naye, ngakho kulula kimi ukukhuluma naye ngezinkinga zami ngingafihli lutho.”

Sebenzisa iso lakho lengqondo. Indlela enamandla kunazo zonke yokushukumisa uzwela iwukuzibuza: ‘Ukube bekuyimi okulesi simo, bengizozizwa kanjani? Bengizosabela kanjani? Bengizodingani?’ Abaduduzi bamanga bakaJobe abathathu bazibonakalisa behluleka ukuzibeka esimweni ayekuso. Ngakho, bamlahla ngezono ababezicabangela ababethi kumelwe ukube uzenzile.

Ngokuvamile abantu abangaphelele bakuthola kulula ukugxeka amaphutha kunokuqonda imizwa. Nokho, uma sizama kanzima ukulubona ngeso lengqondo usizi lomuntu ohluphekayo, kuyosisiza ukuba simzwele kunokuba simgxeke. UJuan, umdala ongumakad’ ebona, uthi: “Nginikeza iseluleko esingcono kakhulu lapho ngilalelisisa futhi ngizama ukuqonda sonke isimo ngaphambi kokuba nginikeze ukusikisela.”

Izincwadi ezisakazwa oFakazi BakaJehova ziye zasiza abaningi kulokhu. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! baye badingida izinkinga eziyinkimbinkimbi njengokucindezeleka nokuxhashazwa kwabantwana. Lokhu kwaziswa okuhambisana nesikhathi kusiza abafundi ukuba bazwelane kakhudlwana nemizwa yalabo abahlupheka ngalezi zindlela. Ngokufanayo, nencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo iye yasiza abazali abaningi ukuba bakwazi ukuqonda izinkinga zezingane zabo.

Uzwela Luyasiza Emisebenzini YobuKristu

Bambalwa kithi abebengashalazela usizi lwengane ebulawa yindlala bebe benakho ukudla kokuyipha kona. Uma sinozwela, siyosiqonda nesimo somuntu esingokomoya. IBhayibheli lithi ngoJesu: “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundleke futhi zihlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Izigidi namuhla zisesimweni esinjalo esingokomoya, zidinga usizo.

Njengasosukwini lukaJesu, kungase kudingeke sinqobe ubandlululo noma izinkambiso ezigxilile ukuze sifinyelele izinhliziyo zabanye abantu. Isikhonzi esinozwela sizama ukuthola izinto esivumelana ngazo nabantu noma ukukhuluma ngendaba abacabanga ngayo ukuze senze isigijimi saso sikhange kakhudlwana. (IzEnzo 17:22, 23; 1 Korinte 9:20-23) Izenzo zomusa ezishukunyiswa uzwela zingenza nokuba izilaleli zethu zisamukele kakhudlwana isigijimi soMbuso, njengoba kwaba njalo ngomgcini-jele waseFilipi.

Uzwela lubalulekile ekusisizeni ukuba singakunaki ukushiyeka kwabanye ebandleni. Uma sizama ukuqonda imizwa yomzalwane oye wasona, ngokungangabazeki siyokuthola kulula kakhulu ukumthethelela. Cishe nathi besiyosabela ngendlela efanayo ukube besisesimweni esifanayo futhi sinesizinda sakhe. Uzwela lukaJehova lumshukumisela ukuba ‘akhumbule ukuthi siluthuli,’ ngakho akufanele yini uzwela lusishukumisele ukuba sicabangele ukungapheleli kwabanye futhi sizame ‘ukubathethelela ngokukhululekile’?—IHubo 103:14; Kolose 3:13.

Uma kudingeka sinikeze iseluleko, cishe siyokwenza kanjalo ngendlela enomusa kakhulu uma siyiqonda imizwa yalowo owonile nezinto azwelayo kuzo. Umdala ongumKristu onozwela uyazikhumbuza: ‘Nami bengingalenza leli phutha. Bengingaba sesimweni akuso.’ Ngakho uPawulu uyanxusa: “Zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo, kuyilapho niziqaphela nina ngabanye, funa nani nilingwe.”—Galathiya 6:1.

Uzwela lungasishukumisela futhi ukuba sinikeze usizo olungokoqobo uma sinawo amandla okwenza kanjalo, yize kungenzeka umKristu esikanye naye enqena ukulucela. Umphostoli uJohane uyabhala: “Noma ubani onezinto zalelizwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo edinga kodwa nokho amvalele umnyango wobubele bakhe besisa, uthando lukaNkulunkulu luhlala kuye ngayiphi indlela? . . . Masibeni nothando, hhayi ngezwi noma ngolimi, kodwa ngesenzo nangeqiniso.”—1 Johane 3:17, 18.

Ukuze sithande “ngesenzo nangeqiniso,” kudingeka siqale sizibone izidingo ezikhethekile zomfowethu. Siyazibhekisisa yini izidingo zabanye sinomgomo wokubasiza? Yilokho okushiwo uzwela.

Hlakulela Ukuzwelana Nabanye

Kungenzeka asinalo ngokwemvelo uzwela olutheni, kodwa singakuhlakulela ukuzwelana nabanye. Uma silalelisisa kakhudlwana, sibhekisisa kakhudlwana, futhi ngeso lengqondo sivama kakhudlwana ukuzibeka esimweni somunye, uzwela lwethu luyokhula. Ngenxa yalokho siyozizwa sishukumiseleka ukulubonisa ngokwengeziwe uthando, umusa nobubele ezinganeni zethu, kwamanye amaKristu nakomakhelwane bethu.

Ungalokothi uvumele ubugovu buqede uzwela lwakho. UPawulu wabhala: “Akekho kini okufanele acabange ngezindaba zakhe kuphela, kodwa cabangela nezithakazelo zabanye abantu.” (Filipi 2:4, Phillips) Ikusasa lethu laphakade lixhomeke ozweleni lukaJehova nolomPristi wakhe Ophakeme, uJesu Kristu. Ngakho, sinesibopho sokuyihlakulela le mfanelo. Uzwela lwethu luyosenza sibe yizikhonzi nabazali abangcono. Ngaphezu kwakho konke, uzwela luyosisiza sithole ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

[Isithombe ekhasini 25]

Uzwela luhilela ukubhekisisa izidingo zabanye sinomgomo wokubasiza

[Isithombe ekhasini 26]

Siyofunda yini ukubonisa uzwela oluzwiwa ngumama onothando ngokwemvelo ngengane yakhe?