Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Indodana Eyasiza Ngayo Uyise

Indlela Indodana Eyasiza Ngayo Uyise

Indlela Indodana Eyasiza Ngayo Uyise

UJAMES, ohlala eNgilandi, nosevile eminyakeni engu-30, ukhubazeke kakhulu engqondweni kanti unesifo esibizwa ngokuthi i-autism esezingeni eliphansi. Noma kunjalo, sekuyiminyaka eminingi yena nonina nodadewabo beba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Kepha uyise wayengakaze abonise isithakazelo esitheni ezinkolelweni zabo. Ngobunye ubusuku ngemva komhlangano owawunomboniso obonisa indlela yokumemela umuntu omjwayele eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, uJames waya ekamelweni lakhe ngokushesha. Enexhala, unina wamlandela wamthola ephansi phezulu ehlela omagazini abadala be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Wakhetha owodwa onesimemo seSikhumbuzo ekhasini elingemuva wabe esephuthuma kuyise. Okokuqala wakhomba isithombe wayesekhomba uyise wathi “Wena!” Unina noyise babhekana ngokumangala njengoba beqaphela ukuthi uJames wayememela uyise eSikhumbuzweni. Uyise wathi angase abe khona.

Ngobusuku beSikhumbuzo, uJames waya endaweni ehlala izingubo zikayise, wakhetha ibhulukwe, waliyisa kuyise, wenza uphawu oluthi akaligqoke. Uyise waphendula ngokuthi ngeke aphumelele ukuya emhlanganweni. Ngakho, uJames nonina baya bodwa eHholo LoMbuso.

Nokho, ngemva kwesikhashana, uJames akabange esabambisana nonina lapho ezama ukumlungiselela ukuba baye emihlanganweni yebandla, kunalokho wayekhetha ukusala ekhaya noyise. Suku lumbe kuyiSonto ekuseni, uJames wala waphetha ukulalela njengoba unina ezama ukumlungiselela umhlangano. Wamangala kakhulu lapho uyise kaJames ephendukela kuJames ethi, “James, uma ngiya emhlanganweni namuhla, uzokuya yini nawe?” UJames wamomotheka. Waziphonsa kuyise wamgona wabe esethi “Yebo!” kanjalo bobathathu baya eHholo LoMbuso.

Kusukela ngalolo suku, ubaba kaJames waqhubeka eba khona emihlanganweni ngeSonto futhi ngokushesha wabazisa ukuthi ukuze athuthuke, kuzodingeka abe khona nakweminye imihlangano. (Heberu 10:24, 25) Wakwenza lokhu, futhi ngemva kwezinyanga ezimbili waqala ukufunda iBhayibheli njalo. Wathuthuka ngokushesha, wenza nezinguquko ezidingekayo ekuphileni kwakhe, futhi kungekudala waqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ngemva konyaka owodwa eqalise ukufunda iBhayibheli, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wakubonakalisa ngobhapathizo lwamanzi. Manje ukhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni akulo. Bonke emkhayeni manje bakhonza uJehova ngobunye.