Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Okuyophela Ngayo Ukukhubazeka

Indlela Okuyophela Ngayo Ukukhubazeka

Indlela Okuyophela Ngayo Ukukhubazeka

CABANGA amehlo ezimpumputhe ebona, izindlebe zezithulu zizwa yonke imisindo, ulimi lwezimungulu luhuba ngenjabulo, nezinyawo zezinyonga ziqinile futhi zikwazi nokuhambahamba! Asikhulumi ngempumelelo emkhakheni wezokwelapha, kodwa ngemiphumela yokungenela kukaNkulunkulu ngenxa yesintu. IBhayibheli liyabikezela: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” (Isaya 35:5, 6) Kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi lesi siprofetho esimangalisayo siyofezeka?

Okokuqala nje, lapho uJesu Kristu esemhlabeni, wabelapha ngokoqobo abantu ababenazo zonke izinhlobo zezifo nokukhubazeka. Ngaphezu kwalokho, eziningi zezimangaliso zakhe zabonwa ofakazi abaningi—ngisho nayizitha zakhe. Eqinisweni, okungenani kanye, abaphikisi ababengabaza bamhlolisisa ngokucophelela umuntu owayelashiwe ukuze bone idumela likaJesu. Kodwa konke abakwenza kwafakazela isimangaliso sakhe, kwabalethela nendumalo enkulu. (Johane 9:1, 5-34) Ngemva kokuba uJesu enze esinye futhi isimangaliso esasingenakuphikwa, bekhungathekile bathi: “Sizokwenzenjani, ngoba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi?” (Johane 11:47) Nokho, abantu abavamile babengenazo izinhliziyo ezilukhuni, ngoba abaningi baqala ukubeka ukholo kuJesu.—Johane 2:23; 10:41, 42; 12:9-11.

Izimangaliso ZikaJesu—Isandulela Sokuphulukisa Imbulunga Yonke

Izimangaliso zikaJesu zenza okungaphezu kokufakazela ukuthi uJesu wayenguMesiya neNdodana kaNkulunkulu. Zanikeza isisekelo sokuba nokholo ezithembisweni zeBhayibheli zokuthi isintu esilalelayo siyophulukiswa esikhathini esizayo. Lezi zithembiso zihlanganisa isiprofetho esiku-Isaya isahluko 35, okukhulunywe ngaso esigabeni sokuqala. U-Isaya 33:24 uthi ngekusasa lempilo yesintu esilalela uNkulunkulu: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’” IsAmbulo 21:4 naso siyathembisa: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [izilingo zanamuhla nezinhlupheko] zidlulile.”

Njalo abantu bathandazela ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho lapho bephindaphinda umthandazo kaJesu oyisibonelo, othi ngokwengxenye: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Yebo, intando kaNkulunkulu ihlanganisa umhlaba nesintu. Nakuba kunesizathu sokuvunyelwa kwezifo nokukhubazeka, ngokushesha kuzophela nyá; ngeke kusonakalise phakade “isenabelo sezinyawo” zikaNkulunkulu.—Isaya 66:1. *

Belashwa Ngaphandle Kobuhlungu Nenkokhiso

Kungakhathaliseki ukuthi abantu babekhathazwa yiluphi uhlobo lokugula, uJesu akabazwisanga ubuhlungu lapho ebelapha, akapholisanga maseko, futhi akabakhokhisanga. Ngokungenakugwemeka, le ndaba yasakazeka njengomlilo wequbula, futhi ngokushesha “izixuku ezinkulu zasondela kuye, ziza nabantu ababeyizinyonga, abagogekile, abayizimpumputhe, abayizimungulu, nabaningi ababengenye indlela, futhi zababeka ezinyaweni zakhe, wabelapha.” Basabela kanjani abantu? Ukulandisa kukaMathewu owazibonela ngawakhe kuyaqhubeka: “Isixuku samangala njengoba sibona izimungulu zikhuluma nezinyonga zihamba nezimpumputhe zibona, sakhazimulisa uNkulunkulu ka-Israyeli.”—Mathewu 15:30, 31.

Phawula ukuthi labo ababelashwa uJesu abaqokwanga bakhishelwa ngaphandle kwesixuku—iqhinga elisetshenziswa abakhohlisi. Kunalokho, izihlobo eziningi nabangane abaningi balabo abagulayo ‘bababeka ezinyaweni [zikaJesu], wabelapha.’ Manje ake sibuyekeze ezinye zezibonelo eziqondile zekhono likaJesu lokuphulukisa.

Ubumpumputhe: Lapho eseJerusalema, uJesu wenza ukuba umuntu “owayeyimpumputhe kusukela azalwa” abone. Lo muntu wayaziwa kakhulu emzini njengesinxibi esiyimpumputhe. Ngakho ungase ucabange isasasa nesiyaluyalu esaba khona lapho abantu bembona egcaluza esebona! Nokho, akubona bonke ababesese. Bethukutheliswe ukuthi uJesu ngaphambili wadalula ububi babo, amanye amalungu ehlelo lamaJuda elaziwayo nelinethonya elibizwa ngokuthi abaFarisi lalisha amashushu lifuna ubufakazi bokukhohlisa kukaJesu. (Johane 8:13, 42-44; 9:1, 6-31) Ngakho, bayiphenya ngemibuzo le ndoda eyayiphulukisiwe, baya nakubazali bayo, babuyela kule ndoda futhi. Kodwa ukubuza kwabaFarisi kwamane nje kwaqinisekisa isimangaliso sikaJesu, okuyinto eyabathukuthelisa. Ididwe ukusonteka kwalaba bazenzisi benkolo, indoda ephulukisiwe yathi: “Kusukela kudala akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo omuntu owazalwa eyimpumputhe. Ukuba lo muntu ubengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho nhlobo.” (Johane 9:32, 33) Ngenxa yaleyo mpendulo eqotho nehlakaniphile ebonisa ukholo, abaFarisi ‘bamxosha,’ ngamanye amazwi bayixosha esinagogeni le ndoda eyayikade iyimpumputhe.—Johane 9:22, 34.

Ukuba isithulu: Ngenkathi uJesu eseDekapholi, isifunda esisempumalanga yoMfula iJordani, “baletha kuye umuntu oyisithulu futhi enamalimi.” (Marku 7:31, 32) UJesu akazange nje aphulukise lo muntu kuphela kodwa wabuye wembula ukuthi uyiqonda ngokujulile imizwa yezithulu, ezingase zibe namahloni phakathi kwezixuku. IBhayibheli lisitshela ukuthi uJesu “wamsusa esixukwini waya naye ngasese” wamphulukisa. Nakulokhu, ofakazi bokuzibonela “babekhexe ngendlela engaphezulu kakhulu kwevamile,” bathi: “Wenzé zonke izinto kahle. Wenza ngisho nezithulu zizwe nabangakhulumi bakhulume.”—Marku 7:33-37.

Ukukhubazeka: Lapho uJesu eseKapernawume, abantu bamlethela indoda eyayife uhlangothi ilele embhedeni. (Mathewu 9:2) Amavesi 6 kuya ku-8 achaza okwenzeka. “[UJesu] wathi kofé uhlangothi: ‘Vuka, thatha umbhede wakho, uhambe uye ekhaya.’ Futhi wavuka waya ekhaya. Lapho zibona lokhu izixuku zafikelwa ukwesaba, zakhazimulisa uNkulunkulu, owanika abantu igunya elinjalo.” Lesi simangaliso naso senziwa bekhona abafundi bakaJesu kanye nezitha zakhe. Phawula ukuthi abafundi bakaJesu, ngenxa yokuthi babengaphuphuthekisiwe inzondo nobandlululo, ‘bakhazimulisa uNkulunkulu’ ngalokho ababekubonile.

Izifo: “Kweza futhi [kuJesu] onochoko, emncenga eguqe nangedolo, ethi kuye: ‘Uma nje ufuna, ungangenza ngihlanzeke.’ Khona-ke waba nesihawu, futhi welula isandla sakhe wamthinta, wathi kuye: ‘Ngiyafuna. Yenziwa uhlanzeke.’ Futhi masinyane uchoko lwashabalala kuye, futhi wahlanzeka.” (Marku 1:40-42) Phawula ukuthi uJesu akamphulukisanga ngokukhononda lo muntu, kodwa washukunyiswa uzwela lwangempela. Ake sithi ubunochoko. Wawuyozizwa kanjani ukube wawuphulukiswe ngaso leso sikhathi nangaphandle kobuhlungu esifweni esesabekayo, esiye sawugoga kancane kancane umzimba wakho sakwenza wakhishwa inyumbazane emphakathini? Akungabazeki ukuthi uyaqonda ukuthi kungani enye indoda enochoko eyayiphulukiswe ngokuyisimangaliso “yawa ngobuso bayo ezinyaweni zikaJesu, imbonga.”—Luka 17:12-16.

Ukulimala: Isimangaliso sikaJesu sokugcina ngaphambi kokuba aboshwe futhi abethelwe kwakuyisenzo sokuphulukisa. Ngamawala, umphostoli uPetru wahilizisana nababezothatha uJesu, futhi “njengoba ayephethe inkemba, wayihosha wagalela isigqila sompristi ophakeme wasinquma indlebe yesokunene.” (Johane 18:3-5, 10) Ukulandisa okufanayo kuLuka kusitshela ukuthi uJesu “wasithinta indlebe wasiphulukisa.” (Luka 22:50, 51) Nalapha futhi, lesi senzo sobuntu senziwa kubona abangane bakaJesu kanye nezitha zakhe—kulokhu, ezazimbambile.

Yebo, lapho sihlolisisa izimangaliso zikaJesu, sizibona nakakhulu izici eziwubufakazi bokuba yiqiniso kwazo. (2 Thimothewu 3:16) Futhi njengoba kushiwo ngaphambili, ukuhlola okunjalo kumelwe kuqinise ukholo lwethu esithembisweni sikaNkulunkulu sokuphulukisa abantu abalalelayo. IBhayibheli lichaza ukholo lobuKristu ngokuthi “luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.” (Heberu 11:1) Ngokusobala, uNkulunkulu akakhuthazi ukholo lokuthatheka noma izifiso ezingasho lutho, kodwa ukholo oluqinile olwakhelwe ebufakazini. (1 Johane 4:1) Njengoba sizuza ukholo olunjalo, sizibona siqina ngokwengeziwe ngokomoya, siba nempilo engcono, futhi sijabula nakakhulu.—Mathewu 5:3; Roma 10:17.

Ukuphulukisa Okungokomoya Kumelwe Kuze Kuqala!

Iningi labantu abaphilé saka emzimbeni alijabuli. Abanye baze bazame nokuzibulala ngenxa yokungabi nathemba ngekusasa noma ngenxa yokunqotshwa yizinkinga. Empeleni, bakhubazekile ngokomoya—isimo esibi nakakhulu emehlweni kaNkulunkulu kunokukhubazeka emzimbeni. (Johane 9:41) Ngakolunye uhlangothi, abaningi abakhubazekile emzimbeni, njengoChristian noJunior okukhulunywe ngabo esihlokweni esandulele, baphila ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo. Kungani? Yingoba baphilé saka ngokomoya kanti ugqozi balunikwa yithemba eliqinisekile elisekelwe eBhayibhelini.

Ekhuluma ngesidingo sethu esiyingqayizivele njengabantu, uJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Yebo, ngokungafani nezilwane, abantu badinga okungaphezu kwezinto ezibonakalayo. Ngenxa yokuthi senziwe “ngomfanekiso” kaNkulunkulu, sidinga ukudla okungokomoya—ulwazi ngoNkulunkulu nokuthi singena kanjani enjongweni yakhe nasekwenziweni kwentando yakhe. (Genesise 1:27; Johane 4:34) Ulwazi ngoNkulunkulu lugcwalisa ukuphila kwethu ngenjongo nomfutho oshukumisayo ngokomoya. Lubeka nesisekelo sokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade,” kusho uJesu, “ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Kuyaphawuleka ukuthi abantu ababephila noJesu abazange bambize ngokuthi “Mphulukisi” kodwa ngokuthi “Mfundisi.” (Luka 3:12; 7:40) Kungani? Ngoba uJesu wafundisa abantu ngekhambi elihlala njalo lezinkinga zesintu—uMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43; Johane 6:26, 27) Lo hulumeni wasezulwini osezandleni zikaJesu Kristu uyobusa wonke umhlaba futhi ufeze zonke izithembiso eziseBhayibhelini eziphathelene nokulungiswa okuphelele kwabantu nokuhlala kwabo njalo ekhaya labo eliwumhlaba. (IsAmbulo 11:15) Yingakho, emthandazweni wakhe oyisibonelo, uJesu ahlobanisa ukuza koMbuso nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni.—Mathewu 6:10.

Izinyembezi zosizi zabaningi abakhubazekile abafunde ngaleli themba eliphefumulelwe ziye zaba izinyembezi zenjabulo. (Luka 6:21) Empeleni, uNkulunkulu uyokwenza okungaphezu kokususa ukugula nokukhubazeka; uyoqothula yona kanye imbangela yokuhlupheka kwabantu—isono uqobo lwaso. Phela u-Isaya 33:24 noMathewu 9:2-7, abacashunwe ngaphambili, bahlobanisa ukugula nesimo sethu esinesono. (Roma 5:12) Ngakho-ke, lapho isono sesinqotshiwe, isintu ekugcineni siyoba “nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu,” inkululeko ehlanganisa ukuphelela komzimba nengqondo.—Roma 8:21.

Labo abajabulela impilo enhle ngokwezinga elithile bangase basithathe kalula isimo sabo. Kodwa akunjalo ngalabo abangajabule ngoba bekhubazekile. Bayazi ukuthi impilo nokuphila kuyigugu kanjani nokuthi izinto zingashintsha ngokuphazima kweso kungalindele muntu. (UmShumayeli 9:11) Ngakho, sethemba ukuthi labo abakhubazekile abafunda omagazini bethu bazocabangisisa ngezithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo njengoba zilotshwe eBhayibhelini. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze aqiniseke ukuthi ziyagcwaliseka. Singaba naso yini esinye isiqinisekiso esingcono kunalesi?—Mathewu 8:16, 17; Johane 3:16.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe ngokuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka, bheka incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.