Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukugxilisa Uthando NgoJehova Ezinhliziyweni Zezingane Zethu

Ukugxilisa Uthando NgoJehova Ezinhliziyweni Zezingane Zethu

Indaba Yokuphila

Ukugxilisa Uthando NgoJehova Ezinhliziyweni Zezingane Zethu

NJENGOBA ILANDISWA NGUWERNER MATZEN

Eminyakeni eminingana edlule indodana yami endala, uHans Werner, yangipha iBhayibheli. Oqwembeni ngaphakathi yabhala kanje: “Baba Othandekayo, Kwangathi iZwi likaJehova lingaqhubeka lisihola njengomkhaya endleleni yokuphila. Obongayo, izibulo lakho.” Abazali bazoyiqonda indlela lawo mazwi enza ngayo inhliziyo yami yagcwala ukubonga nenjabulo. Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi zinjani izinselele okwakusazodingeka sibhekane nazo njengomkhaya.

NGAZALELWA eHalstenbek ngo-1924, indawo eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-20 ukusuka ethekwini laseJalimane iHamburg, ngakhuliswa umama nomkhulu ozala umama. Njengoba ngangike ngaba umakhi wamathuluzi osafunda, ngo-1942 ngabuthelwa kuyi-Wehrmacht, ibutho lempi. Engakubona eMpini Yezwe II lapho ibambene ngezihluthu eRussia kwesabeka kakhulu kangangokuthi akuzekeki. Ngaqunjwa phansi yi-typhoid fever, kodwa ngaphindiselwa empini ngemva kokwelashwa. Ngo-January 1945, ngangiseLodz, ePoland, lapho ngalaliswa khona esibhedlela samasosha ngilimele kakhulu. Ngangiselapho lapho impi iphela. Kuleso sibhedlela kanye nasekamu engaboshelwa kulo kamuva eNeuengamme ngaba nesikhathi sokucabangisisa. Ngangihlushwa yimibuzo ethi, Ingabe uNkulunkulu ukhona ngempela? Uma ekhona, kungani evumela unya olungaka?

Ngokushesha ngemva kokudedelwa ekamu engangiboshelwe kulo, ngo-September 1947, ngashada noKarla. Sasikhulele edolobhaneni elilodwa, kodwa uKarla wayengumKatolika, kanti mina ngangingazange ngikhuliswe ngokwenkolo ethile. Umpristi owasishadisa wasikisela ukuba okungenani sisho uBaba Wethu Osezulwini ndawonye njalo kusihlwa. Senza njengokusho kwakhe, singazi nokuthi yini ngempela lena esiyithandazelayo.

Ngemva konyaka kwazalwa uHans Werner. Cishe ngaso leso sikhathi, uWilhelm Ahrens, engangisebenza naye wangihlanganisa noFakazi BakaJehova. Wangibonisa eBhayibhelini ukuthi ngelinye ilanga izimpi ziyophela. (IHubo 46:9) Ekwindla ngo-1950, nganikezela ukuphila kwami kuJehova, ngabhapathizwa. Ngajabula kabi lapho nomkami othandekayo ebhapathizwa ngemva konyaka!

Ukukhulisa Izingane Ngezindlela ZikaJehova

Ngafunda eBhayibhelini ukuthi umshado wasungulwa nguJehova. (Genesise 1:26-28; 2:22-24) Ukuba khona kwami lapho kuzalwa izingane zethu—uHans Werner, uKarl-Heinz, uMichael, uGabriele noThomas—kwaqinisa ukuzimisela kwami ukuba ngumyeni nobaba oqotho. Mina noKarla sasijabula kakhulu lapho kuzalwa ngayinye yezingane zethu.

Umhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova wango-1953 owawuseNuremberg waba yisikhathi esibalulekile emkhayeni wethu. NgoLwesihlanu ntambama, enkulumweni ethi “Ukukhulisa Izingane Emphakathini Wezwe Elisha,” isikhulumi sasho into esingazange siyikhohlwe: “Ifa elikhulu kunawo wonke esingalipha izingane zethu yisifiso sokuba yizinceku zikaNkulunkulu.” Yilokho kanye mina noKarla esafisa ukukwenza ngosizo lukaJehova. Kodwa sasizokwenza kanjani?

Okokuqala, sakwenza kwaba umkhuba ukuthandaza ndawonye njengomkhaya nsuku zonke. Lokho kwagcizelela ezinganeni ukubaluleka komthandazo. Ingane ngayinye yasheshe yafunda ukuthi siyathandaza njalo ngaphambi kokudla. Ngisho zisezincane, zazithi zingabona ibhodlela lazo, zigebise amakhanjana zisonge nezandlana zazo. Ngelinye ilanga, sasimenyelwe emshadweni wesinye sezihlobo zethu ezazingebona oFakazi. Ngemva kokuboshwa kwefindo, abazali bakamakoti bamema ababekhona ukuba beze emzini wabo bazothola okokusula umlomo. Wonke umuntu wayesefuna ukuqala ukudla khona manjalo. Kodwa uKarl-Heinz wethu owayeneminyaka emihlanu ubudala wakubona kungafaneleki lokhu. Wathi: “Asiqaleni ngokuthandaza, bandla.” Izimenywa zaphenduka zambheka, zabheka thina, zagcina ngokubheka umninikhaya. Ukuze kungabikho muntu ophathwa amahloni, ngacela ukuthandaza sibonge ukudla, umninikhaya wavuma.

Leso senzakalo sangikhumbuza amazwi kaJesu: “Emilonyeni yezingane nabasancela ulungiselele indumiso.” (Mathewu 21:16) Siyaqiniseka ukuthi imithandazo yethu yasikhathi sonke nesuka enhliziyweni yazisiza izingane ukuba zibheke uJehova njengoYise onothando osezulwini.

Umthwalo Wethu Wemfanelo KuJehova

Ukufundisa izingane ukuthanda uNkulunkulu kudinga nokuba kufundwe futhi kutadishwe iZwi lakhe njalo. Sicabanga ngalokhu, sasiqhuba isifundo somkhaya isonto ngalinye, ngokuvamile ngoMsombuluko kusihlwa. Njengoba izibulo nothunjana beshiyana ngeminyaka engu-9, lezi zingane zazinezidingo ezihlukene kakhulu, ngakho sasingenakukwazi ukuxoxa nazo zonke ngendaba efanayo.

Ngokwesibonelo, izingane ezingakangeni nasesikoleni sasizifundisa izinto ezilula kakhulu. UKarla wayexoxa nazo ngombhalo owodwa kuphela weBhayibheli, noma asebenzise izithombe ezisezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini. Kusangijabulisa ukukhumbula sivuswa yilaba abancane ekuseni begibela embhedeni wethu bezosibonisa izithombe abazithanda kakhulu encwadini ethi The New World. *

UKarla waba nekhono elihle lokufundisa izingane ngesineke izizathu eziningi zokuthanda uJehova sonke esinazo. Lokho kungase kuzwakale njengento elula nengenamicikilisho, kodwa empeleni, ngokomzimba nangokomzwelo kwakunjengomsebenzi wesikhathi esigcwele kithi sinoKarla. Noma kunjalo, asizange siphonse ithawula. Sasifuna ukubhala ezinhliziyweni zazo ezisathambile ngaphambi kokuba abanye abantu abangamazi uJehova babe nethonya kuzo. Ngenxa yalesi sizathu safuna ukuba izingane zethu zibe khona nakanjani esifundweni somkhaya kusukela lapho nje sezikwazi ukuhlala phansi.

Njengabazali, mina noKarla saqaphela ukubaluleka kokubekela izingane zethu isibonelo esifanele mayelana nokukhulekela. Futhi kungakhathaliseki ukuthi siyadla, sisebenza engadini, noma selula izinyawo, sasizama ukuqinisa ubuhlobo bengane ngayinye noJehova. (Duteronomi 6:6, 7) Saqikelela ukuthi ingane ngayinye iba neBhayibheli layo kusukela isencane. Ngaphezu kwalokho, kwakuthi singathola omagazini, ngibhale igama lelungu lomkhaya ngalinye kumagazini walo. Kanjalo izingane zafunda ukubona izincwadi zazo. Saqhamuka nombono wokuba sabele izingane ukufunda izihloko ezithile ze-Phaphama! Bese kuthi ngemva kokudla kwasemini ngeSonto, zisichazele ukuthi zikuzwe kanjani lokho ezikufundile.

Ukunika Izingane Ukunakwa Ezikudingayo

Yebo, izinto zazingasheleli ngaso sonke isikhathi. Njengoba izingane zikhula, sathola ukuthi ukugxilisa uthando ezinhliziyweni zazo kwakudinga ukuba sazi lokho okwakusezinhliziyweni zazo kakade. Lokho kwakusho ukuthi kumelwe sizilalele. Ngesinye isikhathi izingane zethu zaziba nomuzwa wokuthi zinesikhalo esithile, ngakho sasihlala phansi mina noKarla sixoxe nazo ngalezo zinto. Saqala ukuba nesikhathi esikhethekile esiyisigamu sehora ngemva kwesifundo somkhaya. Noma ubani wayevumelekile ukusho noma yini ayizwayo angabi namahloni.

Ngokwesibonelo, uThomas noGabriele, abancane kunabo bonke, babenomuzwa wokuthi thina bazali siyamvuna umfowabo omdala. Ngesinye isikhathi balibeka ngembaba bathi: “Baba, sicabanga ukuthi wena nomama njalo nje nivumela uHans Werner ukuba enze umathanda.” Ngaqale ngashaqeka ukuzwa lokhu. Nokho, ngemva kokucabanga ngale ndaba ngombono ongathathi-hlangothi, kwadingeka mina noKarla sivume ukuthi zaziqinisile izingane. Ngakho sazama kakhudlwana ukuziphatha ngendlela efanayo zonke.

Ngezinye izikhathi, ngangizijezisa ngamawala noma ngokungafanele izingane. Lapho kwenzeka lokho, kwakudingeka sifunde ukuxolisa singabazali. Ngemva kwalokho, sasithandaza kuJehova. Kwakubalulekile ukuba izingane zibone ukuthi uyise wayekulungele ukuxolisa kuJehova nakuzo, noma ziyizingane zethu. Ngenxa yalokho, saba nobuhlobo obufudumele nobobungane nazo. Zazivamile ukuthi kithi, “Ningabangane bethu abakhulu.” Kwakungeve kusijabulisa lokho.

Ukusebenza ndawonye njengomkhaya kuthuthukisa ubunye. Ukuze kwenzeke lokhu, wonke umuntu wayenemisebenzi yakhe evamile yasekhaya. Isabelo sikaHans Werner kwakungukuya ezitolo ayothenga izinto esizidingayo kanye ngesonto, ngokuvamile okwakusho ukuba anikwe imali nohlu lwezinto ayezozithenga. Ngelinye isonto, asimnikanga luhlu namali. Wabuza unina ngakho, unina wamtshela ukuthi asikabi nayo imali. Izingane zaqala ukunyenyezelana zodwa, zase zonke zithatha izikoqokoqo zazo zazithululela etafuleni. “Ma, sesizokwazi ukuyothenga manje!” zisho kanyekanye. Yebo, izingane zafunda ukusiza lapho kunesimo esiphuthumayo, futhi lokho kwawenza wasondelana nakakhulu umkhaya.

Njengoba bekhula, abafana baqala ukukhangwa amantombazane. Ngokwesibonelo, uThomas waba nesithakazelo esikhulu komunye uFakazi oneminyaka engu-16 esasikanye naye. Ngamchazela ukuthi uma ezimisele ngale ntombazane, kuzomelwe akulungele ukuyishada futhi amukele umthwalo wemfanelo wokuba nenkosikazi nezingane. UThomas wabona ukuthi wayengakakulungeli ukushada njengoba ayeseneminyaka engu-18 kuphela ubudala.

Ukuthuthuka Njengomkhaya

Kusukela zisezincane, izingane zethu ngokulandelana kwazo zabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Sasizilalelisisa izabelo zazo futhi sasikhuthazeka ngoba sibona ukuthi lezi zingane zazinothando olusuka enhliziyweni ngoNkulunkulu. Ababonisi besifunda nabesigodi ababefikela kithi ngezikhathi ezithile babesixoxela okuhlangenwe nakho kwabo siqu noma basifundele iBhayibheli. La madoda namakhosikazi awo asiza ekuhlakuleleni uthando ngenkonzo yesikhathi esigcwele ezinhliziyweni zomkhaya wethu.

Imihlangano emikhulu sasiyilindela ngamnyama. Yayiyisici esiyinhloko emizamweni yethu yokugxilisa ezinganeni zethu isifiso sokuba yizinceku zikaNkulunkulu. Kwakuba yisikhathi esikhethekile kuzo lapho zifaka amabheji azo ngaphambi kokuya emhlanganweni. Sathinteka lapho uHans Werner ebhapathizwa eneminyaka eyishumi ubudala. Abaningana babembheka njengosemncane kakhulu ukuba azinikezele kuJehova, kodwa lapho eseneminyaka engu-50 ubudala, wangitshela ukuthi uyabonga kakhulu ngokuthi useneminyaka engu-40 ekhonza uJehova.

Izingane zethu sazibonisa ukuthi kubalulekile ukuba nobuhlobo bomuntu siqu noJehova, kodwa asizicindezelanga ukuba zizinikezele. Nokho, sajabula lapho nezinye zithuthukela obhapathizweni ngesikhathi esilungele zona.

Ukufunda Ukuphonsa Imithwalo Yethu KuJehova

Sajabula sagxumagxuma ngo-1971 lapho uHans Werner ethweswa iziqu njengelungu lekilasi lama-51 le-Watchtower Bible School of Gilead futhi abelwa ukuyokhonza njengesithunywa sevangeli eSpain. Ngayinye ngayinye, nalezi ezinye izingane zaba nesikhathi esithile ziyizikhonzi zesikhathi esigcwele, okwasenza sajabula kakhulu njengabazali. Yingaleso sikhathi, lapho uHans Werner angipha khona iBhayibheli engikhulume ngalo ekuqaleni kwalesi sihloko. Injabulo yethu njengomkhaya yabonakala iphelelisiwe.

Sabe sesithola ukuthi kusadingeka sinamathele eduze nakakhulu kuJehova. Ngani? Ngoba sabona ezinye zezingane zethu ezase zikhulile zibhekana nezinkinga ezaluvivinya kanzima ukholo lwazo. Ngokwesibonelo, indodakazi yethu ethandekayo uGabriele yehlelwa usizi. Ngo-1976 yashada noLothar. ULothar wagula besanda kushada. Njengoba ayelokhu ephelelwa amandla, uGabriele wamnakekela waze washona. Ukubona ilungu lomkhaya eliphile kahle ligula futhi lishona kwasikhumbuza ukuthi sisidinga kangakanani isandla sikaJehova sothando.—Isaya 33:2.

Amalungelo Enhlanganweni KaJehova

Lapho ngituswa njengenceku yebandla (ebizwa ngokuthi umbonisi owengamele namuhla) ngo-1955, ngaba nomuzwa wokuthi angikasilungeli lesi sabelo. Kwakunezinto eziningi ezazidinga ukwenziwa, futhi ukuze ngiwufeze ngesikhathi wonke umsebenzi wami kwakudingeka ngivuke ekuseni ngehora lesine ngezinye izinsuku. Umkami nezingane zami bangisekela kakhulu, beqiniseka ukuthi angiphazanyiswa kusihlwa lapho ngisenezinto okudingeka ngizinakekele.

Nokho, isikhathi esiningi esasikhululeke ngaso sasisichitha ndawonye njengomkhaya ngangokunokwenzeka. Ngezinye izikhathi, umqashi wami wayengiboleka imoto yakhe ukuze ngithathe umkhaya sishaywe umoya okwalolo suku. Izingane zazizijabulela izikhathi lapho sasitadishela INqabayokulinda ehlathini. Sasiqwala izintaba ndawonye, ngezinye izikhathi sicula sihambisana nemfiliji yami njengoba sidabula emahlathini.

Ngo-1978, ngamiswa ukuba ngibe umbonisi wesifunda obambele (isikhonzi esijikelezayo). Ngizizwa ngingafaneleki, ngathandaza: “Jehova, nginomuzwa wokuthi ngeke ngikwazi. Kodwa uma ufuna ngizame, ngizokwenza konke okusemandleni ami.” Ngemva kweminyaka emibili, ngineminyaka engu-54 ubudala, nganika indodana yethu encane, uThomas, ibhizinisi lami elincane.

Izingane zethu zonke zase zikhulile, okwanika mina noKarla ithuba lokwenzela uJehova okwengeziwe. Ngawo lowo nyaka, ngamiswa njengombonisi wesifunda ngabelwa ingxenye ethile yeHamburg nayo yonke iSchleswig-Holstein. Ngenxa yokuhlangenwe nakho kwethu kokukhulisa umkhaya, sakwazi ukubonisa ukubaqonda ngokukhethekile abazali nezingane zabo. Abazalwane abaningi babesibiza ngabazali babo besifunda.

Ngemva kweminyaka eyishumi ekanye nami emsebenzini wokujikeleza, uKarla kwadingeka ahlinzwe. Ngonyaka ofanayo, odokotela bathola ukuthi nginesimila ebuchosheni. Ngakho, ngahoxa ekukhonzeni njengombonisi wesifunda ngayohlinzwa ebuchosheni. Kwaphela iminyaka emithathu ngaphambi kokuba ngikwazi ukuphinde ngibambele njengombonisi wesifunda. Mina noKarla sesiseminyakeni yawo-70 ubudala manje futhi asisekho emsebenzini wokujikeleza. UJehova wasisiza sabona ukuthi akusizi ukubambelela elungelweni engangingasakwazi ukulifeza.

Uma sibheka emuva, mina noKarla siyambonga uJehova ngokusisiza ekugxiliseni uthando ngeqiniso ezinhliziyweni zezingane zethu. (IzAga 22:6) Kuyo yonke le minyaka, uJehova uye wasiqondisa futhi wasiqeqesha, esisiza ukuba sithwale imithwalo yethu yemfanelo. Nakuba sesigugile futhi sesibuthaka, uthando lwethu ngoJehova luselusha futhi lusaphile njengakuqala.—Roma 12:10, 11.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 15 Eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova, kodwa engasatholakali manje.

[Isithombe ekhasini 26]

Umkhaya wethu, sigudla uMfula i-Elbe, eHamburg, ngo-1965

[Isithombe ekhasini 28]

Amanye amalungu omkhaya emhlanganweni wezizwe zonke eBerlin ngo-1998

[Isithombe ekhasini 29]

Nginomkami, uKarla