Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhubazeka Akukhethi

Ukukhubazeka Akukhethi

Ukukhubazeka Akukhethi

U CHRISTIAN, ohlala ezweni lase-Afrika, wathunjwa amasosha ayezama ukumphoqelela ukuba azihlanganise nebutho lezempi, kodwa wenqaba ngenxa kanembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Amasosha amthatha aya naye ekamu lezempi, lapho ngemva kokushaywa izinsuku ezine, omunye wawo wamdubula emlenzeni. UChristian wakwazi ukuya esibhedlela, kodwa kwadingeka ukuba umlenze wakhe unqunywe ngezansi kwedolo. Kwelinye izwe lase-Afrika, ngisho nezingane ezincane ziye zagencwa izitho ngamasosha angamavukela. Ukusuka eCambodia kuye eBalkans, ukusuka e-Afghanistan kuye e-Angola, amabhomu agqitshwa phansi ayaqhubeka elimaza kabi futhi ekhubaza abadala nabancane ngokungakhethi.

Izingozi nezifo ezinjengesifo sikashukela nazo zidlangile. Ngisho nobuthi endaweni esihlala kuyo bungaholela ekukhubazekeni. Ngokwesibonelo, emadolobheni akhelene aseMpumalanga Yurophu, iningi lezingane liye lazalwa lingenayo ingxenye engezansi yengalo. Ziyizingini ngezansi kwendololwane. Ubufakazi bubonisa ukuthi kunomonakalo ezicini zofuzo obangelwa amakhemikhali. Iningi labanye abantu lisenazo izitho kodwa likhubazekile ngenxa yokufa uhlangothi noma ezinye izifo. Ngempela, ukukhubazeka akukhethi.

Noma ngabe iyini imbangela, ukukhubazeka kungakuqeda amandla. UJunior walahlekelwa umlenze wakhe wangakwesokunxele eneminyaka engu-20. Kamuva wathi: “Ngadonsa kanzima ngokomzwelo. Ngasikhihla isililo ngenxa yeqiniso lokuthi ngangingeke ngisaba nomlenze. Zaziyime emthumeni. Ngangididekile.” Nokho, ngemva kwesikhashana isimo sengqondo sikaJunior sashintsha ngokuphawulekayo. Wayeqalise ukufunda iBhayibheli futhi wafunda izinto ezingagcinanga nje ngokumsiza ukuba abhekane nesimo kodwa futhi zamnika nethemba elimangalisayo ngekusasa elijabulisayo khona lapha emhlabeni. Uma ukhubazekile, ungathanda yini nawe ukuba nalelo themba?

Uma kunjalo, siza ufunde isihloko esilandelayo. Sisikisela ukuba uyihlole eBhayibhelini lakho imiBhalo ekhonjiwe ukuze uzibonele lokho uMdali akugcinele labo abafunda ngenjongo yakhe bese bevumelanisa ukuphila kwabo nayo.