Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abaqotho Baholwa Ubuqotho

Abaqotho Baholwa Ubuqotho

Abaqotho Baholwa Ubuqotho

“UMUNTU ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza,” kusho iBhayibheli. (Jobe 14:1) Ubuhlungu nokuhlupheka sekwaba yinsakavukela ekuphileni kwabantu. Ngisho nokuphila kwansuku zonke kugcwele ukukhathazeka nesiyaluyalu! Yini eyosiweza ngokuphumelelayo kulezi zimo ezivivinya kangaka, futhi isisize silondoloze ukuma okulungile phambi kukaNkulunkulu?

Cabangela isibonelo sendoda enothile uJobe, eyayiphila eminyakeni engu-3 500 edlule endaweni manje eyaziwa nge-Arabia. Yeka usizi uSathane alubangela le ndoda eyesaba uNkulunkulu! Yalahlekelwa yiyo yonke imfuyo yayo, yafelwa nayizo zonke izingane zayo ezithandekayo. Ngemva nje kwalokho, uSathane washaya uJobe ngezilonda ezibhibhayo kusuka ekhanda kushaye ematheni onyawo. (Jobe, izahluko 1, 2) UJobe wayengazi ukuthi kungani kwakwenzeka izinto ezimbi kuye. Noma kunjalo, “uJobe akonanga ngomlomo wakhe.” (Jobe 2:10) Wathi: “Angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.” (Jobe 27:5) Yebo, ubuqotho bukaJobe bamchushisa ekulingweni kwakhe.

Ubuqotho buchazwa ngokuthi ukuba nesimilo noma ukuziphatha ngendlela ephelele, kanti kuhilela ukungasoleki nokungabi nacala phambi kukaNkulunkulu. Kodwa, akusho ukuthi abantu abangaphelele kumelwe baphelele ngenkulumo nangezenzo, njengoba bengenakuzifinyelela ngokuphelele izindinganiso zikaNkulunkulu. Kunalokho, ubuqotho bomuntu busho ukuzinikela ngenhliziyo yonke kuJehova, entandweni yakhe, nasenjongweni yakhe. Ukuzinikela okunjalo kuNkulunkulu kuqondisa, noma kuhole abaqotho ngaphansi kwazo zonke izimo nangazo zonke izikhathi. Ingxenye yokuqala yesahluko se-11 sencwadi yeBhayibheli yezAga ibonisa indlela ubuqotho bethu obungasiqondisa ngayo emikhakheni ehlukahlukene yokuphila futhi isiqinisekisa ngezibusiso esiyozithola. Ngentshiseko enkulu, make sibheke okulotshwe lapho.

Ubuqotho Bukwenza Uthembeke Kwezamabhizinisi

Isebenzisa amazwi asankondlo kunawomthetho ukuze iqokomise isimiso sokwethembeka, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni ithi: “Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.” (IzAga 11:1) Lena indawo yokuqala kwezine lapho incwadi yezAga isebenzisa khona isilinganiso nesisindo ukuze iveze ukuthi uJehova ufisa ukuba abakhulekeli bakhe bathembeke ezindabeni zamabhizinisi.—IzAga 16:11; 20:10, 23.

Ukuchuma kwalabo abasebenzisa isilinganiso esikhohlisayo—noma abangathembekile—kungase kusiyenge. Kodwa singazishiya nje impela izimiso zikaNkulunkulu zokuhle nokubi sihileleke emikhubeni yezebhizinisi ekhohlisayo? Ngeke uma siholwa ubuqotho. Siyakugwema ukungathembeki ngoba isilinganiso esiphelele noma isisindo okuyisona sona, esibonisa ukwethembeka, siyamthokozisa uJehova.

“Kwabathobekileyo Kukhona Ukuhlakanipha”

INkosi uSolomoni iyaqhubeka: “Lapho kufika [ukugabadela, “NW”], kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) Ukugabadela—kungakhathaliseki ukuthi kuziveza njengokuzazisa, ukungalaleli, noma umhawu—kuletha ihlazo. Ngakolunye uhlangothi, ukukuqaphela ngokuthobeka ukulinganiselwa kwethu kuyinkambo yokuhlakanipha. Yeka ukuthi izibonelo ezingokomBhalo zikubonisa kahle kanjani ukuthi lesi saga siyiqiniso!

UKora, umLevi onomhawu wahola isixuku esivukelayo samelana negunya lezinceku ezimiswe nguJehova, uMose no-Aroni. Waba yini umphumela waleso senzo sokugabadela? “Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya” ababevukela, kwathi abanye, kuhlanganise noKora, baqothulwa umlilo. (Numeri 16:1-3, 16-35; 26:10; Duteronomi 11:6) Yeka ihlazo! Cabanga nango-Uziya, owathi ngokugabadela wathinta umphongolo wesivumelwano ukuze awunqande ungawi. Wabulawa ujuqu khona lapho. (2 Samuweli 6:3-8) Akuve kubalulekile ukuba sigweme ukugabadela!

Umuntu othobekile nolinganiselayo akahlazeki nalapho enza amaphutha. Nakuba uJobe ayeyisibonelo ngezindlela eziningi, wayengaphelele. Uvivinyo abhekana nalo lwembula ukushiyeka okungathi sína ekucabangeni kwakhe. Emzamweni wakhe wokuzivikela kubagxeki bakhe, uJobe wehluleka ukulinganisela. Phela, waze wasikisela nokuthi wayelunge ukwedlula uNkulunkulu. (Jobe 35:2, 3) UJehova wakulungisa kanjani ukucabanga kukaJobe?

UJehova wakhomba umhlaba, ulwandle, amazulu anezinkanyezi, izilwane, nenye indalo emangalisayo, ukuze afundise uJobe ngobuncane bomuntu uma eqhathaniswa nobukhulu bukaNkulunkulu. (Jobe, izahluko 38-41) Lapho uJehova ekhuluma noJobe, akazange amtshele ukuthi kungani ehlupheka. Sasingekho isidingo sokuba amtshele. UJobe wayethobekile. Ngokuthobeka waqaphela umahluko omkhulu ophakathi kwakhe noNkulunkulu, ophakathi kokungapheleli nobuthakathaka bakhe nokulunga namandla kaJehova. Wathi: “Ngiyazinenga, futhi ngizisole othulini nasemlotheni.” (Jobe 42:6) Ubuqotho bukaJobe bamenza wakwamukela ngokunganqikazi ukusolwa. Kuthiwani ngathi? Njengoba siholwa ubuqotho, ingabe siyokwamukela ngokunganqikazi ukusolwa noma ukulungiswa lapho kudingeka?

UMose naye wayelinganisela futhi ethobekile. Lapho ekhandlwa ukusingatha izinkinga zabanye, umukhwe wakhe uJetiro wamnikeza ikhambi eliwusizo: Yihlanganyele namanye amadoda afanelekayo eminye imithwalo. Eqaphela ukulinganiselwa kwakhe, ngokuhlakanipha uMose wakwamukela ukusikisela. (Eksodusi 18:17-26; Numeri 12:3) Umuntu othobekile akangabazi ukuphathisa abanye umsebenzi, futhi akesabi ukuthi ngandlela-thile ulahlekelwa amandla okuphatha uma ehlanganyela imithwalo efanelekile namanye amadoda afanelekayo. (Numeri 11:16, 17, 26-29) Kunalokho, uzimisele ukuwasiza ukuze athuthuke ngokomoya. (1 Thimothewu 4:15) Akufanele yini kube njalo nangathi?

‘Indlela Yopheleleyo Iqondile’

Eqaphela ukuthi ubuqotho abumvikeli ngaso sonke isikhathi opheleleyo engozini noma osizini, uSolomoni uthi: “[Ubuqotho babaqotho, “NW”] kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.” (IzAga 11:3) Ubuqotho buyabahola ngempela abaqotho ukuba benze okufanele emehlweni kaNkulunkulu, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima, futhi ngokuhamba kwesikhathi kunezinzuzo. UJobe wenqaba ukulahla ubuqotho bakhe, kanjalo uJehova “wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe.” (Jobe 42:12) Labo abakhohlisayo bangase babe nomuzwa wokuthi ukudlala ngabanye kubenza babe ngcono, futhi bangase babonakale bechuma okwesikhashana. Kodwa ekugcineni ukukhohlisa kwabo kulimaza bona.

“Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,” kusho inkosi ehlakaniphile, “kepha ukulunga kophula ekufeni.” (IzAga 11:4) Yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukugqilazwa izinto ezibonakalayo sibe sidebeselela isifundo somuntu siqu, umthandazo, ukuba khona emihlanganweni, nenkonzo yasensimini—zona kanye izinto ezijulisa uthando lwethu ngoNkulunkulu futhi ziqinise ukuzinikela kwethu kuye! Ayikho ingcebo engasisindisa osizini olukhulu olusondelayo. (Mathewu 24:21) Ukulunga kwabaqotho kuphela okungenza kanjalo. (IsAmbulo 7:9, 14) Siyobe sihlakaniphile uma silalela ukunxusa kukaZefaniya: “Lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka.” (Zefaniya 2:2, 3) Singakafiki leso sikhathi, masikwenze umgomo wethu ‘ukudumisa uJehova ngempahla yethu.’—IzAga 3:9.

Eqhubeka egcizelela inzuzo yokuphishekela ukulunga, uSolomoni uqhathanisa isiphetho sabapheleleyo nesababi, ngokuthi: “Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe. Ukulunga kwabaqotho kuyabophula, kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo. Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha. Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.” (IzAga 11:5-8) Opheleleyo akawi ezindleleni zakhe noma abhajwe emikhubeni yakhe. Inkambo yakhe iqondile. Ekugcineni, abaqotho bayakhululwa osizini. Ababi bangase babonakale benamandla, kodwa abasoze bakhululwa.

“Umuzi Uyathokoza”

Ubuqotho babaqotho nobubi babenzi bokubi kuyabathinta nabanye abantu. “Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,” kusho inkosi yakwa-Israyeli, “kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.” (IzAga 11:9) Ubani ongaphika ukuthi ukunyundela, inhlebo elimazayo, inkulumo eyichilo, nezingxoxo ezingenanjongo kuyabalimaza abanye? Ngakolunye uhlangothi, inkulumo yolungileyo imsulwa, icatshangisiswe kahle, futhi iyacabangela. Ulwazi luyamkhulula ngoba ubuqotho bakhe bubonisa abamsolayo ukuthi bangabaqambimanga.

Inkosi iqhubeka ithi: “Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza, lapho [ababi] bebhubha, kukhona ukwenanela.” (IzAga 11:10) Abantu abalungile ngokuvamile bayathandeka, futhi benza omakhelwane babo bathokoze—besase futhi bajabule. Akekho empeleni othanda abantu “ababi.” Lapho ababi befa, abantu ngokuvamile ababakhaleli. Ngokufanayo, ngeke neze kube nosizi lapho uJehova ‘enquma ababi ezweni, nabambuluzayo besishulwa kulo.’ (IzAga 2:21, 22) Kunalokho, kuyojatshulwa ngoba bayobe besusiwe bengasekho. Kodwa kuthiwani ngathi? Kuhle sibheke ukuthi indlela esiziphatha ngayo iyenezela yini enjabulweni yabanye.

“Umuzi Uyaphakanyiswa”

Eqhubeka eqhathanisa ithonya labaqotho nababi emphakathini uSolomoni uthi: “Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.”IzAga 11:11.

Abantu bomuzi abahamba ngobuqotho bandisa ukuthula nenhlalakahle futhi bayabakha abanye ngokomzwelo emphakathini. Ngaleyo ndlela umuzi uyaphakanyiswa—uchume. Abanyundelayo, abakhuluma izinto ezibuhlungu nezingafanele babanga isiyaluyalu, ukungajabuli, ukwahlukana, nenkathazo. Kuba njalo ikakhulu uma laba abenza lezo zinto besesikhundleni esivelele. Umuzi onjalo uba nesiyaluyalu, inkohlakalo, nokuwohloka kokuziphatha ngisho mhlawumbe nezomnotho.

Isimiso esilotshwe kuzAga 11:11 sisebenza ngezinga elifanayo nakubantu bakaJehova njengoba behlanganyela ndawonye emabandleni asamuzi. Ibandla elinethonya labantu abangokomoya—abaqotho abaholwa ubuqotho—liba yiqembu labantu abajabulayo, abakhuthele, abawusizo, nabaletha udumo kuNkulunkulu. UJehova uyalibusisa lelo bandla, bese liyachuma ngokomoya. Ngezinye izikhathi, abambalwa bangase bakhononde futhi banganeliseki, futhi labo abagxekayo nabasola indlela izinto ezenziwa ngayo bafana ‘nempande enobuthi’ obungasakazekela nakwabanye abangahilelekile. (Heberu 12:15) Abantu abanjalo ngokuvamile basuke befuna igunya elithé xaxa nokuvelela. Basakaza inzwabethi, ethi ebandleni noma kubadala ubulungisa abukho, kunobandlululo lobuhlanga, nokunye okufuze lokho. Ngempela, ukwanda kwabo ngomlomo kungadala ukwahlukana ebandleni. Akungcono yini ukuba siyishaye indiva inkulumo yabo futhi siphishekele ukuba ngabantu abangokomoya abathuthukisa ukuthula nobunye ebandleni?

USolomoni uqhubeka athi: “Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha, kepha umuntu onengqondo uyazithulela. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.”IzAga 11:12, 13.

Yeka ukuthi umuntu ontula ukuqonda, noma ‘ongenakuhlakanipha’ angenza umonakalo omkhulu kanjani! Uyaqhubeka ecevuza kuze kufinyelele ekutheni anyundele noma ahlambalaze. Abadala abamisiwe kumelwe bathathe isinyathelo ngokushesha ukuze baqede leli thonya elibi. Ngokungafani nalabo ‘abangenakuhlakanipha,’ umuntu onokuqonda uyazi ukuthi kufanele athule nini. Kunokuba adalule imfihlo, uyayisibekela indaba. Eqaphela ukuthi ulimi olungalawuliwe lungadala umonakalo ngempela, umuntu onokuqonda ‘uthembekile emoyeni.’ Uqotho kwakholwa nabo futhi akadaluli izindaba eziyimfihlo nezingabalimaza. Yeka ukuthi abagcini bobuqotho abanjalo bayisibusiso kanjani ebandleni!

Ukuze asisize sihambe endleleni yabangenasici, uJehova usinika insada yokudla okungokomoya okulungiselelwe ngaphansi kokuqondisa ‘kwesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45) Sibuye sithole usizo lomuntu siqu ngabadala abangamaKristu emabandleni ethu asamizi. (Efesu 4:11-13) Siyabonga kakhulu ngabo, ngoba “lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.” (IzAga 11:14) Kungakhathaliseki ukuthi kuvelani, masizimisele ngokuqinile ukuba ‘sihambe ngobuqotho bethu.’—IHubo 26:1, qhathanisa ne-NW.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 26]

YEKA UKUTHI KUWUBUWULA KANJANI UKUGQILAZWA IZINTO EZIBONAKALAYO SIBE SIDEBESELELA IMISEBENZI ENGOKWASEZULWINI!

[Izithombe ekhasini 24]

UJobe wayeqondiswa ubuqotho bakhe, futhi uJehova wambusisa

[Isithombe ekhasini 25]

U-Uziya wafa ngenxa yokugabadela