Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungaba ukuhlakanipha yini ngomKristu weqiniso ukuba aye emngcwabeni noma emshadweni osesontweni?

Ukuhlanganyela kwethu kunoma yiluphi uhlobo lwenkolo yamanga kuyamdumaza uJehova futhi kumelwe sikugweme. (2 Korinte 6:14-17; IsAmbulo 18:4) Umngcwabo oqhutshelwa esontweni usuke uyinkonzo yenkolo, ngokunokwenzeka enentshumayelo esekela imiqondo engekho embhalweni, njengokungafi komphefumulo nomvuzo wasezulwini wabo bonke abantu abalungile. Ungahlanganisa nemikhuba enjengokwenza umfanekiso wesiphambano nokuhlanganyela emthandazweni nompristi noma nomfundisi. Emshadweni osesontweni noma kwenye indawo kungase kwenziwe imithandazo kanye neminye imicikilisho yenkolo engqubuzana nezimfundiso zeBhayibheli. Uma umKristu ephakathi kweqembu lapho wonke umuntu enza imikhuba yenkolo yamanga, kungaba nzima ukuba angahlanganyeli. Yeka ukuthi kungokungahlakaniphile kanjani ukuzifaka entweni enjalo!

Kuthiwani uma umKristu ezizwa ebophekile ukuba abe khona emngcwabeni noma emshadweni osesontweni? Ngokwesibonelo, umyeni ongakholwa angase anxuse umkakhe ongumKristu ukuba ahambe naye baye emngcwabeni noma emshadweni onjalo. Angahamba yini naye abe isibukeli angenzi lutho? Uma ecabangela izifiso zomyeni wakhe, umfazi anganquma ukuhamba naye, azimisele ukungahlanganyeli emkhosini wenkolo. Kanti angase anqume nokungayi, ecabangela ukuthi isimo singase simcindezele kakhulu ngokomzwelo aze ahluleke nokusithwala, mhlawumbe size simenze ayekethise izimiso zikaNkulunkulu. Nguyena okuyomelwe anqume. Kufanele nakanjani akhululeke enhliziyweni yakhe, abe nonembeza omsulwa.—1 Thimothewu 1:19.

Kunoma yikuphi, kungamsiza ukuchazela umyeni wakhe ukuthi ngenxa kanembeza, ngeke abe nengxenye kunoma yimiphi imikhosi engokwenkolo noma ahlanganyele ekuhlabeleleni amaculo noma akhothamise ikhanda lapho kuthandazwa. Ngokwalokho ayobe ekuchazile, indoda ingase iphethe ngokuthi ukuba khona komkayo kungase kubangele isimo esiyoyenza ingajabuli. Ingase inqume ukuhamba yodwa ngenxa yothando ngomkayo, inhlonipho ngezinkolelo zakhe, noma isifiso sokugwema ukuphoxeka. Kepha uma ephoqelela ukuba ahambe naye, umkakhe angaya abe isibukeli.

Okungamelwe kulitshalwe yindlela ukuya kwethu enkonzweni esesakhiweni sesonto okungabathinta ngayo esikholwa nabo. Kungawulimaza yini unembeza wabanye? Ingabe ukulwisana kwabo nokuhlanganyela ekukhonzeni izithombe kungaphazamiseka? “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe,” kuyala uPawulu, “ukuze ningabi nasici futhi ningakhubekisi abanye kuze kube usuku lukaKristu.”—Filipi. 1:10.

Uma leso senzakalo sihilela isihlobo esiseduze segazi, kungase kube nokucindezela okwengeziwe okuvela emkhayeni. Noma ngabe yikuphi, umKristu kumelwe ahlole ngokucophelela zonke izinto ezihilelekile. Ngaphansi kwezimo ezithile, angase aphethe ngokuthi ukuba sesontweni njengesibukeli emngcwabeni noma emshadweni ngeke kudale zinkinga. Nokho, ngezinye izikhathi umonakalo omkhulu ongenzeka kunembeza wakho nakowabanye ungadlula izinzuzo zokuba lapho. Noma ngabe yikuphi, umKristu kumelwe aqiniseke ukuthi isinqumo asenzayo asimphazamisi ekulondolozeni unembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu nakubantu.