Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kudingeka Sazi Ukuthi UNkulunkulu Ungubani

Kudingeka Sazi Ukuthi UNkulunkulu Ungubani

Kudingeka Sazi Ukuthi UNkulunkulu Ungubani

AWUBI yini nohlevane lapho ubuka isibhakabhaka esigcwele izinkanyezi ngobusuku obucwathile? Iphunga lezimbali ezimibalabala lona alikwenzi yini uthokoze? Awukujabuleli yini ukulalela imisindo yokuhlabelela kwezinyoni nokuhashazela kwamaqabunga emoyeni ohelezayo? Yeka ukuthi imikhoma enamandla nezinye izilwane zasolwandle zikhanga kanjani! Bese kuba ngabantu nonembeza wabo kanye nobuchopho obuyinkimbinkimbi ngendlela exakile. Ucabanga ukuthi lezi zinto ezimangalisa kangaka ezisizungezile zaba khona kanjani?

Abanye bakholelwa ukuthi konke lokhu kwamane kwazivelela. Kodwa uma kunjalo, kungani abantu beqaphela ukuthi uNkulunkulu ukhona? Ukuhlangana ngengozi kwamakhemikhali ahlukahlukene kungaziveza kanjani izidalwa ezinesidingo esingokomoya?

“Inkolo igxilile endleleni yomuntu yokuziphatha futhi itholakala kuwo wonke amazinga ezomnotho nesizinda semfundo.” La mazwi asonga ukucwaninga okwethulwa uProfesa Alister Hardy encwadini yakhe ethi The Spiritual Nature of Man. Ukuhlolwa kobuchopho kwakamuva kuye kwaholela ososayensi bezinzwa ukuba basikisele ukuthi kungenzeka abantu “badalwa” benomuzwa wangaphakathi wokuba senkolweni ethile. Incwadi enesihloko esithi Is God the Only Reality? iyaphawula: “Ukufuna injongo ngenkolo . . . kuyinto ngokuvamile eyenziwa kuwo wonke amasiko futhi ebeyenziwa kuyo yonke inkathi kusukela umuntu aba khona.”

Cabangela isiphetho esafinyelelwa indoda efundile eminyakeni engu-2 000 eyedlule. Yabhala: “Yileyo naleyondlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Empeleni, lona kanye ivesi lokuqala leBhayibheli lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.”—Genesise 1:1.

Nokho-ke, ungubani uNkulunkulu? Isintu sihlukene phakathi kulo mbuzo. Lapho ebuzwa ukuthi uNkulunkulu ungubani, osemusha waseJapane obizwa ngokuthi uYoshi waphendula: “Angiqiniseki. NgingumBuddha, futhi bengilokhu ngingenandaba nokwazi ukuthi uNkulunkulu ungubani.” Noma kunjalo, uYoshi wavuma ukuthi abaningi babheka uBuddha njengonkulunkulu. UNick, usomabhizinisi owevile eminyakeni engu-60 ubudala, uyakholelwa kuNkulunkulu futhi ucabanga ukuthi ungumoya ongamandla amakhulu. Lapho ecelwa ukuba achaze lokho akwaziyo ngoNkulunkulu, ngemva kokuhlaba ikhefu isikhathi eside, uNick waphendula: “Lokho kunzima ngempela mngane ukukuchaza. Engingakusho nje ukuthi uNkulunkulu ukhona. Uyaphila.”

Abanye abantu “bakhulekela futhi bakhonze lokho uNkulunkulu akudalile kunoMdali ngokwakhe.” (Roma 1:25, Today’s English Version) Izigidi zikhulekela okhokho asebafa, zinomuzwa wokuthi uNkulunkulu akanakufinyeleleka. Enkolweni yobuHindu, kunónkulunkulu nónkulunkulukazi abaningi. Ezinsukwini zabaphostoli bakaJesu Kristu, kwakukhulekelwa onkulunkulu abahlukahlukene, njengoZeyusi noHermesi. (IzEnzo 14:11,12) Amasonto amaningi eLobukholwa afundisa ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu, owakhiwa uNkulunkulu uYise, uNkulunkulu iNdodana, noNkulunkulu uMoya Ongcwele.

Yiqiniso, “kukhona ‘onkulunkulu’ abaningi ‘namakhosi’ amaningi,” kusho iBhayibheli. Nokho, liyanezela: “Empeleni kithi kukhona uNkulunkulu oyedwa uBaba, okuvela kuye zonke izinto.” (1 Korinte 8:5, 6) Yebo, kunoNkulunkulu oyedwa weqiniso. Kodwa ungubani? Unjani? Kubalulekile ukuba sithole izimpendulo zale mibuzo. Lapho ethandaza kuYe, ngisho noJesu ngokwakhe wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kunesizathu sokukholelwa ukuthi inhlalakahle yethu yaphakade ixhomeke ekwazini iqiniso ngoNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 3]

Zaba khona kanjani?

[Umthombo]

Whale: Courtesy of Tourism Queensland

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

COVER: Index Stock Photography © 2002