Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwanda Okumangalisayo Kwenza Kudingeke Izakhiwo Ngokushesha

Ukwanda Okumangalisayo Kwenza Kudingeke Izakhiwo Ngokushesha

“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”

Ukwanda Okumangalisayo Kwenza Kudingeke Izakhiwo Ngokushesha

“WOZANI kimi, . . . ngizonenza niqabuleke,” kusho uJesu Kristu. (Mathewu 11:28) Yeka isimemo esithinta inhliziyo esivela kulowo oyiNhloko yebandla lobuKristu! (Efesu 5:23) Lapho sicabangisisa ngalawo mazwi, siwazisa ngempela umthombo obalulekile wokuqabuleka—ukuhlangana nabafowethu nodadewethu abangokomoya emihlanganweni yobuKristu. Sivumelana ngokugcwele nomhubi owahlabelela wathi: “Kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.”—IHubo 133:1.

Impela, abantu esisuke sikanye nabo kuleyo mibuthano yokukhulekela bangabangane abangcono kunabo bonke, futhi isimo sakhona esingokomoya siphephile futhi simnandi. Ngakho, umKristu othile osemusha wayesho ngakhona lapho ethi: “Ngiba sesikoleni usuku lonke, futhi ngisale ngicobeke ngiphelile. Kodwa imihlangano injengendawo enamanzi nezihlahlana ogwadule, lapho ngiqabuleka khona ukuze ngibhekane nosuku olulandelayo esikoleni.” Omusha othile waseNigeria wathi: “Ngitholé ukuthi ukusondelana nabanye abathanda uJehova kungisiza ukuba ngihlale ngiseduze naye.”

IHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova lendawo lifeza indima enkulu njengesikhungo sokukhulekela kweqiniso emphakathini. Ezindaweni eziningi, kuqhutshwa imihlangano okungenani kabili ngesonto eHholo LoMbuso, futhi labo abafundelwa iBhayibheli bakhuthazwa ukuba baqale ukuza kuyo ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze bazuze ebudlelwaneni obuqabulayo obulapho.—Heberu 10:24, 25.

Isidingo Esiphuthumayo

Nokho, kuyaphawuleka ukuthi akubona bonke oFakazi BakaJehova abasebenzisa iHholo LoMbuso elifanelekayo. Ukwanda okumangalisayo kwabamemezeli boMbuso emhlabeni wonke kuveze isidingo esiphuthumayo. Kusadingeka izinkulungwane zamaHholo OMbuso, ikakhulu emazweni asathuthuka.—Isaya 54:2; 60:22.

Ngokwesibonelo: Enhloko-dolobha yaseDemocratic Republic of Congo, amabandla angu-290 ayenamaHholo OMbuso ayishumi kuphela angawasebenzisa. Lelo zwe lalinesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso amaningi. E-Angola, iningi lamabandla lihlanganyela phandle ngoba ambalwa kakhulu amaHholo OMbuso. Maningi namanye amazwe anesidingo esifanayo.

Ngakho-ke, kusukela ngo-1999, kuye kwenziwa umzamo ohlelekile wokusiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso emazweni angamile kahle ngokwezimali. Ukuze basize ezakhiweni zasemazweni anjalo, oFakazi abanokuhlangenwe nakho baye banikela ngamakhono abo ngokuzithandela. Lapho imizamo enjalo ihambisana nomoya ovumayo wamavolontiya endawo azenza atholakale, kuba nemiphumela ekhuthaza kakhulu. OFakazi bendawo bayazuza ekuqeqeshweni abakutholayo. Konke lokhu kuyasiza ekuhlangabezaneni nezidingo zokwakhiwa kwamaHholo OMbuso emazweni abo.

Kanjalo kunikezwa usizo olusebenzayo ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso ngendlela evumelana nezimo nesebenzisa izinto zokwakha nezindlela zokwakha zendawo. Umgomo awukona nje ukuhlangabezana nesidingo esikhulu samaHholo OMbuso kodwa futhi uwukuhlela nesimiso sokuwanakekela esifanelana nezimo zendawo.—2 Korinte 8:14, 15.

Izenzakalo Eziqabulayo

Uba yini umphumela wale mizamo yokulungiselela izindawo zokukhulekela? Ekuqaleni kuka-2001, umbiko ovela eMalawi wathi: “Okuye kwafezwa kuleli zwe kuhlaba umxhwele ngempela. KusenamaHholo OMbuso esizowaqeda ezinyangeni ezimbili ezizayo.” (Izithombe 1 no-2) ETogo, amavolontiya akwazile ukwakha amaHholo OMbuso amaningana angadle ngakuhloba ezinyangeni zamuva nje. (Isithombe 3) Umsebenzi omuhle owenziwa amavolontiya azimisele usiza futhi ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso afanelekayo naseMexico, eBrazil nakwamanye amazwe.

Amabandla athola ukuthi lapho sekwakhiwe iHholo LoMbuso, abantu bendawo bayaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova bazinzile endaweni. Abaningi babebonakala bemadolonzima ukuzihlanganisa noFakazi kwaze kwaba yilapho sekukhona indawo efanelekayo yokukhulekela. IBandla LaseNafisi eMalawi liyabika: “Njengoba sesineHholo LoMbuso elifanelekayo, linikeza ubufakazi obuhle. Ngakho, sekulula ukuqala izifundo zeBhayibheli.”

Esikhathini esingaphambili amalungu eBandla LaseKrake eBenin abekezelela ukuhlekwa okukhulu ngoba iHholo LoMbuso lawo langaphambili laliyixhokovana uma liqhathaniswa namasonto athile. (Isithombe 4) Manje leli bandla lineHholo LoMbuso elisha elihle, elimelela ukukhulekela kweqiniso ngendlela enesizotha futhi ehloniphekile. (Isithombe 5) Leli bandla lalinabamemezeli boMbuso abangu-34 nesilinganiso sabangu-73 ababa khona emihlanganweni ngeSonto, kodwa kwaba khona abangu-651 lapho kunikezelwa iHholo LoMbuso. Iningi labo lalingabantu bendawo okwakubahlabe umxhwele ukubona ukuthi oFakazi bákwazi ukwakha ihholo ngesikhashana nje. Likhumbula izenzakalo ezidlule mayelana nale ndaba, igatsha laseZimbabwe labhala: “Ngokuvamile inani lababa khona emihlanganweni liphindeka kabili phakathi nenyanga eyodwa lakhiwa iHholo LoMbuso elisha.”—Izithombe 6 no-7.

Akungabazeki ukuthi la maHholo OMbuso amasha amaningi enza kube nezindawo zokuqabuleka okungokomoya kumaKristu azinikezele nakubantu abathakazelayo. “Asive sijabule,” kusho uFakazi wase-Ukraine ngemva kokuba ibandla lendawo liqale ukusebenzisa iHholo LoMbuso lalo elisha. “Sizibonele ngawethu indlela uJehova abasiza ngayo abantu bakhe.”

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10, 11]

Ukusekela Ngesandla Esivulekile Kuyaziswa

OFakazi BakaJehova bajabula kakhulu ukubona intuthuko esheshayo esiyenziwe ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso amasha emhlabeni wonke. Ukwanda okuqhubekayo kwenani labakhulekeli bakaJehova emazweni ahlukahlukene kwenza kudingeke ukuba kwakhiwe amaHholo OMbuso amaningi amasha esikhathini esizayo. Phela ngokwesilinganiso, phakathi nonyaka wenkonzo ka-2001, kwakumiswa amabandla amasha angu-32 isonto ngalinye! Lawo mabandla adinga izindawo zokuhlanganyela nokukhulekela.

Kungase kuphakame umbuzo othi, ‘Sizithola kanjani izimali zemisebenzi enjengokwakha amaHholo OMbuso, ikakhulu emazweni lapho abazalwane bengamile kahle khona ngokwezimali?’ Impendulo ihilela kokubili ukusekela kukaNkulunkulu nomoya wokupha wabantu.

Ngokuvumelana nesithembiso sakhe, uJehova uthululela umoya wakhe ongcwele ezincekwini zakhe, azenze zikwazi ‘ukusebenzela kokuhle, zicebe emisebenzini emihle, zibe nesandla esivulekile, zilungele ukwabelana izinto nabanye.’ (1 Thimothewu 6:18) Umoya kaNkulunkulu ushukumisela oFakazi BakaJehova ukuba bawusekele ngazo zonke izindlela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso—banikela ngesikhathi, amandla, izithukuthuku zabo, nangezinye izinto emisebenzini yobuKristu.

OFakazi kanye nabanye abafaka isandla ngokwezimali emsebenzini wokwakha nowokunweba izakhiwo esezikhona bashukunyiswa umoya wokupha ngesandla esivulekile. Ngaphezu kokusiza ekubhekaneni nezindleko ezivamile zebandla lakubo, banikelela umsebenzi wokwakha nakwezinye izingxenye zomhlaba.

Ebandleni ngalinye, kunamabhokisi abhalwe ngokucacile ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.” Abantu bangafaka kuwo iminikelo yokuzithandela uma befisa ukwenza kanjalo. (2 AmaKhosi 12:9) Yonke iminikelo, emikhulu nemincane, iyaziswa. (Marku 12:42-44) Lezi zimali zisetshenziswa ngezindlela ezihlukahlukene kuye ngesidingo, kuhlanganise nokwakha amaHholo OMbuso. Izimali ezinjalo azisetshenziselwa ukuholela izikhulu ezithile eziphethe ngoba oFakazi BakaJehova abanazo.

Ingabe iminikelo yomsebenzi womhlaba wonke iyayifeza injongo yayo? Yebo. Igatsha laseLiberia—izwe elikhungethwe yimpi yombango—libika ukuthi iningi loFakazi bendawo alisebenzi futhi lidonsa kanzima ngokwezimali. Abantu bakaJehova abakuleli zwe bangazithola kanjani izindawo ezifanelekayo zokukhulekela? “Lo msebenzi uzoxhaswa yiminikelo eyenziwa ngesandla esivulekile yabazalwane bakwamanye amazwe,” kuphawula ihhovisi legatsha. “Yeka ilungiselelo elibonisa ukuhlakanipha nothando!”

Nabazalwane bendawo bayanikela, yize bengamile kahle. Izwe laseSierra Leone e-Afrika liyabika: “Abazalwane bendawo bayawusekela lo mzamo futhi bayakujabulela ukunikela ngezithukuthuku zabo nanganoma yimiphi iminikelo yezimali abangayinikela ukuze basekele ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso.”

Ekugcineni, lo mkhankaso wokwakha uletha udumo kuJehova. Abazalwane baseLiberia basho ngesasasa bathi: “Ukwakhiwa kwezindawo ezifanelekayo zokukhulekela kulo lonke leli zwe kuzobonisa abantu ukuthi ukukhulekela kweqiniso kuyolokhu kukhona lapha futhi kuzodumisa kuhlobise igama elikhulu likaNkulunkulu wethu.”