Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyaluqonda Yini Uthando LukaNkulunkulu?

Uyaluqonda Yini Uthando LukaNkulunkulu?

Uyaluqonda Yini Uthando LukaNkulunkulu?

INDODA enguJobe yake yachaza isimo sokungapheleli komuntu ngala mazwi: “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza. Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.” (Jobe 14:1, 2) Ukuphila kukaJobe ngaleso sikhathi kwakugcwele ubuhlungu nosizi. Wake wazizwa yini ngaleyo ndlela nawe?

Nokho, ngisho naphezu kobunzima nezinkinga esibhekana nazo, kunethemba eliqinile elisekelwe ebubeleni bukaNkulunkulu nasothandweni lwakhe. Okokuqala, uBaba wethu wasezulwini onesihe ulungiselele umhlatshelo wesihlengo ukuze ahlenge isintu esimweni sokuba nesono. NgokukaJohane 3:16, 17, uJesu Kristu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade. Ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe [uJesu] ezweni, kungekhona ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.”

Cabanga nangesimo sengqondo sikaNkulunkulu somusa asibonisa thina bantu abangaphelele. Umphostoli uPawulu wathi: “Wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba, futhi wanquma izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu, ukuba zifune uNkulunkulu, uma zingamphumputha futhi zimthole ngempela, nakuba, eqinisweni, engekude kulowo nalowo kithi.” (IzEnzo 17:26, 27) Cabanga nje! Nakuba singabantu abangaphelele, sisengaba nobuhlobo bomuntu siqu noMdali wethu onothando, uJehova uNkulunkulu.

Khona-ke, singabhekana nekusasa ngokuqiniseka, sazi ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela futhi ngothando usenzele amalungiselelo okuba sizuze phakade. (1 Petru 5:7; 2 Petru 3:13) Ngokuqinisekile-ke, sinesizathu esizwakalayo sokufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu wethu onothando ngokuba sifunde iZwi lakhe iBhayibheli.