Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Bashona”

“Bashona”

“Bashona”

“Izintwa ziyabasibekela; bashona ezinzulwini njengetshe.”

UMOSE nama-Israyeli bahuba lawo mazwi behalalisela ukusindiswa oLwandle Olubomvu nokubhujiswa kwesitha saseGibithe esasibaxosha—uFaro namabutho akhe empi.—Eksodusi 15:4, 5.

Noma ubani owazibonela leso senzakalo esimangalisayo, wathola isifundo esicacile. Akekho ongaliphonsela inselele igunya likaJehova noma aliphikise kodwa aphile. Kodwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa nje, ama-Israyeli avelele—uKora, uDathani, u-Abiramu nabasekeli babo abangu-250—aliphonsela inselele isidanasi igunya likaMose no-Aroni ababelinikwe uNkulunkulu.—Numeri 16:1-3.

Eyalwe nguJehova, uMose waxwayisa ama-Israyeli ukuba aqhele ematendeni abavukeli. Bephahlwe imindeni yabo, uDathani no-Abiramu baqinisa amakhanda ngendelelo. UMose wabe esememezela ukuthi uJehova wayezokucacisa ngendlela yaKhe ukuthi laba bantu ‘babemdelele uJehova.’ UJehova wabe esevula umhlaba besamile. “Bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba.” Kwenzekani kuKora nabanye abavukeli? “Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.”—Numeri 16:23-35; 26:10.

UFaro namabutho akhe, kanye nalabo bavukeli basehlane, bonke bafa ngenxa yokungalihloniphi igunya likaJehova nokungakunaki ukukhathalela kukaNkulunkulu abantu bakhe. Kuyaphuthuma-ke ukuba bonke abafuna ukuvikelwa uJehova kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi bafunde ngoJehova futhi bamlalele ‘njengoPhezukonke’ ‘noSomandla.’ Uma benza kanjalo, la mazwi kaJehova ayobamisa idolo: “Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe. Uyakubuka nje ngamehlo akho, ubone ukuphindiselwa kwababi, ngokuba uthi: Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.”—IHubo 91:1, 7-9.