Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kumelwe nakanjani ukuba umuntu ofuna ukubhapathizwa ebe exhwale kakhulu noma egula kakhulu acwiliswe ngokuphelele emanzini yize lokho kumcwilisa kungaba nzima?

Igama elithi “ukubhapathiza” lisuka esenzweni sesiGreki esithi baʹpto, esisho ‘ukucwilisa.’ (Johane 13:26; iBhayibheli lesiZulu elivamile) EBhayibhelini “ukubhapathiza” kuyinto eyodwa ‘nokucwilisa.’ Uma ikhuluma ngokubhapathizwa komthenwa ongumTopiya okwenziwa uFiliphu, i-Emphasised Bible kaRotherham ithi: “Bobabili uFiliphu nomthenwa behlela emanzini,—wamcwilisa.” (IzEnzo 8:38) Ngakho, umuntu obhapathizwayo ufakwa ngokoqobo ngaphansi kwamanzi.—Mathewu 3:16; Marku 1:10.

UJesu wayala abafundi bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize.” (Mathewu 28:19, 20) Ngokuvumelana nalokhu, oFakazi BakaJehova babhapathizela emadanyini, emachibini, emifuleni, noma kwezinye izindawo ezinamanzi anele ukuba umuntu acwile ngokuphelele. Njengoba ukucwiliswa ngokuphelele lapho ubhapathizwa kuyimfuneko engokomBhalo, abantu abanalo igunya lokunquma ukuthi umuntu akangabhapathizwa. Ngakho, umuntu kufanele abhapathizwe ngisho nalapho kudingeka izinyathelo ezingavamile ngenxa yesimo sakhe. Ngokwesibonelo, ukubhapathizela kobhavu abakhulu bokugezela kuye kwabasiza labo asebekhulile noma abagula ngendlela engavamile. Amanzi akubhavu angase afudunyezwe, ozobhapathizwa afakwe emanzini kancane kancane ngokucophelela, athi angawajwayela abese ebhapathizwa.

Ngisho nabantu abaxhwale kakhulu baye babhapathizwa. Ngokwesibonelo, abantu abake bahlizwa uqhoqhoqho, futhi ngenxa yalokho asebenembobo ehlale ivulekile emphinjeni, noma labo abaphefumula ngosizo lomshini baye bacwiliswa. Yebo, njalo uma kunomuntu ozobhapathizwa kanjalo kuyodingeka kuhlelwe kahle. Kungakuhle kube khona umhlengikazi oqeqeshiwe noma udokotela uma etholakala. Nokho, uma kuqikelelwa noma kuthathwa izinyathelo zokuqapha, cishe kuzo zonke izimo umuntu onjalo angabhapathizwa. Ngakho-ke, kufanele kwenziwe yonke imizamo enengqondo yokubhapathiza umuntu emanzini uma efisa kanjalo ngobuqotho futhi ezimisele ukubhekana nezingozi ezingase zenzeke.